Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Funa UMbuso, Hhayi Izinto Ezibonakalayo

Funa UMbuso, Hhayi Izinto Ezibonakalayo

“Funani njalo umbuso [kaNkulunkulu], khona-ke lezi zinto niyonezelwa zona.”—LUKA 12:31.

IZINGOMA: 40, 98

1. Uyini umehluko phakathi kwezinto esizidingayo nesizifunayo?

KUYE kuthiwe izinto ezidingwa umuntu zimbalwa, kodwa izinto azifunayo azipheli. Kubonakala sengathi abaningi abakwazi ukubona umehluko phakathi kwezinto esizidingayo nesizifunayo. Uyini umehluko? “Isidingo” yinto okumelwe ube nayo ngenxa yokuthi ukuphila kwakho kuncike kuyo. Ukudla, izingubo zokugqoka nendawo yokuhlala—lezi yizidingo eziyisisekelo zokuphila. Into “esiyifunayo” yinto esingathanda ukuyithola kodwa esingayidingi ekuphileni kwansuku zonke.

2. Yiziphi ezinye zezinto ezifunwa abantu?

2 Izinto ezifunwa abantu zingahluka kakhulu, kuye ngokuthi bahlalaphi. Emazweni asathuthuka, abaningi bangase babe nemali eyanele yokuthenga umakhalekhukhwini, isithuthuthu noma indawo encane. Emazweni anothile, abantu bafuna ukuba nezingubo ezibizayo, isithabathaba sendlu noma imoto kanokusho. Kunoma yikuphi, kunengozi ekhona—ukubanjwa ugibe lokuthanda izinto ezibonakalayo, ukufuna izinto ezengeziwe kungakhathaliseki ukuthi siyazidinga noma cha noma sinayo yini imali yokuzithenga noma cha.

QAPHA UGIBE LOKUTHANDA IZINTO EZIBONAKALAYO

3. Kuyini ukuthanda izinto ezibonakalayo?

3 Kuyini ukuthanda izinto ezibonakalayo? Kuwukukhathalela kakhulu izinto ezingokwenyama kunengcebo engokomoya. Ukuthanda izinto ezibonakalayo kusuka ekujuleni kwenhliziyo yomuntu, kuza kuqala ekuphileni kwakhe futhi uphilela kona. Kusenza sibe nesifiso esinamandla sokuthola izinto ezibonakalayo eziningi. Umuntu othanda izinto ezibonakalayo angase angabi nayo imali eningi noma kube umuntu othenga izinto ezibizayo. Ngisho nabantu abaswele bangase babe izisulu zokuthanda izinto ezibonakalayo bese bedebesela ukufuna kuqala uMbuso.—Heb. 13:5.

4. USathane usisebenzisa kanjani “isifiso samehlo”?

4 USathane usebenzisa ezentengiselwano ukuze asenze sikholelwe ukuthi ukuba nezinto ezibonakalayo ezingaphezu kwalezo esizidinga ngempela kubalulekile ukuze sithole injabulo. Unekhono lokusebenzisa “isifiso samehlo.” (1 Joh. 2:15-17; Gen. 3:6; IzAga 27:20) Izwe linazo zonke izinhlobo zezinto ezibonakalayo, ezinhle kakhulu nezingenasidingo, ezinye zazo zikhanga kakhulu. Wake wayithenga yini into owawungayidingi kodwa wayithenga ngoba uyibone esikhangisweni wayithanda? Waqaphela yini kamuva ukuthi wawungaphila ngaphandle kwayo? Izinto ezinjalo ezingabalulekile zenza ukuphila kwethu kube nezinkinga futhi zisidikibalise. Zingasifaka ogibeni futhi zisiphazamise esimisweni sethu sokutadisha iBhayibheli, ukulungiselela, ukuya emihlanganweni nokuhlanganyela njalo ensimini. Khumbula ukuthi umphostoli uJohane waxwayisa: “Izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo.”

