Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indaba Yokuphila

Isiqalo Esinzima​​—⁠Isiphetho Esicebile

Isiqalo Esinzima​​—⁠Isiphetho Esicebile

Ngazalelwa endlini eyakhiwe ngamapulangwe eyigumbi elilodwa, edolobheni elincane elibizwa ngokuthi iLiberty, e-Indiana, e-U.S.A. Abazali bami base benezingane ezintathu lapho ngizalwa—umfowethu omdala nodadewethu ababili. Umama waphinde waba nezinye izingane, abafowethu ababili abancane kanye nodadewethu omncane.

Indlu yamapulangwe engazalelwa kuyo

AKUKUNINGI okwashintsha ngesikhathi ngifunda isikole. Esikoleni sethu, abantu owawufunda nabo ibanga lokuqala, wawuhamba nabo njalo uze uyophothula nabo isikole; empeleni wawubazi ngamagama bonke abantu abasedolobheni futhi nabo babekwazi.

Ekhaya sasiyizingane ezingu-7 futhi ngafunda okuningi ngokulima ngesikhathi ngisemusha

Idolobha laseLiberty lalizungezwe amasimu amancane, ngokuyinhloko into eyayilinywa umbila. Lapho ngizalwa, ubaba wayesebenza ensimini esendaweni. Ngesikhathi ngiyibhungu ngafunda ukushayela ugandaganda futhi ngaba namakhono avamile okulima.

Ngazalwa ubaba esemdala. Wayeneminyaka engu-56 umama eneminyaka engu-35. Noma kunjalo, ubaba wayengenawo umzimba omkhulu, wayenempilo enhle, eqinile futhi ewuthanda umsebenzi onzima, nathi njengezingane wasifundisa ukuwubheka ngendlela efanayo umsebenzi. Akazange abe nemali eningi, kodwa wasinika indawo yokufihla ikhanda, wasithengela izimpahla zokugqoka nokudla—wayehlale esinakekela. Lapho eshona wayeneminyaka engu-93. Umama yena washona lapho eneminyaka engu-86. Bobabili abazange bamkhonze uJehova. Ezinganeni zasekhaya, nginomfowethu oyedwa oye wakhonza ngokwethembeka njengomdala kusukela kwasungulwa leli lungiselelo ekuqaleni kwawo-1970.

NGESIKHATHI NGISEMUSHA

Umama wayeyithanda kakhulu inkolo. Wayehamba nathi njalo ngeSonto lapho eya esontweni lamaBaptist. Lapho ngineminyaka engu-12, ngezwa okokuqala ngoZiqu-zintathu. Nginelukuluku lokwazi, ngabuza umama: “Kwenzeka kanjani ukuthi uJesu abe yiNdodana noBaba ngesikhathi esisodwa?” Ngiyikhumbula kahle impendulo yakhe, wathi: “Ndodana, leyo impicabadala. Leyo, yinto vele okungamelwe siyiqonde.” Kwakuyimpicabadala ngempela. Noma kunjalo, lapho ngineminyaka engu-14, ngabhapathizwa emfudlaneni wasendaweni—ngacwiliswa kathathu ngenxa kaZiqu-zintathu!

1952 Ngineminyaka engu-17, ngaphambi kokuba ngibuthelwe empini

Ngesikhathi ngifunda isikole samabanga aphezulu, nganginomngane owayengumshayi wesibhakela, wangikhuthaza ukuba nami ngishaye isibhakela. Ngakho ngaqala ukuziqeqesha futhi ngajoyina inhlangano yokushaywa kwesibhakela, iGolden Gloves. Ngangingenalo ikhono, ngakho ngemva kwezimpi ezimbalwa ngashiya phansi. Kamuva ngabuthelwa empini ngabe sengithunyelwa eJalimane. Ngesikhathi ngilapho, abaphathi bami bangithumela e-Noncommissioned Officers Academy, becabanga ukuthi nginamakhono obuholi. Babefuna ngihlale isikhathi eside kwezempi. Ngangingenaso isifiso sokuhlala kwezempi, ngakho lapho iminyaka yami emibili iphela, ngadedelwa ngo-1956. Nokho, kungakabiphi ngajoyina ibutho elihlukile.

