Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isiyalo Siwubufakazi Bokuthi UNkulunkulu Uyasithanda

Isiyalo Siwubufakazi Bokuthi UNkulunkulu Uyasithanda

“UJehova uyamyala lowo amthandayo.”​—HEB. 12:6.

IZINGOMA: 125, 117

1. Ngokuvamile isiyalo sivezwa kanjani eBhayibhelini?

LAPHO uzwa igama elithi “isiyalo,” yini efika kuqala engqondweni yakho? Mhlawumbe ucabanga ngesijeziso, kodwa kuningi okuhilelekile kuleli gama. Ngokuvamile eBhayibhelini isiyalo sivezwa njengento enhle, ngezinye izikhathi ehambisana nolwazi, ukuhlakanipha, uthando nokuphila. (IzAga 1:2-7; 4:11-13) Lokho kubangelwa ukuthi isiyalo sikaNkulunkulu siwukubonakaliswa kwendlela asithanda ngayo nesifiso sakhe sokuba sithole ukuphila okuphakade. (Heb. 12:6) Nakuba isiyalo sakhe singase sihambisane nesijeziso, asilokothi sihlukumeze noma sibe nonya. Ngempela, incazelo yegama elithi “isiyalo” ngokuyinhloko ihlobana nemfundo, efana naleyo ebonakala lapho kukhuliswa ingane ethandwayo.

2, 3. Isiyalo singahlanganisa kanjani ukufundisa nokujezisa? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

2 Cabanga ngalesi sibonelo: Umfana osemcane, uJohnny udlala ngebhola endlini. Unina athi kuye: “Johnny, uyazi ukuthi akufanele udlale ngebhola endlini! Uzophula izinto.” Kodwa akamlaleli unina, aqhubeke edlala ngebhola bese ngephutha ephula isitsha sokuhlobisa. Umama uzomyala kanjani? Isiyalo singase sihlanganise ukumfundisa nokumjezisa. Lapho emfundisa, angase akhumbuze uJohnny ukuthi kungani kukubi lokhu akwenzile. Ufuna ukumfundisa ukuhlakanipha kokulalela abazali bakhe, amchazele ukuthi imithetho iyadingeka futhi isuke icatshangelwe kahle. Ukuze agcizelele amazwi akhe, angase amjezise ngendlela efanele. Ngokwesibonelo, angase athathe ibhola ukuze uJohnny angakwazi ukudlala ngalo isikhathi esithile. Lokho kungamenza aqaphele ukuthi ukungalaleli kunemiphumela.

3 Njengamalungu ebandla lobuKristu, siyingxenye yendlu kaNkulunkulu. (1 Thim. 3:15) Ngakho siyalihlonipha ilungelo likaJehova lokusibekela imithetho nelokusiyala ngothando lapho siyiphula. Ngaphezu kwalokho, uma izenzo zethu zibe nemiphumela emibi, isiyalo sakhe sizosikhumbuza ukuthi kubaluleke kangakanani ukulalela uBaba wethu osezulwini. (Gal. 6:7) UNkulunkulu usikhathalela ngokujulile futhi ufuna sigweme izinkathazo.​—1 Pet. 5:6, 7.

4. (a) UJehova ubusisa luphi uhlobo lokuqeqesha? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

4 Ngokuzinika isiyalo esisekelwe eBhayibhelini, singazisiza izingane zethu noma esibafundela iBhayibheli ukuba babe abalandeli bakaKristu. IZwi likaNkulunkulu, okuyithuluzi lethu eliyinhloko lokufundisa, lisisiza ‘siyale ekulungeni.’ Ngaleyo ndlela, singasiza ingane yethu noma umuntu esimfundela iBhayibheli ukuba aqonde futhi ‘agcine konke uJesu asiyale ngakho.’ (2 Thim. 3:16; Math. 28:19, 20) UJehova uyalubusisa lolu hlobo lokuqeqesha, olusiza abafundi bakwazi ukufundisa abanye ngoKristu. (Funda uThithu 2:11-14.) Manje ake sixoxe ngezimpendulo zale mibuzo emithathu ebalulekile: (1) Indlela uNkulunkulu asiyala ngayo ibonisa kanjani ukuthi uyasithanda? (2) Yini esingayifunda kulabo uNkulunkulu abayala esikhathini esidlule? (3) Lapho siyala abanye, singamlingisa kanjani uJehova neNdodana yakhe?

