Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Uhola Abantu Bakhe

UJehova Uhola Abantu Bakhe

“UJehova uyokuhola njalo.”ISAYA 58:11.

IZINGOMA: 15222

1, 2. (a) Labo abaholayo koFakazi BakaJehova bahluke kanjani kulabo abaholayo kwezinye izinkolo? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko nakwesilandelayo?

“UBANI umholi wenu?” Lona umbuzo oFakazi BakaJehova abavame ukubuzwa wona. Akusimangazi lokho! Phela, emasontweni amaningi kuba nomuntu oyedwa oba umholi. Ngokuphambene nalokho, ngelikhulu iqholo sitshela labo ababuzayo ukuthi uMholi wethu akuyena umuntu ongaphelele. Kunalokho, siholwa uKristu ovusiwe, yena oholwa uYise, uJehova.—Math. 23:10.

2 Noma kunjalo, kuneqembu elisemhlabeni lamadoda ahola abantu bakaNkulunkulu namuhla—“inceku ethembekileyo neqondayo.” (Math. 24:45) Ngakho sazi kanjani ukuthi nguJehova ngempela osiholayo ngeNdodana yakhe esezulwini? Kulesi sihloko nakwesilandelayo, sizohlola indlela uJehova aye waqondisa ngayo abantu abathile ukuze bahole abantu bakhe phakathi nezinkulungwane zeminyaka edlule. Lezi zihloko zombili zizoxoxa ngezinto ezintathu ezinikeza ubufakazi bokuthi uJehova ubewaqondisa ngempela lawo madoda, zibonise ukuthi wayenguMholi, nokuthi usenguye uMholi wangempela wabantu bakhe.—Isaya 58:11.

UMOYA ONGCWELE WABANIKA AMANDLA

3. Yini eyasiza uMose wakwazi ukuhola ama-Israyeli?

3 Umoya ongcwele wanika abameleli bakaNkulunkulu amandla. Cabanga ngoMose, owanikwa isabelo sokuhola ama-Israyeli. Yini eyamsiza ukuze akwazi ukwenza leso sabelo esinzima? UJehova “wafaka kuye umoya waKhe ongcwele.” (Funda u-Isaya 63:11-14.) Ngokunika uMose amandla ngomoya wakhe ongcwele, uJehova waqhubeka ehola abantu baKhe.

4. Ama-Israyeli ayengabona kanjani ukuthi uMose wayenomoya kaNkulunkulu? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

4 Njengoba umoya ongcwele ungamandla angabonakali, ama-Israyeli ayengabona kanjani ukuthi wawusebenza kuMose? Umoya ongcwele wanika uMose amandla okwenza izimangaliso nawokumemezela igama likaNkulunkulu kuFaro. (Eks. 7:1-3) Umoya ongcwele waphinde wenza uMose waba nezimfanelo ezinhle njengothando, ubumnene nokubekezela okwamenza wakufanelekela ukuhola ama-Israyeli. Yeka indlela ayehluke ngayo kubaholi bezinye izizwe ababenokhahlo nobugovu! (Eks. 5:2, 6-9) Ubufakazi babusobala: UJehova wayekhethe uMose ukuba ahole abantu baKhe.

5. Chaza indlela uJehova asiza ngayo amanye amadoda angama-Israyeli ukuba ahole abantu bakhe.

5 Kamuva, umoya kaJehova wasiza amanye amadoda ayemisiwe ukuba ahole abantu bakhe. “UJoshuwa indodana kaNuni wayegcwele umoya wokuhlakanipha.” (Dut. 34:9) “Umoya kaJehova wagubuzela uGideyoni.” (AbaHl. 6:34) “Umoya kaJehova waqala ukusebenza phezu kukaDavide.” (1 Sam. 16:13) Wonke la madoda athembela emoyeni kaNkulunkulu ukuze uwasize futhi lowo moya wawanika amandla okwenza imisebenzi ayengeke akwazi ukuyenza ngamandla awo. (Josh. 11:16, 17; AbaHl. 7:7, 22; 1 Sam. 17:37, 50) Ngenxa yalokho, uJehova wathola udumo olumfanele ngaleyo misebenzi emikhulu.

