Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe ‘Uyakulonda Ukuhlakanipha Okusebenzayo’?

Ingabe ‘Uyakulonda Ukuhlakanipha Okusebenzayo’?

KUKHONA indaba emayelana nomfana owayehlala edolobhaneni elikude owayempofu. Becabanga ukuthi akahlakaniphile, abantu kulelo dolobha, babemhleka. Lapho kufika izivakashi, abantu bakuleyo ndawo babehlekisa ngaye phambi kwabangane babo. Babekhipha izinhlamvu zemali ezimbili, uhlamvu olukhulu lwesiliva kanye noluncane lwegolide olunenani eliphindwe kabili kunele siliva. Babe sebethi, “Khetha eyodwa oyifunayo.” Umfana wayekhetha uhlamvu lwesiliva bese ebaleka.

Ngolunye usuku, isivakashi sabuza umfana, “Awazi yini ukuthi uhlamvu lwegolide lunenani eliphindwe kabili kunele siliva?” Umfana omncane wamomotheka futhi wathi, “Yebo, ngiyazi.” Isivakashi sabe sesithi, “Pho kungani ukhetha uhlamvu lwesiliva?” Umfana wathi, “Uma uthatha uhlamvu lwegolide uzothola imali eningi! Kodwa, uma ngithatha uhlamvu lwegolide abantu bazoyeka ukudlala nami lomdlalo. Uyazi ukuthi sengithole izinhlamvu zesiliva eziningi kangakanani?” Umfana omncane kule ndaba wabonisa imfanelo abantu abadala abangazuza kuyo​—ukuhlakanipha okusebenzayo.

IBhayibheli lithi: “Londa ukuhlakanipha okusebenzayo kanye nekhono lokucabanga. Uma wenza kanjalo uyohamba ngokulondeka endleleni yakho, ngisho nonyawo lwakho ngeke luqhuzuke.” (IzAga 3:21, 23) Ngakho ukulondeka kwethu kuhilela ukwazi ukuthi kuyini “ukuhlakanipha okusebenzayo” nokuthi singakusebenzisa kanjani. Lokhu kusisiza ukuba sigweme ukukhubeka ngokomoya, sigcine ‘unyawo’ lwethu lugxilile.

KUYINI?

Ukuhlakanipha okusebenzayo akufani nolwazi nokuqonda. Umuntu onolwazi uqongelela ukwaziswa noma amaqiniso. Umuntu onokuqonda ukwazi ukubona ukuthi iqiniso elithile lihlobana kanjani nelinye. Umuntu onokuhlakanipha ukwazi ukuhlanganisa ulwazi nokuqonda futhi akwenze kusebenze ngokoqobo.

Ngokwesibonelo, ngesikhathi esifushane umuntu angakwazi ukufunda futhi aqonde incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Angaphendula kahle phakathi nesifundo sakhe seBhayibheli. Angaqala ukuya emihlanganweni yebandla futhi anikeze nezimpendulo ezinhle. Konke lokhu kungabonisa ukuthi uyathuthuka ngokomoya, kodwa ingabe kusho ukuthi usekuzuzile ukuhlakanipha? Akunjalo. Kungenzeka ukuthi uyashesha ukubamba izinto. Nokho lapho ephila ngokuvumelana neqiniso, esebenzisa ulwazi kanye nokuqonda ngendlela efanele, uqala ukuhlakanipha. Uma izinqumo zakhe ziletha imiphumela emihle, zibonisa ukuthi uyacabangisisa, kuba sobala ukuthi uye wabonisa ukuhlakanipha okusebenzayo.

UMathewu 7:24-27 ulandisa ngomfanekiso kaJesu wamadoda amabili azakhela izindlu. Enye yala madoda ichazwa ngokuthi, “ehlakaniphile.” Icabanga kusengaphambili ngalokho okwakungenzeka, leyo ndoda yakha indlu yayo phezu kwedwala. Yayibona izinto kusengaphambili futhi icabangisisa. Ayizange icabange ukuthi kushibhile futhi kuyashesha ukwakha indlu esihlabathini. Ngokuhlakanipha, yacabanga ngalokho okwakuyokwenzeka esikhathini esizayo. Ngakho lapho kufika isivunguvungu, indlu yayo yayiqinile. Umbuzo uwukuthi, Thina singayizuza futhi siyilonde kanjani le mfanelo ebalulekile yokuhlakanipha okusebenzayo?

