Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Thuthuka Njengomuntu Ongokomoya!

Thuthuka Njengomuntu Ongokomoya!

“Qhubekani nihamba ngomoya.”​—GAL. 5:16.

IZINGOMA: 136, 10

1, 2. Yini uRobert ayiphawula ngesimo sengokomoya lakhe futhi wenzani ngalokho?

UROBERT wabhapathizwa eneminyaka engu-15 kodwa wayelithatha kalula iqiniso. Uthi: “Akukho okubi engangikwenza kodwa ngangimane nje ngigcina icala. Ngangibonakala ngingumuntu oqinile ngokomoya, ngiya kuyo yonke imihlangano yebandla futhi ngezikhathi ezithile ngonyaka ngikhonza njengephayona elisizayo. Kodwa kukhona okwakushoda.”

2 URobert akazange ayibone inkinga kwaze kwaba yilapho eseshadile. Yena nomkakhe babezilibazisa ngokubuzana imibuzo esekelwe ezihlokweni zeBhayibheli. Umkakhe, owayeqinile ngokomoya, wayengenayo inkinga yokuphendula imibuzo kodwa uRobert kaningana wayehluleka ukuphendula okwakumenza abe namahloni. Uthi: “Kwakungathi angazi lutho. Ngacabanga, ‘Uma ngizoba inhloko engokomoya yomkami, kuzomelwe ngenze okuthile.’” Yilokho kanye uRobert akwenza. Uthi: “Ngafunda iBhayibheli futhi ngalitadisha ngajula kwabe sekukhanya bha. Ngaqala ukuqonda futhi okubaluleke nakakhulu ngasondelana noJehova.”

3. (a) Yini esingayifunda kulokho okwenzeka kuRobert? (b) Sizophendula miphi imibuzo eyinhloko?

3 Singafunda izifundo ezibalulekile kulokho okwenzeka kuRobert. Singase sibe nolwazi lwemiBhalo futhi sizihlanganise njalo nebandla lobuKristu kodwa lezi zinto zizodwa azisenzi abantu abangokomoya. Noma, kungenzeka ukuthi sesithuthukile ngokwezinga elithile kodwa lapho sizihlolisisa sithola ukuthi sisengalithuthukisa kakhudlwana ingokomoya lethu. (Fil. 3:16) Ukuze siqhubeke sithuthuka, sizophendula imibuzo emithathu eyinhloko kulesi sihloko: (1) Yini ezosisiza sihlole ingokomoya lethu? (2) Singalihlakulela kanjani ingokomoya futhi siqhubeke sithuthuka njengabantu abangokomoya? (3) Ukuba nengokomoya eliqinile kungasisiza kanjani ekuphileni kwethu kwansuku zonke?

UKUZIHLOLA

4. Iseluleko esitholakala kweyabase-Efesu 4:23, 24 sibhekisela kobani?

4 Lapho siba izikhonzi zikaNkulunkulu senza izinguquko ezathinta ukuphila kwethu konke. Kwadingeka siqhubeke senza izinguquko ngisho nalapho sesibhapathiziwe. Sitshelwa ukuthi ‘kufanele senziwe basha emandleni ashukumisa ingqondo yethu.’ (Efe. 4:23, 24.) Njengabantu abanesono, sonke kudingeka siqhubeke senze izinguquko. Ngisho nezinceku zikaJehova esezimkhonze isikhathi eside kudingeka zilondoloze ingokomoya lazo.​—Fil. 3:12, 13.

5. Yimiphi imibuzo engasisiza sizihlole?

5 Ukuze sithuthukise futhi silondoloze ingokomoya lethu kudingeka sizihlolisise ngokwethembeka. Kungakhathaliseki ukuthi sibadala noma sibasha, singazibuza le mibuzo: ‘Ingabe zikhona izimpawu ezibonisa ukuthi ngiyathuthuka ngokomoya? Ingabe ubuntu bami buya bufana nobukaKristu? Indlela engizizwa nengiziphatha ngayo emihlanganweni yobuKristu ibonisani ngokujula kwengokomoya lami? Izinto engizikhulumayo zibonisani ngezifiso zami? Imikhuba yami yokutadisha, indlela yami yokugqoka nokuzilungisa noma indlela engisabela ngayo lapho ngelulekwa kubonisani ngami? Ngenzenjani lapho ngibhekene nezilingo? Ingabe sengazi okungaphezu kwezimfundiso eziyisisekelo okungenza ngibe umKristu ovuthiwe? (Efe. 4:13) Izimpendulo zale mibuzo ziyosisiza sihlole intuthuko yengokomoya lethu.

