Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kusho Ukuthini Ukuba Umuntu Ongokomoya?

Kusho Ukuthini Ukuba Umuntu Ongokomoya?

“Kwangathi uNkulunkulu . . . anganipha ukuba phakathi kwenu nibe nesimo sengqondo esifanayo naleso uKristu Jesu ayenaso.”​—ROMA 15:5.

IZINGOMA: 84, 5

1, 2. (a) Abantu abaningi banamuphi umbono ngokuba umuntu ongokomoya? (b) Yimiphi imibuzo eyinhloko mayelana nokuba umuntu ongokomoya esizoxoxa ngayo?

UDADE waseCanada uthi, “Ukuba umuntu ongokomoya kungenze ngajabula, kwangisiza ngabhekana ngokuphumelelayo nezinkinga zokuphila.” Umzalwane waseBrazil uthi, “Sekuphele iminyaka engu-23 sishadile futhi siphila kamnandi, lokho kubangelwe ukuthi silwela ukuba abantu abangokomoya.” Umzalwane ePhilippines uthi, “Ukuba umuntu ongokomoya kuye kwanginika ukuthula kwengqondo, kwangisiza ngathuthukisa indlela engisebenzelana ngayo nabafowethu abavela ezizindeni ezingafani.”

2 Amazwi afana nalawa abonisa ukuthi ukuba umuntu ongokomoya kuyazuzisa. Lokho kungabangela ukuba sizibuze: ‘Ngingathuthuka kanjani ngokomoya, ngithole izinzuzo ezifana nezalabo esikhulume ngabo ngenhla?’ Nokho, ngaphambi kokuba siphendule lo mbuzo, kudingeka sikuqonde ngokucacile lokho okushiwo iBhayibheli ngokuba abantu abangokomoya. Kulesi sihloko, sizophendula imibuzo emithathu eyinhloko. (1) Kusho ukuthini ukuba umuntu ongokomoya? (2) Yiziphi izibonelo ezizosisiza sithuthuke ngokomoya? (3) Imizamo yethu yokuba ‘nomqondo kaKristu’ izosisiza kanjani sibe abantu abangokomoya?

KUSHO UKUTHINI UKUBA UMUNTU ONGOKOMOYA?

3. Indlela iBhayibheli elichaza ngayo umuntu wenyama ihluke kanjani endleleni elichaza ngayo umuntu ongokomoya?

3 Umphostoli uPawulu, usisiza siqonde ukuthi kusho ukuthini ukuba umuntu ongokomoya ngokuqhathanisa “umuntu ongokomoya” ‘nomuntu wenyama.’ (Funda eyoku-1 Korinte 2:14-16.) Uyini umehluko? Lapho echazwa, “umuntu wenyama akazamukeli izinto zomoya kaNkulunkulu, ngoba ziwubuwula kuye; futhi akanakuzazi.” Ngakolunye uhlangothi, “umuntu ongokomoya” ungumuntu ‘ohlola zonke izinto’ futhi ‘unomqondo kaKristu.’ UPawulu usikhuthaza ukuba sibe abantu abangokomoya. Yiziphi ezinye izindlela umuntu wenyama ahluke ngazo kumuntu ongokomoya?

4, 5. Umuntu wenyama ubonakala kanjani?

4 Okokuqala cabanga ngendlela umuntu wenyama acabanga ngayo. Indlela abantu abangamkhonzi uNkulunkulu abacabanga ngayo igxile kakhulu kulokho okufiswa yinyama. UPawulu lapho echaza lokhu wathi, “Umoya manje osebenza emadodaneni okungalaleli.” (Efe. 2:2) Lo moya ubangela ukuba abantu abaningi balandele indlela yokucabanga ethandwa yiningi. Benze lokho okufunwa yinyama. Ngenxa yalokho, abaningi benza lokho okubonakala kukuhle emehlweni abo futhi ayikho imizamo abayenzayo yokuphila ngendlela efunwa uNkulunkulu. Umuntu wenyama ngokuvamile ukhathazeka ngokweqile ngokuvelela nangezinto ezibonakalayo noma akhathazeke ngokulwela lokho acabanga ukuthi kungamalungelo akhe.

5 Yini enye umuntu wenyama angabonakala ngayo? Abantu abenza “imisebenzi yenyama” babalwa phakathi kwabantu benyama. (Gal. 5:19-21) Incwadi yokuqala uPawulu ayibhalela ibandla laseKorinte, yachaza izici eziningana zalabo abacabanga njengomuntu wenyama. Lezi zici zihlanganisa: ukugqugquzela ukuhlukana, ukusekela uhlangothi oluthile, ukususa udweshu, ukumangalelana enkantolo, ukungalihloniphi ilungiselelo lobunhloko, ukuminza nokudakwa. Lapho elingeka, umuntu wenyama uyengeka ngokushesha. (IzAga 7:21, 22) UJude wakhuluma ngalabo abayogcine ‘bengenaso isimo esingokomoya.’​—Jude 18, 19.

