Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Vumela Imithetho KaNkulunkulu Nezimiso Zakhe Kuqeqeshe Unembeza Wakho

Vumela Imithetho KaNkulunkulu Nezimiso Zakhe Kuqeqeshe Unembeza Wakho

“Ngiyazikhathalela izikhumbuzo zakho.”—IHU. 119:99.

IZINGOMA: 127, 88

1. Yini eyenza abantu babe ngcono kunezilwane?

INTO eyenza abantu babengcono kunezilwane ukuthi banonembeza. Bekulokhu kunjalo kusukela kubantu bokuqala. Ngemva kokuba u-Adamu no-Eva bephule umthetho kaNkulunkulu bazifihla. Lokhu kubonisa ukuthi unembeza wabo wawubahlupha.    

2. Unembeza wethu ungafaniswa kanjani nekhampasi? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

2 Labo abanonembeza ongaqeqeshiwe bangafaniswa nomkhumbi osebenzisa ikhampasi ephukile. Ukuthatha uhambo ungenayo ikhampasi esebenza kahle kungaholela enhlekeleleni. Umoya neziphepho zolwandle kalula nje kungakhipha umkhumbi emzileni ofanele. Ikhampasi esebenza kahle ingasiza ukaputeni ukuba agcine umkhumbi usemzileni ofanele. Unembeza wethu ungafaniswa nekhampasi. Unembeza usichazela okulungile nokungalungile futhi ungasiqondisa endleleni efanele. Kodwa ukuze unembeza wethu usiqondise kahle kumelwe uqeqeshwe kahle.

3. Kungenzekani uma unembeza wethu ungaqeqeshiwe?

3 Lapho unembeza ungaqeqeshiwe kahle, awumkhuzi umuntu lapho enza into embi. (1 Thim. 4:1, 2) Unembeza onjalo ungasenza sikholelwe ukuthi “okuhle kubi.” (Isaya 5:20) UJesu waxwayisa abalandeli bakhe: “Ihora liyeza lapho wonke umuntu onibulalayo eyocabanga ukuthi wenzé inkonzo engcwele kuNkulunkulu.” (Joh. 16:2) Yilokho okwenzeka kulabo ababulala umfundi uStefanu futhi yilokho okwenzeka nakwabanye abafana nabo. (IzE. 6:8, 12; 7:54-60) Kubuhlungu ukwazi ukuthi abantu abaningi abathi bakholiwe baye benza izenzo ezinonya njengokubulala, bekwenza lokho egameni likaNkulunkulu bephula yona kanye imithetho yoMuntu abathi bayamkhulekela! (Eks. 20:13) Kuyacaca ukuthi unembeza wabo uyabakhohlisa!

4. Yini esingayenza ukuze siqikelele ukuthi unembeza wethu awufi?

4 Yini esingayenza ukuze siqikelele ukuthi unembeza wethu usebenza kahle? Imithetho nezimiso eziseZwini likaNkulunkulu zinenzuzo “yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni.” (2 Thim. 3:16) Ngakho, ngokutadisha iBhayibheli ngokuzimisela, ngokucabangisisa ngalokho elikushoyo nangokulisebenzisa ekuphileni kwethu, singaqeqesha unembeza wethu ukuze usisize sicabange ngendlela uNkulunkulu acabanga ngayo ngaleyo ndlela usiqondise ngendlela efanele. Ake sixoxe ngokuthi imithetho nezimiso zikaJehova zingasisiza kanjani siqeqeshe unembeza wethu.

VUMELA IMITHETHO KANKULUNKULU IKUQEQESHE

5, 6. Sizuza kanjani ngokulalela imithetho kaNkulunkulu?

5 Ukuze sizuze emithethweni kaNkulunkulu, kudingeka senze okungaphezu nje kokuyifunda noma ukuyazi. Kumelwe siyithande futhi siyihloniphe. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Zondani okubi, nithande okuhle.” (Amose 5:15) Kodwa singakwenza kanjani lokho? Kumelwe sibheke izinto ngendlela uJehova azibheka ngayo. Ngokwesibonelo: Ake sithi unenkinga yokulala. Udokotola wakho abe esethi kumelwe udle kahle, uzivocavoce ushintshe nendlela ophila ngayo. Lapho ukwenza lokho, uphawula ukuthi kuyasebenza! Cishe uyombonga kakhulu udokotela wakho ngendlela akusize ngayo wathuthukisa ukuphila kwakho.

