Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDABA YOKUPHILA

Ngiye Ngazuza Ngokuhamba Nabahlakaniphile

Ngiye Ngazuza Ngokuhamba Nabahlakaniphile

NGOLUNYE USUKU ekuseni, libalele kamnandi eBrookings eSouth Dakota, e-U.S.A., ngezwa umoya ohlabayo. Lokho kwangikhumbuza ukuthi ubusika babusondela. Nokho kungase kukumangaze ukwazi ukuthi ngalo kanye lolo suku, mina nabanye abambalwa sasimi engobeni siqhaqhazela ngenxa yamakhaza. Sasimi phambi kukabhavu okuphuzela kuwo izilwane owawunamanzi abanda qá. Ake ngikuchazele umlando wami ukuze uqonde ukuthi sasenzani lapho.

NGESIKHATHI NGISEMNCANE

Umalume u-Alfred nobaba

Ngazalwa ngo-March 7, 1936, ngiyingane yokugcina ezinganeni ezine. Sasihlala epulazini elincane empumalanga yeSouth Dakota. Ukulima kwakuyinto ebalulekile emndenini wakithi kodwa kwakungeyona into ebaluleke kakhulu. Abazali bami babhapathizwa ngo-1934 baba oFakazi BakaJehova. Babezinikezele kuBaba wethu osezulwini uJehova, ngakho ukwenza intando kaNkulunkulu kwakuza kuqala ekuphileni kwabo. Ubaba, uClarence wakhonza njengenceku yebandla (manje eyaziwa ngokuthi umxhumanisi wendikimba yabadala) kamuva kwaba umalume u-Alfred owakhonza njengenceku yebandla, ebandleni lakithi elincane eConde, eSouth Dakota.

Ukuya emihlanganweni yebandla nokushumayela endlini ngendlu ngethemba lekusasa elimangalisayo eliseBhayibhelini kwakungenye yezinto esasizenza njalo njengomndeni. Isibonelo sabazali bami nendlela abasiqeqesha ngayo kwasithinta ngokujulile njengezingane. Mina nodadewethu uDorothy saba abamemezeli boMbuso sineminyaka eyisithupha. Ngo-1943, ngabhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini esasisanda kwenezelwa emihlanganweni yethu.

Ngiyaphayona ngo-1952

Imihlangano yesigodi neyesifunda yayibalulekile ekuphileni kwethu. UMfoweth’ uGrant Suiter owayeyisikhulumi esivakashile emhlanganweni wango-1949 eSioux Falls, eSouth Dakota. Ngisayikhumbula namanje inkulumo yakhe ethi, “Sekwephuze Kakhulu Kunalokho Okucabangayo!” Wagcizelela ukuthi wonke amaKristu azinikezele kudingeka asebenzise ukuphila kwawo ngokugcwele ememezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu omisiwe. Lokho kwangishukumisela ukuba ngizinikezele kuJehova. Emhlanganweni wesigodi owalandela, eBrookings, ngazithola ngimi engobeni ebandayo engikhulume ngayo ekuqaleni, ngilinde ukubhapathizwa. Ibhavu lensimbi okuphuzela kulo imfuyo laliyindawo mina nabanye abathathu esasizobhapathizelwa kuyo ngo-November 12, 1949.

Ngemva kwalokho ngenza inkonzo yokuphayona yaba umgomo wami. Ngaqala ukuphayona ngo-January 1, 1952 ngineminyaka engu-15. IBhayibheli lithi: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha,” futhi babebaningi abahlakaniphile emndenini wakithi abasekela isinqumo sami sokuphayona. (IzAga 13:20) Ngaphayona nomalume uJulius owayeneminyaka engu-60 ubudala. Ngisho noma ayemdala kakhulu kunami, saphayona kamnandi sobabili. Kuningi engakufunda ekuhlakanipheni kwakhe nakukho konke ayebhekene nakho. Ngokushesha uDorothy naye waba yiphayona.

