Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukusiza Ababaleki Ukuba ‘Bakhonze UJehova Ngenjabulo’

Ukusiza Ababaleki Ukuba ‘Bakhonze UJehova Ngenjabulo’

“UJehova Uqapha [Ababaleki].”​IHU. 146:9.

IZINGOMA: 84, 73

1, 2. (a) Iziphi izinselele abanye abafowethu nodadewethu ababhekana nazo? (b) Yimiphi imibuzo ephakamayo?

UMFOWETHU uLije uthi: “Ngesikhathi kuqubuka impi phakathi kwamaqembu athile eBurundu, mina nomndeni wakithi sasisemhlanganweni wesigodi. Sasibabona abantu bebaleka futhi bedubulana. Mina nabazali bami kanye nezingane zakithi ezingu-10 sabaleka sinezimpahla esasizigqokile kuphela. Abathile emndenini wakithi bagcina befikile ekamu lababaleki eMalawi, uhambo olungaphezu kwamakhilomitha angu-1,600. Thina abanye savele sadukelana.”

2 Emhlabeni wonke abantu ababaleka emazweni abo ngenxa yempi noma ngenxa yoshushiso, manje sebengaphezu kuka-65,000,000​—inani elikhulu elake latholakala. * Kulezi zigidi kukhona izinkulungwane zoFakazi BakaJehova. Abaningi baye bashonelwa futhi balahlekelwa cishe yikho konke abebe nakho. Yiziphi ezinye izinselele abanye abaye babhekana nazo? Singabasiza kanjani laba bafowethu nodadewethu ukuba ‘bakhonze uJehova ngenjabulo’ naphezu kwezinselele? (IHu. 100:2) Yini esingayenza lapho sishumayeza ababaleki abangakafundi ngoJehova?

UKUPHILA KOMBALEKI

3. UJesu nabanye abafundi bakhe baba kanjani ababaleki?

3 UJesu owayesemncane nabazali bakhe babalekela eGibhithe, ngemva kokuba ingelosi kaJehova ixwayise uJosefa ngokuthi iNkosi uHerode yayihlose ukubulala uJesu. Bahlala lapho kwaze kwashona uHerode. (Math. 2:13, 14, 19-21) Emashumini eminyaka kamuva, abafundi bakaJesu “bahlakazekela kuzo zonke izifunda zaseJudiya naseSamariya” ngenxa yoshushiso. (IzE. 8:1) UJesu wakubona kusengaphambili ukuthi abalandeli bakhe abaningi babeyophoqeleka ukuba babaleke lapho abahlala khona. Wathi: “Uma benishushisa komunye umuzi nibalekele komunye.” (Math. 10:23) Akulula neze ukubalekela kwenye indawo kungakhathaliseki ukuthi kungasiphi isizathu.

4, 5. Yiziphi izingozi eziba khona lapho ababaleki (a) bebaleka? (b) behlala emakamu?

4 Ababaleki bangase babe sengozini lapho bebaleka noma besemakamu ababaleki. Umfowabo kaLije omncane, uGad, uyakhumbula: “Kwaphela amasonto amaningi silokhu sihamba, sidlula izidumbu eziningi. Ngangineminyaka engu-12. Izinyawo zami zazivuvukele kangangokuthi ngatshela umndeni wakithi ukuthi ungishiye. Ubaba wayengazimisele ukungishiya kulezo zimpi, ngakho wangiphatha. Usuku nosuku sasithandaza futhi sithembela kuJehova, ngezinye izikhathi sasidla omango esasibathola endleleni.”​—Fil. 4: 12, 13.

