Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yini Ezophela Lapho Kufika UMbuso KaNkulunkulu?

Yini Ezophela Lapho Kufika UMbuso KaNkulunkulu?

“Izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.”—1 JOH. 2:17.

IZINGOMA: 134, 24

1, 2. (a) Iyiphi indlela isimiso sezinto samanje esingase siqhathaniswe ngayo nesiboshwa esizobulawa? (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Izidalwa ezihlakaniphile ziyosabela kanjani lapho kubhujiswa lesi simiso sezinto?

“WENA UNGOFILEYO!” Kuzwakala lawo mazwi njengoba isigelekeqe esaziwayo sikhishwa esitokisini saso, kukhala nezicabha zensimbi ngemva kwaso. Kungani ojele besho into enjalo? Lesi sigelekeqe sibukeka siphilile; asinasifo esisongela ukuphila kwaso. Nokho, ojele basiholela egumbini esizobulawelwa kulo. Isigelekeqe kufana nokuthi sesifile. *

2 Ngomqondo ofanayo, isimiso sezinto sanamuhla sifana naleso sigelekeqe esizobulawa. Leli zwe elibi kade lahlulelwa futhi kungekudala lizobhujiswa. IBhayibheli lithi: “Izwe liyadlula.” (1 Joh. 2:17) Ukuphela kwalesi simiso kuqinisekisiwe. Nokho, kunomehluko ophawulekayo phakathi kokuphela kwalesi simiso nokubulawa kwesiboshwa. Lapho isiboshwa sizobulawa, abanye bangase baphikise leso sinqumo, bakhononde ngokuthi icala liqulwe ngendlela engenabulungisa benethemba lokuthi lingase lihlehliswe. Nokho, ngokuphathelene naleli zwe, isahlulelo sikhishwe uMbusi wendawo yonke onobulungisa obuphelele. (Dut. 32:4) Ngeke ihlehliswe imbubhiso futhi ngeke kube khona ngisho nokuncane ukungabaza ngokuthi liqulwe ngobulungisa yini icala. Ngemva kwembubhiso, zonke izidalwa ezihlakaniphile endaweni yonke ziyovuma ukuthi ubulungisa benziwe. Kuyoba nenjabulo enkulu!

3. Sizoxoxa ngaziphi izinto ezine ezizoshabalala lapho uMbuso kaNkulunkulu ufika?

3 Nokho, ‘izwe elidlulayo’ lihlanganisa ini? Izinto eziningi abantu namuhla abazibheka njengezihlala njalo ziyoshabalala. Ingabe lokhu kuyadabukisa? Lutho neze! Empeleni, lokhu kuyingxenye esemqoka ‘yezindaba ezinhle zoMbuso.’ (Math. 24:14) Ngakho ake sigxile kulokho okuzoshabalala lapho uMbuso kaNkulunkulu ufika. Sizoxoxa ngezinto ezine: abantu ababi, izinhlangano ezikhohlakele, izenzo ezimbi nezimo ezicindezelayo. Esimweni ngasinye sizohlola indlela (1) lezi zici zokuphila ezisithinta ngayo manje, (2) lokho uJehova azokwenza ngazo, (3) nendlela azoletha ngayo okuhle kakhulu esikhundleni sako.

ABANTU ABABI

4. Abantu ababi basithinta ngaziphi izindlela namuhla?

4 Abantu ababi basithinta kanjani namuhla? Ngemva kokubikezela ukuthi isikhathi esiphila kuso sasiyoba ‘nezikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,’ umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba abhale: “Ababi nabakhohlisi bayoqhubeka besuka kokubi baye kokubi kakhulu.” (2 Thim. 3:1-5, 13) Ingabe uye wakubona ukugcwaliseka kwala mazwi ayisiprofetho? Iningi lethu liye laba yizisulu zabantu ababi, njengeziqhwaga ezinobudlova, abantu abanobandlululo nezigebengu ezinonya. Abanye bakwenza ingcaca ububi, abanye bakwenza ngasese kuhle kwempisi imbethe isikhumba semvu. Ngisho noma abantu ababi bengasihlukumezi ngokuqondile, lokho abakwenzayo kuyasithinta. Sihlukumezeka kakhulu lapho sizwa ngezinto ezishaqisayo abazenzile. Indlela ababi abahlukumeza ngayo izingane, asebekhulile nabanye abangakwazi ukuzivikela, isethusa kakhulu. Abantu ababi abanabo ubuntu, babonisa umoya wobulwane ngisho nowobudemoni. (Jak. 3:15) Ngokujabulisayo, esikhundleni sokuletha izindaba ezinjalo ezimbi, iZwi likaJehova liletha izindaba ezinhle.

