Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Esibuhlubula Ngayo Ubuntu Obudala Singaphinde Sibugqoke

Indlela Esibuhlubula Ngayo Ubuntu Obudala Singaphinde Sibugqoke

“Hlubulani ubuntu obudala nemikhuba yabo.”​KOL. 3:9.

IZINGOMA: 83, 129

1, 2. Yini eye yashiwo ngoFakazi BakaJehova?

ABANTU baye bancoma ubuntu obuhle ababubona koFakazi BakaJehova. Ngokwesibonelo, mayelana nabafowethu nodadewethu eJalimane LobuNazi, umbhali u-Anton Gill wathi: “AmaNazi ayebazonda kakhulu oFakazi BakaJehova. . . . Ngo-1939 kwakunoFakazi abangu-6 000 ababevalelwe [emakamu okuhlushwa].” Lo mbhali wenezela wathi, ngisho noma babeshushiswa ngonya, oFakazi “baqhubeka bethembekile futhi bahlala bezolile, beqotho futhi besekelana.”

2 Muva nje, abantu baseNingizimu Afrika nabo babubona ubuntu obuhle koFakazi BakaJehova. Esikhathini esingaphambili, oFakazi abamhlophe nabansundu kuleli zwe, babengakwazi ukuhlangana ndawonye ngokukhululekile. Nokho, ngeSonto, ngomhlaka-18 Disemba 2011, kwajabulisa kakhulu ukubona abafowethu abamhlophe nabansundu bakuleli zwe nabasemazweni angomakhelwane, abangaphezu kuka-78 000 behlangene ndawonye enkundleni yemidlalo enkulu eGoli, ukuze balalele izinkulumo zeBhayibheli. Ekhuluma ngalabo ababuthene, omunye wabaphathi benkundla wathi: “Ngiyaqala ukubona izihlwele eziziphethe kahle kanje kule nkundla. Nonke nigqoke kahle, nenkundla niyihlanze kahle. Kodwa okuhle nakakhulu, aninalo ubandlululo.”

3. Yini eyenza inhlangano yethu ihluke kwezinye izinhlangano?

3 Amazwi afana nalawa ashiwo abantu abangebona oFakazi abonisa ukuthi inhlangano yethu ihlukile ngempela. (1 Pet. 5:9.) Nokho, yini esenza sihluke kwezinye izinhlangano? Ngosizo lweZwi likaNkulunkulu nomoya wakhe ongcwele, silwa kanzima ukuze ‘sihlubule ubuntu obudala.’ Lapho sesibuhlubulile, sibe ‘sesigqoka ubuntu obusha.’​—Kol. 3:9, 10.

4. Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko futhi kungani?

4 Ukuhlubula ubuntu obudala nokungaphinde sibugqoke kuyizinto ezimbili ezingafani. Kulesi sihloko, sizohlola indlela esingahlubula ngayo ubuntu obudala, sifunde ukuthi kungani kuphuthuma ukwenza lokho, nokuthi kungani siqiniseka ngokuthi singashintsha ngisho noma sesingene shi emikhubeni emibi. Sizohlola nalokho okungenziwa asebenesikhathi eside bekhonza uNkulunkulu ukuze bangaphindeli ebuntwini babo obudala. Kungani sidinga ukukhunjuzwa ngalezi zinto? Ngenxa yokuthi abanye ababekhonza uNkulunkulu baye bayeka ukuqapha, baphindela emikhubeni yabo emidala. Ngakho sonke kudingeka sihlale sikhumbula la mazwi ayisixwayiso athi: “Lowo ocabanga ukuthi umile makaqaphele angawi.”​—1 Kor. 10:12.

“BULALANI” NOMA YIZIPHI IZIFISO “NGOKUQONDENE NOBUFEBE”

5. (a) Bonisa ukuthi kungani kuphuthuma ukuhlubula ubuntu obudala. (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) EyabaseKolose 3:5-9 ithi yimiphi imikhuba ehlobene nobuntu obudala?

5 Yini ongayenza uma izimpahla zakho zingcola, mhlawumbe zize zinuke kabi? Ungazikhumula ngokushesha. Ngendlela efanayo, kudingeka sisheshe ukulalela umyalo othi sihlubule imikhuba engahambisani nobuntu bukaNkulunkulu. Sifuna ukulalela isiqondiso sikaPawulu esicacile esasiya kumaKristu angesikhathi sakhe: “Kulahleni konke kude nani.” Ake sihlole imikhuba emibili emibi uPawulu akhuluma ngayo—ubufebe nokungcola.​—Funda eyabaseKolose 3:5-9.

