Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Londoloza Ingokomoya Lakho Njengoba Ukhonza Kwelinye Izwe

Londoloza Ingokomoya Lakho Njengoba Ukhonza Kwelinye Izwe

“Ngililondile izwi lakho enhliziyweni yami.”​—IHU. 119:11.

IZINGOMA: 142, 92

1-3. (a) Kungakhathaliseki ukuthi izimo zethu zinjani, yini okufanele ize kuqala? (b) Yiziphi izinselele labo abafunda olunye ulimi ababhekana nazo ngokukhethekile futhi lokhu kuphakamisa miphi imibuzo? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

IZINKULUNGWANE zoFakazi BakaJehova namuhla zihlanganyela ngenkuthalo ekugcwalisekeni kombono wokumemezela izindaba ezinhle “kuzo zonke izizwe nezinhlanga nezilimi nabantu.” (IsAm. 14:6) Ingabe uphakathi kwalabo abafunda olunye ulimi? Ingabe ukhonza njengesithunywa sevangeli noma usendaweni enesidingo sabamemezeli noma ingabe usanda kuhlanganyela ebandleni elikhuluma olunye ulimi ezweni lakini?

2 Ingokomoya lethu nelemindeni yethu kumelwe lize kuqala kithi sonke, njengezinceku zikaNkulunkulu. (Math. 5:3) Nokho ngezinye izikhathi singase sikuthole kunzima ukuba nesifundo somuntu siqu esizuzisayo ngenxa yempilo yethu ematasa. Kodwa labo abakhonza kwamanye amazwe babhekana nezinye izinselele ezengeziwe.

3 Ukwenezela ekufundeni olunye ulimi, labo abakhonza kwamanye amazwe kudingeka baqiniseke nangokuthi njalo bondla izinhliziyo zabo ngokudla okuqinile okungokomoya. (1 Kor. 2:10) Lokho bangakwenza kanjani uma bengaluqondi kahle ulimi olukhulunywa ebandleni? Kungani kufanele abazali abangamaKristu baqikelele ukuthi iZwi likaNkulunkulu lifinyelela izinhliziyo zezingane zabo?

INTO ENGASONGELA INGOKOMOYA LETHU

4. Yini engasongela ingokomoya lethu? Nikeza isibonelo.

4 Ukungakwazi ukuqonda iZwi likaNkulunkulu ngolimi lwakwelinye izwe kungasongela ingokomoya lethu. Ngekhulu lesihlanu B.C.E., uNehemiya wakhathazeka lapho ezwa ukuthi ezinye izingane phakathi kwamaJuda ezazibuya eBhabhiloni zazingakwazi ukukhuluma ulimi lwesiHebheru. (Funda uNehemiya 13:23, 24.) Empeleni, lezi zingane zazingakwazi ukuba izinceku zikaNkulunkulu ngenxa yokuthi zazingayiqondi ngokugcwele incazelo yeZwi likaNkulunkulu.​—Neh. 8:2, 8.

5, 6. Yini eye yaqashelwa abazali abakhonza ebandleni elikhuluma olunye ulimi, futhi kungani?

5 Abanye abazali abangamaKristu abakhonza ebandleni elikhuluma olunye ulimi baye baqaphela ukuthi isithakazelo sezingane zabo ngeqiniso siye sancipha. Izinhliziyo zezingane zazingathinteki lapho zilalele isimiso esingokomoya eHholo LoMbuso ngenxa yokuthi zazingaluqondi ngokugcwele ulimi. UPedro [1] owathuthela e-Australia esuka eNingizimu Melika nomndeni wakhe uthi: “Lapho sikhuluma ngezinto ezingokomoya, inhliziyo nemizwelo kufanele kuhileleke.”​—Luka 24:32.

6 Uma sifunda ngolimi lwakwelinye izwe, izinhliziyo zethu zingase zingathinteki ngendlela ebezingathinteka ngayo uma sifunda ngolimi lwethu. Ngaphezu kwalokho, ukungakwazi ukukhuluma kahle ngolunye ulimi kungasikhathaza engqondweni nangokomoya. Ngakho, yize siqhubeka nokukhonza uJehova ensimini okukhulunywa kuyo olunye ulimi, senza kahle ngokuqapha ingokomoya lethu.​—Math. 4:4.