5. Yini engenzeka kulabo abasebenzisa amandla abo amaningi ukuze bathole izinto ezengeziwe?

5 USathane ufuna sibe yizigqila zeNgcebo kunokuba ezikaJehova. (Math. 6:24) Labo abasebenzisa amandla abo beqoqa izinto ezibonakalayo bagcina bephila ukuphila okungenanjongo ngoba baphilela ukwanelisa izifiso zabo zobugovu noma okubi nakakhulu, bagcina bengenabo ubuhlobo noNkulunkulu futhi bekhungethwe usizi nezinkathazo. (1 Thim. 6:9, 10; IsAm. 3:17) Kunjengoba nje uJesu achaza emfanekisweni wakhe womhlwanyeli. Lapho isigijimi soMbuso ‘sihlwanyelwa phakathi kwameva. . . , izifiso zazo zonke ezinye izinto ziyangena ziliminyanise izwi, futhi liba elingatheli.’—Marku 4:14, 18, 19.

6. Yisiphi isifundo esisithola kuBharuki?

6 Cabanga ngoBharuki, unobhala womprofethi uJeremiya. Njengoba ukubhujiswa kweJerusalema okwakubikezelwe kwakusondela, uBharuki waqala ‘ukuzifunela izinto ezinkulu’—ephishekela izinto ezazingeke zimsize ngalutho. Nokho, ukuphela kwento okwakufanele ayilindele kwakuwukuthola lokho uJehova ayemthembise kona: “Ngiyokunika umphefumulo wakho.” (Jer. 45:1-5) Ngokuqinisekile uNkulunkulu wayengeke alondoloze izinto ezibonakayo zanoma ubani emzini owawuzobhujiswa. (Jer. 20:5) Njengoba sisondela ekupheleni kwalesi simiso sezinto, manje akusona isikhathi sokuqongelela izinto ezibonakalayo eziningi. Akufanele silindele ukuthi izinto esinazo zizosinda kanye nathi osizini olukhulu, kungakhathaliseki ukuthi ziyigugu noma zibaluleke kangakanani.—IzAga 11:4; Math. 24:21, 22; Luka 12:15.

7. Yini esizoxoxa ngayo manje futhi kungani?

7 UJesu wasinika iseluleko esihle kakhulu sendlela yokuthola izidingo zokuphila ngaphandle kokuthikamezeka, ukuthanda izinto ezibonakalayo noma ukuzibangela ukukhathazeka ngokungenasidingo. Lesi seluleko wasisho eNtshumayelweni yaseNtabeni. (Math. 6:19-21) Ake sifunde futhi sihlolisise lesi seluleko kuMathewu 6:25-34. Ukwenza kanjalo kufanele kusenze sizimisele ‘ukufuna njalo umbuso’ hhayi izinto ezibonakalayo.Luka 12:31.

UJEHOVA UYAZINAKEKELA IZIDINGO ZETHU

8, 9. (a) Kungani kungafanele sikhathazeke kakhulu ngezinto esizidingayo? (b) Yini uJesu ayeyazi ngabantu nangezidingo zabo?

8 Funda uMathewu 6:25. Lapho uJesu etshela izilaleli zakhe ukuba ‘ziyeke ukukhathazeka ngemiphefumulo yazo,’ kwakufana nokuthi uzitshela ukuthi ‘ziyeke ukuzikhathaza ngezinkinga.’ Zazikhathazeka ngezinto okwakungafanele zikhathazeke ngazo. UJesu wazitshela ukuba ziyeke ukukhathazeka futhi wayenesizathu esihle. Ukukhathazeka ngokungenasidingo, ngisho nangezizathu ezizwakalayo, kungaphazamisa ingqondo yomuntu, bese engazinaki izinto ezibalulekile ezingokomoya. UJesu wayekhathazeke kakhulu ngabafundi bakhe kangangokuba wabaxwayisa ngalokhu kuthambekela okuyingozi izikhathi ezine entshumayelweni yakhe.—Math. 6:27, 28, 31, 34.

