Uyini uMbuso kaNkulunkulu?
Uyini uMbuso kaNkulunkulu?
ABANYE ABANTU BAKHOLELWA ukuthi ufanekisela ukubusa kukaNkulunkulu enhliziyweni yomuntu; kanti abanye bacabanga ukuthi uyimiphumela yemizamo yabantu yokuletha ukuthula nobunye emhlabeni. Wena ucabangani?
LOKHO OKUSHIWO IBHAYIBHELI
“UNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. . . . Uyochoboza uqede yonke le mibuso [yabantu].” (Daniyeli 2:44) UMbuso kaNkulunkulu unguhulumeni ongokoqobo.
OKUNYE ESIKUFUNDA EBHAYIBHELINI
UMbuso kaNkulunkulu ubusa usezulwini.—Mathewu 10:7; Luka 10:9.
UNkulunkulu usebenzisa uMbuso ukuze afeze intando yakhe ezulwini nasemhlabeni.—Mathewu 6:10.
Uyofika nini uMbuso kaNkulunkulu?
UBUNGATHINI?
Akekho owaziyo
Maduze
Awusoze
OKUSHIWO YIBHAYIBHELI
“Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14) Lapho izindaba ezinhle sezishunyayelwe ngokuphelele, uMbuso uyofika uqede leli zwe elibi.
OKUNYE ESIKUFUNDA EBHAYIBHELINI
Akukho noyedwa emhlabeni owazi ngokunembile ukuthi uzofika nini uMbuso kaNkulunkulu.—Mathewu 24:36.
Iziprofetho zeBhayibheli zibonisa ukuthi uMbuso uzofika maduze.—Mathewu 24:3, 7, 12.