Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Ungesabi. Ngizokusiza Mina Mathupha”

“Ungesabi. Ngizokusiza Mina Mathupha”

AKE sithi uhamba emgwaqeni ebusuku. Ube ususola ukuthi kukhona okulandelayo. Lapho uma, izigi nazo ziyathula. Uma uthi uyashesha, uzwe ukuthi lo okulandelayo naye uyashesha. Uqala ukugijima, ubalekele kubo kamngane wakho oseduze. Lapho umngane wakho evula umnyango ethi ngena, kuthi gidi kuwe.

Mhlawumbe awukaze ubhekane nesimo esifana ncamashi nalesi kodwa ezinye izinkathazo zokuphila zingakwenza ube novalo. Ngokwesibonelo, ingabe ubhekene nobuthakathaka ofisa ukubunqoba kodwa ulokhu wenza iphutha elifanayo? Sekuyisikhathi ungasebenzi futhi ungawutholi umsebenzi naphezu kwawo wonke umzamo owenzayo? Ukhathazekile ngokuguga nokugula osazobhekana nakho? Noma ucindezelwa okunye?

Noma ngabe iyiphi inkinga obhekene nayo, ngeke wakuthanda yini ukuba nomuntu ongamxoxela ngezinkinga zakho futhi ongakunika usizo lapho uludinga? Unaye yini umngane ongamethemba? Yebo, unaye! UJehova ungumngane onjalo kuwe, njengoba ayenjalo enzalamizini u-Abrahama, njengoba kuphawuliwe ku-Isaya 41:8-13. Emavesini 10 no-13, uJehova uthi ezincekwini zakhe: ‘Ningesabi, ngoba nginani. Ningaqalazi ngapha nangapha, ngoba nginguNkulunkulu wenu. Ngizoniqinisa. Impela ngizonisiza. Impela ngizoqhubeka nginibambé ngokuqinile ngesandla sami sokunene sokulunga. Ngoba mina, Jehova uNkulunkulu wenu, ngibambé izandla zenu zokunene, Mina engithi kini, Ningesabi. Ngizonisiza mina mathupha.’

“IMPELA NGIZOQHUBEKA NGIKUBAMBÉ NGOKUQINILE”

Awakuqinisi yini la mazwi? Zibone ngeso lengqondo ukulo mfanekiso uJehova asinikeze wona. Kuwo awuvezwa njengomuntu ohamba eceleni kukaJehova, yize lokho kuyinto enhle. Uma ubuhamba eceleni kukaJehova, isandla sakhe sokunene besiyobamba isandla sakho sobunxele. Kunalokho, UJehova welula “isandla sakhe sokunene sokulunga” bese ebamba “isandla sakho sokunene,” njengokungathi uyakukhipha esimweni esicindezelayo. Njengoba enza lokho ukuqinisa ngamazwi athi: “Ungesabi. Ngizokusiza mina mathupha.”

Ingabe uJehova umbheka njengoBaba noMngane onothando oyokutakula osizini? Ufuna ukwazi ngawe, uyayikhathalela inhlalakahle yakho futhi uzimisele ukukusiza. Lapho ubhekene nobunzima, uJehova ufuna uzizwe uphephile ngoba unamathelene nawe. Ngempela ‘uwusizo olutholakala ngokushesha ngesikhathi sokucindezeleka.’—IHu. 46:1.

IMIZWA YECALA NGAMAPHUTHA AKUDALA

Abanye bayazijezisa ngenxa yokuziphatha kwabo okwedlule futhi bayazibuza ukuthi uNkulunkulu ubaxolele yini. Uma kunjalo nangawe, cabanga ngendoda ethembekile uJobe, eyavuma ‘iziphambeko zobusha bayo.’ (Jobe 13:26) Umhubi uDavide wazizwa ngendlela efanayo futhi wancenga uJehova: “O ungazikhumbuli izono zobusha bami nokuvukela kwami.” (IHu. 25:7) Njengoba singaphelele ‘sonke sonile futhi siyasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.’—Roma 3:23.