6. Umuntu ongokomoya ubonakala kanjani?

6 Kusho ukuthini ukuba “umuntu ongokomoya”? Umuntu ongokomoya unamathela kuNkulunkulu, nokho akunakushiwo into efanayo ngomuntu wenyama, yena wenza okuphambene nalokho. Abantu abangokomoya balwela ukuba “ngabalingisi bakaNkulunkulu.” (Efe. 5:1) Lokhu kusho ukuthi benza umzamo wokucabanga ngendlela uJehova acabanga ngayo futhi babheka izinto ngombono waKhe. UNkulunkulu ungokoqobo kubo. Ngokungafani nabantu benyama, benza konke okusemandleni ukuze abakwenzayo kuvumelane nalokho okufunwa uJehova. (IHu. 119:33; 143:10) Kunokuba agxile emisebenzini yenyama, umuntu ongokomoya ulwela ukubonisa “izithelo zomoya.” (Gal. 5:22, 23) Njengoba umuntu onekhono kwezamabhizinisi engase abizwe ngokuthi usomabhizinisi, umuntu ogxile ezintweni ezingokomoya angabizwa ngokuthi umuntu ongokomoya.

7. Lithini iBhayibheli ngabantu abangokomoya?

7 UJesu wathi bayajabula abantu abangokomoya. KuMathewu 5:3 wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya, ngoba umbuso wamazulu ungowabo.” EyabaseRoma 8:6 ibonisa izinzuzo zokuba umuntu ongokomoya, ithi: “Ukunaka inyama kusho ukufa, kodwa ukunaka umoya kusho ukuphila nokuthula.” Ngokugxila ezintweni ezingokomoya, siba nokuthula noNkulunkulu, siphile ngendlela enokuthula futhi sibe nethemba lokuthola ukuphila okuphakade esikhathini esizayo.

8. Kungani kudingeka umzamo ukuze sizakhe ngokomoya futhi sihlale siqinile?

8 Siphila ezweni eliyingozi. Ngenxa yokuthi sizungezwe abantu abangacabangi ngendlela kaNkulunkulu, kudingeka senze umzamo oqotho wokwakha ingokomoya lethu nokuzigcina siphilile ngokomoya. Lapho umuntu entengantenga ngokomoya uvula isikhala esizogcwaliswa kalula umoya waleli zwe ongcolile. Yini esingayenza ukuze lokho kungenzeki kithi? Singakhula kanjani ngokomoya?

IZIBONELO ESINGAFUNDA KUZO

9. (a) Yini engasisiza sikhule ngokomoya? (b) Yiziphi izibonelo zabantu abangokomoya esizozihlola?

9 Ingane ingafunda lukhulu ngobuka lokho okwenziwa abazali bayo nangokulingisa isibonelo sabo esihle. Ngendlela efanayo, singakhula ngokomoya ngokubuka nangokulingisa isibonelo sabantu abaqinile ngokomoya. Ngakolunye uhlangothi abantu benyama basifundisa lokho okungamelwe sikwenze. (1 Kor. 3:1-4) IBhayibheli liqukethe izibonelo zabantu benyama nabangokomoya. Kodwa njengoba umgomo wethu uwukukhula ngokomoya, ake sihlole izibonelo esingazilingisa zabantu abangokomoya. Sizoxoxa ngesibonelo sikaJakobe, uMariya noJesu.

Yini esingayifunda esibonelweni sikaJakobe? (Bheka isigaba 10)

10. UJakobe wabonisa kanjani ukuthi uyindoda engokomoya?

10 Okokuqala, ake sihlole isibonelo sikaJakobe. Njengoba kunjalo ngeningi lethu namuhla, ukuphila kukaJakobe kwakungelula. Kwadingeka akhuthazelele ukuphila nomfowabo u-Esawu owayecabanga ngendlela ephambene nokucabanga kukaNkunkulu, nowayefuna ukumbulala. Ngaphezu kwalokho, kwadingeka asebenzelane nomukhwe wakhe owayengenaqiniso, owazama ukumkhohlisa ngokuphindaphindiwe. Nakuba ayezungezwe abantu “benyama,” uJakobe wayengumuntu ongokomoya. Wayenokholo esithembisweni esenziwa ku-Abrahama, wazikhandla ukuze anakekele umndeni wakhe futhi wadlala indima ekhethekile ekufezekeni kwenjongo kaJehova. (Gen. 28:10-15) Amazwi nezenzo zikaJakobe kwembula ukuthi wayephila ngokuvumelana nemithetho nentando kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, lapho esongelwa u-Esawu, uJakobe wathi kuNkulunkulu: “Ngiyancenga, ngikhulule . . . wena uthe, ‘Ngokungangabazeki ngizosebenzalana kahle nawe futhi ngizokwenza inzalo yakho ibe ngangesihlabathi solwandle.’” (Gen. 32:6-12) Kuyacaca ukuthi wayenokholo ezithembisweni uJehova ayezenze kuye nakokhokho bakhe futhi wayefuna ukwenza ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu nenjongo yakhe.

