Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Esibugqoka Futhi Sibugcine Ngayo Ubuntu Obusha

Indlela Esibugqoka Futhi Sibugcine Ngayo Ubuntu Obusha

‘Gqokani ubuntu obusha.’​—KOL. 3:10.

IZINGOMA: 43, 106

1, 2. (a) Kungani sithi singakwazi ukugqoka ubuntu obusha? (b) Yiziphi izici zobuntu obusha ezibhalwe kweyabaseKolose 3:10-14?

“UBUNTU obusha.” Le nkulumo ivela izikhathi ezimbili kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele. (Efe. 4:24; Kol. 3:10) Ibhekisela ebuntwini obudalwe “ngokwentando kaNkulunkulu.” Singakwazi ukuba nalobu buntu obusha. Kungani sisho njalo? Ngoba uJehova wadala abantu bafana naye, ngenxa yalokho siyakwazi ukubonisa izimfanelo zakhe ezinhle.—Gen. 1:26, 27; Efe. 5:1.

2 Kuyiqiniso ukuthi sinezifiso ezimbi ngenxa yesono esasithola kubazali bethu bokuqala. Kungenzeka nokuthi sithonywe kakhulu abantu esiphila nabo. Kodwa ngosizo lukaJehova singaba uhlobo lwabantu afuna sibe yilo. Ukuze sikwazi ukufinyelela lowo mgomo, sizoxoxa ngezici eziningana zobuntu obusha umphostoli uPawulu aphefumulelwa ukuba abhale ngazo. (Funda eyabaseKolose 3:10-14.) Sizoxoxa nangokuthi singazibonisa kanjani lezi zici enkonzweni yethu.

“NINGUMUNTU OYEDWA”

3. Yisiphi isici sobuntu obusha esenza sibe nobunye?

3 Ngemva kokusikhuthaza ukuba sigqoke ubuntu obusha, uPawulu ube esekhuluma ngokungakhethi njengesinye isici sobuntu obusha. Uthi: ‘Akekho umGreki noma umJuda, osokile noma ongasokile, owezizwe, umSkithe, isigqila, okhululekile.’ * Kungani ebandleni kungafanele sizihlukanise ngokohlanga, isizwe noma ngezinga lemfundo? Ngoba abalandeli bakaKristu bangempela ‘bangumuntu oyedwa.’—Kol. 3:11; Gal. 3:28.

4. (a) Izinceku zikaJehova kufanele zibaphathe kanjani abanye? (b) Yisiphi isimo esingenza kube nzima ukuba nobunye bobuKristu?

4 Labo abagqoka ubuntu obusha baphatha abakholwa nabo ngenhlonipho, kungakhathaliseki ukuthi bafundile noma ukuthi abaluphi uhlanga. (Roma 2:11) Lokhu kungaba inselele kwamanye amazwe. Ngokwesibonelo, eNingizimu Afrika oFakazi abaningi basahlala ezindaweni ezazikhethelwe uhlanga oluthile, kungaba sezindaweni zabamhlophe, emalokishini noma ezindaweni zamakhaladi. Yingakho, ngo-Okthoba 2013 iNdikimba Ebusayo yenza ilungiselelo elikhethekile ukuze isize abazalwane bazane futhi bajwayelane. (2 Kor. 6:13) Kwenziwani?

5, 6. (a) Yimaphi amalungiselelo enziwa kwelinye izwe ukuze abantu bakaNkulunkulu babe nobunye? (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Yimiphi imiphumela eyaba khona?

5 Kwahlelwa ukuba amabandla amabili asebenzisa ulimi olungafani noma ohlanga olungafani ahlangane ngezimpelasonto ezithile. Abafowethu nodadewethu abakula mabandla amabili bashumayela ndawonye, benza imihlangano ndawonye futhi badla ndawonye. Amabandla amaningi akwenza lokhu futhi ihhovisi legatsha lathola imibiko emihle evela ngisho nasemphakathini. Ngokwesibonelo, omunye umfundisi wathinteka waze wathi: “Angiyena uFakazi kodwa umsebenzi wenu wokushumayela uhleleke kahle futhi anibandlululani.” Leli lungiselelo labathinta kanjani oFakazi?