9 Kungani uJesu asitshela ukuba singakhathazeki ngokuthi sizodlani, sizophuzani noma sizogqokani? Kanti lezi zinto akuzona yini izidingo ezibaluleke kakhulu ekuphileni? Ngokuqinisekile ziyizo! Uma sihluleka ukuzithola lezi zinto ngeke yini sikhathazeke? Nakanjani sizokhathazeka futhi uJesu wayekwazi lokho. Wayezazi kahle izidingo zabantu zosuku nosuku. Ngaphezu kwalokho, wayezazi izimo ezinzima abafundi bakhe abaphila phakathi ‘nezinsuku zokugcina’ ababeyobhekana nazo, ezaziyobonakala “ngezikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” (2 Thim. 3:1) Lezo zimo zihlanganisa ukuntuleka kwemisebenzi, ukwehla kwamandla emali, indlala nokuhlupheka okukhungethe abaningi. Nokho, uJesu waqaphela ukuthi ‘ukuphila kubaluleke ukudlula ukudla nomzimba ukudlula okokugqoka.’

10. Lapho uJesu efundisa abalandeli bakhe indlela yokuthandaza, yini athi kufanele ibe yinto ebaluleke kakhulu ekuphileni kwabo?

10 Ekuqaleni kwentshumayelo yakhe, uJesu wafundisa izilaleli zakhe ukuba zicele izidingo zazo ezingokwenyama kuBaba osezulwini, wathi zingathandaza zithi: “Siphe namuhla isinkwa sethu salolu suku.” (Math. 6:11) Waphinde wathi zingacela zithi: “Siphe isinkwa sethu sosuku ngokwesidingo sosuku.(Luka 11:3) Kodwa leso seluleko asisho ukuthi sekufanele sihlale sicabanga ngezidingo zethu. Kulowo mthandazo oyisibonelo, uJesu wabonisa ukuthi into eza kuqala, ukuthandazela ukufika koMbuso kaNkulunkulu. (Math. 6:10; Luka 11:2) Ukuze izilaleli zakhe zingesabi, uJesu ube eseqokomisa izenzo ezingenakuqhathaniswa ezibonisa ukuthi uJehova unguMondli.

11, 12. Sifundani endleleni uJehova anakekela ngayo izinyoni zezulu? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

11 Funda uMathewu 6:26. Kufanele ‘Siqaphelisise izinyoni zezulu.’ Nakuba zizincane lezo zilwane, zidla izithelo eziningi, izinhlamvu, izinambuzane noma imisundu. Uma sibuka imizimba yazo, ngokwesilinganiso zidla kakhulu kunabantu. Noma kunjalo, akudingeki zitshale noma zihlakule ukuze zithole ukudla. UJehova uzinika konke ezikudingayo. (IHu. 147:9) Yiqiniso, akazifunzi ukudla! Kudingeka zikufune; kodwa kona kuyinala.

12 Kwakungacabangeki kuJesu ukuthi uYise osezulwini anganika izinyoni ukudla kodwa angazinakekeli izidingo zabantu eziyisekelo. [1] (1 Pet. 5:6, 7) Ngeke asifunze kodwa angayibusisa imizamo yethu yokulima ukudla esikudingayo noma yokuthola imali yokuthenga izinto esizidinga nsuku zonke. Uma kudingeka ngempela, angashukumisa abanye ukuba basize abaswele. Nakuba uJesu engakhulumanga ngokunikwa kwezinyoni indawo yokuhlala, uJehova uzinike amakhono nezinto ezidingekayo ukuze zizakhele izidleke. UJehova angasisiza ngendlela efanayo ukuze sitholele imindeni yethu indawo yokuhlala efanelekayo.