Yini esingayifunda esibonelweni sikaMariya? (Bheka isigaba 11)

11. Yini ebonisa ukuthi uMariya wayengumuntu ongokomoya?

11 Manje cabanga ngesinye isibonelo, uMariya. Kungani uJehova akhetha uMariya ukuba abe umama kaJesu? Akungabazeki ukuthi kungenxa yokuthi wayengumuntu ongokomoya. Sikwazi kanjani lokho? Wanikeza ubufakazi obucacile bokuthi ungumuntu ongokomoya, lapho esho amazwi amnandi okudumisa ngesikhathi evakashele izihlobo zakhe uZakariya no-Elizabethe. (Funda uLuka 1:46-55.) Amazwi kaMariya abonisa ukuthi wayelithanda ngokujulile iZwi likaNkulunkulu futhi eyazi kahle imiBhalo YesiHebheru. (Gen. 30:13; 1 Sam. 2:1-10; Mal. 3:12) Phawula nokuthi yena noJosefa, nakuba babesanda kushada, abazange baye ocansini kwaze kwaba yilapho uJesu esezelwe. Lokhu kubonisani? Kubonisa ukuthi bobabili babekhathalela kakhulu intando kaJehova kunokwanelisa izifiso zabo. (Math. 1:25) Njengoba isikhathi siqhubeka, uMariya wayekunakisisa okwakwenzeka ekuphileni kukaJesu futhi wawalalelisisa amazwi kaJesu ahlakaniphile. Ngaphezu kwalokho wawagcina “ngokucophelela wonke la mazwi enhliziyweni yakhe.” (Luka 2:51) Ngokucacile wayezikhathaza ngokwazi ngenjongo kaNkulunkulu ngokuphathelene noMesiya. Isibonelo sikaMariya asisisizi yini sicabange ngendlela esingabeka ngayo intando kaNkulunkulu kuqala ekuphileni kwethu?

12. (a) UJesu wamlingisa kanjani uYise? (b) Singasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

12 Kubo bonke abantu abake baphila, ubani oyisibonelo esivelele somuntu ongokomoya? UJesu. Ngokuphila kwakhe nangenkonzo yakhe wabonisa ukuthi ufuna ukulingisa uYise, uJehova. Indlela ayecabanga ngayo, enza ngayo nayezizwa ngayo yayifana nekaJehova, ephila ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu nemithetho yakhe. (Joh. 8:29; 14:9; 15:10) Ngokwesibonelo, phawula indlela umprofethi u-Isaya achaza ngayo ububele bukaJehova bese uqhathanisa le ncazelo nalokho umlobi weVangeli uMarku akusho ngemizwa kaJesu. (Funda u-Isaya 63:9; Marku 6:34.) Ingabe sifana noJesu, sihlale sikulungele ukubonisa ububele kulabo esihlangana nabo abadinga usizo? Ngaphezu kwalokho, uJesu wazinikela emsebenzini wokushumayela nokufundisa izindaba ezinhle. (Luka 4:43) Imizwa nezenzo ezinjalo kuyizimpawu zomuntu ongokomoya.

13, 14. (a) Yini esingayifunda ezibonelweni zabantu abangokomoya namuhla? (b) Landisa isibonelo.

13 Ngaphandle kwezibonelo eziseBhayibhelini, kunezibonelo zanamuhla eziningi zabantu abangokomoya abaye bathuthuka kakhulu ekuboniseni ubuntu bukaKristu. Mhlawumbe uye waqaphela indlela abayishisekela ngayo inkonzo, ukungenisa kwabo izihambi, ububele babo noma ezinye izimfanelo ezinhle. Njengathi baye balwa nobuthakathaka nokungapheleli kuyilapho bezama ukuhlakulela lezo zimfanelo ezinhle. URachel udade waseBrazil uthi: “Ngangithanda ukulandela izimfashini zaleli zwe. Ngenxa yalokho ngangingagqoki ngendlela enesizotha. Kodwa ukufunda iqiniso kwangishukumisela ukuba ngenze ushintsho oludingekayo ukuze ngibe umuntu ongokomoya. Ukushintsha kwakungelula, kodwa ngajabula futhi ngathola injongo yangempela ekuphileni.”