1954-1956 Ngachitha iminyaka emibili ebuthweni lase-U.S.

UKUQALA UKUPHILA OKUSHA

Kuze kube yileso sikhathi ekuphileni kwami, ngangifunde ukuba yisidlakela. Ngangithonywe kakhulu yindlela indoda okumelwe ibukeke ngayo evezwa kuma-movie nokukhulunywa ngayo emphakathini. Ngangicabanga ukuthi abashumayeli abawona amadoda angempela. Kodwa ngaqala ukufunda izinto ezashintsha ukuphila kwami. Ngolunye usuku ngishayela imoto yami ebomvu eyisilahla-mathende edolobheni, amantombazane amabili angibingelela. Ngangiwazi—umfowabo wayeshade nodadewethu omdala. La mantombazane ayengoFakazi BakaJehova. Ngaphambilini, ayenginike omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!, kodwa nganginomuzwa wokuthi INqabayokulinda ishubile. Nokho, kulokhu, angimemela Esifundweni Sencwadi Sebandla, okwakuwumhlangano omncane owawuba semzini wakubo okwakutadishwa futhi kuxoxwe kuwo ngeBhayibheli. Ngawatshela ukuthi ngisazocabanga. La mantombazane emomotheka angibuza: “Uyathembisa?” Ngaphendula ngathi, “Ngiyathembisa.”

Ngangizisola ngokwenza leso sithembiso, kodwa ngangizizwa ngibophekile ukusifeza. Ngakho ngalobo busuku ngaya. Izingane yizo ngokukhethekile ezangishiya ngibambe ongezansi. Kwangimangaza kabi ukubona indlela ezazilazi ngayo iBhayibheli. Phela yize mina ngangiya njalo esontweni ngamaSonto nomama, kuncane kabi engangikwazi ngeBhayibheli. Manje ngase ngizimisele ukufunda okwengeziwe. Ngavuma ukufundelwa iBhayibheli. Zisuka nje ngafunda ukuthi igama likaNkulunkulu uMninimandla onke uJehova. Eminyakeni eminingi edlule, lapho ngibuza umama ngoFakazi BakaJehova, wayethi, “Oh, labo, bakhonza ikhehla elithile okuthiwa uJehova.” Manje nganginomuzwa wokuthi amehlo ami ayevuleka!

Ngathuthuka ngokushesha, ngoba ngangazi ukuthi ngilitholile iqiniso. Zingakapheli izinyanga ezingu-9 ngiye kulowaya mhlangano wokuqala, ngabhapathizwa—ngoMashi 1957. Indlela engibheka ngayo ukuphila yashintsha. Lapho ngicabanga ukuthi ngangikholelwa ukuthi ukuba yindoda kusho ukuba yisidlakela, ngiyajabula ngokuthi ngafunda lokho iBhayibheli elikufundisayo ngokuba indoda yangempela. UJesu wayeyindoda ephelele. Wayenamandla ukudlula noma iyiphi indoda eyisidlakela. Kodwa akazange alwe, kunalokho “wayevuma ukuba ahlushwe,” njengoba kwabikezelwa. (Isaya 53:2, 7) Ngafunda ukuthi umlandeli kaJesu weqiniso ‘kufanele abe mnene kubo bonke.’—2 Thim. 2:24.

Ngaqala ukuphayona ngonyaka olandelayo, ngo-1958. Nokho, ngokushesha kwadingeka ngiyeke. Kungani? Ngase nginqume ukushada noGloria—omunye wamantombazane amabili ayengimemele esifundweni sencwadi. Angikaze ngizisole ngaleso sinqumo. UGloria wayeyigugu futhi useyilo namanje. Kimi ufana ne-Hope Diamond, idayimani lethemba—kodwa-ke mina akudingeki ngihlale ethembeni. Phela ngashada naye! Ake ngimvumele akuxoxele kafushane ngomlando wakhe:

