Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Umphostoli uPawulu wabhala ukuthi uJehova ‘ngeke avumele ukuba silingwe ngokungaphezu kwalokho esingakuthwala.’ (1 Kor. 10:13) Ingabe lokhu kusho ukuthi uJehova uhlola kusengaphambili lokho esingakuthwala bese ekhetha izilingo esizobhekana nazo?

Cabanga ngalokho umbono onjalo ongase ukusho. Omunye umzalwane owayenendodana eyazibulala wabuza: ‘Ingabe uJehova wahlola kusengaphambili ukuthi mina nomkami siyokwazi yini ukukhuthazelela ubuhlungu bokushonelwa yindodana yethu? Ingabe uNkulunkulu wakuvumela ngenxa yokuthi wabona ukuthi siyokwazi ukukhuthazelela?’ Sikhona yini isizathu esizwakalayo esisenza sikholelwe ukuthi uJehova uhlela izinto ezenzeka ekuphileni kwethu ngaleyo ndlela?

Ukuhlolisisa amazwi kaPawulu alotshwe kweyoku-1 Korinte 10:13 kusenza siphethe ngokuthi: Asikho isizathu esingokomBhalo esenza sikholelwe ukuthi uJehova uhlola kusengaphambili lokho esingakuthwala bese ekhetha ukuthi yiziphi izilingo ezizosehlela. Ake sihlole izizathu ezine ezingasenza siphethe kanjalo.

Okokuqala, uJehova wanika abantu isipho senkululeko yokuzikhethela. Ufuna sizikhethele inkambo yokuphila. (Dut. 30:19, 20; Josh. 24:15) Uma sikhetha inkambo efanele, singalindela ukuba uJehova aqondise izinyathelo zethu. (IzAga 16:9) Kodwa uma sikhetha inkambo engafanele sizobhekana nemiphumela ebuhlungu. (Gal. 6:7) Ukube uJehova ubesikhethela izilingo ezizosehlela, lokho bekungeke yini kusho ukuthi usiphuca isipho senkululeko yokuzikhethela?

Okwesibili, uJehova akasivikeli esikhathini nasesenzakalweni esingalindelekile.’ (UmSh. 9:11) Izingozi ezihlasimulisayo—ezinemiphumela ebuhlungu—zingasehlela ngenxa yokuthi sisendaweni engafanele ngesikhathi esingafanele. UJesu wakhuluma ngenhlekelele eyehlela abantu abangu-18 abafa lapho umbhoshongo uwela phezu kwabo, wabe esechaza ukuthi leyo nhlekelele yayingeyona intando kaNkulunkulu. (Luka 13:1-5) Kunengqondo yini ukucabanga ukuthi uNkulunkulu anganquma kusengaphambili ukuthi ubani ozophila nozofa lapho sehlelwa izinto esingazilindele?

Okwesithathu, ngamunye wethu uhilelekile endabeni yobuqotho. Khumbula ukuthi uSathane wabekela labo abakhonza uJehova inselele yobuqotho, wathi ngeke sihlale siqotho kuJehova lapho sivivinywa. (Jobe 1:9-11; 2:4; IsAm. 12:10) Ukube uJehova ubesivikela ezilingweni ezithile anomuzwa wokuthi ngeke sikwazi ukuzithwala, bekungeke yini lokho kufakazele izinsolo zikaSathane zokuthi sikhonza uNkulunkulu ngenxa yobugovu?

Okwesine, akudingeki ukuba uJehova azi konke okwenzeka kithi kusengaphambili. Uma kuwukuthi uJehova ukhetha kusengaphambili ukuthi iziphi izilingo esizobhekana nazo, lokho kungasho ukuthi wazi yonke into ngekusasa lethu. Kodwa umbono onjalo awusekelwe emBhalweni. Ngokuqinisekile uNkulunkulu angakwazi ukubona ikusasa kusengaphambili. (Isaya 46:10) Kodwa iBhayibheli libonisa ukuthi uyazikhetha izinto afuna ukuzazi ngokuphathelene nekusasa. (Gen. 18:20, 21; 22:12) Ngaleyo ndlela ulisebenzisa ngokulinganisela ikhono lakhe lokwazi kusengaphambili, ehlonipha inkululeko yethu yokuzikhethela. Yilokho kanye esikulindele kuNkulunkulu ohlonipha inkululeko yethu futhi ohlale ebonisa izimfanelo zakhe ngendlela elinganiselayo.—Dut. 32:4; 2 Kor. 3:17.