14 UReylene wasePhilippines, wayebhekene nenkinga ehlukile. Wayegxile ekutholeni imfundo ephakeme nomsebenzi okhokhela kahle ukuze aphumelele ekuphileni. Uthi: “Imigomo yami engokomoya yaqala ukunyamalala. Kodwa ngaqaphela ukuthi kukhona okushodayo ekuphileni kwami, into ebaluleke ukudlula umsebenzi wami wokuziphilisa. Ngenxa yalokho, ngahlela kabusha ngagxila ekukhonzeni uJehova.” Kusukela ngaleso sikhathi, uReylene uye waba yisibonelo sokuba nokholo esithembisweni sikaJehova esilotshwe kuMathewu 6:33, 34. Uthi: “Ngiyaqiniseka ukuthi uJehova uzonginakekela!” Mhlawumbe kukhona umuntu omaziyo ebandleni oyisibonelo esifanayo. Lokhu kusenza sifune ukulingisa isibonelo salabo abathembekile njengoba belandela uKristu.​—1 Kor. 11:1; 2 Thes. 3:7.

YIBA ‘NOMQONDO KAKRISTU’

15, 16. (a) Ukuze sibe njengoKristu, yini okudingeka siyenze? (b) Singawubona kanjani umqondo kaKristu?

15 Thina singamlingisa kanjani uKristu? IBhayibheli kweyo-1 Korinte 2:16 likhuluma ngokuba ‘nomqondo kaKristu.’ EyabaseRoma 15:5 ikhuluma ngokuba “nesimo sengqondo esifanayo naleso uKristu Jesu ayenaso.” Ngakho, ukuze sifane noKristu kudingeka sazi indlela yakhe yokucabanga sibuqonde ngokuphelele ubuntu bakhe. Ngemva kwalokho kudingeka silandele izinyathelo zakhe. Ingqondo kaJesu igxile ebuhlotsheni bakhe noNkulunkulu. Ngakho ukuba njengoJesu kusenza sifane noJehova. Ngenxa yalezi zizathu kuyacaca ukuthi kungani kubalulekile ukufunda ukucabanga ngendlela uJesu acabanga ngayo.

16 Lokho singakwenza kanjani? Abafundi bakaJesu babona izimangaliso zakhe, bamuzwa efundisa, babona indlela ayephatha ngayo zonke izinhlobo zabantu babona nendlela ayesebenzisa ngayo izimiso zikaNkulunkulu. Bathi: “Singofakazi bazo zonke izinto azenza.” (IzE. 10:39) Nokho, thina asikwazi ukumbona ngokuqondile. Noma kunjalo, ngothando uJehova usinikeze ukulandisa kwamaVangeli okwenza ubuntu bukaJesu buphile ezingqondweni zethu. Ngokufunda nangokuzindla ngezincwadi zeBhayibheli uMathewu, uMarku, uLuka noJohane siyakwazi ukubona umqondo kaKristu. Ngaleyo ndlela ‘singalandela izinyathelo zakhe eduze’ futhi ‘sihlome ngesimo sengqondo esifana’ nesikaKristu.​—1 Pet. 2:21; 4:1.

17. Ukucabanga njengoKristu kuyosisiza kanjani?

17 Ukufunda ukucabanga njengoKristu kuyosisiza kanjani? Njengoba ukudla okunomsoco kuqinisa umzimba, ukondla ingqondo yethu ngomqondo kaKristu kuqinisa ingokomoya lethu. Kancane kancane siyogcina sesazi ukuthi uKristu ubezokwenzenjani esimweni esithile. Lokhu kube sekusisiza senze izinqumo ezingeke zilimaze unembeza wethu futhi samukelwe uNkulunkulu. Awuvumi yini ukuthi lezi zinzuzo zisinika isizathu esihle ‘sokugqoka iNkosi uJesu Kristu’?​—Roma 13:14.

18. Yini oyifundile kulesi sihloko mayelana nokuba umuntu ongokomoya?

18 Sixoxe ngokuthi kusho ukuthini ukuba umuntu ongokomoya. Sibonile nokuthi singafunda ezibonelweni ezinhle zabantu abangokomoya. Ekugcineni, sibonile ukuthi ukuba ‘nomqondo kaKristu’ kuyasisiza sikhule ngokomoya. Nokho, kunezinto eziningana ngokuphathelene nengokomoya okufanele sizihlole. Ngokwesibonelo, singazihlola kanjani ukuthi siqine kangakanani ngokomoya? Yini esingayenza ukuze siqhubeke sikhula ngokomoya? Ingokomoya lethu lizokuthinta kanjani ukuphila kwethu? Isihloko esilandelayo sizosisiza siphendule le mibuzo.