Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Makubusiswe Ukuba Nengqondo Kwakho”

“Makubusiswe Ukuba Nengqondo Kwakho”

LA AMAZWI angenhla ashiwo uDavide wakwa-Israyeli wasendulo encoma owesifazane ahlangana naye. Igama lalo wesifazane kwakungu-Abhigayili. Yini eyenza uDavide wamncoma futhi singafundani esibonelweni sakhe?

UDavide wahlangana nalo wesifazane ngesikhathi ebalekela iNkosi uSawulu. U-Abhigayili wayeshade noNabali, indoda ecebile eyayinemfuyo eningi eyayeluswa endaweni eyayinezintaba eningizimu yakwaJuda. UDavide namadoda ayekanye nawo babebe ‘njengodonga nxazonke’ kubelusi nasemihlambini kaNabali. Kamuva uDavide wathumela abathile kuNabali, ukuze bayocela “noma yini” edliwayo ayengabapha yona. (1 Sam. 25:8, 15, 16) Sasingesikhulu leso sicelo uma ukhumbula ukuthi uDavide namadoda ayenawo babeyivikele impahla kaNabali.

Nokho uNabali, wenza ngokuvumelana negama lakhe, elisho umuntu “ongenaNgqondo” noma “Oyisiwula.” Waphendula ngokhahlo nangendelelo engafuni ukubapha ukudla. Ngakho uDavide wahlela ukuba ayoziphindiselela kuNabali ngenxa yokudelela kwakhe. UNabali nendlu yakhe babezofa ngenxa yobuwula bakhe.​—1 Sam. 25:2-13, 21, 22.

Ngesibindi u-Abhigayili wathatha isinyathelo ngenxa yokuthi wayeyiqonda inhlekelele eyayizokwenzeka. U-Abhigayili wambonisa inhlonipho wamncenga ukuba acabange ngobuhlobo bakhe uDavide noJehova. Wanika uDavide namadoda ayekanye nawo ukudla. NoDavide waqaphela ukuthi uJehova usebenzise u-Abhigayili ukuze amvimbe angoni kuNkulunkulu. UDavide wathi ku-Abhigayili: ‘Makubusiswe ukuba nengqondo kwakho, ubusiswe nangokungivimba ngingabi necaleni legazi.’​—1 Sam. 25:18, 19, 23-35.

Kuyacaca ukuthi akekho ongathanda ukufana noNabali ongabongi ngezinto ezinhle enzelwa zona. Ngaphezu kwalokho, sisuke sibonisa ukuthi sihlakaniphile lapho sibona imiphumela emibi engase yenzeke bese sizama ukuyinqanda. Ngempela, singasilingisa isimo sengqondo somhubi owathi kuNkulunkulu: “Ngifundise ubuhle, ukuba nengqondo nolwazi.”​—IHu. 119:66.

Abanye bangase baziqaphele izenzo zethu ezibonisa ukuthi sihlakaniphile noma sinengqondo. Kungakhathaliseki ukuthi bayasincoma noma cha, kungenzeka bazizwa njengoDavide owathi: “Makubusiswe ukuba nengqondo kwakho.”