Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Umsebenzi Mkhulu”

“Umsebenzi Mkhulu”

YISIKHATHI somhlangano obaluleke kakhulu eJerusalema. INkosi uDavide ibizele ndawonye wonke amakhosana, izikhulu zegceke namadoda anamandla. Balindele ngabomvu ukuzwa isimemezelo esikhethekile. UJehova unike indodana kaDavide uSolomoni umsebenzi wokwakha isakhiwo esibabazekayo esasizonikezelwa ekukhulekeleni uNkulunkulu weqiniso. Inkosi yakwa-Israyeli esikhulile ithole umklamo wesakhiwo ngokuphefumulelwa futhi iwunike uSolomoni. UDavide uthi, “Umsebenzi mkhulu; ngoba le nqaba akuyona eyomuntu kodwa ngekaJehova uNkulunkulu.”​—1 IziKr. 28:1, 2, 6, 11, 12; 29:1.

UDavide ube esebuza umbuzo: “Ubani ozinikela ngokuzithandela ukuba agcwalise isandla sakhe namuhla ngesipho sikaJehova?” (1 IziKr. 29:5) Ukube wawulapho, wawuyophendula kanjani? Ingabe wawuyoshukumiseleka ukuba usekele lo msebenzi omkhulu? Ama-Israyeli aqala ukusebenza. Ngempela, “abantu bajabula ngokunikela ngokuzithandela, ngoba benza iminikelo yokuzithandela kuJehova ngenhliziyo epheleleyo.”​—1 IziKr. 29:9.

Emakhulwini eminyaka kamuva, uJehova uye wahlela okuthile okungcono kakhulu kunethempeli. Umise ithempeli elikhulu elingokomoya, ilungiselelo elisiza abantu basondele kuye ngokumkhulekela ngesisekelo sesihlengo sikaJesu. (Heb. 9:11, 12) UJehova ubasiza kanjani abantu ukuba babuyisane naye namuhla? Ngomsebenzi wethu wokwenza abafundi. (Math. 28:19, 20) Ngenxa yalo msebenzi, unyaka ngamunye kuqhutshwa izigidi zezifundo zeBhayibheli, kubhapathizwa izinkulungwane zabafundi futhi kumiswa amakhulu amabandla.

Ukwanda okunjalo kubangela isidingo sokunyatheliswa kwezincwadi ezengeziwe ezisekelwe eBhayibhelini, ukwakhiwa nokunakekelwa kwamaHholo OMbuso nokuthola izindawo ezingasetshenziselwa imihlangano yesigodi neyesifunda. Awuvumi yini ukuthi umsebenzi wethu wokusakaza izindaba ezinhle mkhulu futhi uyazuzisa?—Math. 24:14.

Uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane kanye nokuphuthuma komsebenzi wokushumayela ngoMbuso kushukumisela abantu bakaNkulunkulu ‘ukuba bagcwalise izandla zabo ngesipho sikaJehova’ ngokwenza iminikelo yokuzithandela. Yeka ukuthi kujabulisa kanjani “ukudumisa uJehova ngezinto [zethu] zenani elikhulu,” nokubona indlela izimali ezisetshenziswa ngayo ngokwethembeka nangokuqonda ukuze kwenziwe umsebenzi omkhulu kunawo wonke emlandweni wesintu!—IzAga 3:9.