Pho-ke, singawaqonda kanjani amazwi kaPawulu athi: “UNkulunkulu . . . ngeke akuvumele ukuba nilingwe ngokungaphezu kwalokho eningakuthwala”? Lapha uPawulu uchaza lokho uJehova akwenzayo ngesikhathi siviviywa, hhayi ngaphambi kokuvivinywa. * Amazwi omphostoli asiqinisekisa ngokuthi kungakhathaliseki ukuthi sibhekana novivinyo olunzima kanjani, uJehova uyosisekela uma nje sithembela kuye. (IHu. 55:22) Amazwi kaPawulu aduduzayo asekelwe emaqinisweni amabili abalulekile.

Okokuqala, izilingo esibhekana nazo ‘zivamile kubantu.’ Ngakho, izinto ezisehlelayo zivamile ekuphileni kwabantu. Izilingo ezinjalo singakwazi ukuzithwala—uma nje sincika kuNkulunkulu. (1 Pet. 5:8, 9) Uma sibheka umongo weyoku-1 Korinte 10:13, uPawulu ubhekisela ovivinyweni ama-Israyeli abhekana nalo ehlane. (1 Kor. 10:6-11) Awabhekananga novivinyo olungavamile kubantu noma olungaphezu kwamandla ama-Israyeli athembekile. UPawulu usho izikhathi ezine ukuthi “abanye kubo” babengalaleli. Ngokudabukisayo, amanye ama-Israyeli avumela ukunqotshwa izifiso ezimbi ngenxa yokuthi ahluleka ukuncika kuNkulunkulu.

Okwesibili, “uNkulunkulu uthembekile.” Umlando wendlela uNkulunkulu asebenzelana ngayo nabantu bakhe wembula ukuthi ubonisa uthando lwakhe oluqotho “kulabo abamthandayo nalabo abagcina imiyalo yakhe.” (Dut. 7:9) Umlando uphinde ubonise ukuthi uNkulunkulu uhlale ezigcina izithembiso zakhe. (Josh. 23:14) Uma behlola umlando wakhe wokwethembeka, labo abamthandayo nabamlalelayo bangaqiniseka ngokuthi uzosigcina isithembiso sakhe esikabili ngokuphathelene nezilingo abangase babhekane nazo: (1) Ngeke avumele noma isiphi isilingo sibe ngaphezu kwalokho abangakuthwala futhi (2) “Uyokwenza nendlela yokuphuma.”

UJehova “usiduduza osizini lwethu lonke”

UJehova ubenzela kanjani indlela yokuphuma labo abancika kuye lapho bebhekene nezilingo? Siyazi ukuthi uma bekuyintando yakhe ubengasisusa kalula leso isilingo. Kodwa khumbula amazwi kaPawulu: “[UJehova] uyokwenza nendlela yokuphuma ukuze nikwazi ukusikhuthazelela.” Yingakho izikhathi eziningi enza ‘indlela yokuphuma’ ngokusinika lokho esikudingayo ukuze sikwazi ukukhuthazelela izilingo ngokuphumelelayo. Cabanga ngezinye zezindlela uJehova angasenzela ngayo indlela yokuphuma:

  • “Usiduduza osizini lwethu lonke.” (2 Kor. 1:3, 4) UJehova angaduduza izingqondo zethu, izinhliziyo nemizwelo yethu ngeZwi lakhe, umoya wakhe ongcwele nangokudla okungokomoya okulungiselelwe inceku ethembekileyo.—Math. 24:45; Joh. 14:16, Roma 15:4.

  • Angasiqondisa ngomoya ongcwele. (Joh. 14:26) Lapho sibhekana nezilingo, umoya ungasisiza sikhumbule ukulandisa kweBhayibheli nezimiso zalo bese ngokuhlakanipha sithatha izinyathelo ezifanele.

  • Angasebenzisa izingelosi ukuze zisisize.—Heb. 1:14.

  • Angasebenzisa abakhulekeli esikanye nabo abangaba “usizo oluqinisayo” ngamazwi nangenzenzo.—Kol. 4:11.

Ngakho, singaphetha ngokuthi asho ukuthini ngempela amazwi kaPawulu akweyoku-1 Korinte 10:13? UJehova akasikhetheli izilingo esibhekana nazo. Kodwa lapho sibhekana nezilingo ekuphileni kwethu, singaqiniseka ngalokhu: Uma sithembela ngokuphelele kuJehova ngeke avumele izilingo zibe ngaphezu kwamandla omuntu ovamile; uyosenzela indlela yokuphuma ukuze sikwazi ukusikhuthazelela. Lokhu kuyaduduza ngempela!

^ isig. 2 Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “izilingo” lingasho “uvivinyo.”