Umyalezo oku-Isaya isahluko 41 empeleni wawuqondiswe kubantu bakaNkulunkulu basendulo. Base bone kakhulu kangangokuba uJehova wanquma ukukhipha isahlulelo ngokumelene nabo ngokubadingisela eBhabhiloni. (Isaya 39:6, 7) Noma kunjalo, uNkulunkulu wayecabanga ngesikhathi esizayo lapho ayeyokhulula labo ababeyophenduka futhi ababuyisele kuye! (Isaya 41:8, 9; 49:8) UJehova ubabonisa umusa omkhulu kangako labo abafuna ngobuqotho ukuthola umusa wakhe.—IHu. 51:1.

Cabanga ngokuhlangenwe nakho kukaTakuya, * owayezama ukulwisana nomkhuba ongcolile wokubuka izithombe zobulili ezingcolile futhi eshaya indlwabu. Njalo nje wayebuyela kulo mkhuba. Wayezizwa kanjani? “Ngangizizwa ngingafaneleki nhlobo kodwa lapho ngithandaza kuJehova ngicela intethelelo yakhe, wayengikhipha otakwini engangikulo.” Wayekwenza kanjani lokho uJehova? Abadala basebandleni uTakuya ayehlanganyela kulo bamtshela ukuthi angabathinta noma nini ngocingo lapho ehluleka ukuzithiba. Uyavuma: “Kwakungelula ukubathinta kodwa njalo lapho ngikhuluma nabo babengiqinisa.” Kamuva abadala bahlela ukuba umbonisi wesigodi enze ukuhambela kokwalusa kuTakuya. Umbonisi wesigodi wamtshela: “Angikho lapha ngephutha. Ngilapha ngoba abadala bebefuna ngibe lapha. Bakhethe ukuba kube nguwe ojabulela lokhu kuhambela kokwalusa.” UTakuya uyakhumbula: “Yimi owayenza isono kodwa uJehova wafuna ukungisiza.” UTakuya wathuthuka waze waba yiphayona elivamile futhi manje ukhonza ehhovisi legatsha. Njengoba kwenzeka kulo mzalwane, uNkulunkulu uyokutakula osizini.

UKUKHATHAZEKA NGENDLELA ONGAZIPHILISA NGAYO

Ukungasebenzi kubangela ukukhathazeka kwabaningi. Abanye balahlekelwa umsebenzi futhi kungabi lula ukuthola omunye. Cabanga nje ukuthi ubungazizwa kanjani uma bonke abaqashi oya kubo benqaba ukukunika umsebenzi. Ezimweni ezinjalo, abanye abantu bayayeka ukuzihlonipha. UJehova angakusiza kanjani? Angase angakunikezi umsebenzi owufunayo, kodwa angakusiza ukhumbule lokho okwaphawulwa iNkosi uDavide: “Ngangiyinsizwa, manje ngikhulile, Nokho angizange ngimbone olungileyo eshiywe ngokuphelele, Noma inzalo yakhe iphanza isinkwa.” (IHu. 37:25) Yebo, kuJehova uyigugu futhi ‘ngesandla sakhe sokunene sokulunga,’ angakusiza uthole okudingayo ukuze uqhubeke umkhulekela.

UJehova angakusiza kanjani lapho ulahlekelwa umsebenzi wokuziphilisa?