6, 7. (a) Amazwi kaPawulu abonisa kanjani ukuthi kudingeka izinyathelo ezinqala ukuze sihlubule ubuntu obudala? (b) USakura wayephila ukuphila okunjani futhi yini eyamnika amandla okushintsha?

6 Ubufebe. Igama leBhayibheli lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ubufebe” lihlanganisa ukuya ocansini kwabantu abangashadile kanye nobutabane. UPawulu watshela amaKristu ukuba ‘abulale amalungu awo emizimba’—okungukuthi, ukususa zonke izifiso—“ngokuqondene nobufebe.” Indlela uPawulu akuchaza ngayo lokhu ibonisa ngokucacile ukuthi kudingeka sithathe izinyathelo ezinqala ukuze sisuse izifiso ezinjalo ezimbi. Singakwazi ukuzinqoba izifiso ezimbi.

7 Cabanga ngokwenzeka kuSakura * waseJapane. Ngesikhathi esakhula wayehlushwa umzwangedwa futhi ezizwa engelutho. Kusukela eneminyaka engu-15 waqala ukulala namadoda ahlukahlukene ukuze aqede umzwangedwa. Enamahloni wathi, “Ngakhipha isisu kathathu.” Uyachaza: “Ekuqaleni ngangizizwa ngithandwa lapho ngiziphatha kabi, ngicabanga ukuthi ngiyakhathalelwa. Kodwa njengoba ngiqhubeka ngiziphatha kabi ngazizwa ngingathandwa nhlobo.” USakura waqhubeka ephila ngale ndlela waze waba neminyaka engu-23. Wabe eseqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. USakura wakuthanda ayekufunda futhi uJehova wamsiza wanqoba imizwa ejulile yecala, wayeka nokuziphatha kabi ngokocansi. Manje uSakura uyiphayona elivamile futhi akasenawo umzwangedwa. Uthi, “Kungijabulisa ngempela ukuthandwa uJehova nsuku zonke.”

NQOBA IMIKHUBA ENGCOLILE

8. Yiziphi izinto ezingasenza sibe abangcolile kuNkulunkulu?

8 Ukungcola. Igama leBhayibheli lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukungcola” liyigama elinencazelo ebanzi ehlanganisa okungaphezu nje kwezono ezihilela ucansi. Lingabhekisela emkhubeni olimazayo wokubhema noma wokusho amahlaya angcolile. (2 Kor. 7:1; Efe. 5:3, 4) Lingabhekisela nasezenzweni umuntu azenza ekusithekeni njengokufunda izincwadi ezenza umuntu avukelwe noma ukubukela izithombe zocansi, okungaholela emkhubeni ongcolile wokushaya indlwabu.—Kol. 3:5. *

9. Ukukhulisa inkanuko engalawuleki kungaba namiphi imiphumela?

9 Labo abanomkhuba wokubuka izithombe zocansi bakhulisa inkanuko engalawuleki engabenza bathande ucansi ngokweqile. Ucwaningo lubonisa ukuthi abantu abanesifiso esingalawuleki sokubuka izithombe zocansi babonisa izimpawu ezifana nezemilutha yotshwala neyezidakamizwa. Akumangazi ukuthi umkhuba wokubuka izithombe zocansi unale miphumela edabukisayo—umuzwa ojulile wecala, ukuhudula izinyawo emsebenzini, ukungajabuli ekhaya, ukudivosa nokuzibulala. Lapho indoda ethile iqeda unyaka ingazibuki izithombe zocansi yabhala ukuthi: “Manje sengizizwa ngiqotho.”

