Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bazali​—⁠Sizani Izingane Zenu ‘Nizihlakaniphisele Insindiso’

Bazali​—⁠Sizani Izingane Zenu ‘Nizihlakaniphisele Insindiso’

“Kusukela usewusana uye wazi imibhalo engcwele, ekwazi ukukuhlakaniphisela insindiso.”​—2 THIM. 3:15.

IZINGOMA: 130, 88

1, 2. Kungani abanye abazali bengase bakhathazeke lapho izingane zabo zifuna ukuzinikezela futhi zibhapathizwe?

IZINKULUNGWANE zabantu abafundelwa iBhayibheli zizinikezela kuJehova futhi zibhapathizwe. Intsha eningi ekhulele enhlanganweni iye yakhetha indlela egcono yokuphila. (IHu. 1:1-3) Uma ungumzali ongumKristu, akungabazeki ukuthi ulangazelela ukubona indodana noma indodakazi yakho ibhapathizwa.​—Qhathanisa neyesi-3 Johane 4.

2 Noma kunjalo, kungenzeka zikhona izinto ezikukhathazayo. Mhlawumbe uye wabona abasebasha bebhapathizwa, kodwa ngokuhamba kwesikhathi bakungabaza ukuhlakanipha kokuphila ngezimiso zikaNkulunkulu. Abaningi kubo baye balishiya iqiniso. Lokho kungakukhathaza, kukwenze ucabange ukuthi ingane yakho izohamba endleleni yobuKristu bese kuthi kamuva ishintshe, ilahlekelwe uthando lweqiniso eyayinalo ekuqaleni. Mhlawumbe ifane nabantu bangekhulu lokuqala ebandleni lase-Efesu, uJesu athi ngabo: “Awusenalo uthando owawunalo ekuqaleni.” (IsAm. 2:4) Yini ongayenza ukuze ugweme lokho futhi usize ingane yakho “ikhulele ensindisweni”? (1 Pet. 2:2) Ukuze sithole impendulo, ake sihlole isibonelo sikaThimothewu.

“UYE WAZI IMIBHALO ENGCWELE”

3. (a) UThimothewu waba kanjani umKristu futhi wasabela kanjani ezimfundisweni zobuKristu? (b) Yiziphi izinto ezintathu uPawulu akhuthaza uThimothewu kuzo?

3 Cishe uThimothewu wezwa okokuqala ngqa ngobuKristu ngo-47 C.E., ngesikhathi umphostoli uPawulu efika okokuqala eListra. Nakuba kungenzeka ngaleso sikhathi uThimothewu wayengakevi eminyakeni engu-18, kumelwe ukuba wayezikhandla ebandleni. Ngemva kweminyaka emibili wahamba noPawulu njengoba evakashela amabandla. Ngemva kweminyaka engu-16, uPawulu wabhalela uThimothewu wathi: “Qhubeka ezintweni owazifunda futhi wathonyelwa ukuba uzikholelwe, wazi ukuthi wazifunda kobani nokuthi kusukela usewusana uye wazi imibhalo engcwele [imiBhalo YesiHebheru], ekwazi ukukuhlakaniphisela insindiso ngokholo olumayelana noKristu Jesu.” (2 Thim. 3:14, 15) Phawula ukuthi uPawulu ukhuluma (1) ngokwazi imiBhalo engcwele, (2) ukuthonyelwa ukuba ukholelwe izinto ozifundile, (3) nokuhlakaniphisela insindiso ngokuba nokholo kuKristu uJesu.

4. Yimaphi amathuluzi oye wawasebenzisa ngokuphumelelayo ukuze ufundise izingane zakho ezisencane? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

4 Njengomzali ongumKristu, ufuna ingane yakho yazi imiBhalo engcwele, namuhla ehlanganisa imiBhalo YesiHebheru kanye nemiBhalo YamaKristu YesiGreki. Kuye ngamakhono ayo, ngisho nengane encane ingafunda izinto ezilula mayelana nabantu nezindaba zeBhayibheli. Inhlangano kaJehova isinike izincwadi eziningi abazali abangazisebenzisa ukuze basize izingane zabo. Zikhona yini ozicabangayo ezitholakala ngolimi lwakho? Khumbula, ulwazi lwemiBhalo luyisisekelo ongakhela kuso ubuhlobo obuqinile noJehova.

“WATHONYELWA UKUBA UZIKHOLELWE”

5. (a) Kusho ukuthini ‘ukuthonyelwa ukuba ukholelwe’? (b) Sazi kanjani ukuthi uThimothewu wathonyelwa ukuba akholelwe izindaba ezinhle ngoJesu?