5 Ngokuhamba kwesikhathi abaningi emndenini kaLije bahlala iminyaka emakamu ababaleki e-United Nations. Nokho, babengaphephile lapho. ULije manje osengumbonisi wesigodi uthi: “Abantu abaningi babengasebenzi. Babehleba, bephuza, begembula, bentshontsha futhi babeziphatha kabi. Ukuze oFakazi ababesemakamu bagweme amathonya amabi kwakudingeka bahlanganyele ngokugcwele emisebenzini yebandla. (Heb. 6: 11, 12; 10:24, 25) Ukuze bahlale benobuhlobo obuhle noNkulunkulu, basisebenzisa kahle isikhathi sabo, abaningi baba amaphayona. Bahlala benombono omuhle ngokukhumbula ukuthi njengohambo lwama-Israyeli lwasehlane, impilo yabo yasekamu ingeyesikhashana.​—2 Kor. 4:18.

UKUTHANDA ABABALEKI

6, 7. (a) Ukuthanda uNkulunkulu kwenza amaKristu ukuba enzeni ukuze asize abafowabo? (b) Nikeza isibonelo.

6 ‘Ukuthanda uNkulunkulu’ kusenza sithandane ikakhulukazi ezimweni ezinzima. (Funda eyoku-1 Johane 3: 17, 18.) Lapho indlala isongela amaKristu ahlala eJudiya ngekhulu lokuqala, amabandla awasiza. (IzE. 11:28, 29) Umphostoli uPawulu nomphostoli uPetru bakhuthaza amaKristu ukuba angenise izihambi. (Roma 12:13; 1 Pet. 4:9) Uma amaKristu kufanele amukele abafowabo abavakashile, kangakanani ke ngabakhulekeli abakanye nawo, labo ukuphila kwabo okusengozini noma abaye bashushiswa ngenxa yokholo lwabo?​—Funda izAga 3: 27. *

7 Muva nje, izinkulungwane zoFakazi BakaJehova​—amadoda, abesifazane nezingane—​ziye zaphoqeleka ukuba zibalekele izimpi noshushiso empumalanga ye-Ukraine. Ngokudabukisayo, abanye babo babulawa. Nokho, abaningi babo bamukelwa abafowabo abakhonza nabo kwezinye izindawo e-Ukraine futhi abanye bahlala noFakazi baseRussia. Kuwo womabili amazwe balondoloza ukungathathi hlangothi, ‘bengeyona ingxenye yezwe’ futhi baqhubeka ‘beshumayela izindaba ezinhle’ ngentshiseko.​—Joh. 15:19; IzE. 8:4.

UKUSIZA ABABALEKI UKUBA BAQINISE UKHOLO LWABO

8, 9. (a) Iziphi izinselele ababaleki abangase babhekane nazo kwelinye izwe? (b) Kungani kudingeka sibasize ngesineke?

8 Njengoba abathile bebalekela kwezinye izindawo ezisezweni labo, abanye abaningi baye baphoqeleka ukuba baphile kwamanye amazwe nabantu abahluke ngokuphelele kulabo ababajwayele. Ohulumeni bangase bahlele ukuba ababaleki bathole ukudla, izimpahla zokugqoka nendawo yokuhlala noma kunjalo bangase bangakutholi ukudla abakujwayele. Ababaleki abasuka emazweni ashisayo bangase bezwe amakhaza okokuqala ngqá futhi bavele bangazi ukuthi bawagqokele kanjani. Uma besuka emaphandleni bangase bangazi ukuthi zisebenza kanjani izinto zesimanje zasendlini ezisebenza ngogesi.

9 Kwezinye izindawo ohulumeni banezinhlelo ezisiza ababaleki bajwayelane nezimo zabo ezintsha. Nokho, ngokuvamile ngemva kwezinyanga ezimbalwa kungase kulindeleke ukuba ababaleki bazinakekele. Lolu shintsho lungaqeda amandla. Ake uzicabange uzama ukufunda ulimi olusha nokuzama ukujwayelana nemithetho emisha futhi ulindeleke ukuba uziphathe ngendlela ethile, ugcine isikhathi, ukhokhe izintela, ukhokhe izikweletu, uyise izingane esikoleni nokuziqeqesha​—konke ngesikhathi esisodwa! Ingabe ungabasiza ngesineke nangenhlonipho abafowethu nodadewethu ababhekene nalezo zinselele?​—Fil. 2:3, 4.