6. Kungani uNkulunkulu ayefuna abantu bakhe bahloniphe abaholi bakwa-Israyeli?

6 Ubufakazi obusobala bokuthi lawo madoda ayeqhutshwa umoya ongcwele kwakufanele benze ama-Israyeli asabele kanjani? Lapho abantu bekhononda ngokuhola kukaMose, uJehova wabuza: “Kuyoze kube nini laba bantu bengangihloniphi?” (Num. 14:2, 11) Ngempela, uJehova wakhetha uMose, uJoshuwa, uGideyoni noDavide ukuba bamelele yena njengoMholi. Lapho abantu belalela lawo madoda, kwakufana nokuthi balandela uJehova njengoMholi.

BABESIZWA IZINGELOSI

7. Izingelosi zamsiza kanjani uMose?

7 Izingelosi zasiza abameleli bakaNkulunkulu. (Funda amaHebheru 1:7, 14.) UJehova wathuma izingelosi ukuba ziyale, ziqeqeshe futhi ziqondise uMose. UNkulunkulu wathuma uMose “njengombusi nanjengomkhululi ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni somunga.” (IzE. 7:35) UJehova ‘wawudlulisela ngezingelosi’ umthetho owasetshenziswa uMose ukuze ayale ama-Israyeli. (Gal. 3:19) UJehova wathi kuye: “Bahole abantu ubayise endaweni engikhulume ngayo kuwe. Bheka! Ingelosi yami izohamba phambi kwakho.” (Eks. 32:34) IBhayibheli alisho ukuthi ama-Israyeli ayibona ngokoqobo ingelosi yenza leyo misebenzi. Noma kunjalo, indlela uMose ayala naqondisa ngayo abantu yenza kwaba sobala ukuthi wayesizwa ingelosi.

8. Izingelosi zamsiza kanjani uJoshuwa noHezekiya?

8 Ngemva kokufa kukaMose, uJoshuwa, owangena esikhundleni sakhe, waqiniswa ‘isikhulu sebutho likaJehova’ ukuze ahole abantu bakaNkulunkulu ngokumelene namaKhanani; futhi ama-Israyeli ayinqoba leyo mpi. (Josh. 5:13-15; 6:2, 21) Kamuva, iNkosi uHezekiya yabhekana nebutho elikhulu elinamandla lase-Asiriya elalifuna ukuhlasela iJerusalema. Ngobusuku obubodwa nje vó, “ingelosi kaJehova yaphuma yabulala abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu.”—2 AmaKh. 19:35.

9. Ingabe ukungapheleli kwabameleli bakaNkulunkulu kwanika ama-Israyeli inkululeko yokungakulandeli ukuhola kwabo? Chaza.

9 Nakuba izingelosi ziphelele, abantu ezabasiza babengaphelele. Ngesinye isikhathi uMose wehluleka ukungcwelisa uJehova. (Num. 20:12) UJoshuwa akazange asifune isiqondiso sikaJehova ngaphambi kokwenza isivumelwano nabaseGibheyoni. (Josh. 9:14, 15) Okwesikhashana, “inhliziyo [kaHezekiya] yazidla.” (2 IziKr. 32:25, 26) Noma kunjalo, nakuba la madoda ayengaphelele kwakulindeleke ukuba ama-Israyeli alandele ukuhola kwawo. UJehova wayewasekela la madoda ngezingelosi zakhe. Yebo, uJehova wayehola abantu bakhe.

BABEQONDISWA IZWI LIKANKULUNKULU

10. UMose waqondiswa kanjani uMthetho kaNkulunkulu?

10 IZwi likaNkulunkulu laqondisa abameleli bakhe. IBhayibheli libiza uMthetho owanikwa ama-Israyeli ngokuthi ‘uMthetho kaMose.’ (1 AmaKh. 2:3) Noma kunjalo, imiBhalo ibonisa ukuthi uJehova onguMniki-mthetho futhi uMose kwakudingeka awuthobele. (2 IziKr. 34:14) Ngemva kokuba uJehova esemnike iziqondiso zokuthi alakhe kanjani itabernakele, “uMose wenza ngokuvumelana nakho konke uJehova ayemyale ngakho. Wenza kanjalo nje.”—Eks. 40:1-16.