5. (a) Yiliphi ithuba elisavulekele abantu ababi? (b) Uyoba yini umphumela wabantu ababi abangafuni ukuphenduka?

5 Yini uJehova azoyenza? Njengamanje uJehova unika abantu ababi ithuba lokuphenduka. (Isaya 55:7) Okwamanje abantu ababi abakasitholi isahlulelo sabo sokugcina. Yilesi simiso esesahlulelwe. Kodwa kuthiwani ngalabo abangafuni ukushintsha, abaqhubeka besekela lesi simiso kuze kube yilapho kufika usizi olukhulu? UJehova uthembise ukubhubhisa abantu ababi emhlabeni bangaphinde babe khona. (Funda iHubo 37:10.) Ababi bangase bacabange ukuthi ngeke babhujiswe. Abaningi baye bafunda ukufihla abakwenzayo futhi kuleli zwe kuvamile ukuba baphunyuke bangabhekani nemiphumela yezenzo zabo. (Jobe 21:7, 9) Nokho iBhayibheli liyasikhumbuza: “Amehlo [kaNkulunkulu] asezindleleni zomuntu, futhi zonke izinyathelo zakhe uyazibona. Akukho bumnyama nathunzi elimnyama abangazifihla kukho labo abakwenza umkhuba okulimazayo.” (Jobe 34:21, 22) Ngeke sizifihle kuJehova uNkulunkulu. Akekho umzenzisi ongamkhohlisa; alikho ithunzi elimnyama noma elijulile esingacasha kulo elifihlekile emehlweni kaJehova obona ekujuleni kwenhliziyo. Ngakho ngemva kwe-Armagedoni lapho sibuka indawo yomubi, ngeke simbone. Uyobe engasekho—phakade!—IHu. 37:12-15.

6. Obani abayosala lapho ababi bengasekho futhi kungani kuyizindaba ezimnandi lezo?

6 Obani abayosala lapho ababi bengasekho? UJehova usinika lesi sithembiso esithinta inhliziyo: “Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.” Kulo leli hubo siphinde sifunde ukuthi: “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.” (IHu. 37:11, 29) Bangobani “abamnene” ‘nabalungile’? Abamnene yilabo ngokuthobeka abamukela izimfundiso nokuqondisa kukaJehova; abalungile yilabo abathanda ukwenza okulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu. Ezweni namuhla, abalungile bambalwa kakhulu uma beqhathaniswa nababi. Kodwa ezweni elisha elizayo, abamnene nabalungile ngeke babe mbalwa noma babe baningi, ngoba emhlabeni kuyobe kuphila bona bodwa. Ngempela, abantu abanjalo bayokwenza umhlaba ube ipharadesi!

IZINHLANGANO EZIKHOHLAKELE

7. Izinhlangano ezikhohlakele zisithinta kanjani namuhla?

7 Izinhlangano ezikhohlakele zisithinta kanjani namuhla? Ububi obuningi obenzeka emhlabeni bubangelwa izinhlangano hhayi abantu ngabanye. Ngokwesibonelo, cabanga ngezinhlangano zenkolo ezikhohlisa izigidi zabantu mayelana nokuthi unjani uNkulunkulu, ukunemba kweBhayibheli nekusasa lomhlaba nelesintu—kanye nezinye izinto eziningi ezingenakubalwa. Kuthiwani ngemibuso egqugquzela impi nodlame lobuhlanga, ecindezela abampofu nabangenakuzivikela, echuma ngokukhwabanisa nokukhohlakala? Kuthiwani ngezinhlangano ezinobugovu ezingcolisa imvelo, ziqede izinto ezimbiwa phansi futhi zicebise abambalwa ngokuphundla iningi? Ngokungangabazeki, izinhlangano ezikhohlakele ziyimbangela yosizi oluningi emhlabeni namuhla.

8. IBhayibheli lithi yini eyokwenzeka ezinhlanganweni ezibonakala zizinzile kubantu abaningi namuhla?

8 Yini uJehova azoyenza? Usizi olukhulu luyoqala lapho ezombusazwe ziphendukela zonke izinhlangano zenkolo yamanga ezimelelwa yisifebe esibizwa ngokuthi yiBhabhiloni Elikhulu. (IsAm. 17:1, 2, 16; 18:1-4) Lezo zinhlangano zenkolo ziyobhujiswa ngokuphelele. Nokho, kuzokwenzekani ngazo zonke ezinye izinhlangano ezikhohlakele? IBhayibheli lisebenzisa izintaba neziqhingi ukuze lifanekise izinhlangano eziningi ezibonakala zizinzile kubantu namuhla. (Funda isAmbulo 6:14.) IBhayibheli libikezela ukuthi ohulumeni nazo zonke izinhlangano ezibasekelayo zizosuswa ezindaweni zazo. Usizi olukhulu luzofinyelela umvuthwandaba walo ngokubhubhisa bonke ohulumeni ababusa leli zwe elidala, nabo bonke abantu abamelene noMbuso kaNkulunkulu. (Jer. 25:31-33) Ngemva kwalokho, ngeke ziphinde zibe khona izinhlangano ezikhohlakele!

