Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungakwazi Yini Ukunqoba Izingxabano Uthuthukise Ukuthula?

Ungakwazi Yini Ukunqoba Izingxabano Uthuthukise Ukuthula?

UJEHOVA UNKULUNKULU uthi amaKristu kufanele abe nokuthula futhi kube yinto ehamba phambili ekuphileni kwawo. Imiphumela kuba ukuthi abakhulekeli beqiniso bahlala benokuthula. Lokhu kwenza ibandla lobuKristu lithandeke kulabo abangazifuni izingxabano.

Ngokwesibonelo, inyanga edumile eMadagascar yabuqaphela ubunye obukoFakazi BakaJehova. Yathi, ‘Uma ngifuna ukuba senkolweni ethile, le yiyo engingaba kuyo.’ Ngokuhamba kwesikhathi, yakuyeka ukusebenzelana nemimoya, yabe isichitha izinyangana ezimbalwa ilungisa indaba yomshado wayo futhi yaba umkhulekeli kaJehova, uNkulunkulu wokuthula.

Minyaka yonke izinkulungwane zabantu zithola ukuthula ezikudinga ngempela ebandleni lobuKristu, njengale ndoda eyayiyinyanga. Nokho iBhayibheli likubeka kucace ukuthi “umhawu nokubanga” ebandleni kungaqeda ubungane futhi kudale izingxabano. (Jak. 3:14-16) Ngokujabulisayo, iBhayibheli liyasinikeza amacebiso okuthi singazigwema kanjani izinkinga futhi sihlakulele ukuthula. Ake sibone izibonelo zanamuhla, ukuze sibone ukuthi thina singenzenjani.

IZINKINGA NEZIXAZULULO

“Ngangingezwani nomzalwane engangisebenza naye. Ngelinye ilanga lapho sisaxabana simemezana, kukhona abantu ababili abaqhamuka bayibona le mpi yethu.”​—UCHRIS.

“Kungazelelwe, udade engangijwayele ukusebenza naye ensimini wavele wayeka ukuhamba nami ensimini. Wayeka nokungikhulumisa. Ngangingazi nhlobo ukuthu kungani.”​—UJANET.

“Sasifonelana sibathathu ocingweni ngesikhathi esisodwa. Oyedwa wethu wavalelisa futhi ngazitshela ukuthi usephumile vele ocingweni. Ngabe sengikhuluma kabi ngaye kulo engangisele naye ocingweni, kodwa ekugcineni ngezwa ukuthi ubengakaluvali ucingo.”​—UMICHAEL.

“Amaphayona amabili ebandleni lethu axabana. Elinye lavele lathethisa elinye. Ingxabano yawo yabadumaza abanye.”​—UGARY.

Ungase ubone sengathi lezi izinto ezingatheni nje. Nokho, esimweni ngasinye bakhona ababengalimala futhi kulimale nobudlelwane babo noNkulunkulu. Ngokujabulisayo bonke laba bafowethu nodadewethu bazilungisa izinto, ngokusebenzisa iBhayibheli. Ucabanga ukuthi yimaphi amavesi eBhayibheli abawasebenzisa?

“Ningathukuthelelani endleleni.” (Gen. 45:24) Lokhu kwashiwo uJosefa kubafowabo lapho bebuyela kubaba wabo. Ngempela la mazwi ayehlakaniphile! Lapho umuntu engayilawuli imizwa yakhe futhi eshesha ukuthukuthela angase acasule nabanye. UChris wabona ukuthi unenkinga yokuziphakamisa nokungafuni ukwamukela iseluleko. Efuna ukushintsha, waxolisa kumzalwane ababexabene naye futhi walwela ukulawula intukuthelo yakhe. Lo owayesebenza noChris, naye wenza izinguquko ngenxa yokubona imizamo kaChris yokwenza ushintsho. Manje bajabulela ukukhonza uJehova ngobunye.