5 Ukwazi imiBhalo engcwele kubalulekile. Nokho, kuningi okuhilelekile ekufundiseni izingane zakho ngoNkulunkulu, akugcini nje ngokuzitshela ngabantu nangezenzakalo eziseBhayibhelini. UThimothewu ‘wathonyelwa ukuba azikholelwe.’ NgesiGreki, le nkulumo isho “ukuqinisekiswa ngento ethile” noma “ukwenziwa ukholelwe futhi uqiniseke ngokuba yiqiniso kwento ethile.” UThimothewu wayeyazi imiBhalo YesiHebheru kusukela ewusana. Nokho, kwafika isikhathi lapho ubufakazi obunamandla bumenza aqiniseke ngokuthi uJesu unguMesiya. Ngamanye amazwi, ulwazi lwakhe lwaqiniswa ukholo. Empeleni, ukholo lukaThimothewu ngezindaba ezinhle lwaluqine kangangokuba waze wabhapathizwa wabe esehamba noPawulu baba yizithunywa zevangeli.

6. Ungayisiza kanjani ingane yakho ibe nokholo kulokho ekufunda eZwini likaNkulunkulu?

6 Ungakwakha kanjani ukuqiniseka ezinganeni zakho ukuze zibe nokholo njengoThimothewu? Okokuqala, yiba nesineke. Ingane ayivuki inokholo, noma iluncele kubazali bayo. Ingane ngayinye kudingeka isebenzise ‘amandla ayo okucabanga’ ukuze ikukholelwe lokho okufundiswa yiBhayibheli. (Funda eyabaseRoma 12:1.) Wena njengomzali udlala indima ebalulekile kulokho, ikakhulukazi uma ingane ibuza imibuzo. Cabanga ngalesi sibonelo.

7, 8. (a) Ubaba ongumKristu usibonisa kanjani isineke lapho efundisa indodakazi yakhe? (b) Isineke siye sakusiza kanjani lapho ufundisa ingane yakho?

7 UThomas, ubaba wentombazane eneminyaka engu-11 uthi: “Indodakazi yami iye ibuze, ‘Ingabe uJehova wayengasebenzisa ukuziphendukela kwemvelo ukuze enze ukuphila lana emhlabeni?’ noma ‘Kungani singazibandakanyi ezintweni zomphakathi​—ngokwesibonelo, sivote—​ukuze senze izinto zibe ngcono?’ Ngezinye izikhathi kuye kudingeke ngicabangisise kahle ukuze ngiyiphendule ngendlela ezoyenza icabange. Phela ukholo alubangelwa ukuvele uyigixabeze ngesigaxa seqiniso. Kunalokho kumelwe uyinike ubufakazi kancane kancane.”

8 UThomas angakutshela, ukufundisa kudinga isineke. Empeleni isineke sibalulekile kuwo wonke amaKristu. (Kol. 3:12) UThomas uyaqaphela ukuthi kungase kube nesidingo sokuba nezingxoxo eziningi. Kumelwe abonisane nendodakazi yakhe ngemiBhalo ukuze lokho ekufundayo kwakhe ukholo kuyo. Uthi, “Ikakhulukazi emaphuzwini abalulekile, mina nomkami sifuna ukwazi ukuthi indodakazi yethu iyakukholelwa ngempela yini lokho ekufundayo nokuthi ikuqonda kahle. Uma inemibuzo, kuhle kakhulu lokho. Empeleni ngingakhathazeka uma yamukela okuthile ngaphandle kokubuza imibuzo.”

9. Ungaligxilisa kanjani iZwi likaNkulunkulu ezinganeni zakho?

9 Lapho abazali befundisa ngesineke, izingane zigcina seziqonda “ububanzi nobude nokuphakama nokujula” kokholo. (Efe. 3:18) Singafuna lokho okuzovumelana neminyaka nokuhlakanipha kwazo. Njengoba ziya ziqiniseka ngalokho ezikufundayo, zizokwazi ukumelela izinkolelo zazo phambi kwabanye kuhlanganise nezingane ezifunda nazo esikoleni. (1 Pet. 3:15) Ngokwesibonelo, ingabe izingane zakho ziyakwazi ukuchaza ukuthi kwenzekani lapho umuntu efa zisebenzisa iBhayibheli? Ingabe zona ziyayiqonda incazelo yeBhayibheli? * Ukugxilisa iZwi likaNkulunkulu enganeni yakho kudinga isineke kodwa ekugcineni kuyazuzisa.​—Dut. 6:6, 7.