“Ekhaya sasiyizingane ezingu-17. Umama wayenguFakazi othembekile. Washona lapho ngineminyaka engu-14. Ubaba waqala ngaleso sikhathi ukufundelwa iBhayibheli. Njengoba umama ayengasekho, ubaba wenza isicelo kuthisha nhloko. Ngaleso sikhathi udadewethu omdala wayesemabangeni aphezulu, ngakho ubaba wacela ukuthi mina naye siye esikoleni ngezinsuku ezingafani. Sasishintshana ukuze oyedwa kithi abe sekhaya ukuze anakekele izingane ezazisencane futhi apheke ukudla okwakudliwa kusihlwa lapho ubaba ebuya emsebenzini. Uthisha nhloko wavuma futhi saqhubeka senza ngaleyo ndlela kwaze kwaba yilapho udadewethu ephothula esikoleni. Imindeni emibili yoFakazi yayifunda nathi futhi abangu-11 kithi bakhula baba oFakazi BakaJehova. Ngangiyijabulela inkonzo yasensimini ngisho noma ngangihlushwa amahloni. USam uye wangisiza ngale nkinga phakathi neminyaka.”

Mina noGloria sashada ngoFebhuwari 1959. Sakujabulela ukuphayona ndawonye. NgoJulayi walowo nyaka, safaka isicelo sokuyokhonza eBethel ngoba sasifisa ukukhonza endlunkulu yomhlaba wonke. Umzalwane othandekayo, uSimon Kraker waxoxa nathi. Wasitshela ukuthi eBethel ngaleso sikhathi babengathathwa abantu abashadile. Lokho akuzange kusiqede isifiso sethu sokuthonza eBethel—kodwa sasizolinda isikhathi eside!

Sabhalela endlunkulu yomhlaba wonke, sacela ukuba sithunyelwe lapho kunesidingo esikhulu sabamemezeli. Sabelwa ePine Bluff, e-Arkansas. Ngalezo zinsuku kwakunamabandla amabili ePine Bluff—elilodwa labamhlophe nelilodwa labamnyama. Sathunyelwa ebandleni labamnyama elalinabamemezeli abangaba ngu-14 kuphela.

UKUBHEKANA NOKUCWASWA NOBANDLULULO

Kungenzeka uyazibuza ukuthi yini eyayingabangela ukucwasana nobandlululo emabandleni oFakazi BakaJehova. Impendulo elula ukuthi, ayikho into eyayingenziwa ngalezo zinsuku. Kwakunemithetho eyayenza ukuhlangana kwezinhlanga ezingafani kube yicala futhi kwakuhlale kunosongo lodlame. Ezindaweni eziningi, abazalwane kwakufaneleka ukuba besabe ukuthi uma izinhlanga ezimbili zihlangana ebandleni elilodwa, iHholo labo loMbuso lalingacekelwa phansi. Izinto ezinjalo zazenzeka ngempela. Uma oFakazi abansundu beshumayela endlini ngendlu endaweni okuhlala kuyo abamhlophe, babeboshwa—ngokuvamile bashaywe. Ngakho ukuze umsebenzi wokushumayela wenziwe, sasithobela imithetho sinethemba lokuthi izinto zizoba ngcono.

Inkonzo yethu yayinezinselele zayo. Ngesikhathi sisebenza ensimini okuhlala kuyo abansundu, ngezinye izikhathi sasizithela emzini wabamhlophe. Kwakudingeka senze isinqumo ngokushesha ukuthi sizozama ukukhulumela umBhalo kafushane noma sizovele sixolise sidlulele endlini elandelayo. Kwezinye izindawo isimo sasinjalo ngalezo zikhathi.

