Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lithini IBhayibheli?

Lithini IBhayibheli?

Ingabe inkolo isungulwe abantu?

ABANYE ABANTU BAKHOLELWA ukuthi inkolo yinto esungulwe abantu; abanye bacabanga ukuthi uNkulunkulu usebenzisa inkolo ukusiza abantu ukuba basondele kuye. Wena ucabangani?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

Kukhona ‘indlela yokukhulekela [noma, inkolo] ehlanzekile nengangcolile ngokombono kaNkulunkulu uBaba wethu.’ (Jakobe 1:27) Inkolo ehlanzekile noma yeqiniso ivela kuNkulunkulu.

OKUNYE ESIKUFUNDA EBHAYIBHELINI

  • Ukuze inkolo ijabulise uNkulunkulu, kumelwe isekelwe eqinisweni leBhayibheli.—Johane 4:23, 24.

  • Izinkolo ezisekelwe emibonweni yabantu azisizi ngalutho.—Marku 7:7, 8.

Ingabe kuyadingeka ube senkolweni ethile?

UBUNGATHINI?

  • Yebo

  • Cha

  • Kuya ngezimo

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

“Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu ndawonye.” (Hebheru 10:24, 25) UNkulunkulu ufuna abakhulekeli bakhe bahlangane ndawonye njengeqembu.

OKUNYE ESIKUFUNDA EBHAYIBHELINI

  • Labo abakhulekela uNkulunkulu ndawonye kufanele babe nezinkolelo ezifanayo.—1 Korinte 1:10, 11.

  • Amalungu enkolo uNkulunkulu ayamukelayo angabafowabo bomunye nomunye emhlabeni wonke.—1 Petru 2:17.