6. Ukuze sizihlole ngokomoya, yini enye engase idingeke?

6 Ukuze sizihlole ngokomoya singase sidinge ukusizwa abanye ngezinye izikhathi. Umphostoli uPawulu waveza ukuthi umuntu wenyama akakwazi ukubona ukuthi indlela aphila ngayo ayimjabulisi uNkulunkulu. Ngakolunye uhlangothi, umuntu ongokomoya uyawuqonda umbono kaNkulunkulu kanye nenkambo embi yomuntu wenyama. (1 Kor. 2:14-16; 3:1-3) Abadala abanombono kaKristu ngokuvamile bayashesha ukubona izimpawu zomuntu onombono wenyama. Lapho besiqaphelisa lokhu, ingabe siyasamukela futhi sisisebenzise iseluleko sabo? Ngokwenza kanjalo, sibonisa ukuthi siyafisa ukuthuthuka ngokomoya.​—UmSh. 7:5, 9.

YIBA UMUNTU OQINILE NGOKOMOYA

7. Kungani ukuba nolwazi lweBhayibheli kunganele ukuze ube umuntu ngokomoya?

7 Khumbula ukuthi ukuze ube ngokomoya akwanele ukumane nje wazi iBhayibheli. Inkosi yasendulo uSolomoni yayinolwazi oluningi ngezindlela zikaJehova. Izaga azisho zaba ingxenye yeBhayibheli. Nokho, ekugcineni wahluleka ukuhlala eqotho kuJehova. (1 AmaKh. 4:29, 30; 11:4-6) Ngakho ngaphezu kokwazi iBhayibheli, yini edingekayo? Kudingeka siqhubeke sithuthuka ngokomoya. (Kol. 2:6, 7) Nokho sikwenza kanjani lokho?

8, 9. (a) Yini ezosisiza sithuthuke ngokomoya? (b) Uyini umgomo wethu lapho sitadisha futhi sicabangasisa ngalokho esikufundile? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

8 UPawulu wanxusa amaKristu angekhulu lokuqala ukuba ‘aphokophelele ekuvuthweni.’ (Heb. 6:1) Namuhla ukuze sisebenzise iseluleko sikaPawulu, yiziphi izinyathelo esingazithatha? Esinye sezinyathelo ezibalulekile ukutadisha incwadi ethi Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu.Ukufunda le ncwadi uyiqede kuzokusiza ubone indlela ongasebenzisa ngayo izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwakho. Uma usuyiqedile le ncwadi, kungani ungadluleli kwenye incwadi engakusiza ube nokholo oluqinile? (Kol. 1:23) Ingabe uyacabangisisa ngokuthi ungakusebenzisa kanjani ekuphileni kwakho lokho okufundile?

9 Khumbula nokuthi njengoba sifunda futhi sicabangisisa ngalokho esikufundayo, kumelwe sikwenze sinomgomo wokuthuthukisa isifiso esisuka enhliziyweni sokujabulisa uJehova nokulalela imithetho yakhe. (IHu. 40:8; 119:97) Ngesikhathi esifanayo, sizame ukulahla izinto ezingaphazamisa intuthuko yethu engokomoya.—Thithu 2:11, 12.

10. Yini abasebasha abangayenza ukuze bakhule ngokomoya?

10 Uma usemusha, ingabe ikhona imigomo engokomoya ozibekele yona? Lapho esemhlanganweni wesigodi, umzalwane okhonza eBethel uvame ukukhuluma nabazobhapathizwa ngaphambi kokuba isimiso siqale. Abaningi kubo kusuke kuyintsha. Umzalwane uye abuze le ntsha ukuthi yimiphi imigomo engokomoya ezibekele yona. Izimpendulo zayo ziye zibonise ukuthi inombono ocacile ngalokho efuna ukukwenza ukuze ikhonze uJehova—kungase kube ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele noma ukukhonza lapho kunesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso. Nokho, ngezinye izikhathi enye intsha ayazi ukuthi iphendule ithini. Ingabe lokho kubonisa ukuthi ayikazibekeli imigomo engokomoya? Njengosemusha, zibuze: ‘Ingabe ngenza izinto ezingokomoya ngoba nje abazali bami belindele ukuba ngizenze? Ingabe ngisondela kuNkulunkulu ngokulondoloza ubuhlobo obuhle naye?’ Yiqiniso, iseluleko sokuba nemigomo engokomoya asisebenzi nje kwabasebasha kuphela. Ukuzibekela imigomo engokomoya kuzosisiza sonke njengezinceku zikaJehova sikhule ngokomoya.​—UmSh. 12:1, 13.