Kwakudingeka sisebenze kanzima ukuze sizisekele njengoba siphayona. Imisebenzi eminingi yayikhokhela amarandi angaba ngu-37 ngosuku. UGloria wayehlanza izindlu ezimbalwa. Ngangivunyelwe ukumsiza kweyodwa ukuze asheshe aqede umsebenzi. Sasinikwa ukudla ngekhefu—ukudla okwakufudunyezwa okwakubizwa ngokuthi yi-TV dinner, mina noGloria sasikudla ngaphambi kokuba sihambe. Njalo ngesonto, uGloria waye-ayina izingubo zomndeni othile. Mina ngangilungisa ingadi, ngiwashe amawindi ngenze neminye imisebenzi emincane. Kwelinye ikhaya lomndeni omhlophe, sasiwasha amawindi—uGloria wayewawasha ngaphakathi mina ngibe ngaphandle. Sasisebenza usuku lonke, ngakho sasinikwa ukudla ngekhefu. UGloria wayedlela ngaphakathi endlini kodwa engahlali nomndeni, kanti mina ngangidlela ngaphandle egalaji. Kwakungangikhathazi lokho. Kwakuwukudla okumnandi. Umndeni wawusiphethe kahle; ukuthi nje wawubanjwe yilowaya mbuso nendlela yawo yokucabanga. Ngikhumbula ngesinye isikhathi siyothela uphethiloli. Ngemva kokugcwalisa ithange lemoto, ngabuza osebenza lapho ukuthi uGloria angakwazi yini ukuya endlini yangasese. Wavele wangigqolozela wabe esethi, “Ikhiyiwe.”

IZENZO ZOMUSA EZIKHUMBULEKAYO

Ngakolunye uhlangothi, saba nezikhathi ezimnandi nabafowethu futhi sasiyithanda inkonzo! Lapho sifika okokuqala ePine Bluff, sahlala nomzalwane owayeyinceku yebandla. Ngaleso sikhathi umkakhe wayengahlanganyeli, ngakho uGloria waqala ukufunda naye iBhayibheli. Mina, ngaqala ukufunda nendodakazi yabo nomyeni wayo. Umama nendodakazi banquma ukukhonza uJehova futhi babhapathizwa.

Sasinabo abangane abathandekayo ebandleni labamhlophe. Babesimema esidlweni kodwa kwakudingeka siye kusihlwa. I-Ku Klux Klan (KKK), inhlangano eyayigqugquzela ubandlululo nodlame, yayinamandla ngaleso sikhathi. Ngikhumbula ngibona indoda ihlezi kuvurandi wayo ngobunye ubusuku nge-Halloween, igqoke ingubo emhlophe ye-KKK. Nokho, izinto ezinjalo azizange zivimbe abazalwane ekusiboniseni umusa. Ngesinye isikhathi ehlobo, sasidinga imali yokuya emhlanganweni, ngakho umzalwane wavuma ukuthenga imoto yethu, i-Ford ka-1950 ukuze sibe nemali eyanele. Ngemva kwenyanga kwenzeke lokho, ngolunye usuku sikhathathele ngemva kokushumayela endlini ngendlu nokuqhuba izifundo zeBhayibheli kulelo langa elishisayo, saphindela ekhaya. Lapho sifika samangala kabi. Imoto yethu yayimi phambi kwendlu! Ewindini layo kwakunenothi elithi: “Nayi imoto yenu, iyisipho esivela kimi. Umfowenu.”

Kunesinye isenzo somusa engiyohlale ngisikhumbula. Ngo-1962 ngamenywa ukuba ngiye eSikoleni Senkonzo SoMbuso eSouth Lansing, eNew York. Inyanga yonke kwakuzoqeqeshwa abaholayo emabandleni, ezigodini nasezifundeni. Nokho, lapho ngithola isimemo ngangingasebenzi futhi ngingenayo imali. Nokho inkampani yocingo ePine Bluff yayike yaxoxa nami ngomsebenzi. Uma babengiqashile, ngangiyoba umuntu wokuqala omnyama ukusebenzela leyo nkampani. Ekugcineni bangitshela ukuthi bazongiqasha. Ngangizokwenzenjani. Ngangingenayo imali yokuya eNew York. Ngaleso sikhathi ngangicabanga ukuwuthatha lo msebenzi ngisenqabe isimemo sokuya esikoleni. Empeleni, ngase ngilungela ukubhala incwadi yokwenqaba isicelo lapho kwenzeka into engingasoze ngayikhohlwa.