BAQAPHA INGOKOMOYA LABO

7. AbaseBhabhiloni bazama kanjani ukwenza uDaniyeli amukele amasiko nenkolo yabo?

7 Lapho uDaniyeli nabangane bakhe bedingiswa, abaseBhabhiloni bazama ukubenza bamukele amasiko abo ngokubafundisa ‘ulimi lwamaKhaledi.’ Ngaphezu kwalokho, isikhulu segceke esasengamele ukuqeqeshwa kwabo sabetha amagama aseBhabhiloni. (Dan. 1:3-7) Igama elanikezwa uDaniyeli lalibhekisela kuBheli, unkulunkulu oyinhloko waseBhabhiloni. Cishe iNkosi uNebukhadinezari yayifuna ukuhlaba uDaniyeli umxhwele ngokumenza acabange ukuthi uNkulunkulu wakhe, uJehova wayethotshiswe unkulunkulu waseBhabhiloni.​—Dan. 4:8.

8. Yini eyasiza uDaniyeli ukuba alondoloze ingokomoya lakhe ngesikhathi ehlala kwelinye izwe?

8 Nakuba uDaniyeli anikezwa ilungelo lokudla izibiliboco zenkosi “wanquma enhliziyweni yakhe” ukuthi “wayengeke azingcolise.” (Dan. 1:8) Ngenxa yokuthi waqhubeka etadisha ‘izincwadi [ezingcwele]’ ngolimi aluncela ebeleni, walondoloza ingokomoya lakhe ngesikhathi ehlala kwelinye izwe. (Dan. 9:2) Yingakho ngisho nangemva kweminyaka engu-70 afika eBhabhiloni, wayesaziwa ngegama lakhe lesiHebheru.​—Dan. 5:13.

9. Njengoba kubonisiwe kuyiHubo 119, iZwi likaNkulunkulu lamthinta kanjani umhubi?

9 Umlobi weHubo 119 wathola amandla eZwini likaNkulunkulu okuhlala ehlukile. Kwadingeka amelane nokudelelwa amanye amalungu omndeni wasebukhosini. (IHu. 119:23, 61) Nokho, wavumela ukuba amazwi kaNkulunkulu athinte inhliziyo yakhe ngokujulile.​—Funda iHubo 119:11, 46.

LONDOLOZA INGOKOMOYA LAKHO

10, 11. (a) Njengoba sitadisha iZwi likaNkulunkulu kufanele ube yini umgomo wethu? (b) Singawufinyelela kanjani umgomo wethu? Fanekisa.

10 Nakuba singase sibe matasa kakhulu ngemithwalo engokwasezulwini nomsebenzi wokuziphilisa, sonke kudingeka sizakhele isikhathi sokuba nesifundo somuntu siqu nesokukhulekela komkhaya. (Efe. 5:15, 16) Nokho, injongo yethu akufanele kube ukufunda nje amakhasi athile noma ukudwebela nje izimpendulo esizozisho emihlanganweni. Sifuna ukuqiniseka ngokuthi sivumela iZwi likaNkulunkulu lifinyelele izinhliziyo zethu futhi liqinise ukholo lwethu.

11 Ukuze sifinyelele lowo mgomo, kufanele sikwazi ukulinganisela phakathi kokucabanga ngezidingo zabanye lapho sitadisha nokucabanga ngezethu izidingo ezingokomoya. (Fil. 1:9, 10) Kumelwe siqaphele ukuthi lapho silungiselela inkonzo, imihlangano noma inkulumo, singase singakusebenzisi lokho esikufundayo kithi ngokwethu. Ngokwesibonelo, nakuba umpheki kufanele akunambithe ukudla ngaphambi kokuba akunike abantu, ngeke aphile ngalokho kudla akunambithayo. Uma efuna ukuhlale ewumqemane, kudingeka aziphekele ukudla okunomsoco. Ngokufanayo, kufanele silwele ukondla izinhliziyo zethu ngokudla okungokomoya okwanelisa izidingo zethu siqu.

