Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Indlela Ogqoka Ngayo Ikhazimulisa UNkulunkulu?

Ingabe Indlela Ogqoka Ngayo Ikhazimulisa UNkulunkulu?

“Zonke izinto zenzeleni inkazimulo kaNkulunkulu.”—1 KOR. 10:31.

IZINGOMA: 34, 61

1, 2. Kungani oFakazi BakaJehova behlale begqoka ngendlela enesizotha? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

IPHEPHANDABA laseNetherlands lasho lokhu mayela nomhlangano wabaholi benkolo: “Babegqoke izingubo ezipholile, ikakhulukazi njengoba bekushisa. Nokho, lokhu akunjalo ngemihlangano yoFakazi BakaJehova. . . . Abafana kanye namadoda bagqoka ibhantshi nothayi, kuyilapho amantombazane nabesifazane befaka iziketi . . . ezinesizotha kodwa ezingesona isidala.” Ngempela, oFakazi BakaJehova bavame ukunconywa “ngezingubo ezilungiswe kahle, ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo . . . ngendlela efanele [labo] abathi bahlonipha uNkulunkulu.” (1 Thim. 2:9, 10) Umphostoli uPawulu wayekhuluma ngabesifazane, kodwa lesi simiso siyasebenza nasemadodeni angamaKristu.

2 Indlela efanele yokugqoka ibalulekile kithi njengabantu bakaJehova futhi ibalulekile nakuNkulunkulu esimkhonzayo. (Gen. 3:21) Lokho okushiwo imiBhalo mayelana nokugqoka nokuzilungisa kwenza singangabazi ukuthi uMbusi wendawo yonke unezimiso eziphakeme zokugqoka zabakhulekeli bakhe beqiniso. Ngakho, indlela yokugqoka nokuzilungisa esiyikhethayo akufanele inqunywe yilokho okuthandwa yithi. Kufanele sicabange nangalokho okuthandwa iNkosi enguMbusi uJehova.

3. Yini esingayifunda eMthethweni kaNkulunkulu owawunikwe ama-Israyeli mayelana nokugqoka?

3 Ngokwesibonelo, eMthethweni kaNkulunkulu owawunikwe ama-Israyeli kwakunemithetho eyayiwavikela ekuziphatheni okubi kwezizwe ezaziwazungezile. UMthetho wabonisa indlela uJehova amelene ngayo ngokuqinile nokugqoka ngendlela engawubonisi umehluko phakathi kowesilisa nowesifazane​—izingubo ongazigqoka kungakhathaliseki ukuthi ungowesilisa noma owesifazane. (Funda uDuteronomi 22:5) Isiqondiso sikaNkulunkulu ngokugqoka sisibonisa ngokucacile ukuthi uNkulunkulu akazifuni izitayela zokugqoka ezenza abesilisa babukeke njengabesifazane, nezenza abesifazane babukeke njengabesilisa noma ezenza kube nzima ukubona umehluko phakathi kwabesilisa nabesifazane.

4. Yini engasiza amaKristu enze izinqumo ezinhle ngokuphathelene nokugqoka.

4 IZwi likaNkulunkulu linezimiso ezisiza amaKristu enze izinqumo ezinhle ngokuphathelene nokugqoka. Zisebenza kuwo wonke kungakhathaliseki ukuthi ahlala kuphi, liyini isiko lendawo noma isimo sezulu. Asidingi uhlu oluningiliziwe oluchaza izitayela zokugqoka ezamukelekile nezingamukelekile. Kunalokho, siqondiswa izimiso ezingokomBhalo ezisinika ilungelo lokukhetha esikuthandayo. Ake sicabangele izimiso zeBhayibheli ezingasisiza ‘sizitholele ngokwethu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo’ lapho sikhetha esizokugqoka.​—Roma 12:1, 2.

“SIZITUSA NJENGEZIKHONZI ZIKANKULUNKULU”

5, 6. Indlela esigqoka ngayo kufanele ibathinte kanjani abanye?

5 Umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba agcizelele ukubaluleka kwesimiso esitholakala kweyesi-2 Korinte 6:4. (Funda.) Indlela esibukeka ngayo isho lukhulu ngathi. Lokho “okubonakala emehlweni” kwenza abantu abaningi babe nemibono ngathi. (1 Sam. 16:7) Ngakho, njengezikhonzi zikaNkulunkulu siyaqonda ukuthi ukugqoka akusho nje ukwembathisa umzimba ngento esiyithandayo. Izimiso esizithola eZwini likaNkulunkulu kufanele zisishukumisele ukuba sigweme ukugqoka izingubo ezimpintshayo, eziveza umzimba noma ezivusa inkanuko. Ayisaphathwa-ke eyokugqoka izingubo eziveza noma zibonise izitho zangasese. Abantu akufanele bashaywe amahloni noma bashalaze lapho bebona indlela ogqoke ngayo.