11, 12. (a) Yini okwakudingeka ukuba yenziwe uJoshuwa namanye amakhosi ayebusa abantu bakaNkulunkulu? (b) IZwi likaNkulunkulu labathinta kanjani abaholi babantu bakaNkulunkulu?

11 Kusukela lapho eqala ukuba umholi, uJoshuwa wayeneZwi likaNkulunkulu elilotshiwe. Watshelwa lokhu: ‘Kumelwe ulifunde ngezwi eliphansi ubusuku nemini, ukuze uqaphele ukwenza ngokuvumelana nakho konke okulotshwe kulo.’ (Josh. 1:8) Kamuva, amakhosi ayebusa abantu bakaNkulunkulu enza okufanayo. Ayenesibopho sokufunda uMthetho nsuku zonke, awukopishe bese egcina “wonke amazwi alo mthetho nalezi ziqondiso ngokuzenza.”—Funda uDuteronomi 17:18-20.

12 IZwi likaNkulunkulu lawathinta kanjani amadoda ayehola? Cabanga ngesibonelo seNkosi uJosiya. Ngemva kokutholwa kombhalo owawuqukethe uMthetho kaMose, unobhala kaJosiya waqala ukumfundela wona. * Inkosi yasabela kanjani? “Kwathi nje lapho inkosi izwa amazwi ale ncwadi yomthetho, masinyane yaklebhula izingubo zayo.” Kodwa yenza okungaphezu kwalokho. Eqondiswa yiZwi likaNkulunkulu, uJosiya waqala umsebenzi omkhulu wokususa izithombe ezazikhulekelwa futhi wahlela ukugujwa kwePhasika okuyingqopha-mlando. (2 AmaKh. 22:11; 23:1-23) Ngenxa yokuthi uJosiya nabanye abaholi abathembekile babeqondiswa iZwi likaNkulunkulu, babekulungele ukulungisa nokucacisa isiqondiso ababesinikeze abantu bakaNkulunkulu. Lezo zinguquko zenza abantu bakaNkulunkulu endulo baphila ngokuvumelana nentando yakhe.

13. Yimuphi umehluko owawukhona phakathi kwabaholi babantu bakaNkulunkulu nabaholi bezizwe ezazingamkhulekeli uNkulunkulu?

13 Yeka indlela lawo makhosi athembekile ayehluke ngayo kubaholi bezinye izizwe, abantu ababeqondiswa ukuhlakanipha namacebo abantu! Ngaphansi kokuhola kwamaKhanani, abantu babenza izinto ezinyanyekayo ezazihlanganisa ukulalana kwezihlobo, ukulalana kwabantu bobulili obufanayo, ukulala nezilwane, ukwenza umhlatshelo ngezingane kanye nokukhulekela izithombe. (Lev. 18:6, 21-25) Ngaphezu kwalokho, abaholi baseBhabhiloni nabaseGibhithe babengazilandeli izinqubo zenhlanzeko ezifakazelwa ezesayensi uNkulunkulu ayezinikeze ama-Israyeli. (Num. 19:13) Ngokuphambene nalokho, abantu bakaNkulunkulu basendulo, babona indlela abaholi babo abathembekile abathuthukisa ngayo ukuhlanzeka ngokomoya, ngokokuziphatha nangokomzimba. Kusobala ukuthi babeholwa uJehova.

14. Kungani uJehova ajezisa abanye babaholi babantu bakhe?

14 Akuwona wonke amakhosi ayebusa abantu bakaNkulunkulu endulo ayelandela iziqondiso zikaNkulunkulu. Abaholi ababengamlaleli uJehova benqaba ukwamukela isiqondiso somoya ongcwele kaNkulunkulu, izingelosi zakhe neZwi lakhe. Ngezinye izikhathi, uJehova wayebajezisa noma abashintshe labo baholi. (1 Sam. 13:13, 14) Ngesikhathi sakhe esifanele, wamisa umholi owayezoba ngcono kakhulu kunabo bonke abaholi ayebasebenzisile esikhathini esidlule.

