Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBhayibheli Nekusasa Lakho

IBhayibheli Nekusasa Lakho

ZICABANGE uhamba endleleni ende, ebusuku. Nakuba sekuhlwile, akukwethusi ukuhamba kule ndlela ngoba unethoshi. Uma ulibhekisa phansi, uyakwazi ukubona lapho uhamba khona. Kanti uma ulibhekisa phambili, ukukhanya kwalo kukwenza ubone ngisho nale kude.

IBhayibheli lithi alifane nethoshi. Njengoba sibonile ezihlokweni esesixoxe ngazo, iZwi likaNkulunkulu lingasisiza sikwazi ukubhekana nezinkinga zansuku zonke. Lenza nokungaphezu kwalokho. Lisibonisa ngokucacile ukuthi ikusasa lisiphatheleni, okusenza sikwazi ukuhamba endleleni eholela ekuphileni okujabulisayo nokwanelisayo. (IHubo 119:105) Kanjani?

Asibone izindlela ezimbili iBhayibheli elisinika ngazo ithemba ngekusasa: 1 Lisisiza sithole ukuthi kungani siphila, futhi 2 lisifundisa izindlela zokuba nobungane obuqinile nobuhlala phakade noMdali wethu.

1 ISIZATHU SOKUPHILA

IBhayibheli lisinikeza iseluleko esingasethemba sezindlela esingabhekana ngazo nezinkinga zethu. Kunokusikhuthaza ukuba sigxile ezintweni ezisikhathazayo, iBhayibheli lisifundisa ukuba sigxile kulokho uNkulunkulu azosenzela kona. Ngokwenza kanjalo siba nesizathu sokujabulela ukuphila.

Ngokwesibonelo, cabanga ngeseluleko seBhayibheli esithi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Kungenzeka ukuthi wake wasiza othile owayeswele. Noma wazinika isikhathi sokulalelisisa njengoba umngane wakho ekuthululela isifuba. Awuzizwanga yini wanelisekile ngezenzo ezinjalo?

Kujabulisa kakhulu ukupha, uma singalindele lutho kulowo esimuphayo. Omunye umlobi wathi: “Ukuze uthole okungaphezu kwalokho ophane ngakho, yipha ngaphandle kokulindela okuthile.” Uma senzela abanye okuthile, ikakhulukazi labo abangenawo amandla okusikhokhela, sithola umvuzo omkhulu. Sikwazi ukugxila ezintweni ezibalulekile ekuphileni. Ngezenzo ezinjalo, sisuke sibambisana noMdali wethu, obheka izenzo zomusa esizenzela abanye njengokungathi sizenzela yena. (IzAga 19:17) Ziyamjabulisa izenzo zomusa esizenzela labo abangenawo amandla. Uthembisa ukuthi uzosikhokhela ngokuphila phakade epharadesi, okuyinani elingaphezu kwalokho esikwenzile.—IHubo 37:29; Luka 14:12-14. *

Okukhulu nakakhulu, iBhayibheli lisifundisa ukuthi ukuphila kungajabulisa kakhulu lapho sikhonza uNkulunkulu weqiniso uJehova. IZwi lakhe lisikhuthaza ukuba simlalele, futhi simnike udumo nenkazimulo okumfanele. (UmShumayeli 12:13; IsAmbulo 4:11) Ngokwenza kanjalo, sisuke senza okungaphezu kwalokho esingase sikucabange: Sijabulisa uMdali wethu. Uyasinxusa: “Hlakanipha, . . . wenze inhliziyo yami ijabule.” (IzAga 27:11) Cabanga nje, ngokusebenzisa iseluleko seBhayibheli lapho senza izinqumo, sijabulisa uBaba wethu osithandayo. Kungani lokho kumjabulisa? Ngoba uyasithanda futhi usinike iziqondiso ukuze kuzuze thina. (Isaya 48:17, 18) Yisiphi ngempela isizathu sokuphila esijabulisa ukwedlula ukukhonza uMdali nokulalela iziqondiso zakhe?

2 UBUNGANE NOMDALI WETHU

IBhayibheli lisifundisa ukuthi sidinga ukuba abangane boMdali wethu. Lithi, “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:8) Kungenzeka ngezinye izikhathi sikungabaze ukuthi singakwazi ukuba abangane boMdali onamandla. Nokho, iBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi uma ‘sifuna uNkulunkulu sizomthola ngempela’ ngoba ‘akakude kulowo nalowo kithi.’ (IzEnzo 17:27) Lesi seluleko seBhayibheli sizosisiza nasesikhathini esizayo. Kanjani?

Cabanga ngalokhu: Nakuba singenza noma yini esemandleni ethu, asinakukubalekela ukufa. (1 Korinte 15:26) Nokho, uNkulunkulu akasoze afa futhi ufuna nabangane bakhe baphile phakade. Amazwi amnandi aseBhayibhelini akubeka ngokucacile lokho uNkulunkulu akufunela labo abamthandayo: “Kwangathi izinhliziyo zenu zingaphila kuze kube phakade.”—IHubo 22:26.

Yini ongayenza ukuze ube nobungane obuhlala phakade noNkulunkulu? Qhubeka ufunda ngaye eZwini lakhe iBhayibheli. (Johane 17:3; 2 Thimothewu 3:16) Mcele akusize ukuze ukuqonde lokho okufundayo. IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi uma ‘siqhubeka sicela kuNkulunkulu,’ uyosipha ukuhlakanipha. * (Jakobe 1:5) Zimisele ukusebenzisa lokho okufundayo, uvumele iZwi likaNkulunkulu libe ‘liyisibani onyaweni lwakho, nokukhanya endleleni yakho’ kuze kube phakade.—IHubo 119:105.

^ isig. 8 Ukuze uthole okwengeziwe ngezithembiso zikaNkulunkulu zepharadesi, bheka isahluko 3 sencwadi ethi Lingasifundisani IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ isig. 13 OFakazi BakaJehova bafundisa abantu iBhayibheli mahhala ukuze babasize baliqonde iZwi likaNkulunkulu. Uma ufuna ukwazi ukuthi siqhutshwa kanjani lesi sifundo, sicela ubuke ividiyo ethi Siqhutshwa Kanjani Isifundo SeBhayibheli? Ungayithola ku-www.pr418.com/zu (bheka ngaphansi kwesithi > IZINCWADI > AMAVIDEO).

UNkulunkulu akasoze afa futhi ufuna nabangane bakhe baphile phakade