Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isipho sikaNkulunkulu sesihlengo senza sikwazi ukuthola ukuphila okuphakade, ngakho siyisipho esizedlula zonke

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | YISIPHI ISIPHO ESIZEDLULA ZONKE?

Yisiphi Isipho Esizedlula Zonke?

Yisiphi Isipho Esizedlula Zonke?

“Zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele zivela phezulu, ngoba zehla zivela kuYise wezinkanyiso zasezulwini.” (Jakobe 1:17) Lo mBhalo usitshela ukuthi uBaba wethu osezulwini, uJehova uNkulunkulu, unomusa omkhulu. Kuzo zonke izipho uNkulunkulu azinikeze abantu, sisodwa kuphela esizedlula zonke. Yisiphi leso sipho? Amazwi kaJesu adumile asencwadini kaJohane 3:16 athi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.”

Isipho sikaNkulunkulu esiyiNdodana yakhe ezelwe yodwa sizedlula zonke izipho esiyoke sizithole, ngoba ngaso siyokwazi ukukhululeka ebugqilini besono, ukuguga kanye nokufa. (IHubo 51:5; Johane 8:34) Noma singazama kangakanani, ngeke sikwazi ukuzikhulula kulobo bugqila. Ngenxa yothando analo, uNkulunkulu wasinikeza lokho esikudingayo ukuze sikhululwe. Ngokunikela ngeNdodana yakhe ayidala yena ngokuqondile, uJesu Kristu, ukuze ibe isihlengo, uJehova uNkulunkulu wanikeza bonke abantu abalalelayo ithuba lokuthola ukuphila okuphakade. Siyini ngempela isihlengo? Kungani sasidingeka? Singazuza kanjani kuso?

Isihlengo inani elikhokhwayo ukuze kubuyiselwe okuthile obekulahlekile noma kukhululwe isiboshwa. IBhayibheli lisitshela ukuthi abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, babedalwe ngendlela yokuthi bangawenzi amaphutha, lokho kwakuzokwenza bakujabulele ukuphila phakade epharadesi emhlabeni bekanye nezingane zabo ababezozithola ngokuhamba kwesikhathi. (Genesise 1:26-28) Kuyadabukisa ukuthi akwenzekanga konke lokho ngoba bakhetha ukungamlaleli uNkulunkulu, ngaleyo ndlela baba yizoni. Kwenzekani ngemva kwalokho? IBhayibheli liyasitshela: “Ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.” (Roma 5:12) Kunokuba anikeze izingane zakhe ukuphila okungenazinkinga, u-Adamu wasinikeza isono kanye nokufa.

Ukuze kuthiwe into ethile ihlengiwe, kumelwe kukhokhwe inani elilingana nalokho okulahlekile. U-Adamu wona ngamabomu ngokungamlaleli uNkulunkulu, ngaleyo ndlela walahlekelwa ukuphila okungenazinkinga. IBhayibheli lithi lokho kwabangela ukuba izingane zika-Adamu zibe yizigqila zesono nokufa. Ukuze sikhululwe kulobo bugqila, kwadingeka ukuphila komuntu ongenasono, uJesu. (Roma 5:19; Efesu 1:7) Ukube uNkulunkulu wayengabathandi abantu wayengeke asikhokhele isihlengo ukuze sithole ukuphila okwalahlwa u-Adamu, ukuphila phakade epharadesi emhlabeni.—IsAmbulo 21:3-5.

Ukucabanga ngalokho okufezwa yilesi sipho sikaNkulunkulu, kwenza singangabazi ukuthi isihlengo, esenza sikwazi ukuthola ukuphila okuphakade, siyisipho esizedlula zonke. Ukuze sibone ukuthi kungani sithi lesi sipho sizedlula zonke, sizosebenzisa amaphuzu amane esixoxe ngawo esihlokweni esedlule asisizé sabona indlela yokwenza izipho zethu zibe ezingcono kakhulu.

Sanelisa isifiso sethu. Akekho umuntu ongakufisi ukuphila phakade. (UmShumayeli 3:11) Nakuba singenawo amandla okwanelisa leso sifiso, isihlengo sisinikeza ithuba lokuthola ukuphila okuphakade. IBhayibheli lithi: “Ngoba inkokhelo yesono ngukufa, kodwa isipho uNkulunkulu asinikezayo ngukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.”​—Roma 6:23.

Sanelisa isidingo sethu. Abantu babengeke bakwazi ukuzihlenga. IBhayibheli liyachaza: “Inani lokukhulula umphefumulo wabo liyigugu kakhulu kangangokuba liphelile kuze kube nini nanini.” (IHubo 49:8) Ngakho, sasidinga usizo lukaNkulunkulu ukuze sikhululwe ebugqilini besono nokufa. ‘Ngokusikhulula ngesihlengo esakhokhwa uKristu Jesu,’ uNkulunkulu wasinikeza lokho esasikudinga.​—Roma 3:23, 24.

Safika ngesikhathi esifanele. IBhayibheli lisitshela ukuthi: “Ngesikhathi siseyizoni, uKristu wasifela.” (Roma 5:8) Ngenxa yokuthi isihlengo sakhokhwa “ngesikhathi siseyizoni,” sisiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu uyasithanda nakuba siyizoni. Nakuba sisaphila nemiphumela yesono, isihlengo sisinika ithemba lesikhathi esizayo.

Sibonisa isizathu esihle sokupha. IBhayibheli lisitshela isizathu esenza uNkulunkulu wanikela ngeNdodana yakhe ukuba ibe yisihlengo: “Ngalokhu uthando lukaNkulunkulu lwaboniswa kithi, ngoba uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa ezweni ukuze sizuze ukuphila ngayo. Uthando lukulesi sici, akukhona ukuthi thina siye samthanda uNkulunkulu, kodwa ukuthi yena wasithanda.”​—1 Johane 4:9, 10.

Ungakubonisa kanjani ukubonga ngalesi sipho esizedlula zonke? Khumbula ukuthi amazwi kaJesu asencwadini kaJohane 3:16 abonisa ukuthi yilabo kuphela ‘ababonisa ukholo’ kuye abayosindiswa. IBhayibheli libonisa ukuthi ukholo “luwukulindelwa okuqinisekisiwe kwezinto ezithenjwayo.” (Hebheru 11:1) Ulwazi olunembile oluyokusiza ube nokholo olunjalo. Ngenxa yalesi sizathu sicela ukuba ufunde ngoJehova uNkulunkulu, okunguyena osiphe lesi ‘sipho esiphelele’ esizedlula zonke, futhi uthole lokho okufanele ukwenze ukuze ujabulele isibusiso esitholakala ngesihlengo sikaJesu, ukuphila phakade.

Konke lokhu ungakufunda ngokuhlola lokho okushiwo imiBhalo okutholakala ku-www.pr418.com/zu. OFakazi BakaJehova bangakujabulela ukukusiza. Siyaqiniseka ukuthi uma ufunda ngalesi sipho esizedlula zonke uyozuza, futhi uyoshukumiseleka ukuba uthi: “Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu!”​—Roma 7:25.