NGINGAKUTHOLA KANJANI?

Okokuqala, phawula ukuthi uMika 6:9 uthi: “Umuntu onokuhlakanipha okusebenzayo uyolesaba igama [likaNkulunkulu].” Ukwesaba igama likaJehova kusho ukumhlonipha. Kusho ukuba nenhlonipho ejulile ngalokho igama lakhe elikumelelayo, okuhlanganisa izindinganiso zakhe. Ukuze uhloniphe othile, kudingeka wazi ukuthi ucabanga kanjani. Khona-ke uyokwazi ukumethemba futhi ufunde kuye, ulingise impumelelo yakhe. Uma sikhathazeka ngokuthi imiphumela yezenzo zethu iyobuthinta kanjani ubuhlobo bethu noJehova futhi uma sisekela izinqumo zethu ezindinganisweni zakhe, khona-ke siyobe sizuza ukuhlakanipha okusebenzayo.

Okwesibili, izAga 18:1 zithi: “Ozihlukanisayo uyozifunela isifiso sobugovu; uyophulukundlela aphambane nakho konke ukuhlakanipha okusebenzayo.” Uma singaqaphile, singazehlukanisa noJehova nabantu bakhe. Ukuze sigweme ukuzehlukanisa, kudingeka sichithe isikhathi nabanye abesaba igama likaNkulunkulu futhi bahloniphe izindinganiso zakhe. Sidinga ukuba seHholo LoMbuso uma kunokwenzeka, sizihlanganise njalo nebandla lobuKristu. Lapho sisemihlanganweni yebandla, kudingeka sivule izingqondo nezinhliziyo zethu futhi sivumele okushiwoyo kusithinte.

Ngaphezu kwalokho, lapho sithululela izinhliziyo zethu kuJehova ngomthandazo, siyosondela kuye. (IzAga 3:5, 6) Uma sivula izingqondo nezinhliziyo zethu lapho sifunda iBhayibheli nezincwadi esizithola enhlanganweni kaJehova, sikwazi ukubona amazwibela emiphumela yezenzo zethu bese senza ngendlela efanele. Kudingeka sivule nezinhliziyo zethu ukuze zamukele iseluleko esisinikezwa abazalwane abavuthiwe. (IzAga 19:20) Ngakho, kunokuba ‘siphambane nakho konke ukuhlakanipha okusebenzayo,’ siyoyiqinisa le mfanelo ebalulekile.

KUYOWUSIZA KANJANI UMNDENI WAMI?

Ukuhlakanipha okusebenzayo kungayilonda imindeni. Ngokwesibonelo, iBhayibheli linxusa inkosikazi ukuba ibe “nenhlonipho ejulile” ngomyeni wayo. (Efe. 5:33) Umyeni angayizuza kanjani inhlonipho ejulile? Uma eyifuna ngenkani noma ngokhahlo, uyothola imiphumela yesikhashana. Ukuze igweme ingxabano, inkosikazi yomyeni onjalo ingabonisa inhlonipho esesilinganisweni uma umyeni wayo ekhona. Nokho, ingabe iyomhlonipha uma engekho? Cishe lokho ngeke kwenzeke. Umyeni udinga ukucabangela lokho okuyoletha imiphumela ehlala njalo. Uma ebonisa izithelo zomoya, abe nothando nomusa, uyozuza inhlonipho ejulile yomkakhe. Kuyiqiniso, inkosikazi engumKristu kufanele ihloniphe umyeni wayo kungakhathaliseki ukuthi uyayifanelekela noma cha.​—Gal. 5:22, 23.

