Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Abantu Abakwazisayo Ukuthola Umusa Ongafanelwe KaNkulunkulu

Abantu Abakwazisayo Ukuthola Umusa Ongafanelwe KaNkulunkulu

‘Sonke samukela. . . umusa ongafanelwe phezu komusa ongafanelwe.’—JOHANE 1:16.

IZINGOMA: 95, 13

1, 2. (a) Chaza umfanekiso kaJesu womnikazi wesivini. (b) Le ndaba izibonisa kanjani izimfanelo zokupha nomusa ongafanelwe?

NGOLUNYE usuku ekuseni, umlimi wesivini waya esigcawini eyoqasha amadoda azosebenza esivinini sakhe. Uyawathola futhi bavumelana ngeholo abe eseya emsebenzini. Nokho, umlimi wayedinga izisebenzi ezengeziwe futhi waphindela esigcawini phakathi nosuku eyoqasha amadoda engeziwe, nalawa uwathembisa ukuwaholela kahle yize ayewaqasha ekupheleni kosuku. Lapho kuhwalala, wabiza zonke izisebenzi zakhe ukuze aziholele, zonke waziholela imali efanayo, kungakhathaliseki ukuthi zazisebenze amahora amaningi noma elilodwa nje kuphela. Lapho lezo eziqashwe kuqala zibona lokhu, zabubula. Umlimi wesivini waphendula: ‘Asivumelananga yini ngeholo? Angivunyelwe yini ukunika izisebenzi zami noma yini engiyifunayo? Noma ninomona ngoba nginomusa?’—Math. 20:1-15.

2 Umzekeliso kaJesu usikhumbuza enye yezimfanelo zikaJehova okuhlale kukhulunywa ngayo eBhayibhelini—“umusa [wakhe] ongafanelwe.” [1] (Funda eyesi-2 Korinte 6:1.) Izisebenzi ezazisebenze ihora elilodwa kwabonakala zingafanelwe ukuthola iholo eliphelele kodwa umlimi wesivini wazibonisa umusa omkhulu kakhulu. Esinye isazi sabhala lokhu mayelana negama elithi “umusa ongafanelwe” elivame ukuhunyushwa ngokuthi “umusa” ezinguqulweni eziningi zeBhayibheli: “Umqondo oyinhloko waleli gama owesipho samahhala esingasifanele, isipho esinikwe umuntu engasisebenzelanga futhi kungafanele asithole.”

ISIPHO SIKAJEHOVA SOMUSA

3, 4. Kungani uJehova aye wawubonisa bonke abantu umusa ongafanelwe futhi uwubonise kanjani?

3 ImiBhalo ikhuluma ‘ngesipho sesihle somusa ongafanelwe kaNkulunkulu.’ (Efe. 3:7) Kungani uJehova esinika lesi ‘sipho sesihle’ futhi usinika kanjani? Ukube besizifinyelela zonke izimfuneko zikaJehova, besiyowufanelekela umusa asibonisa wona. Siyahluleka ukwenza kanjalo. Yingakho iNkosi uSolomoni yabhala: “Akekho umuntu olungileyo emhlabeni oqhubeka enza okuhle futhi angoni.” (UmSh. 7:20) Ngokufanayo umphostoli uPawulu wabhala: “Bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu” futhi “inkokhelo yesono ngukufa.” (Roma 3:23; 6:23a) Yilokho okusifanele.

4 Nokho, uJehova wabonisa uthando lwakhe kubantu abayizoni ngesenzo esingenakuqhathaniswa somusa ongafanelwe. Wathumela isipho sakhe esikhulu kunazo zonke, ‘iNdodana yakhe ezelwe yodwa,’ emhlabeni ukuba izosifela. (Joh. 3:16) Ngakho uPawulu wathi ngoJesu, ‘uthweswe umqhele wenkazimulo nodumo ngoba uye wafa, ukuze ngomusa ongafanelwe kaNkulunkulu anambithe ukufa ngenxa yawo wonke umuntu.’ (Heb. 2:9) Yebo, “isipho uNkulunkulu asinikezayo ngukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.”—Roma 6:23b.

5, 6. Iba yini imiphumela uma sibuswa (a) isono? (b) umusa ongafanelwe?