10. Singaluqinisa kanjani ukholo lwababaleki abasanda kufika? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

10 Ngaphezu kwalokho, ngezinye izikhathi iziphathimandla ziye zenza kwaba nzima ngabafowethu abangababaleki ukuba baxhumane nebandla. Ezinye izinhlangano ziye zabasabisa ngokuthi zizoyeka ukubasiza noma ngeke zibakhoselise abafowethu uma benqaba ukuthatha umsebenzi ozokwenza ukuthi baphuthe emihlanganweni. Abafowethu abambalwa baye banqontshwa yilokhu kucindezelwa ngenxa yokwesaba. Ngakho, kubalulekile ukuba sixhumane nabo ngokushesha abafowethu abangababaleki lapho befika. Kudingeka babone ukuthi siyabakhathalela. Usizo lwethu olungokoqobo nozwela kungaqinisa ukholo lwabo.​—IzAga 12:25; 17:17.

UKUSIZA ABABALEKI NGEZINTO ABAZIDINGAYO

11. (a) Yiziphi izinto eziyinhloko ababaleki abazidingayo? (b) Ababaleki bangabonisa kanjani ukuthi bayabonga?

11 Izinto eziyinhloko esingase sizinike abafowethu; ukudla, izimpahla zokugqoka noma ezinye izinto abazidingayo. * Ngisho noma kungaba izipho ezincane, njengokupha umfowethu uthayi, lokho kungasho lukhulu. Lapho ababaleki bebonga futhi bengafuni izinto ngenkani, benza labo ababasizayo bajabule. Yiqiniso ukuthi ukuphila impilo yokuphiwa ungabe usasebenza kungase kwehlise isithunzi sababaleki futhi kungase kulimaze ubuhlobo babo nabanye abafowabo. (2 Thes. 3:7-10) Nokho bayaludinga usizo.

Singabasiza kanjani abafowethu nodadewethu abangababaleki? (Bheka izigaba 11-13)

12, 13. (a) Singabasiza kanjani ababaleki? (b) Nikeza isibonelo.

12 Ukusiza ababaleki ngezinto abazidingayo akudingi imali eningi kodwa kudinga isikhathi sethu nokubakhathalela. Ngokwesibonelo singase sibabonise ukuthi bangazitholaphi izinto zokuhamba zomphakathi, indlela yokuthenga ukudla okunempilo kodwa okungabizi noma ukuthi bangawathola kanjani amathuluzi okusebenza​—njengomshini wokuthunga noma umshini wokugunda utshani—​ukuze bathole imali. Okubaluleke kakhulu, ungabasiza bahlanganyele ngokugcwele ebandleni labo elisha. Uma kungenzeka cela ukuhamba nabo ngemoto yakho uma niya emihlanganweni. Bachazele indlela abangasethula ngayo isigijimi soMbuso kubantu abasensimini yenu. Hamba nabo ensimini.

13 Lapho abasebasha abane abangababaleki befika kwelinye ibandla, abadala babafundisa ukushayela, ukubhala nge-computer nokubhala incwadi yesicelo somsebenzi kanye nokuhlela isikhathi sabo ukuze bakhonze uJehova ngokugcwele. (Gal. 6: 10) Ngokushesha, bonke baba amaphayona. Lokho kuqondiswa kanye nemizamo yabo yokuphishekela imigomo engokomoya kwabasiza baphumelela futhi bagwema ukugxila esimisweni sikaSathane.

14. (a) Yisiphi isilingo ababaleki okudingeka bamelane naso? (b) Nikeza isibonelo.

