Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | UNGAYITHOLAPHI INDUDUZO?

Induduzo Ezikhathini Zosizi

Induduzo Ezikhathini Zosizi

Usizi lufika ngezindlela ezihlukene. Asikwazi ukuxoxa ngazo zonke izinhlobo zalo lapha, kodwa ake sihlolisise izibonelo ezine esesixoxe ngazo. Phawula indlela abantu ababhekene nezinkinga ezihlukene abaye bathola ngayo induduzo yangempela kuNkulunkulu.

LAPHO SIPHELELWA UMSEBENZI

“Ngafunda ukwamukela noma imuphi umsebenzi, futhi sanciphisa izindleko ezingenasidingo.”​—UJonathan

USeth * uyakhumbula: “Mina nomkami saphelelwa umsebenzi ngesikhathi esifanayo. Kwaphela iminyaka emibili siphila ngokuphiwa umndeni nangamatoho. Ngenxa yalokho, umkami uPriscilla wacindezeleka futhi mina ngangizizwa ngingento yalutho.

“Sabhekana kanjani nalesi simo? UPriscilla wayehlale ezikhumbuza amazwi kaJesu akuMathewu 6:34. UJesu wathi masingakhathazeki ngosuku lwakusasa, ngoba usuku ngalunye lunezalo izinkathazo. Imithandazo yakhe esuka enhliziyweni nayo yamnika amandla okubekezela. Mina ngaduduzwa iHubo 55:22. Njengomhubi, ngaphonsa umthwalo wami kuJehova, futhi wangisekela ngempela. Nakuba manje senginawo umsebenzi, sigcina ukuphila kwethu kulula ngokuvumelana neseluleko sikaJesu esikuMathewu 6:20-22. Ngaphezu kwakho konke, siye sasondela kakhudlwana kuNkulunkulu futhi nathi sasondelana.”

UJonathan uyavuma: “Lapho ibhizinisi lomndeni wethu elincane liwa, ngesaba. Ngenxa yokuwa kwezomnotho, konke esasikusebenzele kanzima iminyaka engu-20 kwashabalala. Mina nomkami saqala ukuphikisana ngemali. Sasingasakwazi ngisho nokuthenga nge-credit card, sesaba ukuthi ngeke ivunywe.

“Kodwa iZwi likaNkulunkulu nomoya wakhe kwasisiza senza izinqumo ezihlakaniphile. Ngafunda ukwamukela noma imuphi umsebenzi, futhi sanciphisa izindleko ezingenasidingo. Abanye oFakazi BakaJehova esikholwa nabo basisekela. Basiqinisa futhi basisiza ekunakekeleni izidingo zethu lapho kwakunzima kakhulu.”

LAPHO KUCHITHEKA UMSHADO

URaquel uyakhumbula: “Lapho umyeni wami engishiya ngingalindele, ngaphatheka kabi ngathukuthela. Ngagajwa umuzwa onamandla wokudabuka. Kodwa ngasondela kuNkulunkulu, futhi wangiduduza. Ukuthula kukaNkulunkulu kwavikela inhliziyo yami lapho ngithandaza kuye nsuku zonke. Kwakungathi wayeyelapha inhliziyo yami eyayibuhlungu.

“Futhi ngenxa yeZwi lakhe, iBhayibheli, ngayinqoba imizwa yokuthukuthela. Ngasebenzisa amazwi omphostoli uPawulu akweyabaseRoma 12:21: ‘Ungazivumeli ukuba unqotshwe okubi, kodwa qhubeka unqoba okubi ngokuhle.’

“Kukhona isikhathi lapho kudingeka ‘sidele okufunwayo njengokulahlekile.’ . . . Manje senginemigomo emisha ekuphileni.​—URaquel

“Omunye umeluleki ohlakaniphile wangisiza ngabona isidingo sokuqhubeka nokuphila kwami. Wangivulela umShumayeli 3:6 wangibonisa ngomusa ukuthi kukhona isikhathi lapho kudingeka ‘sidele okufunwayo njengokulahlekile.’ Kwakuyiseluleko esinzima, kodwa ngangisidinga. Manje senginemigomo emisha ekuphileni.”

U-Elizabeth uthi: “Lapho umshado wakho uchitheka, uyakudinga ukusekelwa. Nganginomngane omkhulu owayengisekela usuku ngalunye. Wayekhala nami, angiduduze futhi wangenza ngazizwa ngithandwa kunokuba ngizizwe ngilahliwe. Ngiyaqiniseka ukuthi uJehova wamsebenzisa ukuze angelaphe amanxeba angokomzwelo.”