5 Abantu basizuza kanjani njengefa isono nokufa okusikhungethe sonke? IBhayibheli liyachaza: “Ngesiphambeko salo muntu oyedwa ukufa kwabusa njengenkosi” enzalweni ka-Adamu. (Roma 5:12, 14, 17) Ngokujabulisayo, singakwazi ukukhetha ukungabe sisabuswa yisono. Ngokubonisa ukholo esihlengweni sikaKristu, sizibeka ngaphansi kokubusa komusa kaJehova ongafanelwe. Kanjani? “Lapho kwavama khona isono, umusa ongafanelwe wavama ngisho nakakhulu. Ngayiphi injongo? Ngenjongo yokuthi, njengoba nje isono sabusa kanye nokufa njengenkosi, ngokufanayo nomusa ongafanelwe ubuse njengenkosi ngokulunga ngombono wokuphila okuphakade ngoJesu Kristu.”—Roma 5:20, 21.

6 Nakuba siseyizoni, akudingeki sivumele isono sibuse ukuphila kwethu. Uma sinqotshwa isono, siyocela uJehova ukuba asithethelele. UPawulu waxwayisa amaKristu: “Isono akumelwe sibe yinkosi phezu kwenu, njengoba ningekho ngaphansi komthetho kodwa ningaphansi komusa ongafanelwe.” (Roma 6:14) Kanjalo, sibuswa umusa ongafanelwe. Kube namuphi umphumela? UPawulu wachaza: “Umusa kaNkulunkulu ongafanelwe. . . usiyala ukuba silahle ukungamhloniphi uNkulunkulu nezifiso zezwe nokuba siphile ngokuhluzeka kwengqondo nokulunga nangokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu phakathi nalesi simiso samanje sezinto.”—Thithu 2:11, 12.

UMUSA ONGAFANELWE “OBONAKALISWE NGEZINDLELA EZIHLUKAHLUKENE”

7, 8. Kusho ukuthini ukuthi umusa ongafanelwe kaJehova ‘ubonakaliswe ngezindlela ezihlukahlukene’? (Bheka izithombe ezisekuqaleni.)

7 Umphostoli uPetru wabhala: “Ngokwesilinganiso ngamunye amukele ngaso isipho, sisebenziseni ekukhonzaneni njengabaphathi abahle bomusa ongafanelwe kaNkulunkulu obonakaliswe ngezindlela ezihlukahlukene.” (1 Pet. 4:10) Kusho ukuthini lokho? Kusho ukuthi kungakhathaliseki ukuthi sibhekana novivinyo olunjani ekuphileni, uJehova uyosisiza sikwazi ukubhekana nalo. (1 Pet. 1:6) Ovivinyweni ngalunye uNkulunkulu uyohlale esibonisa umusa wakhe.

8 Ngempela, umusa ongafanelwe kaJehova ubonakaliswa ngezindlela ezihlukahlukene. Umphostoli uJohane wabhala: “Sonke samukela kokuvela ekugcwaleni kwakhe, yebo, ngisho nomusa ongafanelwe phezu komusa ongafanelwe.” (Joh. 1:16) Izindlela ezihlukahlukene zokubonakaliswa komusa kaJehova zenza sithole izibusiso eziningi. Yiziphi ezinye zalezo zibusiso?

9. Sizuza kanjani emseni kaJehova ongafanelwe futhi singabonisa kanjani ukuthi siyawazisa?

9 Ukuthethelelwa kwezono zethu. Ngenxa yomusa kaJehova ongafanelwe, izono zethu ziyathethelelwa, uma nje siphenduka futhi siqhubeka nokulwa kanzima nokuthambekela kwesono. (Funda 1 Johane 1:8, 9.) Umusa kaNkulunkulu kufanele usenze sibe nokwazisa futhi usishukumisele ukuba simkhazimulise. Lapho uPawulu ebhalela amaKristu agcotshiwe ayekanye nawo wathi: “[UJehova] wasikhulula egunyeni lobumnyama wasidlulisela embusweni weNdodana yothando lwakhe esithola ngayo ukukhululwa ngesihlengo, ukuthethelelwa kwezono zethu.” (Kol. 1:13, 14) Ukuthethelelwa kweziphambeko zethu kusivulela ithuba lokuthola ezinye izibusiso.

10. Yini esiyitholayo ngenxa yomusa ongafanelwe kaNkulunkulu?

10 Ukuba nobuhlobo obunokuthula noNkulunkulu. Kusukela ekuzalweni kwethu siyizitha zikaNkulunkulu ngenxa yesono esinaso. UPawulu wakuvuma lokhu: “Siseyizitha, sabuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe.” (Roma 5:10) Lokhu kubuyisana kusenza sikwazi ukuba nokuthula noJehova. UPawulu uhlobanisa leli lungelo nomusa ongafanelwe kaJehova lapho ethi: “Njengoba sekuthiwe silungile [abafowabo bakaKristu abagcotshiwe] ngenxa yokholo, masijabulele ukuthula noNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, okungayo futhi siye sazuza ukungena ngokholo kulo musa ongafanelwe esimi kuwo manje.” (Roma 5:1, 2) Yeka ukuthi kuyisibusiso kanjani lokhu!

