Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yithande Ingcebo Oyiphiwe UNkulunkulu

Yithande Ingcebo Oyiphiwe UNkulunkulu

Lapho umcebo wenu ukhona, kulapho nezinhliziyo zenu ziyoba khona.” ​LUKA 12:34.

IZINGOMA: 153, 104

1, 2. (a) Jehova uye wasinika ziphi izinto ezintathu eziyingcebo? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

UJEHOVA unengcebo eningi kunawo wonke umuntu osemhlabeni nasezulwini. (1 IziKro. 29:11, 12) Ngenxa yokuthi unguBaba ophanayo, le ngcebo uyinikeza wonke umuntu oqaphela ukubaluleka kwayo. Ave sijabula ngokuthi uJehova uye wasinika le ngcebo, ehlanganisa (1) uMbuso kaNkulunkulu, (2) umsebenzi wokushumayela (3) namaqiniso abalulekile atholakala eBhayibhelini! Kodwa, uma singanakile, singayeka ukuyithanda le ngcebo bese sigcine sesiyishaya indiva. Ukuze sikwazi ukubambelela kuyo, kumelwe siyisebenzise kahle futhi njalo sivuselele uthando lwethu ngayo. UJesu wathi: “Lapho umcebo wenu ukhona, kulapho nezinhliziyo zenu ziyoba khona.”​—Luka 12:34.

2 Ake sixoxe ngokuthi singalujulisa futhi silugcine kanjani uthando nokwazisa ngoMbuso, umsebenzi wokushumayela namaqiniso. Njengoba sixoxa, yibe usuzindla ngendlela wena ongajulisa ngayo uthando lwakho ngale ngcebo.

UMBUSO KANKULUNKULU UNJENGEPARELE ELIYIGUGU

3. Umthengisi osemfanikisweni kaJesu wayezimisele ukwenzani ukuze athole iparele eliyigugu? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

3 Funda uMathewu 13:45, 46. UJesu wenza umfanekiso womthengisi owayefuna amaparele. Ngokungangabazeki, njengoba iminyaka ihamba umthengisi wayedayisa futhi ethenga amaparele amaningi. Kodwa manje wayesethole iparele elilodwa elihle kakhulu avele walithanda eqala nje ukulibona. Inkinga ukuthi ukuze akwazi ukulithenga kwakudingeka adayise konke ayenakho. Uyabona yini ukuthi lelo parele laliyigugu kangakanani kuye?

4. Uma sithanda uMbuso kaNkulunkulu njengoba nje umthengisi athanda iparele, siyokwenzani?

4 Yini esiyifundayo kule ndaba? Sifunda ukuthi uMbuso kaNkulunkulu ufana naleliya parele eliyigugu. Uma nathi siwuthanda njengoba nje umthengisi athanda lelo parele, sizozimisela ukulahla konke esinakho ngenxa yoMbuso kaNkulunkulu. (Funda uMarku 10:28-30.) Cabanga ngabantu ababili abenza kona kanye lokho.

5. UZakewu wabonisa kanjani ukuthi wayezimisele ukuthola uMbuso kaNkulunkulu?

5 UZakewu wayeqoqa intela futhi wayesecebe ngokuthatha izimali zabantu ngomkhonyovu. (Luka 19:1-9) Nokho lapho leyo ndoda engalungile izwa uJesu eshumayela ngoMbuso, yakuqaphela ukubaluleka kwalokho eyayikuzwa futhi ngokushesha yashintsha indlela eyayiphila ngayo. Yathi: “Bheka! Ingxenye yokungokwami, Nkosi, ngiyipha abampofu, futhi noma yini engayiphanga kunoma ubani ngokumbeka icala lamanga ngiyibuyisela iphindwe kane.” Wayezimisele ukulahla ingcebo yakhe ayeyithole ngokungafanele futhi wayeka ukuzifunela izinto ezibonakalayo.

6. Yiziphi izinguquko uRose azenza ngenxa yoMbuso kaNkulunkulu futhi kungani azenza?

6 Eminyakeni embalwa eyedlule, ngesikhathi othile esizombiza ngokuthi uRose ezwa isigijimi soMbuso, wayethandana nomunye umuntu wesifazane. Wayengumholi wenhlangano elwela amalungelo ezitabane. Njengoba uRose efunda iBhayibheli, wabona ukubaluleka kweqiniso loMbuso kaNkulunkulu. Wabona ukuthi kufanele enze izinguquko ezinkulu. (1 Kor. 6:9, 10) Uthando lwakhe lwamenza washiya isikhundla sakhe futhi wabe esemala ayethandana naye. URose wabhapathizwa ngo-2009 futhi ngemva konyaka waba yiphayona elivamile. Wayethanda uJehova noMbuso kaNkulunkulu ngaphezu kwezifiso zakhe zenyama.​—Marku 12:29, 30.

