Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kwangathi Angayibusisa Imigomo Yonke Yakho

Kwangathi Angayibusisa Imigomo Yonke Yakho

“Jabula kakhulu ngoJehova, uyokunika izicelo zenhliziyo yakho.”​—IHU. 37:4.

IZINGOMA: 89, 140

1. Yini umuntu osemusha okumelwe ayinqume ngekusasa lakhe, kodwa kungani kungafanele akhathazeke ngokweqile? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

NINA basha, nizovuma ukuthi ngaphambi kokuba umuntu aqale uhambo, kufanele anqume kuqala ukuthi uzoyaphi. Ukuphila kunjengohambo futhi isikhathi esikahle sokulungiselela lolo hambo, yilapho usemusha. Yiqiniso ukuthi akulula ukubeka imigomo. Intombazane ebizwa ngokuthi uHeather ithi: “Kuyasabisa ngoba kumelwe unqume ukuthi uzokwenzani ukuphila kwakho konke.” Nokho, kumelwe ube nesibindi. UJehova uthi kubantu bakhe: “Ungaqalazi ngapha nangapha, ngoba nginguNkulunkulu wakho. Ngizokuqinisa. Impela ngizokusiza.”—Isaya 41:10.

2. Wazi kanjani ukuthi uJehova ufuna uzibekele imigomo ezokwenza ujabule?

2 UJehova ufuna uzenze ngokuhlakanipha izinqumo ngekusasa lakho. (UmSh. 12:1; Math. 6:20) Ufuna ujabule. Izinto ezinhle ozibonayo azidalile, ozizwayo nezimnandi ozidlayo ziyakubonisa ukuthi ufuna ujabule. Khumbula nendlela asinakekela nasifundisa ngayo ukuthi singaphila kanjani kangcono. Kwabangasilaleli iselukeko sakhe, uJehova uthi: “Nakhetha into engingajabuli ngayo. . . . Bhekani! Izinceku zami ziyojabula, kodwa nina niyoba namahloni. Bhekani! Izinceku zami ziyokhamuluka ngenjabulo ngenxa yesimo esihle senhliziyo.” (Isaya 65:12-14) UJehova uyajabula lapho abantu bakhe benza izinqumo ezihlakaniphile ekuphileni kwabo.—IzAga 27:11.

IMIGOMO EZOKWENZA UJABULE

3. UJehova ufuna uzibekele imigomo enjani?

3 Yimiphi imigomo uJehova afuna uzibekele yona? UJehova wadala abantu ngendlela yokuthi bajabuliswe ukufunda ngaye nokumkhonza ngokwethembeka. (IHu. 128:1; Math. 5:3) Lokhu kubenza bahluke kakhulu ezilwaneni, ngoba zona zadalwa ngendlela yokuthi zaneliswe ukudla, ukuphuza nokuzalana nje. UNkulunkulu ufuna ujabule futhi ube nemigomo engcono kakhulu kunokwaneliswa ukwenza izinto ezijabulisa izilwane kuphela. UMdali wakho ‘unguNkulunkulu wothando,’ ‘uNkulunkulu ojabulayo,’ owenza abantu “ngomfanekiso wakhe.” (2 Kor. 13:11; 1 Thim. 1:11; Gen. 1:27) Uyojabula kakhulu lapho ulingisa uNkulunkulu wethu onothando. Usuke wakubona ukusebenza komBhalo othi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni”? (IzE. 20:35) Lelo iqiniso elingenakuphikwa. Ngakho, uJehova ufisa ukuba imigomo yakho igxile ekuboniseni ukuthi uyabathanda abanye noNkulunkulu.—Funda uMathewu 22:36-39.

4, 5. Yini eyayenza uJesu ajabule?

4 UJesu Kristu wanibekela isibonelo esihle nina enisebasha. Akubuzwa ukuthi esemncane wayedlala futhi ajabule. IZwi likaNkulunkulu lithi ‘kunesikhathi sokuhleka . . . nesikhathi sokutshakadula.‘ (UmSh. 3:4) NoJesu wayeyitadisha imiBhalo ukuze asondelane noJehova. Lapho eneminyaka engu-12, abafundisi ethempelini bamangala ngenxa “yokuqonda kwakhe nezimpendulo zakhe.”—Luka 2:42, 46, 47.

