Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | ISIPHO SIKANKULUNKULU ESIYINGQAYIZIVELE INGABE UZOSAMUKELA?

Uzokubonisa Kanjani Ukwazisa Ngesipho SikaNkulunkulu Esiyingqayizivele?

Uzokubonisa Kanjani Ukwazisa Ngesipho SikaNkulunkulu Esiyingqayizivele?

“Uthando uKristu analo luyasiqhubezela . . . Wafela bonke ukuze labo abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele lowo owabafela.”—2 Korinte 5:14, 15.

ISIPHO esiyingqayizivele kufanele sisenze sifune ukumbonga lowo osiphe sona. UJesu waqokomisa isifundo esithile ngemva kokuba eselaphe amadoda ayishumi ayenesifo esiwohlozayo esasingelapheki. Enye yalawo madoda ayishumi “yabuyela emuva, ikhazimulisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu.” UJesu wathi: “Bonke abayishumi bahlanziwe, akunjalo? Pho, baphi abanye abayisishiyagalolunye?” (Luka 17:12-17) Siyini isifundo lapha? Singase sisheshe kakhulu ukukhohlwa yizenzo ezinhle abanye abasenzela zona!

Asikho isipho esingafaniswa noma esingalinganiswa nesihlengo. Sizedlula kude zonke izipho ezake zaba khona. Uma kunjalo, yini wena okufanele uyenze ukuze ubonise ukuthi uyakwazisa lokho uNkulunkulu akwenzele kona?

  • Mazi kahle uMuphi. Akuzenzakaleli ukuba isihlengo silethele abantu ukuphila okuphakade. Kunalokho, uJesu wathi kuNkulunkulu ngomthandazo: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Uma othile ekutshela ngendoda ethile eyasindisa ukuphila kwakho ngenkathi useyingane, ubungeke yini ufune ukwazi okwengeziwe ngaleyo ndoda nokuthi kungani yakusindisa ekufeni? UJehova uNkulunkulu, lowo owanikela ngesipho esisindisa ukuphila, isihlengo, ufuna ukuba wena umazi ukuthi ungubani ngesikhathi esifanayo usondelane naye. IBhayibheli liyasinxusa, “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.”—Jakobe 4:8.

  • Bonisa ukholo esihlengweni. “Obonisa ukholo eNdodaneni unokuphila okuphakade.” (Johane 3:36) Kusho ukuthini ukubonisa ukholo? Kusho ukwenza okuthile ukuze ubonise ukholo esihlengweni. (Jakobe 2:17) Kufanele wenzeni? Isipho kuba ngesakho kuphela uma usamukela. Ngakho kumele wenze okuthile ukuze usamukele isihlengo. Kanjani? Ngokufunda ngendlela uNkulunkulu afuna ukuba uphile ngayo futhi wenze ngokuvumelana nayo. * Thandaza kuNkulunkulu, umcele ukuba akuthethelele, akuphe nonembeza ohlanzekile. Impela, qiniseka ngokuthi uNkulunkulu wenze ukuba labo ababonisa ukholo emhlatshelweni wesihlengo bathole ikusasa elihle, eliwukuphila okuphakade okunokuthula, ukulondeka kanye nokwaneliseka!—Hebheru 11:1.

  • Yiba khona esikhumbuzweni sokufa kukaJesu. UJesu wamisa isenzakalo esenziwa minyaka yonke ukuze kukhunjulwe ilungiselelo lesihlengo. Ngokuphathelene nalesi senzakalo, uJesu wathi: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” (Luka 22:19) OFakazi BakaJehova bazobe bekhumbula ukufa kukaJesu ngoLwesibili, April 11, 2017, ngemva kokushona kwelanga. Lesi senzakalo sizothatha isikhathi esingaba yihora, kulelo hora kuyobe kunenkulumo echaza ngokubaluleka kokufa kukaJesu nangokuthi kuletha ziphi izibusiso manje nangesikhathi esizayo. Ngonyaka owedlule, abantu abayizigidi ezingu-20 emhlabeni wonke babekhona eSikhumbuzweni. Sikumema ngemfudumalo ukuba ube kanye nathi lapho sibonisa ukwazisa okukhulu ngesipho sikaNkulunkulu esiyingqayizivele.

^ isig. 7 Indlela engcono kakhulu yokumazi ngempela uNkulunkulu nokusondelana naye iwukutadisha iZwi lakhe, iBhayibheli. Cela omunye woFakazi BakaJehova ukuba akubonise indlela ongakwenza ngayo lokhu noma uvakashele ingosi yethu ethi, www.pr418.com/zu.