14 Njengawo wonke amaKristu, ababaleki kudingeka bagweme isilingo kanye nengcindezi yokudela ubuhlobo babo noNkulunkulu ukuze bathole izinto ezibonakalayo. * ULije ocashunwe ekuqaleni, nezingane zakubo bakhumbula izifundo zokholo ubaba wabo abafundisa zona ngisho nalapho sebebaleka. “Walahla izimpahla ezimbalwa esasingazidingi esasiziphethe elokhu ekhipha ngayinye. Eseqedile, waphakamisa isikhwama esingenalutho emoyizela wabe esethi: ‘Niyabona ke? Yilokhu kuphela enikudingayo!’”​—Funda eyoku-1 Thimothewu 6:8.

UKUNAKEKELA IZIDINGO EZIBALULEKE KAKHULU ZABABALEKI

15, 16. Singabasekela kanjani ababaleki (a) ekuqiniseni ubuhlobo babo noJehova? (b) ngokomzwelo?

15 Ababaleki badinga ukusekelwa ngokomzwelo nokuba sibasize baqinise ubuhlobo babo noJehova ngaphezu kokubasiza ngezinto ezibonakalayo. (Math. 4:4) Abadala bangabasiza ngokubatholela izincwadi ngolimi lwabo nangokubasiza baxhumane nabafowethu abakhuluma ulimi lwabo. Ababaleki abaningi baye bahlukana nezihlobo zabo abazikhonzile, umphakathi kanye namabandla. Kudingeka baluzwe uthando nozwela lukaJehova kumaKristu akanye nabo. Uma kungenjalo, bangase basondelane nezihlobo ezingakholwa noma abantu abavela emazweni abo abawaqondayo amasiko abo nezinto ababhekana nazo. (1 Kor. 15:33) Ngokwenza ababaleki bazizwe bamukelekile ebandleni, siba nelungelo lokuhlanganyela kanye noJehova ‘ekuqapheni ababaleki.’​—IHu. 146:9.

16 Njengoba kwenzeka kuJesu esemncane nasemndenini wakhe, ababaleki bangase bangakwazi ukubuyela emazweni abo uma ababashushisayo besaphethe. Ngaphezu kwalokho, njengoba uLije ephawula, “abazali abaningi ababona amalungu omndeni edlwengulwa futhi ebulawa abakucabangi nokukucabanga ukuphindela emuva nezingane zabo kuleyo ndawo yezigameko ezishaqisayo.” Ukuze basize labo abaye bahlukumezeka ngaleyo ndlela, abazalwane abasemazweni anababaleki kudingeka babe ‘nozwela, uthando lobuzalwane, ububele besisa futhi bathobeke.’ (1 Pet. 3:8) Ushushiso luye lwenza abathile abangababaleki ukuba bangakhululeki futhi babe namahloni okukhuluma ngezinto ezibuhlungu ababhekana nazo, ikakhulukazi phambi kwezingane zabo. Zibuze, ‘Ukube bengiyibo, bengingathanda ukuphathwa kanjani?’​—Math. 7:12.

UKUSHUMAYEZA ABABALEKI

17. Ukushumayeza ababaleki kubanikeza kanjani impumuzo?

17 Ababaleki abaningi bavela emazweni lapho umsebenzi wethu wokushumayela uvinjezelwe khona. Ngenxa yoFakazi abashisekayo emazweni amukela ababaleki, izinkulungwane zababaleki zizwa “izwi lombuso” okokuqala ngqá. (Math. 13:19, 23) Abaningi ‘abasindwayo’ bathola ukuqabuleka emihlanganweni yethu bese ngokushesha bevuma: “Ngempela uNkulunkulu uphakathi kwenu.”​—Math. 11:28-30; 1 Kor. 14:25.

18, 19. Singakubonisa kanjani ukuhlakanipha lapho sishumayeza ababaleki?