5 UJesu waqhubeka ejabule ngisho nangesikhathi esemdala. Yini eyayimenza ajabule? Phakathi kokuningi, wayazi ukuthi uNkulunkulu ufuna ukuba ‘amemezele izindaba ezinhle kwabampofu . . . nokuvulwa kwamehlo ezimpumputheni.’ (Luka 4:18) Into eyayenza uJesu ajabule; ukwenza lokho uNkulunkulu akufunayo. Incwadi yeHubo 40:8 iyiveza kanje indlela ayezizwa ngayo: “O Nkulunkulu wami, ngikujabulele ukwenza intando yakho.” UJesu wayekujabulela ukufundisa abantu ngoYise osezulwini. (Funda uLuka 10:21.) Ngelinye ilanga, ngemva kokufundisa owesifazane mayelana nenkolo yeqiniso, uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumileyo nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.” (Joh. 4:31-34) UJesu wayekuthanda ukubonisa ukuthi uyamthanda uNkulunkulu nabanye. Nawe kungakwenza ujabule.

6. Kusiza ngani ukuxoxa namanye amaKristu avuthiwe ngemigomo yakho?

6 AmaKristu amaningi aqala ukuphayona esemasha, abujabulela ubusha bawo. Xoxa nomunye wawo ngemigomo yakho. “Amacebo ayashafa lapho kungekho khona inkulumo eyisifuba, kodwa ngobuningi babeluleki kuba khona okufezwayo.” (IzAga 15:22) AmaKristu avuthiwe angakutshela ukuthi inkonzo yesikhathi esigcwele izokufundisa izinto eziningi ezingakusiza ekuphileni kwakho konke. Ngisho nangemva kokufundiswa uYise ezulwini, uJesu akayekanga ukufunda izinto ezintsha phakathi nayo yonke inkonzo yakhe. Ngokwesibonelo, wafunda ukuthi ingakanani injabulo oyithola lapho ufinyelela izinhliziyo ngezindaba ezinhle nokuthi uhlala kanjani uqotho lapho uvivinywa. (Funda u-Isaya 50:4; Heb. 5:8; 12:2) Ake sikhulume nangezinye izinto ezingakujabulisa enkonzweni yesikhathi esigcwele.

YINI EYENZA AMAPHAYONA APHUMELELE?

7. Kungani intsha eningi ikuthanda ukuphayona?

7 UJesu wathi: “Hambani niyokwenza abantu . . . babe abafundi . . . nibafundise.” (Math. 28:19, 20) Uma umgomo wakho kuwukuba iphayona, uzobe ukhetha uhlobo lomsebenzi owanelisa kunayo yonke, okhazimulisa uNkulunkulu. Njengayo yonke imisebenzi, kuthatha isikhathi ukuba nekhono. Muva nje umzalwane obizwa ngokuthi uTimothy owaqala ukuphayona esemusha, wathi: “Ngiyakuthanda ukuba senkonzweni yesikhathi esigcwele ngoba kunginika ithuba lokubonisa uJehova ukuthi ngiyamthanda. Ekuqaleni ngangingakwazi ukuqala izifundo zeBhayibheli kodwa kamuva ngathuthela kwenye indawo, hhawu ingakapheli ngisho nenyanga ngase ngiqale izifundo eziningana. Omunye kulabo engangibafundela wayeseza naseHholo loMbuso. Ngemva kokuya eSikoleni SeBhayibheli Sabazalwane Abangashadile izinyanga ezimbili, * ngathola isabelo esisha endaweni esengiqale kuyo izifundo ezine. Ngiyakuthanda ukufundisa abantu ngoba kungenza ngiwubone umoya ongcwele ubasiza bashintshe ukuphila kwabo.”—1 Thes. 2:19.

8. Enye intsha iye yahlanganyela kanjani ngokugcwele emsebenzini wokwenza abafundi?

8 Enye intsha iye yafunda olunye ulimi. Ngokwesibonelo, uJacob, waseNyakatho Melika, uthi: “Lapho ngineminyaka engu-7, abafundi abaningi ekilasini lami kwakungabaseVietnam. Ngangifuna ukubafundisa ngoJehova, ngakho ngemva kwesikhathi esithile ngazibekela umgomo wokufunda ulimi lwabo. Into eyayingisiza kakhulu, ngangiqhathanisa INqabayokulinda yesiNgisi neyesiVietnam. Ngaba nabangane ebandleni elikhuluma isiVietnam. Lapho sengineminyaka engu-18 ngaqala ukuphayona. Kamuva, ngaya eSikoleni SeBhayibheli Sabazalwane Abangashadile. Lokhu kuyangisiza kakhulu esabelweni engikuso manje sokuphayona. Ebandleni engikulo ngikhonza njengomdala eqenjini elikhuluma isiVietnam. Abantu abaningi baseVietnam kuyabamangaza ukuthi ngikhuluma ulimi lwabo. Bayangingenisa futhi ngivame ukutadisha nabo iBhayibheli. Abanye baze babhapathizwa.”—Qhathanisa nezEnzo 2:7, 8.