7. Yini okumelwe siyenze ukuze sihlale siwuthanda uMbuso kaNkulunkulu?

7 Akungatshazwa ukuthi abaningi bethu baye benza izinguquko ezishintsha ukuphila ngenxa yoMbuso kaNkulunkulu. (Roma 12:2) Noma kunjalo, kuningi okumelwe sikwenze. Kumelwe sihlale siqaphe izinto ezingapholisa uthando lwethu ngengcebo esiyiphiwe uNkulunkulu, njengokuthanda izinto ezibonakalayo noma izifiso zenyama. (IzAga 4:23; Math. 5:27-29) Ukuze uJehova asisize sihlale siwuthanda uMbuso waKhe, uye wasinika okunye okuyigugu.

UMSEBENZI WETHU WOKUSHUMAYELA

8. (a) Kungani umphostoli uPawulu athi umsebenzi wokushumayela ‘unjengengcebo ezitsheni zobumba’? (b) UPawulu wabonisa kanjani ukuthi uyawazisa umsebenzi wokushumayela?

8 Khumbula ukuthi uJesu usinike umsebenzi wokushumayela nokufundisa ngezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Math. 28:19, 20) Umphostoli uPawulu wakubona ukubaluleka komsebenzi wokushumayela. Wafanisa umsebenzi wokushumayela ‘nengcebo ezitsheni zobumba.’ (2 Kor. 4:7; 1 Thim. 1:12) Nakuba sinesono, izindaba esizishumayelayo zingabangela ukuba thina nabasilalelayo siphile phakade. Ngenxa yalolo lwazi uPawulu wathi: ‘Ngenza zonke izinto ngenxa yezindaba ezinhle, ukuze ngizihlanganyele nabanye.’ (1 Kor. 9:23) Ngenxa yokuthi uPawulu wayekuthanda ukushumayela wasebenza kanzima ukuze enze abafundi. (Funda eyabaseRoma 1:14, 15; eyesi-2 Thimothewu 4:2.) Lokho kwamsiza ukuba akhuthazelele ushushiso olunzima. (1 Thes. 2:2) Singabonisa kanjani ukuthi siyithanda njengaye inkonzo?

9. Iziphi ezinye izindlela esingabonisa ngazo ukuthi siyayazisa inkonzo?

9 Enye indlela uPawulu abonisa ngayo ukuthi uyayazisa inkonzo, kwakuwukusebenzisa wonke amathuba awatholayo ukuze ashumayele kwabanye. Nathi namuhla sishumayela endlini ngendlu nanoma yikuphi lapho sithola khona abantu, njengoba kwakwenza abaphostoli namaKristu angekhulu lokuqala. (IzE. 5:42; 20:20) Sihlale sifuna amathuba okuthuthukisa inkonzo yethu mhlawumbe ngokuba amaphayona asizayo noma avamile, kuye ngezimo zethu. Singase sifunde olunye ulimi, sithuthele kwelinye izwe noma kwenye indawo ezweni lethu.​—IzE. 16:9, 10.

10. Yiziphi izibusiso ezatholwa u-Irene ngenxa yokuzimisela ukushumayela?

10 Cabanga ngesibonelo sikadadewethu u-Irene, wase-United States. Wayefuna ukushumayela kubantu abakhuluma isiRashiya. Lapho eqala ukushumayeza abantu abakhuluma isiRashiya, kwakuneqembu labamemezeli abacishe babe ngu-20 eNew York City ngo-1993. Sekuphele iminyaka ecishe ibe ngu-20 eshumayela ngentshiseko kubantu abakhuluma lolu limi. U-Irene uyavuma: “Namanje angikakakwazi ukukhuluma kahle isiRashiya.” Noma kunjalo, uJehova uwubusisile umsebenzi wakhe kanye nowabanye abenza njengaye. Kunamabandla angu-6 esiRashiya eNew York City namuhla. Kwabhapathizwa abangu-15 kulabo u-Irene ayefunda nabo iBhayibheli. Abanye babo bakhonza eBethel, abanye bangamaphayona kanti abanye bangabadala. U-Irene uthi: “Lapho ngicabanga ngezinto ebengingase ngizenze ayikho ebingangijabulisa njengale.” Uyayazisa ngempela inkonzo yakhe!