UNKULUNKULU USIYALA NGOTHANDO

5. Isiyalo esivela kuJehova sibonisa kanjani ukuthi uyasithanda?

5 Ngenxa yothando, uJehova uyasilungisa, asifundise futhi asiqeqeshe ukuze sihlale othandweni lwakhe, sisendleleni eholela ekuphileni. (1 Joh. 4:16) Akalokothi asehlise isithunzi noma asidelele, asenze sizizwe singelutho. (IzAga 12:18) Kunalokho, uJehova, uyasihlonipha, ahlole ubuhle obusenhliziyweni yethu futhi ahloniphe inkululeko yethu yokuzikhethela. Ingabe usibheka kanjalo isiyalo sikaNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi usithola eZwini lakhe, ezincwadini ezisekelwe eBhayibhelini, kubazali abangamaKristu noma kubadala bebandla? Ngempela, abadala abazama ukusilungisa ngomusa nangothando lapho ‘sithatha isinyathelo okungesona,’ mhlawumbe ngephutha, babonisa indlela uJehova asithanda ngayo.​—Gal. 6:1.

6. Lapho isiyalo sihilela ukulahlekelwa amalungelo, lokho kubonisa kanjani ukuthi uNkulunkulu uyasithanda?

6 Nokho, ngezinye izikhathi isiyalo singahilela okungaphezu kweseluleko noma ukukhuzwa. Uma kwenziwe isono esikhulu, isiyalo singase sihilele ukulahlekelwa amalungelo ebandleni. Ngisho nangaphansi kwaleso simo, isiyalo esinjalo sibonisa ukuthi uNkulunkulu uyasithanda. Ngokwesibonelo, ukulahlekelwa yilungelo kungasiza umuntu aqaphele ukuthi kubaluleke kangakanani ukugxila kakhudlwana ekutadisheni iBhayibheli, ekucabangisiseni ngalokho akufunda kulo nokuthandaza. Lokho kungamenza aqine ngokomoya. (IHu. 19:7) Ngokuhamba kwesikhathi angaphinde awathole amalungelo. Ngisho nokususwa ekuhlanganyeleni kubonisa ukuthi uJehova uyasithanda ngoba kuvikela ibandla emathonyeni amabi. (1 Kor. 5:6, 7, 11) Ngenxa yokuthi uNkulunkulu usiyala ngezinga elifanele, ukususwa ekuhlanganyeleni kungenza isoni sibone ukuthi sibi kangakanani isono esisenzile, bese lokho kusenze siphenduke.​—IzE. 3:19.

WAZUZA ESIYALWENI SIKAJEHOVA

7. Wayengubani uShebina, yini embi aqala ukuba nayo?

7 Ukuze sigcizelele ukubaluleka kwesiyalo, ake sixoxe ngabantu ababili uJehova abayala: uShebina, owayephila ngesikhathi seNkosi uHezekiya, noGraham umzalwane ophila osukwini lwethu. Njengenceku ‘eyayengamele indlu’—okungenzeka kwakungekaHezekiya—uShebina wayenegunya eliphawulekayo. (Isaya 22:15) Nokho, ngokudabukisayo, wakhukhumala, wazifunela udumo. Wazenzela ngisho nethuna likanokusho, wagibela “izinqola zenkazimulo”!​—Isaya 22:16-18.