10. URibeiro wawunqoba kanjani umkhuba wakhe wokubuka izithombe zocansi?

10 Abantu abaningi basalwa namanje nokungazibuki izithombe zocansi. Noma kunjalo, singayinqoba le mpi njengoba kwenzeka kuRibeiro waseBrazil. Lapho uRibeiro eseyinsizwa wahamba ekhaya, wasebenza embonini yamaphepha lapho abona khona izithombe zocansi. Uthi: “Kancane kancane ngaba umlutha wazo. Kangangokuthi noma nini lapho owesifazane engangikipite naye ephuma endlini ngangijabula ngoba ngangithola ithuba lokubukela amavidiyo ocansi.” Kwabe sekuthi ngolunye usuku emsebenzini uRibeiro wabona incwadi enesihloko esithi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya phakathi kwamaphepha ayesebenza ngawo. Wayithatha wabe eseyifunda. Akufunda kuyo kwamenza watadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, kodwa kwathatha isikhathi eside ngaphambi kokuba ahlukane nalo mkhuba. Yini eyamsiza ekugcineni? Uyachaza: “Ukuthandaza, ukufunda iBhayibheli nokucabangisisa ngalokho engikufundile kwangisiza ngabuthanda ubuntu bukaNkulunkulu futhi lokho kwabangela ukuba ngithande uJehova kakhulu kunesifiso sokubuka izithombe zocansi.” Esizwa amandla eZwi likaNkulunkulu nomoya wakhe ongcwele, uRibeiro wahlubula ubuntu bakhe obudala wabhapathizwa, manje usengumdala ebandleni.

11. Yini okudingeka umuntu ayenze ukuze agweme ukubuka izithombe zocansi?

11 Phawula ukuthi uRibeiro kwadingeka enze okungaphezu nje kokufunda iBhayibheli ukuze aphumelele. Kwadingeka kudlule isikhathi esithile ukuze avumele umyalezo weBhayibheli uthinte inhliziyo yakhe. Ngokuthandaza nangokucabangisisa ngakufundile, ukuthanda uNkulunkulu kwanqoba isifiso sokubuka izithombe zocansi. Ukuthanda uJehova ngokujulile nokuzonda okubi kuyindlela engcono kakhulu yokugwema izithombe zocansi.​—Funda iHubo 97:10.

LAHLANI ULAKA, INKULUMO ELIMAZAYO NOKUQAMBA AMANGA

12. Yini eyasiza uStephen ayeke ukuthuka inhlamba nokuba nolaka?

12 Abantu abanenhliziyo encane ngokuvamile baveza ulaka lwabo ngokusho izinto ezilimazayo. Isenzo esinjalo asisoze nanini senze umndeni ujabule. Nakhu okwashiwo uStephen, ubaba ohlala e-Australia: “Ngangijwayele ukuthuka inhlamba futhi ngangivele ngivuthe ngolaka ngenxa yezinto eziwubala. Mina nomkami sahlukana kathathu futhi besesihlela ukudivosa.” OFakazi BakaJehova baqala ukufunda nabo iBhayibheli. Kwenzekani lapho uStephen eqala ukulalela iseluleko seBhayibheli? Uthi: “Ukuphila komndeni wami kwashintsha ngokushesha, kwaba ngcono. Ngisizwa uJehova, manje nginokuthula futhi ngizolile, angisenalo uchuku nolaka olungaqhuma noma yinini. Angisacasulwa ubala.” Manje uStephen uyinceku ekhonzayo, umkakhe usebe yiphayona elivamile iminyaka eminingana. Nakhu okushiwo abadala bebandla uStephen akhonza kulo: “UStephen umzalwane onomoya ophansi, ukhuthele futhi uthobekile.” Abakaze bambone ethukuthele. Uthini uStephen uma enconywa? Uthi: “Ukube angizange ngivume uJehova angisize ngishintshe ubuntu bami ngabe angizitholanga lezi zibusiso ezinhle kangaka.”

13. Yini eyenza intukuthelo ibe yingozi futhi iBhayibheli lithini lapho lisikhuza?

13 IBhayibheli lisikhuza kufanele ukuba siyeke ukuthukuthela, inkulumo elimazayo nokuklabalasa. (Efe. 4:31) Izenzo ezinjalo zisenza sibe nodlame. Abantu bangase babheke ukuthukuthela njengento evamile, kodwa akumjabulisi uMdali wethu. Abaningi kuye kwadingeka bahlubule lobu buntu obudala ukuze bakwazi ukugqoka ubuntu obusha.​—Funda iHubo 37:8-11.