13. Yini efakazela ukuthi sibaluleke ukudlula izinyoni zezulu?

13 UJesu wabuza izilaleli zakhe: “Anibalulekile yini nina ngaphezu kwazo [izinyoni zezulu]?” Akungabazeki ukuthi uJesu wayazi ukuthi maduze wayezonikela ngokuphila kwakhe ngenxa yesintu. (Qhathanisa noLuka 12:6, 7.) Isihlengo sikaKristu senzelwa abantu, hhayi izilwane. UJesu akafelanga izinyoni zezulu kodwa wafela thina ukuze sithole ukuphila okuphakade.—Math. 20:28.

14. Yini umuntu okhathazekile angeke akwazi ukuyenza?

14 Funda uMathewu 6:27. Pho kungani uJesu athi umuntu okhathazekile ngeke anezele ngisho nengxenye encane yobude bokuphila kwakhe? Kungenxa yokuthi ukukhathazeka ngokungenasidingo ngezidingo zethu zansuku zonke ngeke kusenze siphile isikhathi eside. Kunalokho, ukukhathazeka kakhulu kungenza ukuphila kwethu kube kufushane.

15, 16. (a) Yini esiyifundayo endleleni uJehova anakekela ngayo iminduze yasendle? (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Yimiphi imibuzo okungase kudingeke sizibuze yona futhi kungani?

15 Funda uMathewu 6:28-30. Ubani ongathandi ukugqoka kahle, ikakhulukazi lapho enza izinto ezingokomoya—ukuhlanganyela enkonzweni noma ukuya emihlanganweni emincane nemikhulu? Noma kunjalo, kufanele yini sikhathazeke ‘ngokokwembatha’? UJesu uphinde asenze sibuke indalo kaJehova. Kule ndaba, singafunda okuningi ngendlela ‘iminduze yasendle’ ebukeka ngayo. Kungenzeka uJesu wayecabanga ngezimbali ezinjengomlunge, ama-hyacinth, ama-iris nama-tulip—zonke zinhle ngezindlela ezingafani. Lezi zimbali akudingeki ziphothe noma zizithungele izingubo zokugqoka. Nokho, ukuqhakaza kwazo kudonsa amehlo ethu! Phela, ‘ngisho noSolomoni enkazimulweni yakhe yonke wayengavunule nanjengeyodwa yazo’!

16 Ungalahlekelwa iphuzu lalokho okushiwo uJesu: “Uma uNkulunkulu ezigqokisa kanjalo izimila zasendle. . . ,ngeke yini nina anigqokise nakakhulu, nina eninokholo oluncane?” Ngokuqinisekile uyonigqokisa! Nokho, abafundi bakaJesu ngandlela thile babenokholo oluncane. (Math. 8:26; 14:31; 16:8; 17:20) Babedinga ukholo oluqinile nokuthembela kuJehova. Kuthiwani ngathi? Sinalo yini ukholo lokuthi uJehova unamandla nesifiso sokusinakekela?

17. Yini engalimaza ubuhlobo bethu noJehova?

17 Funda uMathewu 6:31, 32. Akufanele silingise abantu ‘bezizwe’ abangenalo ukholo lwangempela kuBaba wethu osezulwini onothando nokhathalela labo ababeka kuqala izithakazelo zoMbuso ekuphileni kwabo. Ukuzama ukuthola zonke ‘izinto izizwe eziziphishekela ngokulangazela’ kungalimaza ubuhlobo bethu noJehova. Kunalokho, singahlale siqiniseka ukuthi uma senza okufanele sikwenze—sibeke izinto ezingokomoya kuqala ekuphileni kwethu—uJehova ngeke asigodlele okuhle. ‘Ukuzinikela kwethu kokuhlonipha uNkulunkulu’ kufanele kusenze saneliswe ‘ukudla nokokwembatha.’—1 Thim. 6:6-8.

INGABE UMBUSO KANKULUNKULU UZA KUQALA EKUPHILENI KWAKHO?