Ilungelo lokuzwa izindaba ezinhle (Bheka isigaba 11)

11. Abagcotshiwe baziletha kanjani “ezinye izimvu” ekulungeni?

11 Ukulethwa ekulungeni. Sonke asilungile nje ngokwemvelo. Kodwa umprofethi uDaniyeli wabikezela ukuthi phakathi nesikhathi sokuphela, labo “abanokuqondisisa,” insali egcotshiwe, “baletha abaningi ekulungeni.” (Funda uDaniyeli 12:3.) Ngomsebenzi wokushumayela nokufundisa, balethe izigidi ‘zezinye izimvu’ ekulungeni phambi kukaJehova. (Joh. 10:16) Nokho, lokhu kuye kwenzeka ngenxa yomusa ongafanelwe kaJehova. UPawulu wachaza: “Kunjengesipho sesihle ukuthi ngomusa wakhe [kaNkulunkulu] ongafanelwe kuthiwa balungile ngokukhululwa ngesihlengo esakhokhwa uKristu Jesu.”—Roma 3:23, 24.

Isibusiso somthandazo (Bheka isigaba 12)

12. Umthandazo uhlobene kanjani nomusa ongafanelwe kaNkulunkulu?

12 Ukusondela esihlalweni sikaNkulunkulu ngomthandazo. Ngomusa wakhe ongafanelwe, uJehova usinika isibusiso sokusondela esihlalweni sakhe sobukhosi ngomthandazo. Empeleni, UPawulu ubiza isihlalo sobukhosi ngokuthi “isihlalo sobukhosi somusa ongafanelwe” futhi uyasimema ukuba sisondele kuso “ngenkululeko yokukhuluma.” (Heb. 4:16a) UJehova usinike leli lungelo ngeNdodana yakhe, ‘okungayo sinale nkululeko yokukhuluma nokusondela ngokuqiniseka ngokholo lwethu kuye.’ (Efe. 3:12) Ngempela, inkululeko yokuthandaza kuJehova iyindlela enhle kakhulu yokubonakaliswa komusa wakhe ongafanelwe.

Ukuthola usizo ngesikhathi esifanele (Bheka isigaba 13)

13. Umusa ongafanelwe ‘ungasisiza kanjani ngesikhathi esifanele’?

13 Ukuthola usizo ngesikhathi esifanele. UPawulu wasikhuthaza ukuba sithandaze kuJehova ngokukhululekile, “ukuze sizuze isihe futhi sithole umusa ongafanelwe wokusiza ngesikhathi esifanele.” (Heb. 4:16b) Njalo lapho sibhekene novivinyo noma nokucindezeleka ekuphileni kwethu, singanxusa ukuba uJehova asisize ngomusa wakhe. Nakuba singafanelwe ukuthola lutho, uyayiphendula imithandazo yethu, ngokuvamile esebenzisa amaKristu esikanye nawo, “ukuze sibe nesibindi futhi sithi: ‘UJehova ungumsizi wami; ngeke ngesabe. Umuntu angangenzani?’”—Heb. 13:6.

14. Umusa ongafanelwe kaJehova uzizuzisa kanjani izinhliziyo zethu?

14 Ukuthola induduzo yezinhliziyo zethu. Isibusiso esikhulu kakhulu esisithola ngomusa kaJehova ongafanelwe yinduduzo yenhliziyo ephukile. (IHu. 51:17) UPawulu wabhalela amaKristu aseThesalonika ayeshushiswa: “Kwangathi iNkosi yethu uJesu Kristu ngokwayo noNkulunkulu uBaba wethu, owasithanda futhi wanikeza induduzo yaphakade nethemba elihle ngomusa ongafanelwe, bangaduduza izinhliziyo zenu futhi baniqinise kuzo zonke izenzo namazwi amahle.” (2 Thes. 2:16, 17.) Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi sithola uthando kuJehova ngenxa yomusa wakhe ongafanelwe!