11. (a) Ukuze sithuthuke ngokomoya, yini okudingeka siyenze? (b) Yisiphi isibonelo esiseBhayibhelini esingasilingisa?

11 Uma sesizazi izinto esingathuthukisa kuzo, kudingeka sithathe izinyathelo ezizosisiza sithuthuke. Ukuba umuntu ongokomoya kubaluleke kakhulu. Empeleni, kuyindaba yokufa nokuphila. (Roma 8:6-8) Nokho, ukuvuthwa ngokomoya akusho ukuba abantu abaphelele. Umoya ongcwele kaJehova ungasisiza sithuthuke. Noma kunjalo, kudingeka senze umzamo. Eminyakeni edlule uJohn Barr, owayekhonza njengelungu leNdikimba Ebusayo, washo lokhu lapho ekhulumela uLuka 13:24, “Abaningi bayehluleka ngoba abazikhandli ngokwanele ukuze bakhule babe amaKristu avuthiwe.” Kudingeka sifane noJakobe ongayekanga ukubambana nengelosi waze wathola isibusiso. (Gen. 32:26-28) Nakuba kungase kube mnandi ukutadisha iBhayibheli, akufanele silindele ukuba iBhayibheli lifane nenoveli ebhalelwe nje ukujabulisa abantu. Kudingeka sizame ukuthola amagugu angokomoya azosisiza.

12, 13. (a) Yini ezosisiza sisebenzise eyabaseRoma 15:5? (b) Isibonelo neseluleko somphostoli uPetru singasisiza kanjani? (c) Yini ongayenza ukuze ukhule ngokomoya? (Bheka ibhokisi elithi “ Izinto Ongazenza Ukuze Ukhule Ngokomoya.”)

12 Njengoba sizikhandla ukuze sikhule ngokomoya, umoya ongcwele uyosisiza siguqule izingqondo zethu. Ngosizo lomoya ongcwele kancane kancane siyokwazi ukucabanga njengoKristu. (Roma 15:5) Ngaphezu kwalokho, kuyosisiza sisiphule izifiso zenyama bese sihlakulela ubuntu obujabulisa uNkulunkulu. (Gal. 5:16, 22, 23) Kumelwe singadikibali lapho siqaphela ukuthi indlela yethu yokucabanga ayihambisani nendlela kaNkulunkulu yokucabanga. Qhubeka uthandazela umoya ongcwele, uJehova uzokusiza ulungise indlela ocabanga ngayo ukuze ugxile ezintweni ezifanele. (Luka 11:13) Khumbula umphostoli uPetru. Kaningana ekuphileni kwakhe akenzanga ngendlela umuntu ongokomoya okufanele enze ngayo. (Math. 16:22, 23; Luka 22:34, 54-62; Gal. 2:11-14) Kodwa akadikibalanga. Kancane kancane uJehova wamsiza wacabanga njengoKristu. Nathi singenza okufanayo.

13 Empeleni, ngokuhamba kwesikhathi uPetru washo izinto okufanele sisebenzele kuzo. (Funda eyesi-2 Petru 1:5-8.) Njengoba sizikhandla ukuze sihlakulele ukuzithiba, ukukhuthazela futhi sithande abazalwane, lokho kuyosisiza siqhubeke sikhula ngokomoya. Nsuku zonke zibuze, ‘Yini engingayenza namuhla ukuze ngithuthuke ngokomoya?’

UKUPHILA NGOKUVUMELANA NEZIMISO ZEBHAYIBHELI NSUKU ZONKE

14. Ukuba abantu abangokomoya kuyokuthinta kanjani ukuphila kwethu?

14 Ukucabanga njengoKristu kuyothinta indlela esikhuluma ngayo, esiziphatha ngayo emsebenzini noma esikoleni nezinqumo esizenza nsuku zonke. Lezo zinqumo ziyobonisa ukuthi silwela ukuba abalandeli bakaKristu. Njengabantu abangokomoya asifuni lutho olungalimaza ubuhlobo bethu noBaba wethu osezulwini. Ngenxa yokuthi sinomqondo kaKristu, lapho silingwa, into yokuqala esiyocabanga ukuyenza ukudedisela lezo zilingo kude nathi. Lapho senza izinqumo siyozibuza le mibuzo: ‘Yiziphi izimiso zeBhayibheli ezingangisiza ngenze isinqumo? UKristu ubezokwenzenjani kulesi simo? Yisiphi isinqumo esiyojabulisa uJehova? Ukuze sikwazi ukucabanga ngale ndlela, ake sihlole izibonelo ezimbalwa. Esibonelweni ngasinye sizohlola isimiso seBhayibheli esingasisiza senze isinqumo esihlakaniphile.