6 UNoma, udade okhuluma isiXhosa, ekuqaleni wayenqena ukumemela abafowethu abamhlophe emzini wakhe ophansi. Kodwa ngemva kokushumayela nabo nokujabulela ubudlelwane emizini yabo, uNoma wathi: “Bangabantu abavamile abafana nathi!” Ngakho ngesikhathi ibandla lesiXhosa selivakashelwa yibandla lesiNgisi, walungisa ukudla futhi wamema abathile. Kulabo ayebamemile kwakukhona umzalwane omhlophe ongumdala. UNoma wathi, “Kwangimangaza ukuthi akazange abe nenkinga yokuhlala phezu kwekesi.” Umphumela waleli lungiselelo waba ukuthi abafowethu nodadewethu abaningi baba nabangane abasha futhi bazimisele ukwazi nabanye abafowethu.

“YIBANI NOMUSA NINOBUBELE BESISA”

7. Kungani kuhlale kunesidingo sokukhathalela abanye kuleli zwe likaSathane?

7 Uma nje izwe likaSathane lisekhona sizolokhu sinezinkinga. Sihlushwa ukungawutholi umsebenzi, ukugula, ushushiso, izinhlekelele zemvelo, ubugebengu nobunye ubunzima. Ukuze sikwazi ukusizana ebunzimeni esibhekana nabo kudingeka sikhathalelane ngempela. Ukuthanda abanye nokubakhathalela kuzosenza sibe nomusa futhi sibenzele izinto ezinhle. (Efe. 4:32) Lezi zici zobuntu obusha zizosisiza silingise uNkulunkulu futhi sikwazi ukududuza abanye.—2 Kor. 1:3, 4.

8. Ukukhathalela nokuba nomusa kubo bonke ebandleni kungaba namiphi imiphumela? Nikeza isibonelo.

8 Singabonisa kanjani ukuthi siyabakhathalela nakakhulu abafowethu abaswele noma abavela kwamanye amazwe abasemabandleni esikuwo? Kudingeka sisondelane nabo futhi sibenze bazizwe bebalulekile ebandleni. (1 Kor. 12:22, 25) Cabanga ngalokho okwenzeka kuDannykarl owasuka ePhilippines wayohlala eJapane. Emsebenzini wayephathwa kabi ngokungafani nezisebenzi zakulelo zwe. Wabe eseya emhlanganweni woFakazi BakaJehova. UDannykarl uthi: “Kwakugcwele amaJapane kodwa angamukela ngemfudumalo, kwaba sengathi kade sazana.” Ebandleni baqhubeka benomusa kuye futhi lokho kwamsiza wathuthukisa ubuhlobo bakhe noNkulunkulu. Wabhapathizwa futhi manje usengumdala. Abadala ebandleni akulo bamazisa kakhulu uDannykarl kanye nomkakhe, uJennifer. Abadala bathi: “Baphila ukuphila okulula njengamaphayona futhi babeka isibonelo esihle sokufuna uMbuso kuqala.”—Luka 12:31.

9, 10. Nikeza izibonelo zemivuzo yokukhathalela abanye ensimini.

9 Lapho sishumayela isigijimi soMbuso kwabanye siba nethuba lokwenza “okuhle kubo bonke.” (Gal. 6:10) OFakazi abaningi bafunda ulimi olusha ngenxa yokuthi bayabakhathalela abantu abavela kwamanye amazwe. (1 Kor. 9:23) Lokhu kuye kwabalethela izibusiso eziningi. Ngokwesibonelo, uTiffany udade oyiphayona e-Australia wafunda isiSwahili ukuze akwazi ukusiza ebandleni lesiSwahili, edolobheni laseBrisbane. Nakuba ukufunda lolu limi kwakunzima, uTiffany wathola izibusiso. Uthi: “Uma ufuna insimu emnandi iya ebandleni elikhuluma olunye ulimi. Kuba sengathi ukwelinye izwe. Uthola ithuba lokuzwa nokuzibonela mathupha ubunye babafowethu emhlabeni wonke.”