15. Ngenxa yomusa ongafanelwe kaNkulunkulu, yiliphi ithemba esinalo?

15 Ukuba nethemba lokuphila okuphakade. Njengezoni, asinathemba. (Funda iHubo 49:7, 8.) Kodwa uJehova usinika ithemba elihle kakhulu. UJesu wathembisa abalandeli bakhe: “Yile intando kaBaba, ukuba wonke umuntu obona iNdodana futhi abonise ukholo kuyo abe nokuphila okuphakade.” (Joh. 6:40) Yebo, ithemba lokuphila okuphakade liyisipho, liyindlela enhle kakhulu yokubonakaliswa komusa ongafanelwe kaNkulunkulu. UPawulu, owayelazisa lelo qiniso, wathi: “Umusa kaNkulunkulu ongafanelwe oletha insindiso kuzo zonke izinhlobo zabantu ubonakalisiwe.”—Thithu 2:11.

UNGAWUSEBENZISI KABI UMUSA ONGAFANELWE KANKULUNKULU

16. Iyiphi indlela amaKristu okuqala awusebenzisa kabi ngayo umusa ongafanelwe kaNkulunkulu?

16 Nakuba umusa ongafanelwe kaJehova usilethela izibusiso eziningi, akufanele sicabange ukuthi uvumela konke ukuziphatha. Amanye amaKristu okuqala alingeka ukuba azame ‘ukuphendula umusa ongafanelwe kaNkulunkulu wethu awenze izaba zokuziphatha okubi.’ (Jude 4) Kubonakala sengathi la maKristu angathembekile ayecabanga ukuthi angona bese elindela ukuba uJehova awathethelele. Okubi nakakhulu, azama ukuheha abafowabo ukuze bahlanganyele nabo ezenzweni zabo zokwedelela. Ngisho nanamuhla, noma ubani owenza lokhu ‘uthukuthelisa umoya womusa ongafanelwe.’—Heb. 10:29.

17. Yisiphi isiyalo esiqinile esanikezwa uPetru?

17 Namuhla, uSathane uye wakhohlisa amanye amaKristu ukuba acabange ukuthi angenza izono ngamabomu bese elindela ukuba uNkulunkulu awabonise umusa. Nakuba uJehova ekulungele ukuthethelela izoni eziphendukayo, ulindele ukuba sizikhandle ukuze silwisane nokuthambekela kwesono. Waphefumulela uPetru ukuba abhale: “Ngakho-ke, nina bathandekayo, ninalolu lwazi kusengaphambili, qaphani ukuba ningamuki nabo ngesiphambeko sabantu abadelela umthetho futhi niwe ekugxileni kwenu. Cha, kodwa qhubekani nikhula emseni ongafanelwe nasolwazini ngeNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu.”—2 Pet. 3:17, 18.

UMUSA ONGAFANELWE UZA NEMITHWALO YEMFANELO

18. Ngenxa yomusa ongafanelwe kaJehova, yimiphi imithwalo yemfanelo esinayo?

18 Njengabantu abathola umusa kaJehova futhi abanokwazisa, kuyafaneleka ngathi ukusebenzisa izipho zethu ukuze sidumise uNkulunkulu futhi sizuzise nabanye. Ngaziphi izindlela? UPawulu uyaphendula: ‘Khona-ke, njengoba sinezipho ezihlukahlukayo ngokomusa ongafanelwe esiwuphiwe, kungakhathaliseki ukuthi . . . yinkonzo, masibe kule nkonzo; ofundisayo, makabe sekufundiseni kwakhe; oyalayo, makabe sekuyaleni kwakhe; . . . obonisa isihe, makakwenze ngokwenama.’ (Roma 12:6-8) Umusa ongafanelwe uJehova asibonisa wona usibeka ngaphansi kwesibopho sokuba matasa enkonzweni yobuKristu, ukufundisa abanye iBhayibheli, ukukhuthaza amaKristu esikanye nawo nokuthethela bonke abasonayo.

19. Yimiphi imithwalo yemfanelo esinayo esizoxoxa ngayo esihlokweni esilandelayo?

19 Njengabantu abathola uthando lukaJehova futhi abanokwazisa, kufanele sishukumiseleke ukuba sizikhandle ekunikezeni “ubufakazi obuphelele ngezindaba ezinhle zomusa ongafanelwe kaNkulunkulu.” (IzE. 20:24) Lo mthwalo wemfanelo kuzoxoxwa ngawo ngokuningiliziwe esihlokweni esilandelayo.

^ [1] (isigaba 2) Bheka esithi “Undeserved kindness” kuyi “Glossary of Bible Terms” e-Nguqulweni Yezwe Elisha ebukeziwe yesiNgisi.