15, 16. Yisho izibonelo zendlela ukucabanga njengoKristu okungasisiza ngayo senze izinqumo lapho (a)sikhetha umuntu esizoshada naye. (b) sikhetha abangane.

15 Ukukhetha umuntu ozoshada naye. Isimiso esingokomBhalo sitholakala kweyesi-2 Korinte 6:14, 15. (Funda.) Amazwi kaPawulu abonisa ngokucacile ukuthi umuntu ongokomoya ngeke abe nobuhlobo nomuntu wenyama ngoba abacabangi ngendlela efanayo. Lesi simiso singasebenza kanjani lapho ukhetha umuntu ozoshada naye?

16 Abangane. Phawula isimiso esingokomBhalo esitholakala kweyoku-1 Korinte 15:33. (Funda.) Umuntu okhonza uNkulunkulu ngeke azihlanganise nabantu abangalimaza ubuhlobo bakhe noNkulunkulu. Yimiphi imibuzo engakusiza ukusebenzise ngokoqobo lokhu? Ngokwesibonelo, lokho kusebenza kanjani uma kuziwa ezinkundleni zokuxhumana? Yini okufanele uyenze lapho uthola isimemo sokudlala imidlalo ye-inthanethi nabantu ongabazi?

Ingabe izinqumo zami zizongisiza ngikhule ngokomoya, ngizibekele imigomo engokomoya futhi ngibe ‘umenzi wokuthula’? (Bheka isigaba 17)

17-19. Ukuba nombono ongokomoya kuzokusiza kanjani (a) ugweme ukuphishekela izinto ezingazuzisi? (b) uzibekele imigomo? (c) ulungise izingxabano?

17 Izinto ezivimba intuthuko engokomoya. UPawulu wabhalela amaKristu amazwi ayisixwayiso. (Funda eyamaHebheru 6:1.) Yimiphi ‘imisebenzi efile’ okufanele siyigweme? Sigwema noma yini esiyenzayo engazuzisi ngokomoya. Lesi simiso singasisiza siphendule imibuzo eminingi esingazibuza yona, njengokuthi: ‘Ingabe lokhu kuyingxenye yemisebenzi yenyama? Ingabe kufanele ngizibandakanye kule ndlela yokwenza imali? Kungani kungafanele ngibe ingxenye yezinhlangano ezizama ukulungisa izimo zezwe?’

Ingabe izinqumo zami zizongisiza ngikhule ngokomoya, ngizibekele imigomo engokomoya futhi ngibe ‘umenzi wokuthula’? (Bheka isigaba 18)

18 Imigomo engokomoya. Amazwi uJesu awasho eNtshumayelweni Yasentabeni asinika iziqondiso ezicacile zokuzibekela imigomo. (Math. 6:33) Umuntu ongokomoya uphishekela imigomo engokomoya. Ukucabanga ngalesi simiso kusisiza siphendule imibuzo ethi: ‘Ingabe kufanele ngizikhandle ukuze ngiphishekele imfundo ephakeme? Ingabe kufanele ngiwamukele lo msebenzi?’

Ingabe izinqumo zami zizongisiza ngikhule ngokomoya, ngizibekele imigomo engokomoya futhi ngibe ‘umenzi wokuthula’? (Bheka isigaba 19)

19 Izingxabano. Iseluleko uPawulu asibhalela ibandla laseRoma sisisiza kanjani silungise izingxabano? (Roma 12:18) Njengabalandeli bakaKristu, sizama ukuba “nokuthula nabantu bonke.” Senzenjani lapho sixabana nothile? Ingabe sikuthola kunzima ukuhoxa noma saziwa njengabantu “abenza ukuthula”?​—Jak. 3:18.

20. Kungani ufuna ukuthuthuka ngokomoya?

20 Lezi kumane nje kuyizibonelo ezimbalwa ezibonisa indlela ukucabanga ngezimiso zikaNkulunkulu okungasisiza ngayo senze izinqumo ezivumelana nalokho okulindelekile kumuntu ongokomoya. Ukuba abantu abangokomoya kungasisiza siphile ukuphila okujabulisayo nokwanelisayo. URobert, okukhulunywe ngaye ekuqaleni kwalesi sihloko, uthi: “Ukuba nobuhlobo obuqinile noJehova, kwangenza umyeni nobaba ongcono. Lokho kwangenza ngajabula futhi nganeliseka.” Singathola izibusiso ezifanayo uma ukuthuthuka ngokomoya kuza kuqala ekuphileni kwethu. Umuntu ongokomoya uyophila ukuphila okwanelisayo manje futhi athole ‘nokuphila kwangempela’ esikhathini esizayo.​—1 Thim. 6:19.