“Amacebo ayashafa lapho kungekho khona inkulumo eyisifuba.” (IzA. 15:22) UJanet waphetha ngokuthi kumelwe asebenzise lelo qiniso ekuphileni kwakhe. Wanquma ukuxoxa nalo dade owayengasamkhulumisi. Ngesikhathi besaxoxa, ngobuhlakani uJanet wakhuthaza udade ukuba akhulume ngalokho okwakumenza angamkhulumisi. Ekuqaleni isimo sasishubile, kodwa isimo saya siba ngcono njengoba babeqhubeka bexoxa ngokungaboni ngaso linye kwabo ngomoya ophansi. Udade wathola ukuthi into eyayimphathe kabi yayingahlangene noJanet. Waxolisa futhi baphinde bakhonza uJehova ngobunye.

“Khona-ke, uma uletha isipho sakho e-altare bese ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unokuthile ngawe, shiya isipho sakho lapho phambi kwe-altare, uhambe; okokuqala yenza ukuthula nomfowenu.” (Math. 5:23, 24) Ungase ukhumbule lokho okwashiwo uJesu eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni. UMichael wazisola lapho ecabanga ngendlela akhulume kabi ngayo. Wazimisela ukuyoxolisa. Wazithoba waxolisa kumzalwane ayehlebe ngaye. Waba yini umphumela? UMichael uthi: “Umfowethu wangixolela.” Baphinde baba abangane.

“Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye.” (Kol. 3:12-14) Esimweni samaphayona amabili asenesikhathi eside ephayona, umdala onomusa wawasiza ngokuthi acabange ngale mibuzo: ‘Ingabe ukuxabana kwethu kufanele kudumaze abanye? Ingabe sinaso isizathu esizwakalayo sokungabekezelelani sikhonze uJehova ngokuthula?’ Asamukela iseluleko somdala futhi asisebenzisa. Manje sebeyazwana njengoba beshumayela izindaba ezinhle.

Kungase kube kuhle ukuqala ngokusebenzisa iseluleko seBhayibheli esikweyabaseKolose 3:12-14, uma othile ekuphathe kabi. Abaningi baye bathola ukuthi uma bethobeka bangakwazi ukuxolela futhi badlulise. Uma ubona ukuthi awukwazi ukudlulisa, ungakwazi yini ukusebenzisa iseluleko esikuMathewu 18:15? Iseluleko sikaJesu lapha sibhekisela kulokho umuntu angakwenza lapho oniwe omunye. Nokho lokhu ungakusebenzisa uma kufaneleka. Ngokuvele uye kudadewenu noma umfowenu, ube nomusa uzithobe uxoxe naye ngodaba futhi nilulungise.

IBhayibheli linezindlela eziningi ezingaba usizo. Kuzona zonke eyinhloko ukubonisa kwakho “izithelo zomoya ziluthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba.” (Gal. 5:22, 23) Njengamafutha enza umshini usebenze kahle, lezo zithelo zomoya zizokwenza kube lula ukuba nokuthula nabanye.

UBUNTU OBUHLUKENE BENZA KUBE MNANDI EBANDLENI

Ubuntu​—imikhuba yomuntu nomuntu ehlukile kweyabanye engenza akwazi ukuba umngane omuhle. Ukungafani kobuntu bethu kungadala izingxabano. Umdala osekhulile wenza lesi sibonelo: “Kungabanzima ngomuntu onamahloni ukuxoxa nomuntu okhululekile kakhulu ongesabi ukusho akucabangayo. Lowo mehluko ungase ubonakale ungasho lutho kodwa ungabangela izinkinga ezinkulu.” Ingabe unomuzwa wokuthi abantu abanobuntu obungafani kufanele babe nezinkinga? Ake ucabange ngabaphostoli ababili. Wayenjani uPetru? Ungase ukhumbule ukuthi wayengasabi ukukhuluma futhi enamawala. UJohane yena? Ungase umkhumbule ukuthi wayenothando futhi ezithulela. Zikhona izinto abazenza ezisekela le mibono. Kubonakala sengathi babenobuntu obungafani. Noma kunjalo, babesebenza kahle ndawonye. (IzE. 8:14; Gal. 2:9) Ngendlela efanayo, amaKristu anobuntu obungafani namuhla angakwazi ukusebenza ndawonye.

