Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izwi Elaba Isikhuthazo!

Izwi Elaba Isikhuthazo!

“SIFAZANE.” Ngezinye izikhathi leyo kwakuyindlela uJesu ayekhuluma ngayo nabantu bobulili obuhlukile. Ngokwesibonelo, lapho elapha umuntu okhubazekile okwase kuphele iminyaka engu-18 eqhothile engakwazi ukuma aqonde, wathi: “Sifazane, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.” (Luka 13:10-13) UJesu wasebenzisa le ndlela yokukhuluma, okwakuyinkulumo eyayibhekwa njengehloniphisayo ngezikhathi zeBhayibheli, nalapho ekhuluma nonina. (Joh. 19:26; 20:13) Kodwa kwakukhona elinye igama elalenza okungaphezu kokuhloniphisa.

IBhayibheli lisebenzisa igama elinomusa nozwela lapho libhekisela kwabesifazane abathile. UJesu walisebenzisa lapho ekhuluma nowesifazane okwase kuphele iminyaka engu-12 ehlushwa umopho. Indlela lona wesifazane aya ngayo kuJesu yayingavumelani noMthetho kaNkulunkulu, owawuthi umuntu onesifo esasimphethe wayengahlanzekile. Abanye bangase bathi kwakufanele angazihlanganisi nabantu ngenxa yesifo sakhe. (Lev. 15:19-27) Kodwa wayeludinga ngempela usizo. Empeleni, “odokotela abaningi babemzwise ubuhlungu kaningi futhi esebenzise yonke ingcebo yakhe nokho engasizakalanga, kodwa kunalokho isimo sakhe sasibe sibi kakhulu.”​—Marku 5:25, 26.

Engabonwa, lona wesifazane waya esixukwini, esilandela ngemuva futhi wathinta umphetho wengubo kaJesu yangaphandle. Ngaso leso sikhathi umopho wakhe wanqamuka! Owesifazane wayethemba ukuthi ngeke abonwe, kodwa uJesu wabuza: “Ngubani lo ongithintile?” (Luka 8:45-47) Ezwa lokho, lona wesifazane wawa phambi kukaJesu ethukile futhi ethuthumela “wamtshela lonke iqiniso.”​—Marku 5:33.

Ukuze amenze akhululeke, ngomusa uJesu wathi kowesifazane: “Yima isibindi, ndodakazi.” (Math. 9:22) Izazi zeBhayibheli zithi amagama esiHebheru nawesiGreki asho ‘indodakazi,’ angasetshenziswa ngendlela engokomfanekiso ukuthi achaze “umusa nozwela.” UJesu waqhubeka wamqinisekisa ngokuthi athi: “Ukholo lwakho lukuphilisile. Hamba ngokuthula, uphile kahle ekuguleni kwakho okubi.”​—Marku 5:34.

“Ndodakazi.” Leyo kwakuyindlela umIsrayeli ocebile uBhowazi abiza ngayo umMowabikazi uRuthe. URuthe naye wayenesizathu sokuzenyeza ngenxa yokuthi wayekhothoza ibhali ezweni lendoda angayazi. UBhowazi wathi, “Uzwile, angithi, ndodakazi yami.” Wabe esekhuthaza uRuthe ukuba aqhubeke ekhothoza emasimini akhe. URuthe wawa phambi kukaBhowazi ubuso bubheke phansi futhi wabuza ukuthi kungani ebonisa isihambi umusa ongaka. UBhowazi waphendula ngokumqinisekisa: “Kubikwe ngokuphelele kimi konke okwenzile kunyokozala [umfelokazi uNawomi] . . . Kwangathi uJehova angayivuza indlela owenza ngayo.”​—Ruthe 2:8-12.

Yeka ukuthi uJesu noBhowazi bayizibonelo ezinhle kanjani kubadala abangamaKristu! Ngezinye izikhathi, abadala ababili bangase babonane nowesifazane ongumKristu odinga usizo olungokomBhalo nesikhuthazo. Ngemva kokufuna isiqondiso sikaJehova ngomthandazo nokulalela ngokucophelela lokho okushiwo udadewabo, abadala bayoba sethubeni elikahle lokumqinisa nokumduduza ngeZwi likaNkulunkulu.​—Roma 15:4.