6 Uma sicocekile, sihlanzekile, sigqoke ngesizotha futhi sizilungise kahle, cishe abantu bayosihlonipha njengezikhonzi zeNkosi enguMbusi uJehova. Bangase badonseleke kuNkulunkulu esimkhonzayo. Ngaphezu kwalokho, indlela efanele esigqoka ngayo iyoyimelela kahle inhlangano esikuyo. Ngenxa yalokho, cishe nabanye bayowulalela umyalezo osindisa ukuphila esiwumemezelayo.

7, 8. Kunini lapho ngokukhethekile kudingeka sigqoke izingubo ezifanelekayo?

7 Sigqoka izingubo ezenza isigijimi esisiphethe sihlonipheke ngenxa kaNkulunkulu wethu ongcwele, abafowethu nodadewethu abangokomoya kanye nabantu abasensimini yethu futhi lokho kuletha udumo kuJehova. (Roma 13:8-10) Lokhu kuyiqiniso nakakhulu lapho senza imisebenzi yobuKristu, njengokuya emihlanganweni noma ukushumayela. Kufanele sigqoke “ngendlela efanele [abantu] abathi bahlonipha uNkulunkulu.” (1 Thim. 2:10) Kuyiqiniso ukuthi ezinye izingubo ezifaneleka kwenye indawo zingase zingafaneleki kwenye indawo. Yingakho abantu bakaJehova emhlabeni wonke becabangela izizinda zendawo ukuze bangakhubi muntu.

ngabe isitayela sakho sokugqoka siyokwenza ube nenhlonipho ngoNkulunkulu ommelelayo? (Bheka izigaba 7, 8)

8 Funda eyoku-1 Korinte 10:31. Lapho siya emihlanganweni yesigodi neyesifunda, indlela esigqoka ngayo kudingeka ifaneleke futhi ibe nesizotha, ingalandeli izitayela ezeqisayo ezivamile ezweni. Ngisho nalapho singena noma siphuma emahhotela, nalapho siphakathi kwabantu ngaphambi kwesimiso somhlangano nangemva kwaso, sifuna ukugwema ukugqoka ngendlela ekhululeke kakhulu noma ewubudlabha. Siyoziqhenya ngokuzibonakalisa njengoFakazi BakaJehova. Yebo, siyokhululeka ukunikeza ubufakazi lapho kuvela ithuba.

9, 10. EyabaseFilipi 2:4 kungani kufanele ithinte indlela esigqoka ngayo?

9 Funda eyabaseFilipi 2:4. Kungani amaKristu kudingeka acabangele ukuthi indlela agqoka ngayo iwathinta kanjani amanye amaKristu? Esinye sezizathu ukuthi abantu bakaNkulunkulu bayazikhandla ukuze basebenzise ukunxusa kweBhayibheli: “Bulalani amalungu emizimba yenu asemhlabeni ngokuqondene nobufebe, ukungcola, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo.” (Kolose 3:2, 5) Asifuni ukwenza kube nzima ngabantu esikholwa nabo ukulalela lesi seluleko. Abazalwane nodade abaye bayeka ukuziphatha okubi ngokocansi kungenzeka basalwa nokuthambekela kwesono. (1 Korinte 6:9, 10) Ngokuqinisekile ngeke sifune ukwenza ukulwa kwabo kube nzima nakakhulu. Akunjalo?

10 Lapho sinabafowethu nodadewethu abangokomoya, indlela esigqoke ngayo kufanele isize ibandla libe indawo okutholakala kuyo ubumsulwa ngokokuziphatha. Lokhu siyokwenza lapho sisemihlanganweni noma sizikhiphile. Sinenkululeko yokukhetha ukuthi sizogqokani. Nokho, sonke sinomthwalo wemfanelo wokugqoka izingubo ezenza kube lula ngabanye ukuba bahlale bemsulwa futhi balondoloze izindinganiso zikaNkulunkulu zobungcwele ngokucabanga, amazwi nezenzo. (1 Pet. 1:15, 16) Uthando lweqiniso “aluziphathi ngokuhlazisayo, aluzifuneli izinzuzo zalo siqu.”​—1 Kor. 13:4, 5.

IZINGUBO EZIFANELE NGESIKHATHI NASENDAWENI EFANELE

11, 12. Yiziphi izizathu ezinengqondo esingaba nazo lapho sicabanga ngokuthi sizogqokani?