6 Ngendlela efanayo, uMdali wethu uye wasinika imithetho engasivikela ekulinyazweni yisono futhi ithuthukise ukuphila kwethu. Cabanga ngendlela esizuza ngayo ngokulalela imithetho yeBhayibheli mayelana nokuqamba amanga, ukungathembeki, ukweba, ukuziphatha kabi ngokocansi, udlame nokusebenzisa imimoya. (Funda izAga 6:16-19; IsAm. 21:8) Lapho sithola imivuzo ecebile ebangelwa ukwenza izinto ngendlela kaJehova, siyomthanda nakakhulu uJehova nemithetho yakhe.

7. Ukufunda nokucabangisisa ngokulandisa okuseBhayibhelini kusisiza ukuba senzeni?

7 Ngokujabulisayo, akudingeki sibhekane nemiphumela yokwephula imithetho kaNkulunkulu ukuze sifunde izifundo ezibalulekile. Singafunda emaphutheni abanye alotshwe eZwini likaNkulunkulu. IzAga 1:5 zithi: “Umuntu ohlakaniphile uyolalela amukele imfundo eyengeziwe.” Ngempela, sithola iziqondiso ezingcono kakhulu kuNkulunkulu, njengalezo esizithola lapho sifunda futhi sicabangisisa ngokulandisa kwabantu abaseBhayibhelini. Cabanga nje ngobuhlungu obehlela iNkosi uDavide ngemva kokwephula umthetho kaJehova futhi yaphinga noBhati-sheba. (2 Sam. 12:7-14) Lapho sifunda futhi sicabangisisa ngalokhu kulandisa, singase sizibuze: ‘INkosi uDavide yayingabugwema kanjani ubuhlungu obabangelwa ukuphinga noBhati-sheba? Uma ngibhekana nesilingo esifanayo, ngizoba nawo yini amandla okusibalekela? Ingabe ngizobaleka njengoJosefa noma ingabe ngizonqotshwa yisono njengoDavide?’ (Gen. 39:11-15) Ngokucabanga ngemiphumela ebuhlungu yesono, singafundisa izinhliziyo zethu ‘ukuzonda okubi.’

8, 9. (a) Unembeza wethu usisiza ukuba senzeni? (b) Unembeza wethu usebenzisana kanjani nezimiso zikaJehova?

8 Kungenzeka siyazigwema izinto uNkulunkulu azizondayo. Kodwa, zikhona ezinye izinto noma izici ekuphileni kwethu okungekho siqondiso esicacile esingokomBhalo. Ezimweni ezinjalo, singanquma kanjani ukuthi yini eyamukelekayo nejabulisa uNkulunkulu? Kukulezo zimo-ke lapho unembeza wethu oqeqeshwe yiBhayibheli usebenza khona.

9 Ngothando uJehova uye wasinika izimiso ezisebenza ngokubambisana nonembeza wethu oqeqeshwe yiBhayibheli. Yena ngokwakhe uthi: “Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, Lowo okufundisayo ukuze uzuze, Lowo okubangela ukuba unyathele endleleni okufanele uhambe ngayo.” (Isaya 48:17, 18) Ngokusebenzisa ingqondo yethu nenhliziyo ukuze sicabangisise ngezimiso zeBhayibheli, siyalungisa, siqondise futhi sibumbe unembeza wethu. Lokho, kusisiza ukuba senze izinqumo ezihlakaniphile.

VUMELA IZIMISO ZIKANKULUNKULU ZIKUQONDISE

10. Ziyini izimiso futhi uJesu wazisebenzisa kanjani ngokuphumelelayo?

10 Isimiso yiqiniso eliyisisekelo noma imfundiso eqondisa ukucabanga kwethu noma izenzo zethu. Ukuqonda isimiso kuhlanganisa ukuqonda ukucabanga koMenzi wemithetho nezizathu ezenza asinike imithetho ethile. Phakathi nenkonzo yakhe, uJesu wafundisa amaqiniso ayisisekelo ukuze asize abafundi bakhe baqaphele imiphumela yokucabanga okuthile noma yezenzo ezithile. Ngokwesibonelo, wafundisa ukuthi inzondo ingaholela odlameni nokuthi inkanuko ingaholela ebufebeni. (Math. 5:21, 22, 27, 28) Ukuze sibe nonembeza oqeqeshwe kahle, kufanele sivumele izimiso zikaNkulunkulu zisiqondise, ngaleyo ndlela sikhazimulise uNkulunkulu.—1 Kor. 10:31.