Udade ebandleni lethu owayenomyeni ongakholwa, wangqongqoza emnyango ekuseni ngolunye usuku wabe esenginika imvilophi. Yayigcwele imali. Yena nezingane eziningana bebelokhu bevuka njalo ekuseni beya emasimini beyogawula ukotini—besusa ukhula olwalukhula phakathi kwezitshalo—ukuze bathole imali eyayizongisiza ngiye eNew York. Wathi: “Hamba uye esikoleni uyofunda konke ongakufunda, bese uyabuya uzosifundisa nathi!” Kamuva, ngacela inkampani yocingo ukuba ngiqale emsebenzini ngemva kwamasonto amahlanu. Impendulo engayithola kwakungu-Cha! Lokho akuzange kungikhathaze. Ngase nginqumile. Ave ngijabula ngokuthi angizange ngiwuthathe lowo msebenzi!

Nakhu okushiwo uGloria ngesikhathi esasichitha ePine Bluff: “Ngayithanda leyo nsimu. Nganginezifundo zeBhayibheli ezingu-15 kuya kwezingu-20. Sasishumayela endlini ngendlu ekuseni bese siqhuba izifundo zeBhayibheli usuku lonke, ngezinye izikhathi kuze kushaye u-11 ebusuku. Inkonzo yayimnandi kakhulu! Ngangingeke ngikhathazeke ukuqhubeka ngihlezi khona. Kumelwe ngivume ukuthi ngangingafuni ukushintsha isabelo sami ukuze siyojikeleza, kodwa uJehova wayazi ukuthi kumelwe senzeni.”

UKUPHILA NGESIKHATHI SIJIKELEZA

Ngesikhathi siphayona ePine Bluff, safaka isicelo sokukhonza njengamaphayona akhethekile. Sasinethemba lokuthi isicelo sizokwamukelwa ngoba umbonisi wesigodi (ngaleso sikhathi owayehambela imihlangano), wayefuna ukuba sisize ibandla eTexas futhi wayefuna ukuba siyokhonza khona njengamaphayona akhethekile. Sakuthanda lokho. Ngakho salinda, salinda, sinethemba lokuthi inhlangano izosiphendula, kodwa lutho ukusiphendula. Ekugcineni, ngolunye usuku kwafika incwadi—kwakuyisabelo sokuyojikeleza! KwakuwuJanuwari 1965. Umfoweth’ uLeon Weaver, manje ongumxhumanisi weKomiti Yegatsha Yase-United States wamiswa ngesikhathi esifanayo ukuba akhonze njengombonisi ojikelezayo.

Lwangithi heqe uvalo lapho ngicabanga ngokuba umbonisi ojikelezayo. Esikhathini esingangonyaka esidlule umbonisi wesigodi, uJames A. Thompson, Jr., wangihlola ukuze kubonakale ukuthi ngiyafaneleka yini. Ngomusa wangibonisa izinto ezimbalwa engangingathuthukisa kuzo, wachaza namakhono umbonisi ojikelezayo okumelwe abe nawo. Singakapheli isikhathi eside ngijikeleza, ngaqaphela ukuthi iseluleko sakhe sasiwusizo ngempela. Ngemva kokumiswa, uMfoweth’ uThompson wayengumbonisi wesigodi wokuqala engakhonza naye. Ngafunda okuningi kulo mzalwane othanda uJehova.

Ngiyalwazisa usizo engaluthola kubazalwane abathembekile abangokomoya

Ngalezo zinsuku, umbonisi ojikelezayo wayengaqeqeshwa kakhulu. Ngachitha isonto elilodwa ngibuka umbonisi ojikelezayo owayehambele elinye ibandla. Ngemva kwalokho wahlala isonto lonke engibuka njengoba ngikhonza elinye ibandla. Wanginika amacebiso nesiqondiso. Ngemva kwalokho ngazimela. Ngikhumbula ngithi kuGloria: “Ucabanga ukuthi kuyisu elihle ukuthi angishiye ngedwa?” Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, ngaqaphela into ebalulekile. Bayohlale bekhona abazalwane abalungile abangakusiza—uma nje ulwamukela usizo lwabo. Namanje ngisalwazisa usizo engaluthola kubazalwane abangomakad’ebona njengo-J. R Brown owayejekeleza kanye noFred Rusk okhonza eBethel.

