Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ukufunda Izinkanyezi Nokubhula Kungasitshela Ngekusasa?

Ingabe Ukufunda Izinkanyezi Nokubhula Kungasitshela Ngekusasa?

UKUFUNDA IZINKANYEZI

Ukubhula ngokufunda izinkanyezi kusekelwe enkolelweni yokuthi izinkanyezi, inyanga namaplanethi kuyakwazi ukulawula lokho okwenzeka ekuphileni kwabantu. Ababhula ngokufunda izinkanyezi bathi indlela lezi zinto ezisuke zimi ngayo ngesikhathi umuntu ezalwa, iyona enquma ubuntu bakhe nekusasa lakhe. Nakuba lo mkhuba waqala kudala eBhabhiloni, nanamuhla usathandwa.

Ngokocwaningo olwenziwa eMelika ngo-2012, oyedwa kwabathathu ababuzwa wathi ukubhula ngokufunda izinkanyezi “kucishe kuhlobane nesayensi,” kanti abangamaphesenti angu-10 bathi “kuyiyo isayensi.” Ingabe kuyiyo ngempela? Cha. Nazi izizathu.

  • Amaplanethi nezinkanyezi akunawo amandla okulawula abantu njengoba kusho labo ababhula ngezinkanyezi.

  • Izikhathi eziningi izinto abazibikezelayo zingasebenza kunoma ubani.

  • Indlela labo ababhula ngokufunda izinkanyezi ababala ngayo, isekelwe enkolelweni yokuthi amaplanethi azungeza umhlaba. Empeleni, amaplanethi azungeza ilanga.

  • Lapho bebikezela ikusasa lomuntu oyedwa, abafunda izinkanyezi basho izinto ezingafani.

  • Ababhula ngokufunda izinkanyezi bahlukanisa abantu ngokwezimpawu ezingu-12 zezinkanyezi, kuye ngokuthi umuntu uzalwe nini. Ngenxa yokuthi umhlaba awusamile endaweni owawukuyo eminyakeni edlule, izinsuku ezihlotshaniswa nalezi zimpawu azisahambisani nezinkanyezi ezazihlotshaniswa nazo.

Lezi zimpawu zezinkanyezi kuthiwa ziyakwazi ukubonisa ukuthi umuntu unobuntu obunjani. Kodwa abantu abazalwe ngosuku olulodwa abenzi izinto ngendlela efanayo, usuku lokuzalwa komuntu aluchazi lutho ngobuntu bakhe. Kunokuba babheke abantu ngokwalokho abayikho, ababhula ngokufunda izinkanyezi balindele ukuba indlela umuntu enza ngayo nobuntu bakhe kuhambisane nalokho abakuqagelayo. Ingabe indlela efanele yini leyo yokubheka abantu?

UKUBHULA

Kusukela kudala, abantu bebelokhu beya kubantu ababhulayo. Abanye babebhula ngokubheka ingaphakathi lezilwane nelabantu, noma indlela iqhude elicosha ngayo umgqakazo. Abanye babefunda imigqa esemahlamvwini etiye noma inzika esala lapho kwenziwa ikhofi. Namuhla basebenzisa amakhadi, ibhola lengilazi, amadayisi nezinye izindlela ukuze “bafunde” ngekusasa lomuntu. Ingabe ukubhula kuyindlela esingayethemba yokuthola ukuthi ikusasa lisiphatheleni? Cha, akuyona. Ake sibone ukuthi kungani.

Cabanga ngokungafani kwezinto abazishoyo. Ngokuvamile, izinto ezishiwo abantu ababhula ngezindlela ezingafani ziyaphikisana. Ngisho nalapho besebenzisa izindlela ezifanayo, izinto abazibikezelayo ziyehluka. Ngokwesibonelo, uma umuntu othile eya kubantu ababili ababhula “ngokufunda” amakhadi afanayo bese ebabuza ngekusasa lakhe, kulindeleke ukuba impendulo yabo ifane. Kodwa izikhathi eziningi akubi njalo.

Izindlela nezinhloso zalabo ababikezela ikusasa ziyasolisa. Abagxeki bathi amakhadi noma amabhola engilazi asetshenziswa yilabo ababhulayo, kumane kuyimihlobiso nje. Kunokufunda amakhadi noma ibhola ukuze abikezele ikusasa lomuntu, lowo obhulayo utadisha lokho umuntu akwenzayo. Ngokwesibonelo, uma enekhono uvele abuze imibuzo evamile bese elalelisisa njengoba umuntu ephendula, abukisise nobuso balowo okhulumayo ukuze athole izimpawu ezithile ezingamsiza azi okwengeziwe ngaye. Bese kuba sengathi uvele wazazela izinto ezithile ngalowo muntu, kanti empeleni yilowo muntu omtshelile enganakile. Uma amakhasimende abo esebathemba, labo ababikezela ikusasa babe sebewakhokhisa izimali ezinkulu.

LOKHO ESIKUFUNDA EBHAYIBHELINI

Ukubhula ngokufunda izinkanyezi nangezinye izindlela, kufundisa ukuthi ikusasa labantu linqunywa kusengaphambili. Ingabe kunjalo ngempela? IBhayibheli lisitshela ukuthi singazinqumela thina ukuthi yini esifuna ukuyikholelwa nesifuna ukuyenza, nokuthi esikukhethayo yikona okuyonquma ukuthi ikusasa lethu liyoba njani.—Joshuwa 24:15.

Esinye isizathu esenza izikhonzi zikaNkulunkulu zikwenqabe ukubhula nezinye izindlela zokubikezela ikusasa, ukuthi uNkulunkulu uyayizonda imikhuba enjalo. IBhayibheli lithi: “Akufanele kutholakale kuwe noma ubani . . . obhulayo, owenza umlingo nanoma ubani ofuna amabika noma umthakathi, noma ophonsa abanye ngeziphonso noma obuza konemimoya noma umbikezeli wezenzakalo nanoma ubani obuza kwabafileyo. Ngoba wonke umuntu owenza lezi zinto uyinto enengekayo kuJehova.” aDuteronomi 18:10-12.

a Igama ‘loPhezukonke emhlabeni wonke.’—IHubo 83:18.