Ukushintsha ngokuthobeka indlela esicabanga ngayo kusilethela izibusiso zikaNkulunkulu (Bheka izigaba 8-10)

8. UJehova wamyala kanjani uShebina, kwaba namiphi imiphumela?

8 Ngenxa yokuthi uShebina wayezifunela udumo, uNkulunkulu ‘wamdiliza endaweni yakhe’ wafaka u-Eliyakimi esikhundleni sakhe. (Isaya 22:19-21) Lolu shintsho lwenzeka ngesikhathi inkosi yase-Asiriya uSaneheribi yayizimisele ukuhlasela iJerusalema. Ngemva kwesikhathi, leyo nkosi yathumela izikhulu zayo eJerusalema, kanye nebutho elikhulu ukuba ziyofaka amaJuda amanzi emadolweni zethuse noHezekiya ukuze azinikele kuma-Asiriya. (2 AmaKh. 18:17-25) Kwathunywa u-Eliyakimi ukuba ayokhuluma nalezi zikhulu, kodwa wayengahambi yedwa. Wayephelezelwa amadoda amabili, enye yawo kwakunguShebina, manje owayesengunobhala. Ingabe lokhu kungasho ukuthi uShebina akavumelanga ukunqotshwa ukucasuka nenzondo, kunalokho ngokuthobeka wamukela isabelo esingaphansi kwaleso ayenaso ekuqaleni? Uma kunjalo, yisiphi isifundo esingasithola kule ndaba? Ake sixoxe ngezifundo ezintathu.

9-11. (a) Yiziphi izifundo ezibalulekile esingazifunda endabeni kaShebina? (b) Indlela uJehova amphatha ngayo uShebina ikukhuthaza kanjani?

9 Okokuqala, uShebina walahlekelwa yisikhundla sakhe. Okwenzeka kuye kuyisixwayiso sokuthi “ukuziqhenya kwandulela ukuphahlazeka, nomoya ozidlayo wandulela ukukhubeka.” (IzAga 16:18) Uma unelungelo ebandleni, mhlawumbe elikwenza ubukeke uvelele, ingabe uzozibheka njengophansi? Ingabe uzodumisa uJehova nganoma yimaphi amakhono onawo noma lokho okufezile? (1 Kor. 4:7) Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngitshela wonke umuntu lapho phakathi kwenu ukuba angazicabangi emkhulu kunalokho okudingeke ukuba akucabange; kodwa acabange ukuze abe nengqondo ehluzekile.”​—Roma 12:3.

10 Okwesibili, ngokunika uShebina isiyalo esiqinile, kungenzeka ukuthi uJehova wayebonisa ukuthi akabheki uShebina njengomuntu ongeke aphenduke. (IzAga 3:11, 12) Leso yisibonelo esihle ngempela kulabo abalahlekelwa amalungelo enkonzo ebandleni likaNkulunkulu namuhla! Kunokuba bathukuthele babe nenzondo, kwangathi bangaqhubeka bekhonza uNkulunkulu ngamandla abo onke ngokwezimo zabo, bebheka isiyalo njengobufakazi bokuthi uJehova uyabathanda. Khumbula, uBaba wethu uyosibheka njengabantu angaphinde abasebenzise uma sizithoba kuye. (Funda eyoku-1 Petru 5:6, 7.) Isiyalo esinothando singaba yindlela uNkulunkulu asibumba ngayo, ngakho masibe ubumba oluthambile ezandleni zakhe.

11 Okwesithathu, indlela uJehova aphatha ngayo uShebina iyisifundo esibalulekile kulabo abanegunya lokunika isiyalo, njengabazali nababonisi abangamaKristu. Yisiphi leso sifundo? Nakuba isiyalo sikaJehova singabonisa indlela asizonda ngayo isono, singabonisa nendlela amkhathalela ngayo umuntu owonile. Uma njengomzali noma umbonisi kudingeka unikeze isiyalo, ingabe uzolingisa uJehova, uzonde okubi kuyilapho ufuna okuhle enganeni yakho noma kumkhulekeli okanye naye?​—Jude 22, 23.