11 Lapho izinceku zikaNkulunkulu zikhetha ukuthi zizogqokani, ziyakhumbula ukuthi ‘kukhona isikhathi sazo zonke izindaba nangokuqondene nawo wonke umsebenzi.’ (UmSh. 3:1, 17) Kuyaqondakala ukuthi izimo zezulu ezehlukahlukene nokushintsha kwezinkathi zonyaka kuyayithonya indlela esigqoka ngayo. Okunye okuthonya indlela esigqoka ngayo izimo ezehlukahlukene nezimo zokuphila. Nokho, izindinganiso zikaJehova aziguqulwa isimo sezulu.​—Mal. 3:6.

12 Ezindaweni ezishisayo, kungase kube inselele ukuqikelela ukuthi indlela esigqoka ngayo ihloniphekile futhi ibonisa ukuhluzeka kwengqondo nokwahlulela okuhle. Yingakho abafowethu nodadewethu bekwazisa ukugwema kwethu ukugqoka izingubo ezimpintsha kakhulu noma ezenziwe ngendwangu elula ebonisa indlela esimi ngayo. (Jobe 31:1) Ngisho nalapho siziphumulele ebhishi, izingubo zethu zokubhukuda kufanele zibe nesizotha. (IzAga 11:2, 20) Ngisho noma abaningi ezweni begqoka izingubo zokubhukuda eziveza umzimba, thina esikhonza uJehova sikhathazeka ngokwamukeleka kuNkulunkulu ongcwele esimthandayo.

13. Kungani iseluleko esitholakala kweyoku-1 Korinte 10:32, 33 kufanele sithonye indlela esikhetha ngayo esikugqokayo?

13 Kunesinye isimiso esibalulekile esisisiza sikhethe izingubo ezifanelekayo. Ukukhathazeka ngonembeza babanye​—kungakhathaliseki ukuthi bangabakhulekeli esikanye nabo noma cha. (Funda eyoku-1 Korinte 10:32, 33.) Kufanele sikubheke njengobaluleke kakhulu ukugwema izingubo ezingakhuba abanye. UPawulu wabhala: “Yilowo nalowo kithi makajabulise umakhelwane wakhe ngento ezomakha.” Wabe esenezela lesi sizathu: “Ngoba ngisho noKristu akazijabulisanga yena.” (Roma 15:2, 3) Yebo, ukusiza abanye kwakuza kuqala kuJesu kunokuzijabulisa yena​—ukubasiza kwakusemqoka ukuze enze intando kaNkulunkulu. Ngakho, siyodela izinto noma izitayela zokugqoka esizithandayo kodwa ezingenza abantu esifuna ukufakaza kubo bangasilaleli.

14. Abazali bangaziqeqesha kanjani izingane zabo ukuba zidumise uNkulunkulu ngendlela ezigqoka ngayo?

14 Abazali abangamaKristu banomthwalo wemfanelo wokufundisa imindeni yabo ukuba isebenzise izimiso zeBhayibheli. Lokhu kuhlanganisa nokuqiniseka ngokuthi bona nezingane zabo balwela ukwenza inhliziyo kaNkulunkulu ijabule ngokugqoka nokuzilungisa ngesizotha. (IzAga 22:6; 27:11) Abazali bangagxilisa ezinganeni zabo inhlonipho ngoNkulunkulu ongcwele abamkhulekelayo ngokubekela izingane zabo isibonelo esihle nangokunikeza isiqondiso esinothando futhi esisebenzisekayo. Yeka ukuthi kuhle kanjani ngabazali ukufundisa izingane zabo ukuthi zingazithola kuphi futhi kanjani izingubo ezifanelekayo! Lokhu akusho nje izingubo ezizithandayo kodwa nalokho okuyozisiza zimmelele kahle uJehova uNkulunkulu.

YISEBENZISE KAHLE INKULULEKO YAKHO

15. Yini okufanele iqondise izinqumo zethu ngendlela esigqoka ngayo?

15 IZwi likaNkulunkulu linikeza isiqondiso esisebenzisekayo esingasisiza senze izinqumo ezihlakaniphile eziyodumisa uNkulunkulu. Nokho, siyazikhethela lokho esikugqokayo. Izinto esizithandayo ngabanye ziyehluka futhi kunjalo nangezimo zethu zezimali. Kodwa izingubo zethu kufanele njalo zibe ezicocekile, ezihlanzekile, ezinesizotha, ezifanelekayo nezamukelekayo endaweni.