12, 13. Kungani iningi lalabo abakhonza ensimini okukhulunywa kuyo olunye ulimi likuthola kuzuzisa ukutadisha njalo ngolimi abaluncela ebeleni?

12 Iningi lalabo abakhonza ensimini okukhulunywa kuyo olunye ulimi likuthola kuzuzisa ukutadisha iBhayibheli njalo ‘ngolimi lwabo abazalwa nalo.’ (IzE. 2:8) Ngisho nezithunywa zevangeli ziyaqaphela ukuthi ukuze zihlale ziqinile ezabelweni zazo, azikwazi nje ukuncika ekuqondeni okuyisisekelo kokudla okungokomoya ezikuthola emihlanganweni.

13 U-Alain, osekuphele iminyaka engaba ngu-8 efunda ulimi lwasePersia, uyavuma: “Uma ngilungiselela imihlangano ngesiPersia, ngithambekela ekugxileni olimini ngokwalo. Njengoba ingqondo yami ngokuyinhloko igxile ekuqondeni ulimi, inhliziyo yami ayithintwa amaphuzu angokomoya engiwafundayo. Yingakho ngivame ukuzakhela isikhathi sokutadisha iBhayibheli nezinye izincwadi ngolimi engaluncela ebeleni.”

FINYELELA IZINHLIZIYO ZEZINGANE ZAKHO

14. Yini abazali okufanele baqiniseke ngayo futhi kungani?

14 Abazali abangamaKristu benza kahle ngokuqikelela ukuthi iZwi likaNkulunkulu lifinyelela izingqondo nezinhliziyo zezingane zabo kancane kancane. Ngemva kokukhonza ensimini okukhulunywa kuyo olunye ulimi iminyaka engaphezu kwemithathu, uSerge nomkakhe, uMuriel, baqaphela ukuthi indodana yabo eneminyaka engu-17 yayingayijabuleli imisebenzi engokwasezulwini. UMuriel uthi: “Kwakumcasula ukushumayela ngolunye ulimi kanti ngaphambili wayekuthanda ukushumayela ngesiFulentshi ulimi aluncela ebeleni.” USerge uyachaza: “Lapho siqaphela ukuthi lesi simo sasenze indodana yethu yangathuthuka ngokomoya, sanquma ukubuyela ebandleni esasikulo ngaphambili.”

Qiniseka ngokuthi iqiniso lifinyelela izinhliziyo zezingane zakho (Bheka izigaba 14, 15)

15. (a) Yiziphi izici ezingathonya abazali ukuba bathuthele ebandleni elisebenzisa ulimi oluqondwa kahle yizingane? (b) Yisiphi isiyalo uDuteronomi 6:5-7 asinikeza abazali?

15 Yiziphi izici ezingathonya abazali ukuba bathuthele ebandleni elisebenzisa ulimi oluqondwa kahle yizingane? Esokuqala, kufanele bahlole ukuthi banaso ngempela yini isikhathi esanele nezinto ezizobasiza bagxilise uthando ngoJehova ezinganeni zabo kuyilapho bezifundisa ulimi lwakwelinye izwe. Esesibili, bangase baqaphele ukuthi izingane zabo aziyithandi imisebenzi engokomoya noma aziyithandi indawo noma izwe umndeni okhonza kulo. Kulezi zimo, abazali abangamaKristu bangase bacabangele ukubuyela emuva ebandleni elisebenzisa ulimi izingane eziluqonda kahle kuze kube yilapho izingane zilimelela ngokuqinile iqiniso.​—Funda uDuteronomi 6:5-7.

16, 17. Abanye abazali baye bakwazi kanjani ukuqeqesha izingane zabo ngokomoya kuyilapho besensimi yakwelinye izwe?