UKUSIZWA ABABONISI BESIGODI

Lapho ngisemusha, abazali bami babemema ababonisi besigodi namakhosikazi abo ukuba bahlale nathi. Abantu abangisiza kakhulu uJesse noLynn Cantwell ababejikeleza ngaleso sikhathi. Ngokwezinga elithile, yibo abangenza nganquma ukungenela inkonzo yokuphayona. Ukunginaka kwabo kwangenza ngaba nesifiso sangempela sokuzibekela imigomo engokomoya. Lapho bekhonza amabandla aseduze nasekhaya, ngezinye izikhathi babengicela ukuba ngihambe nabo enkonzweni. Yeka indlela lokho okwangijabulisa nokwangikhuthaza ngayo!

Ngemva kwalokho isigodi sethu sakhonzwa uBud Miller nomkakhe uJoan. Ngaleso sikhathi ngangineminyaka engu-18 futhi kudingeka ngibuthelwe empini. Ibhodi langasekhaya elibuthela empini laqale langifaka ngaphansi kohlu olwangenza ngaba nomuzwa wokuthi ngangingqubuzana nomyalo uJesu awunika abalandeli bakhe wokungathathi hlangothi kwezombusazwe. Ngangifuna nokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso. (Joh. 15:19) Ngakho, ngafaka isicelo ebhodini sokubhekwa njengomfundisi.

Ngathinteka kakhulu lapho uMfoweth’ uMiller ethi uzongiphelezela lapho ibhodi liqula icala lami. Ngokwemvelo wayengeneka futhi engenalo uvalo. Yeka indlela okwangenza ngaba nesibindi ngayo ukusekelwa indoda enjalo engokomoya! Ngemva kokuqulwa kwalelo cala, ngasekupheleni kwehlobo lika-1954 ibhodi langibheka njengomfundisi. Lokho kwangivulela ithuba lokufinyelela omunye umgomo ongokomoya.

Ngisanda kufika eBethel, eduze kweloli yasepulazini

Phakathi naleso sikhathi, ngathola isimemo sokukhonza eBethel, ngaleso sikhathi eyayibizwa ngokuthi yi-Watchtower Farm, eStaten Island, eNew York. Ngaba nelungelo lokukhonza lapho iminyaka engaba mithathu. Lokho kwangenza ngahlangana nabantu abaningi abahlakaniphile futhi ngasebenza nabo saba nezikhathi eziningi ezimnandi.

INKONZO YASEBETHEL

Ngise-WBBR noMfoweth’ uFranz

Ipulazi elaliseStaten Island lalinesiteshi somsakazo i-WBBR. Kuleso siteshi kwakusakaza oFakazi BakaJehova kusukela ngo-1924 kuya ku-1957. Kwakusebenza amalungu omkhaya waseBethel angu-15 kuya kwangu-20 kuphela epulazini. Abaningi kithi babebasha futhi bengawazi kahle umsebenzi. Kodwa sasisebenza nomzalwane ogcotshiwe owayesekhulile u-Eldon Woodworth. Wazibonakalisa eyindoda ehlakaniphile ngempela. Indlela ayesinaka ngayo njengobaba yasenza sazinza ngokomoya. Lapho ngezinye izikhathi ukungapheleli kwabanye kubangela izinkinga, uMfoweth’ uWoodworth wayethi, “Kusihlaba umxhwele lokho iNkosi ekwazi ukukufeza yize abantu ebasebenzisayo bengaphelele.”

UHarry Peterson wayeyishisekela ngempela inkonzo

Saba nelungelo elikhethekile lokukhonza noMfoweth’ uFrederick W. Franz. Ukuhlakanipha kwakhe nolwazi lwakhe olujulile lwemiBhalo kwasikhuthaza kakhulu futhi wayenaka ngamunye kithi. Sasiphekelwa uHarry Peterson; kwakulula ukumbiza kanjalo kunokusebenzisa isibongo sakhe sangempela, uPapargyropoulos. Naye wayegcotshiwe futhi eyishisekela inkonzo. UMfoweth’ uPeterson wayewenza kahle umsebenzi wakhe eBethel, kodwa akazange ayidebeselele inkonzo yasensimini. Wayehambisa amakhulu omagazini bethu inyanga ngayinye. Wayephinde abe nolwazi olujulile lwemiBhalo, ephendula imibuzo eminingi esasimbuza yona.