9. Kungani singaqiniseka ngokuthi umhlaba omusha uyobe uhleleke kahle?

9 Yini ezoba sesikhundleni sezinhlangano ezikhohlakele? Ngemva kwe-Armagedoni, ingabe ikhona inhlangano eyosala la emhlabeni? IBhayibheli lithi: “Kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso sakhe, futhi kukho kuyohlala ukulunga.” (2 Pet. 3:13) Amazulu nomhlaba okukhona manje kanye nohulumeni abakhohlakele nabantu abababusayo konke lokhu ngeke kusaba khona. Yini ezoba khona esikhundleni sako? Inkulumo ethi “amazulu amasha nomhlaba omusha” isho ukuthi kuzoba khona uhulumeni omusha nomphakathi omusha wabantu emhlabeni ozobuswa yilowo hulumeni. UMbuso oyobuswa uJesu Kristu uyobubonisa ngokuphelele ubuntu bukaJehova uNkulunkulu, onguNkulunkulu wokuhleleka. (1 Kor. 14:33) Ngakho ‘umhlaba omusha’ uyobe uhlelekile. Kuyobe kunamadoda alungile ayobe enakekela izinto. (IHu. 45:16) Bayobe beqondiswa uKristu kanye nabangu-144 000 abayobe bebusa naye. Cabanga nje ngesikhathi lapho kunenhlangano eyodwa enobunye engenayo inkohlakalo esikhundleni sezinhlangano ezikhohlakele!

IZENZO EZIMBI

10. Yiziphi izenzo ezimbi ezikhona lapho uhlala khona, futhi wena nomndeni wakho zinithinta kanjani?

10 Izenzo ezimbi zisithinta kanjani namuhla? Izwe esiphila kulo ligcwele izenzo ezimbi. Ukuziphatha okubi, ukungathembeki nezenzo zonya ezinobudlova zigcwele yonke indawo. Abazali ngokukhethekile bayazikhandla ukuze bavikele izingane zabo kulobo bubi. Ezokuzijabulisa ziya ziba ompetha ekwenzeni izenzo ezimbi zikhange zibe zizenza inhlekisa izindinganiso zikaJehova zokulungile nokungalungile. (Isaya 5:20) AmaKristu eqiniso ayakugwema ukwenza kanjalo. Alwela ukuvikela ubuqotho bawo ezweni eligqugquzela ukululaza izindinganiso zikaJehova.

11. Yini esiyifunda esahlulelweni sikaJehova seSodoma neGomora?

11 Yini uJehova azoyenza ngezenzo ezimbi? Cabanga ngalokho akwenza ngenxa yezenzo ezimbi ezazenziwa eSodoma naseGomora. (Funda eyesi-2 Petru 2:6-8.) Indoda elungile uLoti yacindezelwa izenzo ezimbi ezazizungeze yona nomndeni wayo. Lapho uJehova eletha imbhubhiso kuleso sifunda, wayenza okungaphezu kokuqeda izenzo ezimbi. “[Wayebekela] abantu abangamhloniphi uNkulunkulu isibonelo sezinto ezizayo.” Njengoba nje uJehova aqeda konke ukuziphatha okubi esikhathini sikaLoti, nanamuhla uzoqeda izenzo ezimbi lapho ahlulela lesi simiso sezinto.

12. Yimiphi imisebenzi olangazelela ukuyenza lapho lesi simiso sezinto esidala sesidlulile?

12 Yini ezoba sesikhundleni sezenzo ezimbi? Umhlaba oyipharadesi uyobe ugcwele izenzo ezinhle. Cabanga ngomsebenzi othakazelisayo wokushintsha lo mhlaba ube ipharadesi noma wokwakha izindlu zethu nabathandekayo bethu. Cabanga nangesithembiso sokwamukela izigidi zabavusiwe futhi sibasize bafunde ngezindlela zikaJehova kanye nomlando wendlela asebenzelana ngayo nesintu. (Isaya 65:21, 22; IzE. 24:15) Siyokwenza imisebenzi eminingi ejabulisayo nedumisa uJehova!