16 Ngakolunye uhlangothi, abanye abazali baye bathola izindlela zokufundisa izingane zabo ngolimi lwabo kuyilapho behlanganyela ebandleni noma eqenjini okukhulunywa kulo olunye ulimi. UCharles, ubaba wamantombazane amathathu aneminyaka ephakathi kuka-9 no-13, uhlanganyela eqenjini okukhulunywa kulo isiLingala. Uyachaza: “Senza isinqumo sokutadisha ndawonye senze nokukhulekela komkhaya nezingane ngolimi lwethu lomdabu. Siphinde siprakthize futhi sidlale imidlalo ngesiLingala ukuze izingane zikwazi ukufunda lolu limi ngesikhathi kudlalwa.”

Yenza umzamo wokufunda ulimi lwendawo nokuhlanganyela emihlanganweni (Bheka izigaba 16, 17)

17 UKevin, ubaba wamantombazane amabili, aneminyaka engu-5 nengu-8, uye wathatha izinyathelo ukuze awasize njengoba engaluqondi ulimi olusetshenziswa emihlanganweni. Uyachaza: “Mina nomkami siba nesifundo somuntu siqu kanye namantombazane ethu womabili ngesiFulentshi, ulimi aluncela ebeleni. Siphinde sizibekele umgomo wokuya emhlanganweni wesiFulentshi kanye ngenyanga, kanti ngesikhathi sethu sokungcebeleka siya emihlanganweni emikhulu eqhutshwa ngolimi lwethu lomdabu.”

18. (a) Yisiphi isimiso esitholakala kweyabaseRoma 15:1, 2 esingakusiza unqume lokho okuzozizuzisa kangcono izingane zakho? (b) Yikuphi ukusikisela okunikezwa abanye abazali? (Bheka umbhalo osekugcineni.)

18 Yiqiniso, kuxhomeke emndenini ngamunye ukunquma ukuthi yini eyozuzisa kakhulu ingokomoya lezingane. [2] (Gal. 6:5) UMuriel, ocashunwe ngenhla, uyavuma ukuthi yena nomyeni wakhe kwadingeka bayeke ukwenza lokho abakuthandayo ukuze kuzuze indodana yabo ngokomoya. (Funda eyabaseRoma 15:1, 2.) Lapho ebheka emuva, uSerge ucabanga ukuthi benza isinqumo esifanele. Uthi: “Kusukela sabuyela ebandleni okukhulunywa kulo isiFulentshi, indodana yethu yathuthuka kahle kakhulu ngokomoya futhi yabhapathizwa. Manje ikhonza njengephayona elivamile. Useyakucabangela nokubuyela eqenjini okukhulunywa kulo olunye ulimi!”

VUMELA IZWI LIKANKULUNKULU LITHINTE INHLIZIYO YAKHO

19, 20. Singalubonisa kanjani uthando lwethu ngeZwi likaNkulunkulu?

19 Ngothando lwakhe, uJehova uye wenza iZwi lakhe, iBhayibheli, latholakala ngezilimi eziningi ukuze “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thim. 2:4) Uyazi ukuthi abantu bangasanelisa kangcono isidingo sabo esingokomoya lapho befunda imicabango yakhe ngolimi olubathinta inhliziyo.

20 Nokho, kungakhathaliseki ukuthi ziyini izimo zethu, kufanele sizimisele ukondla inhliziyo yethu ngokudla okungokomoya okuqinile. Ngokutadisha njalo imiBhalo ngolimi olusithinta inhliziyo, siyolondoloza ingokomoya lethu nelomndeni wethu futhi siyobonisa ukuthi siyawazisa amazwi kaNkulunkulu.​—IHu. 119:11.

^ [1] (isigaba 5) Amagama ashintshiwe.

^ [2] (isigaba 18) Ukuze uthole izingxoxo ngezimiso zeBhayibheli ezingasiza umndeni wakho, bheka isihloko esithi, “Ukukhulisa Izingane Kwelinye Izwe​—Izinselele Nemivuzo” esikuyi-Nqabayokulinda ka-October 15, 2002.