UKUZUZA KODADE ABAHLAKANIPHILE

Imikhiqizo yasepulazini yayifakwa emathinini khona epulazini. Njalo ngonyaka kwakufakwa emathinini izithelo nemifino okungamalitha angu-42 600 okwakuzodliwa umkhaya waseBethel. Ngenxa yalokho, ngaba nelungelo lokukhonza no-Etta Huth, udade ohlakaniphe ngempela. Umsebenzi wakhe kwakuwukusichazela indlela esizofaka ngayo imikhiqizo emathinini. Phakathi nesikhathi sokufaka imikhiqizo emathinini, odade basendaweni babeza bezosisiza futhi u-Etta wayesiza ngokuhlela umsebenzi wabo. Ngisho noma u-Etta ayenza umsebenzi oyinhloko ekufakweni kwemikhiqizo emathinini, wayehlale ebeka isibonelo esihle sokuhlonipha abazalwane ababehola epulazini. Ngangimbheka njengesibonelo esihle sokuzithoba elungiselelweni lobunhloko.

Ngino-Angela no-Etta Huth

U-Angela Romano wayengomunye wodade abasebasha owayeza ukuzosiza lapho kufakwa imikhiqizo emathinini. Wasizwa u-Etta lapho amukela amaqiniso. Ngakho ngesikhathi ngikhonza eBethel ngahlangana nomunye udade ohlakaniphile osekuphele iminyaka engu-58 ngihamba naye. Mina no-Angie sashada ngo-April 1958 futhi siye sajabulela ukufeza izabelo eziningi ndawonye. Kuyo yonke le minyaka, ubuqotho buka-Angie kuJehova obungenakunyakaziswa buye baqinisa umshado wethu. Ngingamethemba ngokuphelele kungakhathaliseki ukuthi sibhekana nabuphi ubunzima.

UKUBA YISITHUNYWA SEVANGELI NOKUJIKELEZA

Lapho izakhiwo ze-WBBR ezaziseStaten Island zidayiswa ngo-1957, ngakhonza eBethel yaseBrooklyn isikhashana. Mina no-Angie sashada, sabe sesihamba eBethel saphayona iminyaka ecishe ibe mithathu eStaten Island. Okwesikhathi esithile ngasebenzela abanikazi abasha besiteshi sokusakaza esasesibizwa ngokuthi yi-WPOW.

Mina no-Angie sasizimisele ukugcina ukuphila kwethu kulula ukuze silungele ukukhonza nomaphi lapho sidingeka khona. Ngenxa yalokho, ngasekuqaleni kuka-1961 sasikulungele ukwamukela isabelo sokukhonza njengamaphayona akhethekile eFalls City, eNebraska. Akuphelanga isikhathi eside, samenyelwa eSikoleni Senkonzo SoMbuso, ngaleso sikhathi esasiba yinyanga eyodwa eSouth Lansing, eNew York. Sakujabulela esakufunda futhi sasizimisele ukukusebenzisa esabelweni sethu eNebraska. Kodwa samangala lapho sithola isabelo esisha sokukhonza njengezithunywa zevangeli eCambodia! Kuleli zwe elihle eliseNingizimu-mpumalanga ye-Asia sabona izindawo ezinhle kakhulu, salalela imisindo emnandi sahogela amaphunga ahluke ngokuphelele kulokho esasikujwayele. Sasikulangazelela ngempela ukusakaza izindaba ezinhle lapho.