9. Ukuphayona kungakufundisani?

9 Ukuphayona kukufundisa izinto eziningi, njengokuziphatha kahle, ukuzethemba nokuba nekhono elihle lokukhuluma nabantu. (IzAga 21:5; 2 Thim. 2:24) Nokho ukwenza abafundi kujabulisa nakakhulu ngoba kukwenza ujwayelane nemiBhalo eyisisekelo sokholo lwakho. Kukwenza usebenzelane eduze noJehova.—1 Kor. 3:9.

10. Yini engakwenza ujabule emsebenzini wokwenza abafundi ngisho noma insimu ingatheli?

10 Ungakujabulela ukuphayona ngisho noma abantu abaningi ensimini yenu bengazilaleli izindaba ezinhle. Umsebenzi wokwenza abafundi wenziwa ibandla lonke. Wonke amalungu ebandla afuna abafanelekayo. Nakuba kungumzalwane oyedwa noma udade ongathola umuntu othuthuka aze abe umfundi, wonke amalungu ebandla ayajabula. Ngokwesibonelo, uBrandon waphayona iminyaka engu-9 ensimini engatheli. Uthi: “Ngiyakuthanda ukushumayela ngoba yilokho uJehova athi masikwenze. Ukuphayona ngakuqala ngokushesha nje lapho ngiqeda isikole. Ngiyakuthanda nokukhuthaza abazalwane abasebasha ebandleni lethu nokubabona bethuthuka. Ngemva kokuya eSikoleni SeBhayibheli Sabazalwane Abangashadile, ngathola isabelo esisha sokuphayona. Angikaze ngimthole umuntu ensimini yethu owathuthuka waze wabhapathizwa, kodwa abanye bayabathola. Nokho ngiyajabula ngokuthi ngazibekela umgomo wokuba senkonzweni yesikhathi esigcwele.”—UmSh. 11:6.

IMIGOMO YAKHO INGAKUHOLELAPHI?

11. Intsha eningi iye yangenela luphi uhlobo lwenkonzo?

11 Maningi amathuba avulekile ekukhonzeni uJehova. Ngokwesibonelo, intsha eningi iyavolontiya emsebenzini wokwakha. Kunesidingo esikhulu samaHholo OMbuso. Ukwakha kuyinkonzo engcwele ekhazimulisa uNkulunkulu futhi kungakwenza ujabule. Njengakuzo zonke izinhlobo zenkonzo, ukusebenza nabanye kuyajabulisa. Umsebenzi wokwakha nawo ukufundisa izinto ezinjengokunaka ezokuphepha, ukuzimisela emsebenzini nokusebenzelana nabaholayo.

Ziningi izibusiso ezilindele labo abangenela inkonzo yesikhathi esigcwele (Bheka izigaba 11-13)

12. Lapho uyiphayona, yimaphi amanye amathuba angakuvulekela enkonzo?

12 Umzalwane obizwa ngokuthi uKevin uthi: “Kusukela ngisewumfanyana ngazibekela umgomo wokuba senkonzweni yesikhathi esigcwele. Lapho sengineminyaka engu-19 ngaqala ukuphayona. Ngangisebenzela omunye umzalwane ongumakhi ngezinsuku ezithile ukuze ngizisekele. Ngafunda ukufaka uphahla lwendlu, amawindi neminyango. Kamuva, kwaphela iminyaka emibili ngisebenza neqembu elalisiza lapho kube nesiphepho, sakha kabusha amaHholo OMbuso nezindlu zabafowethu. Lapho ngithola ukuthi kunesidingo sabakhi eNingizimu Afrika, ngafaka isicelo futhi samukelwa. La e-Afrika, sakha iHholo loMbuso isonto nesonto. Iqembu engisebenza nalo linjengomndeni wami. Sihlala ndawonye, sifunde ndawonye iBhayibheli futhi sisebenze ndawonye. Ngiyakuthanda nokushumayela nabazalwane bendawo isonto ngalinye. Impela ngangingazi ukuthi imigomo engazibekela yona ngisewumfana izongenza ngijabule kanje!”