UmKristu ovuthiwe uyawuhlonipha unembeza wabanye (Bheka izigaba 11, 12)

11. Unembeza wabantu uhluke kanjani?

11 Ezimweni ezithile, amaKristu amabili anonembeza oqeqeshwe yiBhayibheli angase athathe izinqumo ezingafani. Cabanga ngokuphuza utshwala. IBhayibheli alikwenqabeli ukusebenzisa kahle utshwala. Nokho, liyaxwayisa ngokusebenzisa utshwala ngokweqile nangokudakwa. (IzAga 20:1; 1 Thim. 3:8) Ingabe lokhu kusho ukuthi uma nje umKristu engaphuzi ngokweqile akudingeki azihluphe ngokucabanga ngendlela abanye abazizwa ngayo ngaphambi kokuba enze isinqumo sokuphuza? Lutho neze. Nakuba isinqumo sakhe singase singawuhluphi unembeza wakhe, umKristu kumelwe acabangele nonembeza wabanye abantu.

12. Amazwi atholakala kweyabaseRoma 14:21 kumelwe asishukumisele ukuba siwuhloniphe kanjani unembeza wabanye?

12 Ngokuphathelene nesidingo sokuba umKristu ahloniphe onembeza babanye, uPawulu wabhala: “Kuhle ukungayidli inyama noma ukungaliphuzi iwayini noma ukungenzi noma yini umfowenu akhubeka ngayo.” (Roma 14:21) Ingabe uzimisele ukuyeka izinto onelungelo lokuzenza uma lokho kuzokwenza ukuba ungabakhubi labo abanonembeza ohlukile kowakho? Ngokuqinisekile uzokwenza lokho. Ngaphambi kokuba bangene eqinisweni, abanye babafowethu babesebenzisa kabi utshwala, kodwa manje bazimisele ukudeda kubo. Ngokuqinisekile, akekho kithi ongafuna ukuba nesandla ekwenzeni umfowethu abuyele enkambweni engamlimaza! (1 Kor. 6:9, 10) Ngakho, kuwukungabi nothando ukuphoqa umzalwane ukuba aphuze utshwala uma enqaba ukwenza kanjalo.

13. UThimothewu wawuhlonipha kanjani unembeza wabanye ukuze abasize bamukele izindaba ezinhle?

13 Nakuba kungenzeka wayeneminyaka engaba ngu-20, uThimothewu osemusha wavuma ukusokwa ngisho noma kwakubuhlungu ukuze agweme ukukhubekisa amaJuda ayezoshumayela kuwo. Lesi yisimo sengqondo esifana nesomphostoli uPawulu. (IzE. 16:3; 1 Kor. 9:19-23) NjengoThimothewu, ingabe uzimisele ukuzidela ukuze kuzuze abanye?

“MASIPHOKOPHELELE EKUVUTHWENI”

14, 15. (a) Kusho ukuthini ukuvuthwa? (b) AmaKristu avuthiwe abaphatha kanjani abanye?

14 Wonke amaKristu kufanele ayishiye “imfundiso yokuqala ephathelene noKristu” bese ‘ephokophela ekuvuthweni.’ (Heb. 6:1) Lokhu akuzenzakaleli. Kudingeka “siphokophele” noma senze umzamo oqotho. Ukuvuthwa kuhilela ukwandisa ulwazi nokuqonda. Yingakho sikhuthazwa njalo ukuba sifunde iBhayibheli nsuku zonke. (IHu. 1:1-3) Ingabe lowo umgomo wakho? Ukulifunda njalo iBhayibheli kuzokwenza uyiqonde kangcono imithetho kaJehova nezimiso zakhe futhi uliqonde kagcono iZwi likaNkulunkulu.