Mhlawumbe ebandleni kunothile okucasulayo lapho ekhuluma noma enza izinto. Noma kunjalo uyakuqaphela ukuthi uKristu wamfela futhi kufanele umthande. (Joh. 13:34, 35; Roma 5:6-8) Ngakho ke, kunokuba umane ungafuni ukuba umngane wakhe noma umgweme, zibuze: ‘Ingabe umfowethu wenze okuphambene nemiBhalo? Ingabe usuke ehlosile yini ukungiphatha kabi? Noma simane nje sinobuntu obungafani?’ Omunye umbuzo obalulekile esingazibuza wona ukuthi: ‘Yini enhle engingayifunda ebuntwini bakhe?’

Lo mbuzo wokugcina ubalulekile. Uma ekhululekile wena unamahloni cabanga ngokuthi kulula kanjani ngaye ukuqala izingxoxo ensimini. Ungase ucele ukusebenza naye enkonzweni futhi ubone ukuthi yini ongayifunda. Uma epha abantu izinto wena uncishana kungani ungaqapheli injabulo yokusiza abakhulile, abagulayo nabaswele? Iphuzu liwukuthi ngisho noma ninobuntu obungafani wena nomfowethu ningasondelana ngokugxila ezintweni ezinhle omunye azenzayo. Lokho kungase kungasho ukuthi niyoba abangane kodwa kunganenza nisondelane futhi nibe nokuthula kini nobabili ngisho nebandla liyoba nokuthula.

Kungenzeka ukuthi u-Evodiya noSintike babenezindlela ezingafani zokwenza izinto noma ubuntu obungafani. Nokho, umphostoli uPawulu wabakhuthaza “ukuba babe nomqondo ofanayo eNkosini.” (Fil. 4:2) Ingabe ungakwazi ukwenza ngokuvumelana nalowo mgomo wokuthula?

UNGAYIVUMELI INGXABANO IQHUBEKE

Njengokhula olugcwala engadini enhle yezimbali, inzondo iyoqhubeka yanda uma singalwi kanzima ukuze siyisuse. Lapho inzondo yanda ingase iphazamise ukuthula ebandleni. Uma sithanda uJehova nabafowethu, sizokwenza konke okusemandleni ukuze ubuntu bethu obungafani bungaphazamisi ukuthula kwabantu bakaNkulunkulu.

Uma uzithoba futhi ulwela ukwenza ukuthula ungase umangazwe imphumela emihle

Lapho sixazulula izinkinga noma ukungaboni ngasolinye ngenhloso yokwenza ukuthula, imiphumela iyosimangaza. Cabanga ngesibonelo somunye uFakazi: “Ngazizwa sengathi udade othile ungiphathisa okwengane. Kwangikhathaza kakhulu lokhu. Njengoba kuya kungicasula ngaqala ukumphendula ngokwedelela. Ngangithi, ‘Akangibonisi inhlonipho engifanele ngakho nami ngeke ngimhloniphe.’”

Lo Fakazi waqala ukucabanga ngezenzo zakhe. “Ngaqala ukubona ubuntu bami obubi futhi ngadumazeka. Ngaphawula ukuthi kumelwe ngilungise indlela engicabanga ngayo. Ngemva kokuthandaza kuJehova ngale ndaba ngathengela udadewethu isipho futhi ngambhalela incwadi ngaxolisa ngezenzo zami ezimbi. Sahagana sabe sesivumelana ngokuthi sizoyidlulisa lendaba. Asiphindanga saba nezinkinga.”

Abantu bayakudinga ukuthula. Noma kunjalo, lapho abanye behliswa isithunzi, iningi labantu livele lenze ngendlela engakuthuthukisi ukuthula. Lokho kuyiqiniso ngabantu abaningi abangamkhukeli uJehova kodwa phakathi kwabakhulekela bakhe, ukuthula nobunye kufanele kunqobe. Waphefumulela uPawulu ukuba abhale: “Ngiyanincenga ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho, ngokuthobeka kwengqondo okuphelele nobumnene, ngokubekezela, nibekezelelana ngothando, nizama ngenkuthalo ukugcina ubunye bomoya esibophweni esihlanganisayo sokuthula.” (Efe. 4:1-3) Leso ‘sibopho sobunye’ ngeke siqhathiniswe nalutho. Ake siqinise lesi sibopho ngokuthi sizimisele ukuxalula noma yikuphi ukungafani okungabakhona phakathi kwethu.