12-14. (a) Abanye abantu basabela kanjani lapho beyalwa uNkulunkulu? (b) IZwi likaNkulunkulu lamsiza kanjani omunye umzalwane ukuba alungise indlela acabanga ngayo futhi kwaba namiphi imiphumela?

12 Ngokudabukisayo, ngemva kokuthola isiyalo, abanye bayehluleka ukubhekana nobuhlungu baze ngisho baqhele kuNkulunkulu nakubantu bakhe. (Heb. 3:12, 13) Kodwa ingabe lokho kusho ukuthi abantu abanjalo ngeke besasizakala? Cabanga ngoGraham, owasuswa ekuhlanganyeleni, wabuyiselwa ngokuhamba kwesikhathi wabe esephola. Ngemva kweminyaka eminingana, wacela umdala owazisondeza kuye ukuba amfundele iBhayibheli.

13 Umdala uyakhumbula: “UGraham wayenenkinga yokukhukhumala. Wayegxeka abadala ababehilelekile ekususweni kwakhe. Ngakho amasonto ambalwa, sasixoxa ngemiBhalo ekhuluma ngokukhukhumala nemiphumela yako. UGraham waqala ukuzibona ngokucacile esibukweni seZwi likaNkulunkulu futhi akakuthandanga lokho akubona! Kwaba nemiphumela emangalisayo! Ngemva kokuvuma ukuthi wayephuphuthekiswe ‘ugongolo’ lokukhukhumala nokuthi ukugxeka kwakuyinkinga yakhe, waqala ukushintsha ngokushesha waba ngcono. Waqala ukuya emihlanganweni yobuKristu njalo, wafunda iZwi likaNkulunkulu ngobuqotho futhi wathandaza nsuku zonke. Wayamukela nemithwalo yakhe engokomoya njengenhloko yomndeni, okwalethela umkakhe nezingane zakhe injabulo enkulu.”​—Luka 6:41, 42; Jak. 1:23-25.

14 Umdala uyaqhubeka: “Ngolunye usuku uGraham wangitshela into eyangithinta inhliziyo. Wathi: ‘Sekuphele iminyaka eminingi ngilazi iqiniso futhi sengike ngakhonza nanjengephayona. Kodwa ngiyaqala ukusho ngokwethembeka ukuthi ngiyamthanda uJehova.’ Kungakabiphi, wacelwa ukuba anakekele imibhobho eHholo loMbuso​—okuyilungelo alazisa ngokujulile. Isibonelo sakhe sangifundisa ukuthi lapho umuntu ezithoba phambi kukaNkulunkulu futhi amukela isiyalo, uthola izibusiso eziningi!”

LAPHO UYALA OTHILE, LINGISA UNKULUNKULU NOKRISTU

15. Uma sifuna ukuba isiyalo sethu sifinyelele inhliziyo, yini okumelwe siyenze?

15 Ukuze sibe abafundisi abahle, kumelwe siqale sibe abafundi abahle. (1 Thim. 4:15, 16) Ngendlela efanayo, labo uNkulunkulu abanike igunya lokuyala abanye kumelwe baqhubeke bezithoba ngokuzithandela esiqondisweni sikaJehova. Ukuzithoba okunjalo kubenza bahlonishwe futhi kubanika inkululeko yokukhuluma lapho beqeqesha noma belungisa abanye. Cabanga ngesibonelo sikaJesu.

16. Yiziphi izifundo esingazifunda kuJesu ngokuphathelene nesiyalo esifanele nokufundisa okuphumelelayo?

16 UJesu wayehlale emlalela uYise, ngisho nalapho ukwenza kanjalo kwakunzima. (Math. 26:39) Wanika uYise udumo ngezimfundiso zakhe nokuhlakanipha. (Joh. 5:19, 30) Ukuthobeka kukaJesu nokulalela kwakhe kwabangela ukuba abantu abaqotho basondele kuye futhi kwamsiza waba umfundisi onomusa nesihe. (Funda uLuka 4:22.) Amazwi akhe omusa aqinisa labo ababefana nomhlanga olimele noma intambo yefilakisi elokozayo. (Math. 12:20) Ngisho nalapho ukubekezela kwakhe kuvivinywa, uJesu wayenomusa nothando. Lokhu kwabonakala lapho elungisa abaphostoli bakhe ngokubonisa ubugovu nomoya wokuvelela.​—Marku 9:33-37; Luka 22:24-27.

17. Yiziphi izimfanelo ezinhle eziyosiza abadala ukuba babe abelusi abaphumelelayo bomhlambi kaNkulunkulu?

17 Bonke abanegunya lokunikeza isiyalo esingokomBhalo bahlakaniphile lapho belingisa isibonelo sikaKristu. Ngempela, ukwenza kanjalo kubonisa ukuthi banesifiso sokubunjwa uNkulunkulu neNdodana yakhe. Umphostoli uPetru wabhala: “Yalusani umhlambi kaNkulunkulu eniwuphathisiwe, kungabi ngokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela; futhi kungabi ngenxa yothando lwenzuzo yokungathembeki, kodwa ngokulangazela futhi kungabi ngokuzenza izingqongqo phezu kwalabo abayifa likaNkulunkulu, kodwa ngokuba yizibonelo emhlambini.” (1 Pet. 5:2-4) Ababonisi abazithoba kuNkulunkulu nakuKristu, inhloko yebandla, bazizuzisa bona nalabo ababanakekelayo.​—Isaya 32:1, 2, 17, 18.

18. (a) Yini uJehova ayifuna kubazali? (b) UNkulunkulu ubasiza kanjani abazali ukuba bafeze imithwalo yabo?

18 Izimiso ezifanayo ziyasebenza nasemindenini. Izinhloko zemindeni zitshelwa lokhu: ‘Nani bobaba, ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kaJehova.’ (Efe. 6:4) Lokhu kubaluleke kangakanani? IzAga 19:18 zithi: “Yilaye [noma yiyale] indodana yakho, lisekhona ithemba; ungabhekisi inhliziyo yakho ukuyibulala.” (IBhayibheli lesiZulu elivamile) Yebo, abazali abangamaKristu bayolandisa uma behluleka ukunika ingane isiyalo esidingekayo! (1 Sam. 3:12-14) Nokho, uJehova unika abazali ukuhlakanipha namandla abawadingayo lapho ngokuthobeka becela usizo lwakhe ngomthandazo futhi bevuma ukuqondiswa yiZwi lakhe nawumoya wakhe ongcwele.​—Funda uJakobe 1:5.

UKUFUNDA UKUPHILA PHAKADE NGOKUTHULA

19, 20. (a) Yiziphi izibusiso esizithola lapho samukela isiyalo esivela kuNkulunkulu? (b) Yini esizoxoxa ngayo esihlokweni esilandelayo?

19 Kungaba nzima ukuchaza zonke izibusiso ezilethwa ukwamukela isiyalo esivela kuNkulunkulu nokulingisa uJehova noJesu lapho siyala abanye. Kodwa siyazi ukuthi imindeni namabandla kuba yizindawo ezinokuthula. Abantu bazizwa bethandwa ngempela, bekhathalelwa futhi bevikelekile—okungamazwibela ezibusiso ezizayo. (IHu. 72:7) Sisuke singenzi ihaba uma sithi isiyalo sikaJehova sisifundisa indlela yokuphila phakade ngokuthula nendlela yokuphila ngobunye njengomndeni onakekelwa nguye njengobaba wethu. (Funda u-Isaya 11:9.) Uma isiyalo esivela kuJehova sisibheka ngaleyo ndlela, siyosazisa sisibheke ngendlela efanele—njengobufakazi bokuthi uNkulunkulu usithanda kakhulu.

20 Esihlokweni esilandelayo, sizoxoxa kabanzi ngesiyalo emndenini nasebandleni. Sizoxoxa nangokuzikhuza kanye nento engaba buhlungu ukudlula ubuhlungu besikhashana obubangelwa yisiyalo.