18. Yini uJehova ayaziyo ngathi futhi uzosenzelani?

18 Funda uMathewu 6:33. UMbuso kumelwe uze kuqala ekuphileni kwabafundi bakaKristu ngaso sonke isikhathi. Uma senza kanjalo, njengoba kwasho uJesu, ‘zonke lezi ezinye izinto siyozenezelelwa’. Kungani asho kanjalo? Evesini elandulele ukucacisile lokhu: “UYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyazidinga zonke lezi zinto,” okusho ukuthi izidingo zokuphila. Kulula ngoJehova ukubona izinto esizidingayo ngabanye ezihlanganisa ukudla, okokugqoka nendawo yokuhlala ngisho nangaphambi kokuba sibone ukuthi siyazidinga. (Fil. 4:19) Uyazi ukuthi yiziphi izingubo zethu ezizoguga maduzane. Uyazazi izinto okufanele sizidle nokuthi indawo enjani yokuhlala esifanele kuye ngobukhulu bomndeni. UJehova uyoqikelela ukuthi sinakho konke esikudinga ngempela.

19. Kungani kungafanele sikhathazeke ngokungase kwenzeke esikhathini esizayo?

19 Funda uMathewu 6:34. Phawula ukuthi uJesu usesho okwesibili ukuthi, “Ningalokothi nikhathazeke.” Ufuna sibhekane nezinkathazo zokuphila zosuku ngalunye, siqiniseka ngokugcwele ukuthi uJehova uzosisiza. Uma umuntu elokhu ekhathazeka ngokuthi yini engenzeka esikhathini esizayo, angase azethembe yena kunokuba athembe uNkulunkulu futhi lokhu kungabulimaza kakhulu ubuhlobo bakhe noJehova.—IzAga 3:5, 6; Fil. 4:6, 7.

FUNA UMBUSO KUQALA, UJEHOVA UZOKUNIKA OKUNYE OKUDINGAYO

Ungakwenza yini ukuphila kwakho kube lula ukuze ubeke uMbuso kuqala? (Bheka isigaba 20)

20. (a) Yimuphi umgomo ongazibekela wona enkonzweni kaJehova? (b) Yini ongayenza ukuze wenze ukuphila kwakho kube lula?

20 Akuzuzisi ukudela izinto ezingokomoya ngoba nje sifuna ukuqhubeka siphishekela izinto ezibonakalayo. Kunalokho, kufanele siphishekele imigomo engokomoya. Ngokwesibonelo, ungathuthela yini ebandleni elinesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso? Ungakwazi yini ukuba yiphayona? Uma kuwukuthi uyaphayona, wake wakucabangela yini ukufaka isicelo sokuya eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso? Ungakwazi yini ukusiza eBethel noma ehhovisi labahumushi ngezinsuku ezithile? Ungakwazi yini ukuvolontiya emnyangweni weLocal Design/Construction, usize ekwakhiweni kwamaHholo oMbuso? Cabanga ngalokho ongakwenza ukuze wenze ukuphila kwakho kube lula ukuze uhlanganyele emisebenzini yoMbuso. Cabangela ngomthandazo ibhokisi elithi “ Indlela Ongenza Ngayo Ukuphila Kwakho Kube Lula,” bese uthatha izinyathelo ezidingekayo ukuze ufeze umgomo wakho.

21. Yini ezokusiza usondele kuJehova?

21 UJesu wasifundisa ukuba sifune kuqala uMbuso, hhayi izinto ezibonakalayo, ngenxa yesizathu esihle. Ngokwenza kanjalo, ngeke kudingeke sikhathazeke ngezinto ezibonakalayo esizidingayo. Sisondela kuJehova ngokumethemba nangokungazami ukufuna yonke into izwe elinayo ngisho nalapho sinayo imali yokuyithola. Ukwenza ukuphila kwethu kube lula manje kuyosisiza ukuba ‘sibambisise ukuphila kwangempela’.—1 Thim. 6:19.

^ [1] (isigaba 12) Ukuze uqonde ukuthi kungani uJehova ngezinye izikhathi engase avumele umKristu ukuba angabi nakho ukudla okwanele, bheka INqabayokulinda ka-September 15, 2014, ikhasi  22 esihlokweni esithi “Imibuzo Evela Kubafundi.”