Yini eyenza amaKristu asize abantu bokufika? (Bheka isigaba 10)

10 Cabanga nangesibonelo somndeni ohlala eJapane. Indodakazi yakhona uSakiko, ithi: “Ngawo-1990 sasijwayele ukuthola abantu abavela eBrazil lapho sisensimini. Lapho sibafundela imiBhalo eBhayibhelini labo lesiPutukezi njengesAmbulo 21:3, 4 noma iHubo 37:10, 11, 29 babelalelisisa futhi ngezinye izikhathi baze bakhale.” Kodwa umndeni awugcinanga ngokwenza lokho. USakiko uthi, “Lapho sibona ukuthi bayafuna ngempela ukwazi ngoNkulunkulu, saqala ukufunda isiPutukezi njengomndeni.” Kamuva, lo mndeni waba nesandla ekumisweni kwebandla lesiPutukezi. Phakathi neminyaka, umndeni wasiza abantu abaningi abavela kwamanye amazwe baba izikhonzi zikaJehova. USakiko uyanezela, “Sasizikhandla ukuze sifunde isiPutukezi kodwa izibusiso esazithola zaba ngaphezu kwemizamo esayenza. Ave simbonga uJehova.”—Funda izEnzo 10:34, 35.

“GQOKANI UKUTHOBEKA”

11, 12. (a) Kubaluleke ngani ukuba nesisusa esihle sokugqoka ubuntu obusha? (b) Yini ezosisiza sihlale sithobekile?

11 Isisusa sethu sokugqoka ubuntu obusha kumelwe kube ukudumisa uJehova hhayi ukuthola udumo. Khumbula ukuthi ngisho nengelosi ephelele yona kuNkulunkulu ngenxa yokuqhosha. (Qhathanisa noHezekeli 28:17.) Yeka ukuthi kunzima kangakanani ngabantu abanesono ukuba bagweme ukuqhosha nokuzikhukhumeza! Noma kunjalo, singakwazi ukuthobeka. Yini ezosisiza sithobeke?

12 Ukuze sihlale sithobekile kudingeka sizibekele isikhathi sokuzindla usuku nosuku ngalokho esikufunda eBhayibhelini. (Dut. 17:18-20) Senza kahle ngokuzindla ikakhulukazi ngezimfundiso zikaJesu nangesibonelo sakhe sokuthobeka. (Math. 20:28) UJesu waze ngisho wageza izinyawo zabaphostoli bakhe. (Joh. 13:12-17) Kudingeka siwuthandazele njalo umoya kaNkulunkulu ukuze usisize silwe nokuzibona singcono kunabanye.—Gal. 6:3, 4; Fil. 2:3.

13. Ukuthobeka kusisiza ngani?

13 Funda izAga 22:4. Wonke umkhulekeli kaNkulunkulu weqiniso kufanele athobeke futhi ukuthobeka kuyasizuzisa. Kuzosisiza sithuthukise ukuthula nobunye ebandleni. Kusisiza sithole nomusa ongafanele kaNkulunkulu. Umphostoli uPetru wathi: “Nonke bhincani isimo sengqondo sokuthobelana, ngoba uNkulunkulu uyamelana nabazidlayo, kodwa abathobekile ubapha umusa ongafanelwe.”—1 Pet. 5:5.

“GQOKANI . . . UBUMNENE, NOKUBEKEZELA”

14. Ubani oyisibonelo esihle kakhulu ekuboniseni ubumnene nokubekezela?

14 Kuleli zwe abantu abamnene nababekezelayo bavame ukubhekwa njengabantu ababuthaka. Yeka ukuthi umbono oyiphutha kanjani lowo! Lezi zimfanelo ezinhle zivela kuMuntu onawo wonke amandla emhlabeni nasezulwini. UJehova uNkulunkulu uyisibonelo esihle kakhulu ekuboniseni ubumnene nokubekezela. (2 Pet. 3:9) Cabanga ngendlela asabela ngayo ngengelosi lapho u-Abrahama noLoti bembuza. (Gen. 18:22-33; 19:18-21) Cabanga nangendlela asibekezelela ngayo isizwe sakwa-Israyeli esidlubulundayo, iminyaka engaphezu kwengu-1 500.—Hez. 33:11.

15. Yisiphi isibonelo uJesu asibekela sona sokuba mnene nesokubekezela?

15 UJesu ‘wayenomoya omnene.’ (Math. 11:29) Lapho esebenzelana nabalandeli bakhe wabubekezelela kakhulu ubuthakathaka babo. Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wakhuthazelela ukugxekwa okungafanele abantu ababemphikisa. Noma kunjalo, wayemnene futhi wabekezela kwaze kwaba yilapho ebulawa. Ngesikhathi esezinhlungwini esigxotsheni sokuhlushwa uJesu wacela uBaba wakhe ukuba axolele ababembulala ngenxa yokuthi babengazi ukuthi benzani. (Luka 23:34) Yeka isibonelo esihle sobumnene nokubekezela esaboniswa ngaphansi kwezimo ezibuhlungu nezicindezelayo!—Funda eyoku-1 Petru 2:21-23.