15 Umthetho obalulekile kakhulu kumaKristu, umthetho wothando. UJesu watshela abafundi bakhe: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Joh. 13:35) Umfowabo kaJesu uJakobe wabiza uthando ngokuthi “umthetho wobukhosi.” (Jak. 2:8) UPawulu wathi: “Uthando luwukugcwaliswa komthetho.” (Roma 13:10) Ukuqokonyiswa kothando akusimangazi ngoba iBhayibheli lithi “uNkulunkulu uluthando.” (1 Joh. 4:8) Uthando lukaNkulunkulu aluwona nje umuzwa. UJohane wabhala: “Ngalokhu uthando lukaNkulunkulu lwaboniswa kithi, ngoba uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa ezweni ukuze sizuze ukuphila ngayo.” (1 Joh. 4:9) Uthando lukaNkulunkulu lwamshukumisela ukuba enze okuthile. Lapho sibonisa uthando ngoJehova, uJesu, nabanye abantu, sinikeza ubufakazi bokuthi singamaKristu avuthiwe.—Math. 22:37-39.

Lapho sicabanga ngezimiso sikaNkulunkulu, unembeza wethu uba yisiqondiso esingasethemba (Bheka isigaba 16)

16. Njengoba sithuthuka siba amaKristu avuthile, kungani izimiso zibaluleka kithi?

16 Njengoba uthuthuka uba umKristu ovuthiwe, uzophawula ukuthi izimiso zibaluleka nakakhulu kuwe. Lokhu kubangelwa ukuthi imithetho ingasebenza esimweni esithile kuphela, kuyilapho izimiso zisebenza ezimweni ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, ingane ayiqondi ukuthi kuyingozi kangakanani ukuzihlanganisa nabantu ababi, ngakho abazali abanokuqonda bazoyibekela imithetho ukuze bayivikele. (1 Kor. 15:33) Kodwa njengoba ingane ikhula, ikhono layo lokucabanga liyakhula futhi iyakwazi ukucabangisisa ngezimiso ezisekelwe eBhayibhelini. Lokho kuyayisiza ukuba ikwazi ukwenza izinqumo ezihlakaniphile lapho ikhetha abangane. (Funda eyoku-1 Korinte 13:11; 14:20.) Lapho sicabanga ngezimiso zikaNkulunkulu, unembeza wethu uyoba yisiqondiso esingasethemba, esivumelana nokucabanga kukaNkulunkulu.

17. Kungani sithi sinalokho esikudingayo ukuze senze izinqumo ezihlakaniphile?

17 Ingabe sinakho konke esikudingayo ukuze senze izinqumo ezihlakaniphile, ezijabulisa uJehova? Yebo. Ngokusebenzisa imithetho nezimiso ezitholakala eZwini likaNkulunkulu ngendlela ehlakaniphile, siyoyihlomela “ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.” (2 Thim. 3:16, 17) Ngakho, funa izimiso ezisekelwe eBhayibhelini ukuze uqonde “ukuthi iyini intando kaJehova.” (Efe. 5:17) Wasebenzise kahle amathuluzi esiwathola ebandleni lobuKristu, njenge-Watch Tower Publications Index, INcwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova, i-Watchtower Library, i-ONLINE LIBRARY YeBhayibheli, kanye ne-JW Library app. La mathuluzi aklanyelwe ukusisiza sizuze ngokugcwele lapho sitadisha sisodwa noma lapho sitadisha nemindeni yethu.

UNEMBEZA OQEQESHWE NGEBHAYIBHELI ULETHA IZIBUSISO

18. Yiziphi izibusiso esizithola lapho senza ngokuvumelana nemithetho nezimiso zikaJehova?

18 Sithola izibusiso lapho silalela imithetho nezimiso zikaJehova njengoba kusho iHubo 119:97-100, lithi: “Yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! Uyinto engiyikhathalela usuku lonke. Umyalo wakho ungenza ngihlakaniphe kunezitha zami, Ngoba ungowami kuze kube nini nanini. Ngibé nokuqondisisa ngaphezu kwabo bonke abafundisi bami, Ngoba ngiyazikhathalela izikhumbuzo zakho. Ngiziphatha ngokuqonda okwengeziwe kunamadoda amadala, Ngoba ngiyigcinile imiyalo yakho.” Singenza ngokuhlakanipha nokuqonda uma sizinika isikhathi sokucabangisisa ngemithetho kaNkulunkulu nezimiso zakhe. Ngomzamo oqotho singafinyelela isilinganiso “sobukhulu esingesokugcwala kukaKristu” njengoba sivumela imithetho nezimiso zakhe ukuba kuqeqeshe unembeza wethu.—Efe. 4:13.