IBhayibheli liphinde lithi umyeni kufanele athande umkakhe. (Efe. 5:28, 33) Emzamweni wokulondoloza uthando lomyeni wayo, inkosikazi ingacabanga ukuthi kungcono ifihlele umyeni wayo izinto anelungelo lokuzazi. Kodwa, ingabe lokho kubonisa ukuhlakanipha okusebenzayo? Ngokuhamba kwesikhathi, lapho umyeni ethola lokho obekufihliwe, uzoba yini umphumela? Ingabe uyoyithanda kakhulu? Kunganzima. Kunalokho, uma ithola isikhathi esikahle sokuchaza izinto ezingathandeki ngomoya ozolile, cishe umyeni wayo uyokwazisa ukwethembeka kwayo. Umyeni uyoyithanda nakakhulu inkosikazi.

Indlela oqondisa ngayo izingane zakho namuhla iyothinta indlela enikhulumisana ngayo kusasa

Izingane kufanele zilalele abazali bazo futhi ziyalwe ngezindlela zikaJehova. (Efe. 6:1, 4) Ingabe lokhu kusho ukuthi abazali kufanele baqikelele ukuthi ingane inohide lwemithetho? Kuningi okuhilelekile ngaphezu kokuba ingane yazi nje imithetho yasekhaya noma isijeziso sokweqa umthetho. Umzali onokuhlakanipha okusebenzayo uyayisiza ingane yakhe ukuba iqonde ukuthi kungani kufanele ilalele.

Ngokwesibonelo, ake sithi ingane idelela umzali wayo. Ukukhuluma nayo ngokhahlo noma ukuyijezisa ngaso leso sikhathi kungase kuyiphoxe noma kuyiphoqe ukuba ithule. Nokho, kungenzeka ukuthi icasukile, okungabangela ukuba iqhele kubazali bayo.

Abazali abathuthukisa ukuhlakanipha okusebenzayo bayocabanga ngendlela abayala ngayo izingane zabo kanye nomphumela lokho okuyoba nawo esikhathini esizayo ezinganeni. Abazali akufanele basabele ngokushesha ezimweni ezibaphoxayo. Mhlawumbe ngasese, bangabonisana nengane ngomoya ozolile nangothando, bayichazele ukuthi uJehova ulindele ukuba ihloniphe abazali bayo ukuze izuze phakade. Ngakho lapho ingane ibonisa ukuthi iyabahlonipha abazali bayo, iyoqaphela ukuthi ihlonipha uJehova. (Efe. 6:2, 3) Le ndlela enomusa ingayithinta inhliziyo yengane. Iyokubona ukukhathalela okuqotho kwabazali bayo futhi inhlonipho ngabo iyokhula. Lokhu kuyovulela ingane ithuba lokuba icele usizo lapho ngokuhamba kwesikhathi kuvela izinto ezibalulekile.

Abanye abazali bangase bazizwe kabi ngokuzwisa ingane yabo ubuhlungu, ngakho bayakugwema ukuyilungisa. Nokho kuyokwenzekani lapho ingane ikhula? Ingabe iyomesaba uJehova futhi iqaphele ukuhlakanipha kokwamukela izindinganiso zikaNkulunkulu? Ingabe iyothambekela ekuvuleni ingqondo nenhliziyo ukuze ifundiswe uJehova noma iyozihlukanisa ngokomoya?​—IzAga 13:1; 29:21.

Umqophi onekhono ukuhlela kusengaphambili lokho azama ukukwenza. Akamane nje aqhephule amatshe bese ethemba ukuthi kuzophuma into enhle. Abazali abanokuhlakanipha okusebenzayo bachitha amahora befunda futhi besebenzisa izindinganiso zikaJehova, ngaleyo ndlela besaba igama lakhe. Ngokungazehlukanisi noJehova nenhlangano yakhe, bazuza ukuhlakanipha okusebenzayo futhi bakusebenzise ukuze baqinise imindeni yabo.

Nsuku zonke, senza izinqumo ezingathinta ukuphila kwethu isikhathi eside. Kunokusheshe uqhamuke nempendulo futhi wenze isinqumo ungacabanganga, kungani ungami futhi ucabange? Zindla ngalokho okuyokwenzeka esikhathini esizayo. Funa isiqondiso sikaJehova futhi usebenzise ukuhlakanipha kwaphezulu. Khona-ke siyolonda ukuhlakanipha okusebenzayo futhi kuyosinika ukuphila.​—IzAga 3:21, 22.