16. Kungani kuwufanele umzamo ukugqoka ngendlela efanele?

16 Kumelwe sivume ukuthi akulula ngaso sonke isikhathi ukwenza izinqumo ezibonisa ukwahlulela okuhle, ukuhluzeka kwengqondo nezibonisa ukuthi sicabangele zonke izici. Izitolo eziningi zithengisa imfashini edumile ngakho kungase kuthathe isikhathi nomzamo ukuthola iziketi, izingubo, amabhulawuzi okunesizotha noma amasudi namabhulukwe angampintshi kakhulu. Nokho, cishe esikholwa nabo bayoyiqaphela futhi bayazise imiphumela yemizamo yethu eqotho yokuthola izingubo ezikhangayo nezifanelekayo. Ukwaneliseka esikutholayo ngokudumisa uBaba wethu wasezulwini kuyokwenza sikhohlwe yibo bonke ubunzima esingase sibhekane nabo lapho sifuna izingubo zokugqoka ezimkhazimulisayo.

17. Yiziphi izimo eziyonquma ukuthi umzalwane abe nayo yini intshebe?

17 Kungafaneleka yini ngabazalwane ukuba babe nentshebe? NgokoMthetho kaMose, kwakuyimfuneko ukuba amadoda abeke intshebe. Nokho, amaKristu awekho ngaphansi koMthetho kaMose futhi awabophekile ukuba awugcine. (Lev. 19:27; 21:5; Gal. 3:24, 25) Kwamanye amasiko, intshebe encwelwe kahle ingase yamukeleke, ihlonipheke futhi ingase ingasilulazi isigijimi soMbuso. Empeleni, abanye abazalwane abanamalungelo ebandleni banayo intshebe. Noma kunjalo, abanye abazalwane bangase banqume ukungabi nayo. (1 Kor. 8:9, 13; 10:32) Kwamanye amasiko noma kwezinye izindawo, akulona isiko ukubeka intshebe futhi akwamukeleki ukuba izikhonzi ezingamaKristu zibe nayo. Eqinisweni, ukuba nentshebe kungase kubangele umzalwane angakwazi ukudumisa uNkulunkulu ngokugqoka nokuzilungisa futhi kumenze angabi ongasoleki.​—Roma 15:1-3; 1 Thim. 3:2, 7.

18, 19. UMika 6:8 usisiza kanjani njengoba silwela ukuba indlela esigqoka ngayo ijabulise uNkulunkulu?

18 Yeka ukuthi sibonga kanjani ngokuthi uJehova akasithwesi umthwalo ngokusinika uhide lwemithetho yokugqoka nokuzilungisa! Kunalokho, uye wasivumela ukuba sisebenzise inkululeko yethu nokuba senze izinqumo ezibonisa ukuhluzeka kwengqondo, okufanele ziqondiswe izimiso ezingokomBhalo. Ngakho-ke, ngisho nasendleleni esigqoka futhi sizilungise ngayo singabonisa ukuthi sifuna ‘ukuhamba noNkulunkulu wethu ngesizotha’—Mika 6:8.

19 Isizotha sethu sihlanganisa ukuzihlola ngokuthobeka uma siziqhathanisa nobumsulwa nobungcwele bukaJehova, ngoba sincike ngokuphelele esiqondisweni sakhe esingcono kakhulu. Isizotha siphinde sihlanganise ukuhlonipha imizwa nemibono yabanye. Ngakho-ke, ‘sihamba noNkulunkulu wethu ngesizotha’ ngokuvumelanisa ukuphila kwethu nezindinganiso eziphakeme nokuhlonipha ukuzwela kwabanye abantu.

20. Indlela esigqoka nesizilungisa ngayo kufanele ibathinte kanjani abanye?

20 Indlela esikhetha ukugqoka ngayo akufanele yenze abantu bangabaze ukuthi singabakhulekeli bakaJehova. Abafowethu nodadewethu kanye nabanye abantu kufanele bakwazi ukubona ukuthi siyakufanelekela ukumelela uNkulunkulu wethu olungile. Unezindinganiso eziphakeme futhi siyajabula ukulwela ukubonakalisa lezo zindinganiso. Kuyafaneleka ukuncoma abazalwane nodade abakubukeka nokuziphatha kwabo okuhle kuye kwakhanga abantu abanhliziyo-ziqotho ukuba bamukele isigijimi seBhayibheli esisindisa ukuphila kube udumo nenjabulo kuJehova. Ukunquma ngokuhlakanipha ukuthi sizogqokani ngokuqinisekile kuyoqhubeka kudumisa Lowo ozigqokisa “isithunzi nobukhazikhazi.”​—IHu. 104:1, 2.