18 Labo abashumayeza ababaleki kudingeka ‘baqaphe’ futhi babe “nokuqonda.” (Math. 10:16; IzAga 22:3) Ngesineke lalelisisa izinto ezibakhathazayo kodwa ungakhulumi ngezombusazwe. Landela iziqondiso zehhovisi legatsha nezeziphathimandla zendawo; ungalokothi ubeke ukuphila kwakho nokwabanye engozini. Funda futhi uhloniphe izinkolo namasiko ababaleki. Ngokwesibonelo, abantu abavela kwamanye amazwe banemibono ehlukile mayelana nendlela yokugqoka efanelekile yabesifazane. Ngakho, lapho ushumayeza ababaleki, gqoka ngendlela ezokwenza ukuthi bangakhubeki ngokungenasidingo.

19 NjengomSamariya olungileyo emfanekisweni kaJesu, sifuna ukusiza abantu abahluphekayo kuhlanganisa nalabo abangebona oFakazi. (Luka 10:33-37) Indlela engcono yokukwenza lokhu ukukhuluma nabo ngezindaba ezinhle. Umdala oseye wasiza ababaleki abaningi uthi: “Kubalulekile ukusheshe sisho ngokucacile ukuthi singoFakazi BakaJehova nokuthi umgomo wethu oyinhloko ukubasiza bafunde ngoNkulunkulu hhayi ngezinto ezibonakayo. Uma kungenjalo, abanye bangazihlanganisa nathi ngoba befuna ukuzuza okuthile.”

IMIPHUMELA EJABULISAYO

20, 21. (a) Ukubonisa ababaleki uthando lobuKristu kuba namiphi imiphumela emihle? (b) Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

20 Ukubonisa uthando lobuKristu kubabaleki kuba nemiphumela emihle. Lapho kushona umyeni wakhe, udadewethu u-Alganesh wabaleka ngenxa yoshushiso e-Eritrea nezingane zakhe ezincane ezingu-6. Ngemva kohambo lwezinsuku ezingu-8 benqamula ogwadule, bagcina befikile eSudan. Uthi: “Abazalwane lapho basiphathisa okwezihlobo zabo, besinika ukudla, izimpahla zokugqoka, indawo yokuhlala besisiza nangezinto zokuhamba. Obani abanye abangamukela ababaleki emakhaya abo ngenxa nje yokuthi bakhonza uNkulunkulu oyedwa? OFakazi BakaJehova kuphela!”​—Funda uJohane 13:35.

21 Kuthiwani ngezingane eziningi ezifika nabazali bazo, abangababaleki nabathuthile? Esihlokweni esilandelayo, sizokhuluma ngendlela sonke esingabasiza ngayo bakhonze uJehova ngenjabulo.

^ isig. 2 Kulesi sihloko, sisebenzise igama elithi “ababaleki” lapho sibhekisela kulabo abaphoqeleka ukuba babaleke lapho abahlala khona​—baye kwelinye izwe noma baye kwenye indawo esezweni labo—​ngenxa yempi, ushushiso noma ngenxa yenhlekelele. Ngokwe-UNHCR (United Nations High Commissioner for Refugees), namuhla “oyedwa kubantu abangu-113” emhlabeni wonke uye “waphoqeleka ukuba abaleke lapho ahlala khona.”

^ isig. 6 Bheka INqabayokulinda ka-October 2016, kk. 8-12, isihloko esithi “Ningakukhohlwa Ukungenisa Izihambi.”

^ isig. 11 Ngokushesha nje lapho umfowethu noma udadewethu ongumbaleki efika, abadala kufanele balandele isiqondiso esisencwadini ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaNkulunkulu, isahluko 8, isigaba  30. Abadala bangaxhumana namabandla akwamanye amazwe ngokuthumela incwadi egatsheni labo, besebenzisa ingosi ethi jw.org. Phakathi naleso sikhathi, bangabuza imbuzo ngobuhlakani mayelana nebandla nenkonzo ukuze baqonde isimo esingokomoya sombaleki.

^ isig. 14 Bheka INqabayokulinda ka-April 15, 2014, kk. 17-​26, isihloko esithi “Akekho Ongakhonza Amakhosi Amabili” kanye nesithi “Yiba Nesibindi​—UJehova Ungumsizi Wakho!