IZIMO EZICINDEZELAYO

13. Yiziphi izimo ezicindezelayo ezikhona namuhla ezabangelwa ukuvukela kukaSathane, u-Adamu no-Eva?

13 Izimo ezicindezelayo zisithinta kanjani namuhla? Izimo ezicindezelayo emhlabeni zibangelwa abantu ababi, izinhlangano ezikhohlakele nezenzo ezimbi. Ubani kithi ongathi izimpi, ukuhlupheka noma ubandlululo alumthinti? Kuthiwani ngokugula nokufa? Zonke lezi zimo ziyasithinta. Ziyimiphumela yezihlubuki ezimbi ezintathu ezavukela uJehova okunguSathane, u-Adamu no-Eva. Akekho kithi ongayibalekela le nhlekelele eyabangelwa ukuvukela kwabo.

14. Yini uJehova azoyenza ngezimo ezicindezelayo? Nikeza isibonelo.

14 Yini uJehova azoyenza ngezimo ezicindezelayo? Cabanga ngezimpi. UJehova uthembisa ukuziqeda zingaphinde zibe khona. (Funda iHubo 46:8, 9.) Kuthiwani ngokugula? Nako uzokuqeda nya. (Isaya 33:24) Ukufa kona? UJehova uyokugwinya ukufa kuze kube phakade! (Isaya 25:8) Uyoqeda indlala. (IHu. 72:12-16) Uyokwenza okufanayo nangazo zonke izimo ezicindezelayo ezenza ukuphila kungajabulisi namuhla. Uyoqeda ngisho ‘nomoya’ omubi walesi simiso saleli zwe ngoba umoya osabalele kaSathane namademoni akhe uyobe ungasekho.—Efe. 2:2.

Cabanga ngomhlaba ongenazo izimpi, ukugula noma ukufa! (Bheka isigaba 15)

15. Yiziphi ezinye izinto eziyophela nya ngemva kwe-Armagedoni?

15 Ungawucabanga umhlaba ongenazo izimpi, ukugula noma ukufa? Cabanga nje—ingasekho imibutho yamasosha! Zingasekho izikhali noma izindawo zezikhumbuzo zempi. Sezingasekho izibhedlela, odokotela, abahlengikazi, imishwalense yempilo, amakhaza, abangcwabi, izimoto ezithutha izidumbu noma amathuna! Njengoba ubugebengu bungasekho ngeke zisaba khona izinkampani zezokuphepha, izinhlaba-mkhosi, imibutho yamaphoyisa mhlawumbe nezingidi nezihluthulelo kuyobe kungasekho. Cabanga ngokukhathazeka okuyobe kungasekho.

16, 17. (a) Iyiphi impumuzo eyotholwa yilabo abayosinda nge-Armagedoni? Fanekisa. (b) Singaqiniseka kanjani ngokuthi siyosinda lapho leli zwe selingasekho?

16 Kuyoba njani ukuphila lapho izimo ezicindezelayo sezingasekho? Akulula ukucabanga ngakho. Ngenxa yokuthi sesiphile kakhulu kuleli zwe kungenzeka asisaqapheli ukuthi izimo zalo zisicindezela kangakanani. Ngokufanayo, abantu abahlala eduze nesiteshi sezitimela esiphithizelayo kungenzeka abasawuqapheli umsindo wazo nalabo abahlala eduze kwendayo yokulahla udoti kungenzeka abasalizwa nephunga lawo. Yeka impumuzo oba nayo lapho ukhumbula ukuthi zonke lezi zimo ezicindezelayo ziyophela!

17 Yini eyosala esikhundleni sezinto ezisicindezelayo namuhla? IHubo 37:11 liyaphendula: “Bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.” Ingabe lawo mazwi awayithinti inhliziyo yakho? Yilokho uJehova akufunela kona. Ngakho, yenza konke ongakwenza ukuze uhlale useduze noJehova uNkulunkulu nenhlangano yakhe phakathi nalezi zinsuku zokugcina ezicindezelayo! Lazise ithemba lakho, zindla ngalo, lenze liphile engqondweni nasenhliziyweni yakho—xoxa ngalo ngokungazigodli! (1 Thim. 4:15, 16; 1 Pet. 3:15) Ngaleyo ndlela, ungaqiniseka ngokuthi ngeke ubhubhe naleli zwe elibi nelahlulelwe. Ngokuphambene nalokho, uyosinda—ube umqemane futhi ujabule—uphile phakade!

^ isig. 1 Lesi sigaba sichaza isiko lasejele elalivamile kwezinye izingxenye ze-United States eminyakeni eyedlule.