10. Yini ebalulekile ekufundiseni izingane zakho?

10 Isibonelo sakho naso sibalulekile ekwakheni ukholo lwezingane. UStephanie, umama onamadodakazi amathathu, uthi: “Kusukela izingane zami zisencane, kwadingeka ngizibuze, ‘Ingabe ngiyakhuluma nezingane zami ngokuthi kungani ngiqiniseka ngokuthi uJehova ukhona, ukuthi uyasithanda nokuthi izindlela zakhe zilungile? Ingabe izingane zami zikubona ngokucacile ukuthi ngiyamthanda ngempela uJehova?’ Ngeke ngilindele ukuba izingane zami zibe nokholo uma mina ngingenalo.”

‘UKUHLAKANIPHISELA INSINDISO’

11, 12. Kuyini ukuhlakanipha futhi kungani singaphetha ngokuthi akubonakali ngeminyaka yomuntu?

11 Njengoba sibonile, uThimothewu (1) wayeyazi imiBhalo futhi (2) eqiniseka ngalokho akukholelwayo. Kodwa wayesho ukuthini uPawulu lapho ethi kuThimothewu, imiBhalo engcwele ‘ingamhlakaniphisela insindiso’?

12 I-Insight on the Scriptures, Umqulu 2 ichaza ukuthi eBhayibhelini ukuhlakanipha kuhlanganisa “ikhono lokusebenzisa ulwazi nokuqonda ngokuphumelelayo ukuze uxazulule izinkinga, ugweme noma ubalekele izingozi, ufinyelele imigomo ethile noma weluleke abanye ukuba benze lokho. Kuphambene nobuwula.” IBhayibheli lithi “ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana.” (IzAga 22:15) Kunengqondo ukuphetha ngokuthi ukuhlakanipha​—okuphambene nobuwula—​kuwuphawu lokuvuthwa noma ukukhula. Ukuvuthwa noma ukukhula ngokomoya akubonakali ngeminyaka yomuntu kodwa kubonakala ngokwesaba uNkulunkulu nangokuzimisela ukulalela iziqondiso zakhe.​—Funda iHubo 111:10.

13. Osemusha angabonisa kanjani ukuthi uhlakaniphile ukuze asindiswe?

13 Abasebasha abavuthiwe ngokomoya abajikijelwa “ngapha nangapha” izifiso zabo noma ukucindezela kontanga. (Efe. 4:14) Kunalokho, bayathuthuka ‘ngokusebenzisa amandla abo okuqonda bawenze aqeqeshelwe ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.’ (Heb. 5:14) Babonisa ukuthi bathuthukela ekuvuthweni ngokwenza izinqumo ezihlakaniphile—ngisho noma bengabonwa abazali babo noma abanye abantu abadala. (Fil. 2:12) Lokho kuhlakanipha kubalulekile ukuze basindiswe. (Funda izAga 24:14.) Ungazisiza kanjani izingane zakho zihlakaniphe? Okokuqala, qikelela ukuthi izingane zakho uzichazela kahle ngezinkolelo zakho ezisekelwe eBhayibhelini. Ngezwi nangesibonelo, yenza izingane zakho zazi ukuthi lokho okushiwo yiZwi likaNkulunkulu kubalulekile kuwe futhi uyakukholelwa.​—Roma 2:21-23.

Kungani imizamo yabazali ibalulekile? (Bheka izigaba 14-18)

14, 15. (a) Yiziphi into ezibalulekile osemusha ofisa ukubhapathizwa okufanele acabange ngazo? (b) Ungazisiza kanjani izingane zakho zicabange ngezibusiso ezilethwa ukulalela imithetho kaNkulunkulu?

14 Nokho, kuningi okuhilelekile kunokumane nje utshele izingane zakho lokho okulungile nokungalungile. Wenza kahle nangokuzisiza zicabange ngemibuzo enjengokuthi: ‘Kungani iBhayibheli lizenqabela izinto ezithandwa yinyama? Yini ekwenza uqiniseke ngokuthi imithetho yeBhayibheli ihlale ingizuzisa?’​—Isaya 48:17, 18.

15 Ingane ethi ifuna ukubhapathizwa kufanele isizwe icabange ngalokhu: Izizwa kanjani ngemithwalo ehambisana nokuba umKristu? Ziyini izinzuzo? Izolahlekelwa yini? Izinzuzo ziningi ngayiphi indlela kunalokho ezolahlekelwa yikho? (Marku 10:29, 30) Cishe lezi yizinto ezobhekana nazo ngemva kokubhapathizwa. Ngakho, kubalulekile ukucabangisisa ngazo ngaphambi kokubhapathizwa. Lapho izingane zisizwa ukuba zicabangisise ngezibusiso zokulalela, nemiphumela yokungalaleli, lokho kuzozisiza zakhe ukholo lwazo. Zizokholelwa ukuthi izimiso zeBhayibheli zihlale zizuzisa.​—Dut. 30:19, 20.