14. Kungenzeka yini ukuba umuntu onolaka abe othobekile?

14 Cabanga ngesibonelo sikaHans ongumdala ebandleni lase-Austria. Umzalwane ongumxhumanisi wendikimba yabadala ebandleni uHans akhonza kulo uthi: “Ungomunye wabazalwane abathobeke kakhulu ongakujabulela ukubazi.” Kodwa eminyakeni edlule uHans ubengenjalo. Ngesikhathi esemusha, wayesebenzisa kabi utshwala okwamenza waba nolaka. Edakiwe wathukuthela kabi wabulala intombi yakhe wabe eseboshwa iminyaka engu-20. Ukuphila kwasejele akuzange kubushintshe ubuntu bakhe. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi umama wakhe wacela umdala ukuba amvakashele ejele, wabe eseqala ukufunda naye iBhayibheli. UHans uyachaza: “Kwakunzima ukuhlubula ubuntu bami obudala. Amavesi eBhayibheli angikhuthaza u-Isaya 55:7 othi: ‘Umuntu omubi makashiye indlela yakhe,’ neyoku-1 kweyabaseKorinte 6:11 ethi ngalabo abaye bashiya izindlela zabo ezimbi: ‘Yilokho abanye kini ababeyikho.’ Kwaphela iminyaka eminingi uJehova engisiza ngesineke nangomoya wakhe ongcwele ukuba ngigqoke ubuntu obusha.” Ngemva kweminyaka engu-17 nengxenye edonsa ejele, uHans wakhululwa esengumKristu obhapathiziwe. Uthi: “Ngiyambonga uJehova ngomusa nokuthethelela kwakhe.”

15. Yimuphi umkhuba ojwayelekile, kodwa iBhayibheli lithini ngawo?

15 Ngaphandle kwenkulumo elimazayo, ukuqamba amanga kungolunye uphawu lobuntu obudala. Ngokwesibonelo, kuvamile ngabantu ukuba baqambe amanga mayelana nokukhokhwa kwentela noma baqambe amanga ukuze bagweme ukubhekana nemiphumela yezono zabo. Ngokuphambene nalokho, uJehova ‘unguNkulunkulu weqiniso.’ (IHu. 31:5) Ngakho ufuna zonke izikhonzi zakhe ‘zikhulume iqiniso nomakhelwane’ futhi ‘zingaqambi amanga.’ (Efe. 4:25; Kol. 3:9) Ngakho, kumelwe sikhulume iqiniso ngisho noma lokho kungasenza sihlazeke noma silahlekelwe okuthile.​—IzAga 6:16-19.

INDLELA ABANQOBA NGAYO

16. Umuntu angaphumelela kanjani ekuhlubuleni ubuntu obudala?

16 Umuntu ngeke ahlubule ubuntu obudala ngamandla akhe. Abantu okukhulunywe ngabo kulesi sihloko—uSakura, uRibeiro, uStephen noHans—kwadingeka balwe kanzima ukuze bayeke imikhuba emibi. Banqoba ngoba bavumela amandla eZwi likaNkulunkulu nomoya wakhe ongcwele ukuba kuthinte izingqondo nezinhliziyo zabo. (Luka 11:13; Heb. 4:12) Ukuze sizuze kulawo mandla kumelwe sifunde iBhayibheli nsuku zonke, sicabangisise ngesikufunda kulo bese sithandaza njalo sicele ukuhlakanipha namandla okusebenzisa lokho esikufunde eBhayibhelini. (Josh. 1:8; IHu. 119:97; 1 Thes. 5:17) Lapho silungiselela imihlangano yebandla futhi siya kuyo siyazuza eZwini likaNkulunkulu nasemoyeni wakhe ongcwele. (Heb. 10:24, 25) Ngaphezu kwalokho, sifuna ukuzuza kuzo zonke izindlela abantu bakaNkulunkulu emhlabeni wonke abafundiswa ngazo.​—Luka 12:42.

Singaphumelela kanjani ekuhlubuleni ubuntu obudala? (Bheka isigaba 16)

17. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

17 Sixoxe ngemikhuba emibi eminingana amaKristu okumelwe ayihlubule futhi angaphinde ayigqoke. Kodwa ingabe yilokho kuphela okudingekayo ukuze samukelwe uNkulunkulu? Cha. Kumelwe sigqoke ubuntu obusha. Esihlokweni esilandelayo, sizoxoxa ngezinto eziningana ezakha ubuntu obusha okudingeka zibe yingxenye yobuntu bethu.

^ isig. 7 Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

^ isig. 8 Bheka incwadi ethi Intsha Iyabuza​—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1 isahluko 25.