UJEHOVA UMISA UMHOLI OPHELELE

15. (a) Abaprofethi babonisa kanjani ukuthi kuza umholi okhethekile? (b) Wayengubani lo mholi okwaprofethwa ngaye?

15 Kwaphela amakhulu eminyaka uJehova eprofetha ngokumisa umholi okufanelekela ngendlela ekhethekile ukuhola abantu bakhe. UMose wathi kuma-Israyeli: “UJehova uNkulunkulu wakho uyokuvusela umprofethi onjengami, ovela phakathi kwakho, ovela kubafowenu—nguye okufanele nimlalele.” (Dut. 18:15) U-Isaya wabikezela ukuthi Lona wayeyoba “umholi nomyali.” (Isaya 55:4) UDaniyeli waphefumulelwa ukuba alobe ngokuza ‘kukaMesiya uMholi.’ (Dan. 9:25) Ekugcineni, uJesu Kristu wembula ukuthi yena ‘unguMholi’ wabantu bakaNkulunkulu. (Funda uMathewu 23:10.) Abafundi bakaJesu bamlandela ngokuzithandela futhi babeqiniseka ngokuthi ukhethwe uJehova. (Joh. 6:68, 69) Yini eyabenza baqiniseka ngokuthi uJesu Kristu nguye uJehova ahola ngaye abantu bakhe?

16. Yini eyanikeza ubufakazi bokuthi umoya ongcwele wanika uJesu amandla?

16 Umoya ongcwele wanika uJesu amandla. Ngesikhathi uJesu ebhapathizwa, uJohane umBhapathizi “wabona amazulu ehlukana phakathi, nomoya wehlela kuye njengejuba.” Ngemva kwalokho, “umoya wamqhubela ukuba aye ehlane.” (Marku 1:10-12) Phakathi nayo yonke inkonzo yakhe yasemhlabeni, umoya ongcwele wanika uJesu amandla okwenza izimangaliso nawokukhuluma ngegunya ayelinikwe uNkulunkulu. (IzE. 10:38) Ukwenezela kulokho, umoya ongcwele waveza izimfanelo eziphelele kuJesu, ezihlanganisa uthando, injabulo nokholo oluqinile. (Joh. 15:9; Heb. 12:2) Akekho omunye umholi owanikeza ubufakazi obunjalo obuqand’ ikhanda. UJesu wayekhethwe uJehova.

Izingelosi zamsiza kanjani uJesu ngokushesha nje ngemva kokubhapathizwa kwakhe? (Bheka isigaba 17)

17. Yini izingelosi ezayenza ukuze zisize uJesu?

17 Izingelosi zasiza uJesu. Ngokushesha nje ngemva kokubhapathizwa kukaJesu, “izingelosi zeza zamkhonza.” (Math. 4:11) Ngaphambi nje kokuba afe, “ingelosi evela ezulwini yabonakala kuye futhi yamqinisa.” (Luka 22:43) UJesu wayeqiniseka ngokuthi uJehova wayeyothumela ingelosi ukuba imsize noma nini lapho edinga usizo ukuze afeze intando kaNkulunkulu.—Math. 26:53.

18, 19. IZwi likaNkulunkulu lakuqondisa kanjani ukuphila kukaJesu nezimfundiso zakhe?

18 IZwi likaNkulunkulu laqondisa uJesu. Kusukela ekuqaleni kwenkonzo yakhe, uJesu wavumela imiBhalo ukuba imqondise. (Math. 4:4) Empeleni, ukulalela kwakhe iZwi likaNkulunkulu kwaze kwambangela nokuba avume ukubulwa ngokubethelwa esigxotshweni sokuhlushwa. Ngisho namazwi akhe okugcina ngaphambi kokuba afe ayenezingcaphuno zeziprofetho ngoMesiya. (Math. 27:46; Luka 23:46) Ngokuphambene nalokho, abaholi benkolo bangaleso sikhathi babengalinaki iZwi likaNkulunkulu uma liphikisana namasiko abo. Ecaphuna amazwi kaJehova awasho ngomprofethi u-Isaya, uJesu wathi ngabo: “Lesi sizwe singidumisa ngezindebe, kodwa inhliziyo yaso iqhelele kude nami. Siqhubeka singikhulekela ngeze, ngoba sifundisa imiyalo yabantu njengezimfundiso.” (Math. 15:7-9) Ingabe ngempela uJehova wayengakhetha enye yalawo madoda ukuba ihole abantu bakhe?

19 UJesu wavumela ukuba iZwi likaNkulunkulu lingagcini nje ngokuqondisa izenzo zakhe kodwa liqondise nezimfundiso zakhe. Lapho ephikiswa abezenkolo, akazange asebenzise ukuhlakanipha kwakhe noma ulwazi lwakhe olungenakuqhathaniswa. Kunalokho, wasebenzisa imiBhalo njengegunya eliphakeme. (Math. 22:33-40) Kunokuba elokhu exoxela izilaleli zakhe ngokuphila kwakhe kwasezulwini noma ukudalwa kwamazulu nomhlaba, ‘wavula izingqondo zazo ngokugcwele ukuze ziqonde okushiwo imiBhalo.’ (Luka 24:32, 45) UJesu wayelithanda iZwi likaNkulunkulu futhi wayekulangazelela ukuxoxela abanye ngalokho elukushoyo.

20. (a) UJesu wabonisa kanjani ukuthi uNkulunkulu ofanelwe udumo? (b) Umehluko phakathi kukaJesu noHerode Agripha I usifundisani ngendlela uJehova akhetha ngayo umholi?

20 Ngisho noma uJesu aqabula izilaleli zakhe “ngamazwi amnandi,” udumo walunika uMfundisi wakhe, uJehova. (Luka 4:22) Lapho indoda ecebile izama ukudumisa uJesu ngokumbiza ngokuthi, “Mfundisi Omuhle,” ngesizotha uJesu waphendula: “Kungani ungibiza ngokuthi ngimuhle? Akekho omuhle, ngaphandle koyedwa, uNkulunkulu.” (Marku 10:17, 18) Yeka umehluko omkhulu ophakathi kukaJesu noHerode Agripha I, owaba yinkosi noma umholi waseJudiya eminyakeni engaba ngu-8 kamuva! Emcimbini wasebukhosini, uHerode wagqoka “isembatho sobukhosi.” Isixuku esasimbuka samemeza: “Yizwi likankulunkulu, akulona elomuntu!” Kuyacaca ukuthi uHerode wayekuthanda ukudunyiswa. Kwabe sekwenzekani? “Ngaso leso sikhathi ingelosi kaJehova yamshaya, ngoba enganikanga uNkulunkulu inkazimulo; wadliwa izibungu wafa.” (IzE. 12:21-23) Ngokuqinisekile, akekho umuntu ocabanga kahle owayengaphetha ngokuthi uHerode wayekhethwe uJehova ukuba abe umholi. Ngakolunye uhlangothi, uJesu wanikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi umiswe uNkulunkulu futhi udumo wayehlale elunika uJehova njengoMholi Ophakeme wabantu bakhe.

21. Yini esizoxoxa ngayo esihlokweni esilandelayo?

21 Ukuhola kukaJesu kwakuzohlala njalo. Ngemva kokuvuswa kwakhe wathi: “Nginikwe lonke igunya ezulwini nasemhlabeni . . . Bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Math. 28:18-20) Kodwa njengesidalwa somoya esingabonakali ezulwini, uJesu wayengabahola kanjani abantu bakaNkulunkulu emhlabeni? Obani uJehova ayezobasebenzisa ukuze babe ngaphansi kokuhola kukaKristu futhi bahole abantu baKhe? AmaKristu ayezokwazi kanjani ukubona abameleli baKhe? Isihloko esilandelayo sixoxa ngezimpendulo zale mibuzo..

^ isig. 12 Kungenzeka lona kwakuwumbhalo wokuqala owabhalwa uMose.