LAPHO OSEMUSHA OBHAPATHIZIWE EDONSA KANZIMA

16. Yini okufanele abazali bacabange ngayo lapho ukholo lwengane ebhapathiziwe luqala ukuntengantenga?

16 Nokho, ngemva kokubhapathizwa, kuthiwani uma indodana noma indodakazi yakho iqala ukungabaza? Ngokwesibonelo, osemusha obhapathiziwe angase athande izinto zezwe noma angabaze ukuhlakanipha kokuphila ngezimiso zeBhayibheli. (IHu. 73:1-3, 12, 13) Njengomzali, kumelwe wazi ukuthi indlela osabela ngayo ingayithinta ingane yakho, iyenze ikhethe ukusondela noma ukuqhela eqinisweni. Ngakho kugweme ukulwa noma ukuqagulisana nengane yakho lapho ibonisa ukungabaza, kungakhathaliseki ukuthi isencane noma isikhulile. Umgomo wakho kumelwe kube ukuyisekela ngothando uyisize ngendlela efanele.

17, 18. Uma osemusha engabaza, abazali bangamsiza kanjani?

17 Kuyavunywa ukuthi osemusha obhapathiziwe uzinikezele kuJehova. Lokho kuzinikezela kuyisithembiso sokuthanda uNkulunkulu nokubeka ukwenza intando yaKhe kuqala ekuphileni kwethu. (Funda uMarku 12:30.) UJehova ubheka leso sithembiso njengento ebaluleke kakhulu futhi noma ubani osenzayo kumelwe asibheke ngendlela efanayo. (UmSh. 5:4, 5) Ngesikhathi esifanele nangendlela enomusa, yikhumbuze ingane yakho ngalawo maqiniso. Nokho, ngaphambi kokwenza lokho, funda izincwadi inhlangano kaJehova ezilungiselele abazali. Ukwenza lokho kuzokusiza ukwazi ukugcizelela ukubaluleka kokuzinikezela kuJehova nezibusiso esizitholayo ngokuba umKristu obhapathiziwe.

18 Ngokwesibonelo, iseluleko esiwusizo sitholakala esithasiselweni esithi “Imibuzo Ebuzwa Abazali,” encwadini ethi Intsha Iyabuza​—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1. Sithi: “Ungasheshe uphethe ngokuthi ingane yakho ilulahlile ukholo lwenu. Ezimweni eziningi, kusuke kunenkinga ecashile.” Kungaba ukucindezela kontanga. Ngesinye isikhathi kungaba umzwangedwa noma umuzwa wokuthi enye intsha engamaKristu ithuthuka kangcono kunayo ngokomoya. Isithasiselo siqhubeka sithi: “Izinkinga ezinjengalezi azibangelwa izimfundiso zokholo lwakho. Zibangelwa ikakhulu izimo ezenza kube inselele ukuphila ngokuvumelana nokholo​—okungenani okwamanje.” Isithasiselo sibe sesinikeza amacebiso amaningana endlela abazali abangamaKristu abangasiza ngayo osemusha ongabaza ukholo lwakhe.

19. Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo ‘bazihlakaniphisele insindiso’?

19 Njengomzali, unomthwalo osindayo kanye nelungelo lokukhulisa izingane zakho ‘ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kaJehova.’ (Efe. 6:4) Njengoba sibonile, lokho kudinga okungaphezu kokuzifundisa lokho iBhayibheli elikushoyo, kudingeka uzisize zikukholelwe lokho ezikufundayo. Kudingeka zibe nokholo oluqinile oluzozishukumisela ukuba zizinikezele kuJehova, zimkhonze ngenhliziyo yonke. Kwangathi iZwi likaNkulunkulu, umoya wakhe nemizamo yakho njengomzali kungasiza ingane yakho ‘kuyihlakaniphisele insindiso.’

^ isig. 9 Incwadi ethi “Lifundisani Ngempela IBhayibheli?” iyithuluzi elihle kakhulu lokufundisa izingane nabantu abadala ukuba baqonde futhi bachaze amaqiniso eBhayibheli. Ezinye izimfundiso ungazithola ku-jw.org/zu ngezilimi eziningi. Bheka ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > AMATHULUZI OKUTADISHA IBHAYIBHELI.