Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Uma indoda nowesifazane abangashadile bechitha ubusuku ndawonye ngaphandle kwezizathu ezizwakalayo, ingabe lokho kuyisono esidinga ukuba kumiswe ikomiti yokwahlulela?

Yebo, uma zingekho izizathu ezizwakalayo, ikomiti yokwahlulela iyomiswa ngenxa yokuthi ukuchitha kwabo ubusuku ndawonye kuwubufakazi obunamandla bokuthi baziphathe kabi ngokobulili.—1 Kor. 6:18.

Indikimba yabadala izohlola ngokucophelela isimo ngasinye ukuze inqume ukuthi ikomiti yokwahlulela iyadingeka yini. Ngokwesibonelo: Ingabe laba bantu bayathandana? Ingabe bake bakhuzwa ngaphambili ngokuziphatha kwabo? Yiziphi izimo ezibangele ukuba bachithe ubusuku ndawonye? Ingabe bakuhlelile ukwenza lokho? Ingabe bekukhona okunye abangakwenza, noma bekunezizathu ezizwakalayo, mhlawumbe isimo esingalindelekile noma isimo esiphuthuma ngempela esibangele ukuba ingabi khona indlela yokugwema ukuchitha ubusuku ndawonye? (UmSh. 9:11) Balale kuphi? Njengoba isimo ngasinye sihlukile, kungase kube khona ezinye izinto ezihilelekile okungadingeka abadala bazihlole.

Ngemva kokuba imininingwane isitholakale yonke, indikimba yabadala iyonquma ukuthi kumiswe ikomiti yokwahlulela noma cha.