16. Yiziphi izindlela esingabonisa ngazo ubumnene nokubekezela?

16 Singaba kanjani mnene futhi sibekezele? UPawulu washo enye indlela yokuba mnene neyokubekezela lapho ebhalela amakholwa ayekanye nawo: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani.” (Kol. 3:13) Ngempela, kudingeka sibe mnene futhi sibekezele ukuze sikwazi ukulalela lo myalo. Lapho sixolela abanye sisuke sithuthukisa futhi sigcina ubunye ebandleni.

17. Kubaluleke ngani ukuba mnene nokubekezela?

17 Ukuba mnene nokubekezela kuyinto amaKristu okumelwe abe nayo. Ukuze sisinde kumelwe sibe mnene futhi sibekezele. (Math. 5:5; Jak. 1:21) Okubaluleke nakakhulu ukuthi ukuba nalezi zimfanelo kusenza sidumise uJehova futhi sisize nabanye balalele isiyalo seBhayibheli.—Gal. 6:1; 2 Thim. 2:24, 25.

“GQOKANI UTHANDO”

18. Uthando nokungakhethi kuhlobana kanjani?

18 Kuze kube manje zonke izimfanelo esixoxe ngazo zihlobene nothando. Ngokwesibonelo, uJakobe kwadingeka akhuze abafowabo ngokuthanda abacebile kunabahluphekayo. Wabonisa ukuthi leso senzo siphula umthetho othi: “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” Wabe esethi: “Uma niqhubeka nibonisa ukukhetha, nenza isono.” (Jak. 2:8, 9) Ngokuphambene nalokho, uthando luyosenza sigweme ukubandlululana ngenxa yemfundo, uhlanga noma umsebenzi esiwenzayo. Yiqiniso, ukungakhethi kufanele kube yinto esuka enhliziyweni. Kumelwe kube ingxenye yobuntu bethu.

19. Kubaluleke ngani ukugqoka uthando?

19 Uthando ‘luyabekezela, lunomusa’ futhi “aluzikhukhumezi.” (1 Kor. 13:4) Kudingeka sikwazi ukubekezela, ukuba nomusa nokuthobeka ukuze siqhubeke sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso. (Math. 28:19) Lezi zimfanelo zenza kube lula ukujwayelana nabo bonke abafowethu nodadewethu ebandleni. Ukuba nothando olunjalo kuba namuphi umphumela? Kwenza amabandla abe nobunye, amelele kahle uJehova futhi adonse abantu abamthandayo. Incazelo yeBhayibheli yobuntu obusha iphetha ngokuthi: “Ngaphezu kwazo zonke lezi zinto, gqokani uthando, ngoba luyisibopho esiphelele sobunye.”—Kol. 3:14.

‘QHUBEKANI NENZIWA BASHA’

20. (a) Yimiphi imibuzo okufanele sizibuze yona futhi kungani? (b) Yisiphi isikhathi esisilangazelelayo?

20 Sonke kufanele sizibuze, ‘Yini enye engingayenza ukuze ngibuhlubule futhi ngingaphinde ngibugqoke ubuntu obudala?’ Kudingeka sithandaze kuNkulunkulu sicele asisize futhi silwe kanzima ukuze sinqobe noma yimiphi imicabango noma imikhuba engasenza singalizuzi ifa loMbuso likaNkulunkulu. (Gal. 5:19-21) Kudingeka sizibuze nokuthi, ‘Ingabe ngisenziwa musha endleleni engicabanga ngayo?’ (Efe. 4:23, 24) Ngenxa yokuthi sinesono kudingeka sizikhandle ukuze sigqoke ubuntu obusha futhi singabukhumuli. Lokhu kuyinto okufanele siyenze njalo. Cabanga ngendlela ukuphila okuyojabulisa ngayo, lapho wonke umuntu esebulingisa ngokuphelele ubuntu bukaNkulunkulu.

^ isig. 3 Ngezikhathi zeBhayibheli amaSkithe ayebukelwa phansi njengabantu abangafundile.