13. Yini eyenza abasha bajabule ngokukhonza eBethel?

13 Abanye abazibekela umgomo wokuba senkonzweni yesikhathi esigcwele, baseBethel manje. Uphila ukuphila okujabulisayo uma ukhonza eBethel ngoba yonke into oyenza khona usuke uyenzela uJehova. Umndeni waseBethel usiza ekukhiqizeni izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. Omunye okhonza eBethel obizwa ngokuthi uDustin uthi: “Lapho ngineminyaka engu-9 ngazibekela umgomo wokuba senkonzweni yesikhathi esigcwele futhi lapho ngiqeda isikole ngaqala ukuphayona. Ingakapheli iminyaka emibili, ngathola isimemo sokuyokhonza eBethel. Ngafike ngafunda ukusebenzisa umshini wokuphrinta futhi kamuva ngasebenza ngamakhompuyutha. EBethel, ngijabulela ukuzizwela mathupha ngentuthuko eyenziwa emsebenzini wokushumayela emhlabeni wonke. Ngiyakuthanda ukukhonza lapha ngoba kusiza abantu basondelane noJehova.”

YIMIPHI IMIGOMO OZOZIBEKELA YONA?

14. Ungazilungiselela kanjani ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele?

14 Ungazilungiselela kanjani ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele? Ukuze uphumelele enkonzweni yesikhathi esigcwele, into ebaluleke kunazo zonke, ukuthi umthande ngempela uJehova. Ngakho zimisele lapho utadisha iZwi likaNkulunkulu, zindla ngalo futhi ubheke izindlela zokubonisa ukholo lwakho emihlanganweni yebandla. Lapho usesesikoleni, ungafunda amakhono okuba umshumayeli ophumelelayo wezindaba ezinhle. Ufunde nokuthanda abantu, ubabuze ngokuhlakanipha lokho abakucabangayo futhi ubalalelisise lapho bephendula. Okunye ongakwenza, ukuvolontiya ukwenza izinto ezithile ebandleni, njengokusiza ngokuhlanza nokugcina iHholo LoMbuso lisesimweni esikahle. UJehova uyakuthanda ukusebenzisa abantu abathobekile nabanomoya ovumayo. (Funda iHubo 110:3; IzE. 6:1-3) Umphostoli uPawulu wamema uThimothewu ukuba ahambe naye enkonzweni yezithunywa zevangeli ngoba “wayekhulunyelwa kahle abazalwane.”—IzE. 16:1-5.

15. Ungazilungiselela kanjani ukuze uzisekele lapho usuphayona?

15 Labo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele ngokuvamile kufanele basebenze ukuze baziphilise. (IzE. 18:2, 3) Mhlawumbe kungakusiza ukufundela ikhono elithile isikhashana ukuze uthole itoho lokuzisekela. Njengoba ulungiselela, khuluma nombonisi wesigodi namaphayona asesigodini sakini. Babuze ukuthi yimiphi imisebenzi ekahle uma uphayona. Njengoba iBhayibheli lisho, “gingqela imisebenzi yakho kuJehova khona-ke amacebo akho ayokuma aqine.”—IzAga 16:3; 20:18.

16. Ukuba senkonzweni yesikhathi esigcwele lapho usemusha kungakulungiselela kanjani ukuba ube umyeni noma inkosikazi ekahle?

16 Qiniseka ukuthi uJehova ufuna ukuba ‘ubambisise’ ikusasa elijabulisayo. (Funda eyoku-1 Thimothewu 6:18, 19.) Inkonzo yesikhathi esigcwele ikwenza ube nabangani abasenkonzweni yesikhathi esigcwele futhi ube umKristu ovuthiwe. Abaningi bathole ukuthi ukuba senkonzweni yesikhathi esigcwele lapho besebasha kubasize baba nemishado ephumelelayo. Ngokuvamile, labo abaqala ngokuphayona ngaphambi kokuba bashade baye bakwazi ukuqhubeka bephayona ndawonye.—Roma 16:3, 4.

17, 18. Ukulungiselela kuyihilela kanjani inhliziyo?

17 Ukulungiselela kuhilela nenhliziyo. Incwadi yeHubo 20:4 ithi: “Kwangathi [uJehova] angakupha ngokwenhliziyo yakho, futhi ayigcwalise yonke injongo yakho.” Ngakho, cabangisisa ngalokho ofuna ukukwenza ekuphileni kwakho. Cabanga nangalokho uJehova akwenzayo manje nokuthi ungasiza kuphi, bese uzibekela umgomo wokumjabulisa.

18 Ukuba senkonzweni yesikhathi esigcwele kuzokwenza waneliseke ngempela ngoba kuyindlela yokuphila edumisa uJehova. Ngakho, “jabula kakhulu ngoJehova, uyokunika izicelo zenhliziyo yakho.”—IHu. 37:4.

^ isig. 7 Lesi sikole sesibizwa ngokuthi iSikole Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso.