Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Kungani kungavumelekile ukufaka izincwadi zoFakazi BakaJehova kuyiwebhusayithi yakho noma ezinkundleni zokuxhumana?

Ngenxa yokuthi asizidayisi izincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini, abanye banomuzwa wokuthi ukuzikopisha nokuzifaka kwamanye amawebhusayithi noma ezinkundleni zokuxhumana kwamukelekile. Nokho, ukwenza lokho kuphula iMibandela Yokusebenzisa * iwebhusayithi yethu futhi kuye kwabangela izinkinga ezinkulu. Njengoba kubonisiwe kuleyo Mibandela, akekho onegunya “lokufaka izithombe, izincwadi ezifundwa emshinini, izimpawu, umculo, izithombe, amavidiyo noma izihloko ezithathwe ku-jw.org (noma iyiphi iwebhusayithi, i-aplikheshini yokuthumelelana izinto, iwebhusayithi yokuthumelelana amavidiyo noma ezinkundleni zokuxhumana).” Kungani le mingcele idingeka?

Akekho umuntu onelungelo lokufaka izincwadi zethu kwenye iwebhusayithi

Zonke izinto ezitholakala kumawebhusayithi ethu zikopishwa kuphela uma unikwe igunya. Izihlubuki nabanye abaphikisi bazama ukusebenzisa izincwadi zethu kumawebhusayithi abo ukuze badonse oFakazi BakaJehova nabanye abantu. Injongo yalama webhusayithi ukufaka ukungabaza ezingqondweni zabafundi. (IHu. 26:4; IzAga 22:5) Abanye baye basebenzisa izincwadi zethu noma uphawu oluthi jw.org ezikhangisweni zabo, emikhiqizweni abayidayisayo nakuma-aplikheshini asebenza komakhalekhukhwini. Ngokusebenzisa imithetho evimbela ukukopisha, sinendlela engokomthetho yokunqanda ukusetshenziswa kabi kwezincwadi nophawu lwethu. (IzAga 27:12) Kodwa uma sivumela abantu, ngisho nabazalwane bethu, ukuba bafake izinto ezitholakala ku-jw.org kwamanye amawebhusayithi noma ukuba basebenzise uphawu lwethu ukuze bathengise imikhiqizo yabo, izinkantolo zingase zingayisekeli imizamo yethu yokuvimba abaphikisi nabadayisi bemikhiqizo.

Ukudawuniloda izincwadi zethu kwenye indawo engahlobene ne-jw.org kungaba yingozi. UJehova uphathise “inceku ethembekileyo neqondayo” kuphela umthwalo wokukhipha ukudla okungokomoya. (Math. 24:45) Le “nceku” isebenzisa kuphela amawebhusayithi ayo asemthethweni ukuze ikhiphe ukudla okungokomoya—www.pr418.com, tv.pr418.com, ne-wol.pr418.com. Sinama-apps amathathu kuphela asemthethweni asetshenziswa emishinini ephathwayo—JW Language®, JW Library®, ne-JW Library Sign Language®. Singaqiniseka ngokuthi lezi azinazo izikhangiso futhi azingcolisiwe yizwe likaSathane. Uma ukudla okungokomoya kudluliswa ngezinye izindlela, asikho isiqinisekiso sokuthi lokho kudla akushintshwanga noma akungcolile.—IHu. 18:26; 19:8.

Ngaphezu kwalokho, ukufaka izincwadi zethu kumawebhusayithi avumela ukuba abantu baphawule, kunika izihlubuki nabanye abagxeki ithuba lokukwenza ungayethembi inhlangano kaJehova. Abanye abazalwane baye bazithola sebehileleke ezimpikiswaneni ku-internet, okuye kwaletha isihlamba egameni likaJehova. Izingxoxo eziku-internet aziyona indawo efanelekayo ‘yokuyala ngobumnene labo abangenaso isimo sengqondo esihle.’ (2 Thim. 2:23-25; 1 Thim. 6:3-5) Kuye kwaphawuleka nokuthi ama-akhawunti mbumbulu ezinkundleni zokuxhumana namawebhusayithi mbumbulu aye avulwa kusetshenziswa igama lenhlangano, leNdikimba Ebusayo nelamalungu ayo. Nokho, alikho ilungu leNdikimba Ebusayo elinewebhusayithi noma elitholakala ezinkundleni zokuxhumana.

Ukuqondisa abantu ku-jw.org kusiza ekusakazeni “izindaba ezinhle.” (Math. 24:14) Amathuluzi ezobuchwepheshe esiwasebenzisa enkonzweni atholakala ku-jw.org athuthukiswa njalo. Singathanda ukuba wonke umuntu azuze kuwo. Ngakho, njengoba iMibandela Yokusebenzisa i-jw.org ibonisa, ungathumelela othile ikhophi efundwa emshinini ophathwayo nge-imeyili noma umnike ikheli azoya kulo ku-jw.org ukuze ayithole. Ngokuqondisa abantu abanesifiso sokwazi kumawebhusayithi ethu asemthethweni, sibaxhumanisa nomthombo wangempela wokudla okungokomoya, “inceku ethembekileyo neqondayo.”

^ isig. 1 I-link ekusa ekhasini leMibandela Yokusebenzisa le webhusayithi itholakala ekhasini lokuqala futhi imingcele isebenza kuyo yonke into etholakala kumawebhusayithi ethu.