Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

EZIVELA EZINQOLOBANENI ZETHU

“Bamemezeli BoMbuso EBrithani​—Phaphamani!!”

“Bamemezeli BoMbuso EBrithani​—Phaphamani!!”

LESI kwakuyisicelo esiphuthumayo nesicacile: “Bamemezeli BoMbuso EBrithani​—Phaphamani!!” (Informant, * December 1937, uhlelo lwaseLondon) Lesi sihlokwana esivusa amadlingozi sanezela: “Eminyakeni Eyishumi Ayizange Ibe Khona Intuthuko Ephawulekayo.” Umbiko wenkonzo weminyaka eyishumi kusukela ngo-1928 kuya ku-1937, owawusekhasini lokuqala wakufakazela lokho.

INGABE AMAPHAYONA AYEMANINGI KAKHULU?

Yini eyabangela ukuba ukushisekela inkonzo yasensimini eBrithani kunciphe? Amabandla ayesabambelele endleleni endala yokwenza izinto. Ngaphezu kwalokho, igatsha lanquma ukuthi insimu ingasekela amaphayona angaba ngu-200 kuphela, ayesebenza ezindaweni ezicezile esikhundleni sokusebenza namabandla. Ngakho, igatsha latshela ababefuna ukuba amaphayona ukuthi insimu yaseBrithani ayisenaso isidingo samaphayona futhi yabakhuthaza ukuba bakhonze kwamanye amazwe eYurophu. Ngenxa yalokho, amaphayona amaningi ahamba eBrithani alibangisa emazweni afana neFrance yize ayelwazi kancane ulimi noma engalwazi nhlobo.

‘SIVUSWA EMAQANDENI’

Isihloko se-Informant ka-1937 sabeka umgomo oyinselele ngonyaka ka-1938: Amahora angu-1 000 000! Lo mgomo wawungafinyelelwa kalula uma abamemezeli besebenza amahora angu-15, amaphayona asebenze angu-110 enkonzweni njalo ngenyanga. Amacebiso ayehlanganisa ukuhlela amaqembu asensimini azosebenza amahora amahlanu ngosuku nokugxila ekwenzeni izimpindelo, ikakhulukazi phakathi nesonto kusihlwa.

Ngomfutho amaphayona ashisekayo agxila enkonzweni yasensimini

Abaningi bayithanda le ndlela entsha yokwenza inkonzo. “Indlunkulu yayisivusa emaqandeni, okuyinto iningi lethu elaliyilangazelela futhi ngokushesha kwaba nemiphumela emihle,” kukhumbula uHilda Padgett. * Udade E. F. Wallis wabika: “Icebiso lokusebenza amahora amahlanu ngosuku lalilihle kakhulu! Ayikho injabulo edlula eyokusebenzela iNkosi usuku lonke. . . .Sasibuya sikhathele kodwa sijabula. UStephen Miller osemusha wezwa umuzwa wokuphuthuma futhi wasabela kulesi sicelo. Wayefuna ukwenza lokho esenalo ithuba! Ukhumbula amaqembu ayehamba ngamabhayisikili, esebenza usuku lonke enkonzweni futhi ehlobo kusihlwa edlala izinkulumo eziqoshiwe. Ngentshiseko babehlanganyela ekumemezeleni ngezingqwembe futhi behambisa omagazini emgwaqweni.

I-Informant yaphinde yakhipha isicelo esisha: “Sidinga ibutho lamaphayona ayinkulungwane.” Umthetho omusha wensimu wabangela ukuba amaphayona asebenze namabandla akhonza kuwo, awasekele futhi awakhe. “Abazalwane abaningi babeqaphela ukuthi kudingeka baphayone,” kukhumbula uJoyce Ellis (ongowakwaBarber ngokuzalwa). Uthi, “Nakuba ngangineminyaka engu-13 ubudala ngaleso sikhathi, lokho kwakuyinto engangifuna ukuyenza; ngangifuna ukuphayona.” Wawufinyelela umgomo wakhe ngo-July 1940 eneminyaka engu-15. UPeter kamuva owaba umyeni kaJoyce wasizwa isicelo esithi “Phaphamani” futhi washukumiseleka ukuba “aqale ukucabanga ngokuphayona.” Ngo-June 1940, eneminyaka engu-17, wahamba ngebhayisikili amakhilomitha angu-105 eya eScarborough eyophayona khona.

UCyril noKitty Johnson benza okwakwenziwa amaphayona amaningi asemasha ayezidela. Banquma ukuthengisa umuzi wabo nezinto zabo ukuze basekele inkonzo yabo yesikhathi esigcwele. UCyril wayeka emsebenzini futhi ingakapheli inyanga base bekulungele ukuphayona. Uyakhumbula: “Sasiqiniseka ngalokhu. Sakwenza ngokuzithandela nangenjabulo.”

KUMISWA AMAKHAYA AMAPHAYONA

Njengoba inani lamaphayona lalanda kakhulu, abazalwane abaholayo bacabanga ngezindlela ezingokoqobo zokusekela leli butho elandayo. UJim Carr, owayekhonza njengenceku yesigodi (manje ebizwa ngombonisi wesigodi) ngo-1938 wasebenzisa icebiso lokumisa amakhaya amaphayona emadolobheni. Amaqembu amaphayona akhuthazwa ukuba ahlale futhi asebenze ndawonye, ngaleyo ndlela kwancishiswa izindleko. ESheffield, babeqashe umuzi omkhulu owawuzonakekelwa umzalwane oholayo. Ibandla elisendaweni lanikela ngezimali nangefenisha. UJim uyakhumbula: “Wonke umuntu wasiza ukuze siphumelele.” Kulowo muzi kwakuhlala amaphayona ayishumi asebenza kanzima, elandela isimiso esihle esingokomoya. “Kwakuxoxwa ngomBhalo wosuku njalo ekuseni lapho kudliwa,” futhi “amaphayona ayeya ensimini njalo ezindaweni ezihlukahlukene zedolobha.”

Ngobuningi amaphayona amasha ashumayela ensimini yaseBrithani

Abamemezeli namaphayona basabela kulesi sicelo, bawufinyelela umgomo wamahora angu-1 000 000 ngo-1938. Empeleni imibiko ibonisa ukwanda kuzo zonke izingxenye zenkonzo yasensimini. Eminyakeni emihlanu, inani labamemezeli baseBrithani lacishe laphindeka kathathu. Ukugxila enkonzweni yoMbuso okuvuselelwe, kwabaqinisa abantu bakaJehova ukuba babhekane neminyaka yempi enzima eyayisondela.

Namuhla, inani lamaphayona eBrithani liyaqhubeka landa njengoba impi kaNkulunkulu ye-Armagedoni isondela. Amaphayona aye afinyelela amanani aphakeme kule minyaka eyishumi edlule, ngo-October 2015 ayengu-13 224. La maphayona aqonda ngokuphelele ukuthi inkonzo yesikhathi esigcwele ingenye yezinto ezingcono kakhulu angazenza ekuphileni.

^ isig. 3 Kamuva yabizwa ngokuthi INkonzo Yethu YoMbuso.

^ isig. 8 INqabayokulinda ka-October 1, 1995, kk. 19-24, inendaba yokuphila kadade Padgett.