Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | UNGAYITHOLAPHI INDUDUZO?

Sonke Siyayidinga Induduzo

Sonke Siyayidinga Induduzo

Uyazikhumbula uwa lapho useyingane? Mhlawumbe wasikeka esandleni noma wahuzuka edolweni. Uyakhumbula yini ukuthi umama wakho wakududuza kanjani? Mhlawumbe wakugeza inxeba wayesekubhandisha. Wakhala, kodwa amazwi akhe aduduzayo nokukwanga kwakwenza wazizwa ungcono. Ngaleso sikhathi usemncane, wawuyithola kalula induduzo.

Kodwa njengoba sikhula, ukuphila kuya kuba nzima. Izinkinga ziba nkulu futhi kube nzima nakakhulu ukuthola induduzo. Ngokudabukisayo, izinkinga zabantu abadala ngokuvamile azixazululeki ngebhandeshi nokwangiwa umama. Nazi izibonelo ezimbalwa.

  • Wake wabhekana yini nobunzima bokuphelelwa umsebenzi? UJulian uthi lapho edilizwa, washaqeka futhi kwamshiya esangene. Wazibuza: ‘Ngizowondla ngani umndeni wami? Kungani inkampani ingibone ngingelusizo lwalutho ngemva kokuba ngijuluke iminyaka eminingi kangaka?’

  • Mhlawumbe ukhungathekiswe ukuchitheka komshado wakho. URaquel uthi: “Lapho umyeni wami evele engishiya ezinyangeni ezingu-18 ezidlule, ngazizwa ngilusizi. Kwakungathi inhliziyo yami idabuke phakathi. Ubuhlungu obungokomzwelo ngangibuzwa nasemzimbeni. Kwakungethusa.”

  • Mhlawumbe unenkinga enkulu yempilo, ebonakala ingabi ngcono. Kungenzeka ngezinye izikhathi uzizwa njengenzalamizi uJobe, eyabalisa: “Ngiyanengwa [ukuphila kwami]; mangingahlali njalo.” (Jobe 7:16, IBhayibheli lesiZulu elivamile) Mhlawumbe uzizwa njengoLuis, oneminyaka engaphezu kwengu-80, owavuma, “Ngezinye izikhathi ngizizwa sengathi sengilinde ukufa nje.”

  • Noma, kungenzeka ulangazelela induduzo ngenxa yokushonelwa. URobert uyachaza: “Lapho kushona indodana yami engozini embi yendiza, ngaqale ngangakholwa. Ngabe sengiqala ukuzwa ubuhlungu, ubuhlungu iBhayibheli elibufanisa nobokudatshulwa inkemba.”​—Luka 2:35.

URobert, uLuis, uRaquel noJulian bayithola induduzo, ngisho nakulezo zimo ezibangela usizi. Bathola uMuntu osesimweni esihle kakhulu ukubaduduza—uNkulunkulu uMninimandla onke uqobo lwakhe. Uyinikeza kanjani induduzo? Ingabe nawe uyokududuza lapho ukudinga?