EZIKHATHINI ZOKUGULA NOMA ZOKUGUGA

“Ngemva kokuthandaza kuNkulunkulu, ngiye ngizwe umoya wakhe unginika amandla.”​—ULuis

ULuis, ocashunwe esihlokweni sokuqala salolu chungechunge, unesifo senhliziyo esibi kakhulu, futhi wacishe wafa kwaze kwaba kabili. Usedinga ukuphefumuliswa ngamapayipi amahora angu-16 ngosuku. Uthi: “Ngithandaza njalo kuJehova. Futhi ngemva kokuthandaza kuNkulunkulu, ngiye ngizwe umoya wakhe unginika amandla. Umthandazo unginika isibindi sokubekezela ngoba nginokholo kuye futhi ngiyazi ukuthi uyangikhathalela.”

UPetra oneminyaka engaphezu kwengu-80 uthi: “Kuningi engifuna ukukwenza, kodwa angikwazi. Ukuzibona ngiwohloka akuve kunzima. Ngitubekile, ngiphila ngemithi. Ngiye ngicabange ngoJesu ecela uYise ukuba adlulise uvivinyo oluthile, uma kwakungenzeka. Kodwa uJehova wamnika amandla uJesu, nami unginika wona. Umthandazo uwumuthi wami wansuku zonke. Ngizizwa ngingcono kakhulu ngemva kokukhuluma noNkulunkulu.”​—Mathewu 26:39.

UJulian, oseneminyaka ecishe ibe ngu-30 ephethwe isifo sokuqina kwezicubu (i-multiple sclerosis), uzizwa ngendlela efanayo. Uthi: “Ngasuka esihlalweni somphathi emsebenzini ngahlala esihlalweni sabakhubazekile. Kodwa ukuphila kwami kunenjongo ngoba ngikusebenzisela ukukhonza abanye. Ukupha kungabudambisa ubuhlungu, futhi uJehova uyasigcina isithembiso sakhe sokusiqinisa lapho sidangele. Njengomphostoli uPawulu, ngingasho ngempela ukuthi: ‘Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.’”​—Filipi 4:13.

NGEZIKHATHI ZOKUSHONELWA

U-Antonio uyakhumbula: “Lapho ubaba eshona engozini yemoto, ngaqale ngangakholwa. Kwakubonakala kungenabulungisa—wayezihambela ngezinyawo nje. Kodwa kwakungekho lutho engangingalwenza. Ngaphambi kokuba ashone, kwaphela izinsuku ezinhlanu engaphaphami. Ngangizibamba lapho ngiphambi kukamama, kodwa ngisikhihle uma ngingedwa. Ngangilokhu ngizibuza, ‘Kungani? Kungani?’

“Ngalezo zinsuku ezilusizi, ngangihlale ngicela uJehova angisize ngilawule imizwelo yami futhi anginike ukuthula. Kancane kancane ngazizwa ngizola. Ngakhumbula ukuthi iBhayibheli lithi noma ubani kithi ‘angehlelwa isikhathi nesenzakalo esingalindelekile.’ Njengoba uNkulunkulu engenakuqamba amanga, ngiyaqiniseka ukuthi ngizophinde ngimbone ubaba esevusiwe.”​—UmShumayeli 9:11; Johane 11:25; Thithu 1:2.

“Nakuba indodana yethu yashona lapho indiza iphahlazeka, sisenezinkumbulo eziningi ezimnandi zezikhathi sindawonye.”​—URobert

URobert, okukhulunywe ngaye esihlokweni esisekuqaleni, ucabanga okufanayo. Uthi: “Mina nomkami sathola ukuthula kwengqondo okukhulunywa ngakho kweyabaseFilipi 4:6, 7. Sakuthola ngenxa yemithandazo kuJehova. Lokhu kuthula kwangaphakathi kwasenza sakwazi ukukhuluma nezintatheli ngethemba lethu lovuko. Nakuba indodana yethu yashona lapho indiza iphahlazeka, sisenezinkumbulo eziningi ezimnandi zezikhathi sindawonye. Sizama ukugxila kuzo.

“Lapho abanye oFakazi besitshela ukuthi babesibonile sikhuluma ngokholo lwethu sizolile kuyithelevishini, sasibatshela ukuthi nakanjani kwakungenxa yemithandazo eminingi ababesenzela yona. Ngikholelwa ngempela ukuthi uJehova wayesisekela ngemiyalezo yabo eminingi yokusiduduza.”

Njengoba izibonelo ezandulele zibonisa, uNkulunkulu angaduduza abantu ababhekene nezinkinga eziningi ezihlukahlukene. Kuthiwani ngawe? Kungakhathaliseki ukuthi iziphi izinkathazo okungenzeka ubhekene nazo ekuphileni, ungayithola induduzo eyokuphasa ebunzimeni. * Ngakho, cela usizo kuJehova. ‘UnguNkulunkulu wenduduzo yonke.’​—2 Korinte 1:3.

^ isig. 5 Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

^ isig. 23 Uma ungathanda ukuthola usizo lokusondela kuNkulunkulu futhi uthole induduzo yakhe, sicela uthintane noFakazi BakaJehova basendaweni yakini noma ubhalele ihhovisi legatsha eliseduze nawe.