Inkonzo iyigugu yini kuwe futhi ingabe lokho kuyabonakala endleleni osebenzisa ngayo isikhathi sakho isonto ngalinye? (Bheka izigaba 11, 12)

11. Ukuqhubeka sishumayela naphezu koshushiso kuletha miphi imiphumela emihle?

11 Uma siyithanda inkonzo yethu, sizolingisa umphostoli uPawulu ngokuqhubeka sishumayela naphezu kokuphikiswa. (IzE. 14:19-22) Phakathi nawo-1930 nasekuqaleni kwawo-1940, abafowethu base-United States babhekana noshushiso olunzima. Nokho baba nesibindi futhi baqhubeka bashumayela njengomphostoli uPawulu. Abafowethu balwa izimpi eziningi ezinkantolo ukuze bavikele ilungelo lethu lokushumayela. Ngo-1943, lapho uMfoweth’ Nathan H. Knorr ekhuluma ngecala elelinqotshwe eNkantolo Ephakeme yase-U.S., wathi: “Sinqobe ngenxa yokuzikhandla kwenu. Ukube abamemezeli bebengashumayeli, ngabe awekho amacala athethwa eNkantolo Ephakeme. Ngenxa yenu bamemezeli, abafowethu emhlabeni wonke bayaqhubeka beshumayela futhi ngeke baphele amandla ngenxa yoshushiso. Ekugcineni sinqobe ngenxa yesibindi sabantu bakaNkulunkulu.” Nakwamanye amazwe abafowethu babonise isibindi ngendlela efanayo futhi banqoba. Uma siyithanda ngempela inkonzo siyolunqoba ushushiso.

12. Yini ozimisele ukuyenza enkonzweni yakho?

12 Asisoze saneliswa ukubala amahora nje uma inkonzo yethu siyibheka njengengcebo evela kuJehova. Kunalokho, sizokwenza konke esingakwenza ukuze ‘sinikeze ubufakazi obuphelele ngezindaba ezinhle.’ (IzE. 20:24; 2 Thim. 4:5) Nokho sizobafundisani abantu? Ake sixoxe nangenye ingcebo esiyinikwa uNkulunkulu.

UMTAPO WETHU WAMAQINISO AMASHA

13, 14. Owani ‘umtapo’ uJesu ayekhuluma ngawo ku-Mathewu 13:52 futhi siwandisa kanjani?

13 Enye ingcebo esinayo inqolobane yethu yamaqiniso amasha. UJehova unguNkulunkulu weqiniso. (2 Sam. 7:28; IHu. 31:5) NjengoBaba ophanayo, usiza labo abamesabayo ukuba baqonde amaqiniso eBhayibheli. Kusukela siqala ngqa ukuzwa iqiniso, besilokhu sinethuba lokuqongelela ulwazi esiluthola eBhayibhelini, ezincwadini zethu, emihlanganweni yesifunda, eyesigodi neyebandla. Ngokuhamba kwesikhathi siye sakwazi ukuzakhela ‘umtapo’ wamaqiniso amasha namadala. (Funda uMathewu 13:52.) UJehova uzosisiza sikwazi ukuqongelela amaqiniso amasha ayigugu ‘emtapweni’ wethu, uma sifuna amaqiniso anjalo njengokungathi sifuna ingcebo efihliwe. (Funda izAga 2:4-7.) Sikwenza kanjani lokho?

14 Kumelwe sibe nomkhuba omuhle wokuziqhubela isifundo seBhayibheli futhi senze nocwaningo eZwini likaNkulunkulu nasezincwadi zethu. Lokhu kuzosisiza sithole amaqiniso amasha ngokomqondo wokuthi besingawazi. (Josh. 1:8, 9; IHu. 1:2, 3) INqabayokulinda yokuqala eyanyatheliswa ngoJuly 1879, yathi: Iqiniso, linjengembali encane esehlathini, “lizungezwe futhi licishe liminyaniswe ukukhula kokhula lwamaphutha. Uma ufuna ukulithola kumelwe uhlale uqaphile. . . . Uma ufuna libe ngelakho kumelwe ukhothame ukuze ulithole. Unganeliswa yimbali eyodwa yeqiniso. . . . Qhubeka ubutha, funa ezengeziwe.” Ngempela kumelwe sikukhuthalele ukwandisa umtapo wethu wamaqiniso eBhayibheli.

15. Kungani singase sithi amanye amaqiniso madala futhi wena yimaphi owathanda kakhulu?

15 Lapho siqala ukuzihlanganisa nabantu bakaNkulunkulu sathola amaqiniso ayigugu. Singawabheka njengamaqiniso amadala, ngoba saqala ukuwazi nokuwamukela kusukela siqala ukuba amaKristu. Yimaphi lawo maqiniso? Safunda ukuthi uJehova unguMdali, unguMniki-kuphila futhi unenjongo ngesintu. Safunda nokuthi ngenxa yokuthi uNkulunkulu uyasithanda, wasilungiselela isihlengo ngeNdodana yakhe ukuze sikhululwe esonweni nasekufeni. Sabe sesifunda nokuthi uMbuso wakhe uzoqeda zonke izinkathazo nokuthi singaphila phakade ngokuthula nangenjabulo ngaphansi kokubusa kwawo.​—Joh. 3:16; IsAm. 4:11; 21:3, 4.

