Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | IZINGELOSI—ZIKHONA NGEMPELA YINI?

Iqiniso Ngezingelosi

Iqiniso Ngezingelosi

Ungathanda yini ukwazi iqiniso ngezingelosi—ukuthi zingobani, zaba khona kanjani nokuthi zenzani? Ayikho enye indawo engcono ongathola kuyo izimpendulo zaleyo mibuzo ngaphandle kwaseZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. (2 Thimothewu 3:16) Lithini iBhayibheli ngale ndaba?

  • Njengoba uNkulunkulu enguMoya, izingelosi nazo ziwumoya, azibonakali, ‘azinayo inyama namathambo.’ Izingelosi ezithembekile zihlala ezulwini futhi ziseduze noNkulunkulu.—Luka 24:39; Mathewu 18:10; Johane 4:24.

  • Ngezinye izikhathi izingelosi zazifika lapha emhlabeni zinemizimba yabantu, uma ziqeda ukwenza ezazikuthunywe uNkulunkulu zazishintsha zibe nemizimba yomoya, zibuyele ezulwini.—AbaHluleli 6:11-23; 13:15-20.

  • Nakuba iBhayibheli lichaza izingelosi ngokuthi zingamadoda, empeleni ayikho ingelosi yesilisa noma yesifazane. Azishadi futhi azibi nabantwana. Izingelosi bezilokhu zisezulwini, azikaze zizalwe emhlabeni bese ziya ezulwini. Zadalwa uNkulunkulu, yingakho iBhayibheli lizibiza ‘ngamadodana kaNkulunkulu weqiniso.’—Jobe 1:6; IHubo 148:2, 5.

  • IBhayibheli likhuluma “ngezilimi zabantu nezezingelosi,” okusitshela ukuthi izingelosi zinolimi ezilukhulumayo. Nakuba uNkulunkulu ayesebenzisa izingelosi ukuze akhulume nabantu, akafuni sizikhonze noma sithandaze kuzo.—1 Korinte 13:1; IsAmbulo 22:8, 9.

  • Kunezigidigidi zezingelosi.—Daniyeli 7:10; IsAmbulo 5:11.

  • Izingelosi ‘zinamandla amakhulu’ kunawethu futhi zihlakaniphe kakhulu kunathi. Zigijima ngesivinini esikhulu, esingeke sikwazi ngisho nokusicabanga.—IHubo 103:20; Daniyeli 9:20-23.

  • Nakuba zinamandla amakhulu, zikhona izinto ezingeke zikwazi ukuzenza futhi kukhona nezinye izinto ezingazazi.—Mathewu 24:36; 1 Petru 1:12.

  • Izingelosi zadalwa zaba nobuntu obuhle futhi zinenkululeko yokuzikhethela. Njengathi, zingakhetha ukwenza okulungile nokungalungile. Ngokudabukisayo, ezinye izingelosi zakhetha ukungamlaleli uNkulunkulu.—Jude 6.