USara ohlala eColombia wayibona indlela uJehova abasiza ngayo abantu bakhe. Wayesebenzela inkampani ehlonishwayo futhi ekhokhelwa kahle. Nokho, wayefuna ukwenzela uJehova okwengeziwe, ngakho wawuyeka umsebenzi futhi waqala ukuphayona. Kodwa umsebenzi wesikhashana ayewudinga akawutholanga. Wavula ibhizinisi elincane lokudayisa u-ice-cream kodwa waphelelwa imali yokunakekela lelo bhizinisi wabe eselivala. USara uthi, “Ngibonga uJehova ngokuthi ngakwazi ukubekezelela leyo minyaka emithathu enzima.” Wafunda ukuhlukanisa phakathi kwezinto eziyisidingo nezikanokusho nokuthi angakhathazeki ngosuku olulandelayo. (Math. 6:33, 34) Ngokuhamba kwesikhathi, owayekade engumqashi wakhe wamthinta ngocingo wathi ufuna ukumnika umsebenzi wakhe omdala. Wathi angawuthatha kuphela uma engeke asebenze zonke izinsuku futhi uma ezonikwa isikhathi sokwenza izinto ezingokomoya. Nakuba uSara engasakhokhelwa imali ayeyithola ngaphambili, uyakwazi ukuqhubeka ephayona. Kukho konke abhekana nakho, uthi, “Ngaluzwa uthando lukaJehova.”

UKUKHATHAZEKA NGOKUGUGA

Enye imbangela yokukhathazeka ukuguga. Lapho abantu abaningi beyeka umsebenzi ngenxa yokukhula, bakhathazeka ngokuthi bazoba nayo yini imali eyanele yokuphila ntofontofo. Bangakhathazeka nangezinkinga zempilo abangase babhekane nazo njengoba bekhula. Kungenzeka ukuthi kwakunguDavide owayencenga uJehova: “Ungangilahli esikhathini sokuguga; Ungangishiyi lapho nje amandla ami ephela.”—IHu. 71:9, 18.

Izinceku zikaJehova zingazizwa kanjani zivikelekile lapho sezigugile? Kudingeka ziqhubeke zihlakulela ukholo kuNkulunkulu, ziqiniseka ngokuthi uyozinika ezikudingayo. Kuyiqiniso ukuthi uma bejwayele ukuphila ntofontofo, kungase kudingeke benze ukuphila kwabo kube lula baneliswe okuncane abanakho. Bangathola ukuthi ukudla “isidlo semifino” kunokudla ‘inkunzi ekhuluphalisiweyo’ kumnandi futhi kunezinzuzo ezingokwempilo! (IzAga 15:17) Uma ugxile ekujabuliseni uJehova, uyokunakekela ngisho nalapho usugugile.

UJosé noRose bekanye noTony noWendy

Cabanga ngoJosé noRose asebekhonze uJehova isikhathi esigcwele iminyaka engu-65. Kwadingeka ukuba banakekele ubaba kaRose iminyaka eminingi owayedinga ukunakekelwa ngaso sonke isikhathi. UJosé kwadingeka ukuba ahlinzwe ngenxa yomdlavuza futhi wenza i-chemotherapy. Ingabe uJehova uye wababamba laba bashadikazi abathembekile ngesandla sakhe sokunene? Yebo, kodwa kanjani? Wasebenzisa uTony noWendy, abashadikazi abasebandleni labo ababanika indawo yokuhlala. UTony noWendy babefuna amaphayona avamile azohlala mahhala. Eminyakeni edlule, njalo uTony wayehlale ebuka ngefasitela uJosé noRose beya enkonzweni yasensimini. Wayebathanda ngenxa yentshiseko ayeyibone kubo futhi lokhu kwamthinta kakhulu. Ngenxa yokwazi ukuthi lo mbhangqwana okhulile wawunikele ngokuphila kwawo konke kuJehova, uTony no-Wendy bashukumiseleka ukuba bawunike indawo yokuhlala. Sekuphele iminyaka engu-15 besiza uJosé noRose manje abaneminyaka engaba ngu-85. Lo mbhangqwana osugugile ubheka usizo oluthola kulo mbhangqwana osemusha njengesipho esivela kuJehova.

UJehova welulela ‘isandla sakhe sokunene sokulunga’ nakuwe. Ingabe uzosabela ngokubamba isandla saLowo okuthembisa ukuthi: “Ungesabi. Ngizokusiza mina mathupha”?

^ isig. 11 Amanye amagama ashintshiwe.