Nokho, isimo sezombusazwe sashintsha futhi kwadingeka sithuthele eNingizimu yeVietnam. Ngokudabukisayo, ingakapheli iminyaka emibili ngaqala ukuhlushwa impilo, ngakho sanxuswa ukuba sibuyele ezweni lakithi. Ngangidinga isikhathi ukuze ngilulame, kodwa kwathi nje lapho ngiba ngcono saqhubeka nenkonzo yesikhathi esigcwele.

Ngino-Angela ngo-1975 ngaphambi kwengxoxo kuyithelevishini

Ngo-March 1965 saba nelungelo lokujikeleza sihambela amabandla. Kwaphela iminyaka engu-33 ngikhonza kanye no-Angie njengombonisi wesifunda nowesigodi futhi ngenza nomsebenzi wokulungiselela imihlangano emikhulu. Imihlangano bengilokhu ngiyithanda futhi kwakungijabulisa ukusiza ekulungiseleleni le mibuthano. Sakhonza iminyaka eminingana eNew York City futhi imihlangano yayiba seYankee Stadium.

UKUPHINDELA EBETHEL NASEZIKOLENI EZINGOKWASEZULWINI

Mina no-Angie sasilindelwe izabelo ezinzima nezimnandi njengoba kunjalo nangezikhonzi eziningi ezisenkonzweni yesikhathi esigcwele. Ngokwesibonelo, ngo-1995 ngacelwa ukuba ngifundise eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo. Ngemva kweminyaka emithathu samenyelwa eBethel. Ngakujabulela kakhulu ukuphindela lapho engaqala khona inkonzo yami eminyakeni engu-40 edlule. Okwesikhathi esithile ngasebenza eMnyangweni Wenkonzo futhi ngafundisa ezikoleni eziningana. Ngo-2007 iNdikimba Ebusayo yafaka izikole ezaziqhutshelwa eBethel ngaphansi koMnyango Wezikole Ezingokwasezulwini owawusanda kumiswa futhi ngaba nelungelo lokuwengamela iminyaka eminingana.

Muva nje siye sabona intuthuko enkulu ezikoleni ezingokwasezulwini. Ngo-2008 kwamiswa iSikole Sabadala Bebandla. Eminyakeni emibili eyalandela, abadala abangaphezu kuka-12 000 baqeqeshwa eBethel yasePatterson neyaseBrooklyn. Lesi sikole siyaqhubeka nakwezinye izindawo siqhutshwa abazalwane abaqeqeshelwe ukufundisa kuso. Ngo-2010 iSikole Sokuqeqeshelwa Inkonzo saqala ukubizwa ngokuthi iSikole SeBhayibheli Sabazalwane Abangashadile futhi kwamiswa isikole esisha, iSikole SeBhayibheli SemiBhangqwana EngamaKristu.

Kusukela ngonyaka wenkonzo ka-2015, lezi zikole zombili zahlanganiswa zakha iSikole Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso. Abafundi kulesi sikole kungaba abantu abashadile noma abazalwane nodade abangashadile. Abaningi emhlabeni bajabula lapho bezwa ukuthi lesi sikole sizoqhutshelwa emagatsheni amaningi. Kuyajabulisa ukubona ukuvuleka kwamathuba okuthola imfundo engokwasezulwini futhi ngiyajabula ngokuhlangana nabaningi abazenze batholakala ukuze baqeqeshwe.

Uma ngibheka emuva kusukela ngibhapathizwa kuleliya bhavu kuze kube manje, ngiyambonga uJehova ngabahlakaniphile abangisiza endleleni yeqiniso. Abanye babebadala kunami futhi abanye benesizinda esihlukile kwesami. Kodwa babengabantu abangokomoya. Uthando lwabo olujulile ngoJehova lwalubonakala ngezenzo nangendlela ababecabanga ngayo. Enhlanganweni yakhe, sinabahlakaniphile abaningi esingahamba nabo. Ngiye ngakwenza lokho futhi ngiye ngazuza ngempela.

Ngiyakujabulela ukuhlangana nabafundi abavela emazweni ahlukahlukene