Ubandlululo lwaludlangile ngalezo zinsuku. Ngesinye isikhathi sihambele eTennessee sathola i-KKK ibhikisha edolobheni. Ngikhumbula nangesinye isikhathi iqembu lethu lensimu lithathe ikhefu esitolo sokudla. Ngahamba ngaya endlini encane, ngabona umlisa obukeka ngendlela eyinqaba esukuma engilandela, wayedwebe emzimbeni wakhe izimpawu ezibonisa ukuthi uzonda abantu abamnyama. Kodwa umzalwane omhlophe owayemkhulu kakhulu kunami nakunalona onemidwebo, weza kithi. Wabe esengibuza: “Ingabe konke kuhamba kahle Mfoweth’ uHerd?” Lo mlisa wemidwebo wabe esephuma ngokushesha. Phakathi neminyaka ngiye ngabona ukuthi ubandlululo alubangelwa ibala lomuntu kodwa lubangelwa yisono esasithola ku-Adamu. Ngiye ngafunda nokuthi umfowenu ungumfowenu kungakhathaliseki ukuthi ibala lakhe linjani futhi angakufela uma kudingeka.

ISIPHETHO ESICEBILE

Sachitha iminyaka engu-33 sijikeleza futhi engu-21 kuleyo sayichitha sihambela imihlangano. Kwakuyiminyaka ecebile eyanelisayo eyasikhuthaza kakhulu. Nokho, omunye umvuzo wawuseza. Ngo-Agasti 1997 iphupho lethu lafezeka. Samenywa ukuba siyokhonza eBethel yase-United States—ngemva kweminyaka engu-38 safaka isicelo okokuqala. Ngenyanga elandelayo saqala ukukhonza eBethel. Ngangicabanga ukuthi abazalwane abaholayo babefuna ukuba ngisize isikhashana nje, kodwa kwenzeka okuhlukile.

UGloria wayeyigugu ngesikhathi ngishada naye futhi useyilo namanje

Ngaqale ngabelwa ukuba ngisebenze eMnyangweni Wenkonzo. Ngafunda okuningi lapho. Kulo Mnyango, abazalwane kudingeka baphendule imibuzo enzima neyinkimbinkimbi evela ezindikimbeni zabadala nakubabonisi abajikelezayo ezweni lonke. Ngikwazisa kakhulu ukubekezela kwabazalwane ababengiqeqesha. Nokho, uma ngingaphinde ngabelwe ukuba ngisebenze lapho, kungadingeka baqale phansi bangiqeqeshe.

Mina noGloria siyayithanda impilo yaseBethel. Besilokhu sivuka ekuseni kakhulu, lokho kuye kwasisiza kakhulu eBethel. Ngemva kwesikhathi esingaba unyaka, ngaqala ukukhonza njengomsizi eKomitini Yenkonzo YeNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova. Kwabe sekuthi ngo-1999, ngamiswa ngaba yilungu leNdikimba Ebusayo. Ngiye ngafunda izinto eziningi kulesi sabelo, kodwa isifundo esibaluleke kakhulu ukubona ukuthi uJesu Kristu—hhayi umuntu—oyinhloko yebandla lobuKristu.

Kusukela ngo-1999, ngibe nelungelo lokukhonza njengelungu leNdikimba Ebusayo

Uma ngibuka emuva, ngezinye izikhathi ngizizwa njengomprofethi u-Amose. UJehova waqaphela lowaya malusi ophansi owayenza umsebenzi ophansi eqhumbuza amakhiwane—ukudla okwakudliwa kuphela abantu abampofu. UNkulunkulu wakhetha u-Amose ukuba abe umprofethi, okwakuyisabelo esicebile ngokomoya. (Amose 7:14, 15) Ngendlela efanayo uJehova wangibona, indodana yomlimi ohluphekile eLiberty, e-Indiana futhi wathululela kimi izibusiso ezicebile—ziningi kakhulu, ngeke ngikwazi ukuzichaza zonke! (IzAga 10:22) Nginomuzwa wokuthi ngisho noma ngakhula ngimpofu, kodwa isiphetho sami sicebile ngokomoya, sicebe kakhulu kunalokho engake ngakucabanga!