16. Kumelwe senzeni lapho kuthuthukiswa indlela esiqonda ngayo iqiniso?

16 Ngezikhathi ezithile, indlela esiqonda ngayo iziprofetho zeBhayibheli noma imiBhalo ethile ingase ithuthukiswe. Uma lokho kwenzeka kumelwe sikufundisise futhi sizindle ngakho. (IzE. 17:11; 1 Thim. 4:15) Sifuna ukuqonda hhayi nje kuphela ushintsho olukhulu kodwa ngisho noluncane oluwumehluko kulokho esikwaziyo. Ngale ndlela, singaqiniseka ukuthi siwabeka kahle amaqiniso amasha emtatsheni wethu. Kungani imizamo enjalo izuzisa?

17, 18. Umoya ongcwele ungasisiza kanjani?

17 UJesu wafundisa ukuthi umoya kaNkulunkulu uzosikhumbuza izinto esizifundile. (Joh. 14:25, 26) Lokhu kungasisiza kanjani njengoba sishumayela izindaba ezinhle? Cabanga ngokwenzeka kuPeter. Ngo-1970 wayeneminyeka engu-19 futhi esanda kuqala ukukhonza eBethel yaseBrithani. Ngesikhathi eshumayela endlini ngendlu, wahlangana nendoda enobhebhenene lwentshebe. Wayibuza ukuthi ingathanda yini ukuliqonda iBhayibheli. Imangele, le ndoda yaphendula ngokuthi lona umuzi worabi bamaJuda. Urabi wabuza uPeter, wathi: “Mfana wami awusho ke, incwadi kaDaniyeli yayibhalwe ngaluphi ulimi?” UPeter waphendula wathi: “Ingxenye yayo yayibhalwe ngesi-Aramu.” Uyakhumbula: “Kwammangaza urabi ukuthi ngiyayazi impendulo, kodwa nami ngangimangele kakhulu! Ngangiyaze kanjani impendulo? Lapho ngifika ekhaya ngabheka omagazini iNqabayokulinda ne-Phaphama! bangezinyanga ezidlule, ngathola isihloko esasichaza ukuthi incwadi kaDaniyeli yayibhalwe ngesi-Aramu.” (Dan. 2:4) Ngempela, umoya ongcwele ungasikhumbuza izinto esesiye sazifunda futhi sazigcina emtatsheni wethu.​—Luka 12:11, 12; 21:13-15.

18 Uma sikuthanda ukuhlakanipha okuvela kuJehova, lolo thando luzosenza sigcwalise imitapo yethu ngamaqiniso amasha namadala. Lapho sikuthanda futhi sikwazisa ukuhlakanipha kukaJehova, sizokulungela kangcono ukushumayela.

YIVIKELE INGCEBO YAKHO

19. Kungani kumelwe siyivikele njalo ingcebo yethu?

19 USathane naleli zwe bazama ngezindlela eziningi ukusenza singayithandi ingcebo esixoxe ngayo kulesi sihloko. Bangase basihehe ngomsebenzi okhokhela kahle, ukufuna ukuphila ukuphila okuntofontofo noma ukuchoma ngezinto ezibizayo umuntu anazo. Singawela kulolu gibe. Umphostoli uJohane uyasikhumbuza ukuthi leli zwe liyadlula kanye nesifiso salo. (1 Joh. 2:15-17) Ngakho, kumelwe sizikhandle ukuze sihlale siyithanda futhi siyazisa ingcebo yethu esiyiphiwe uNkulunkulu.

20. Yini ozimisele ukuyenza ukuze uvikele ingcebo yakho?

20 Zimisele ukulahla noma yini engakwenza uyeke ukuthanda uMbuso kaNkulunkulu ngenhliziyo yakho yonke. Qhubeka ushumayela ngentshiseko futhi ungalokothi uyeke ukuwuthanda umsebenzi wethu wokushumayela. Kukhuthalele ukufunda amaqiniso eBhayibheli. Njengoba wenza lokhu, kuyofana nokuthi ubeka “umcebo ongapheli emazulwini, lapho isela lingasondeli khona nalapho inundu ingadli khona. Ngoba lapho umcebo wenu ukhona, kulapho nezinhliziyo zenu ziyoba khona.”​—Luke 12:33, 34.