Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lithini IBhayibheli?

Lithini IBhayibheli?

Ingabe buyoke kube khona ubulungisa emhlabeni?

Ubungathini?

  • Yebo

  • Cha

  • Mhlawumbe

Okushiwo iBhayibheli

“Ngazi kahle ukuthi uJehova uyokhipha ilungelo elingokomthetho lohluphekile, isahlulelo sabampofu.” (IHubo 140:12) UMbuso kaNkulunkulu uyokwenza kube nobulungisa emhlabeni.

Yini enye esingayifunda eBhayibhelini?

  • UNkulunkulu uyabona ukuthi abukho ubulungisa emhlabeni futhi uzokulungisa lokho.—UmShumayeli 5:8.

  • UNkulunkulu uyoletha ukuthula nokulondeka emhlabeni.—Isaya 32:16-18.

Ingabe uNkulunkulu uyabandlulula?

Abanye bakholelwa ukuthi kunezinhlanga ezithile uNkulunkulu azibusisa ezinye waziqalekisa kuyilapho abanye bekholelwa ukuthi uNkulunkulu akabandlululi. Wena ucabangani?

Okushiwo iBhayibheli

“UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35) KuNkulunkulu, bonke abantu bayalingana.

Yini enye esingayifunda eBhayibhelini?

  • IBhayibheli ‘linezindaba ezinhle zazo zonke izizwe nezinhlanga nezilimi nabantu.’ —IsAmbulo 14:6.