Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bayajabula Abantu Abaphanayo

Bayajabula Abantu Abaphanayo

“Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni.”—IZE. 20:35.

IZINGOMA: 76, 110

1. Izinto ezidaliwe zibonisa kanjani ukuthi uJehova uyaphana?

EKUQALENI uJehova wayephila yedwa, wabe esenquma ukudala izingelosi nabantu, ngaleyo ndlela ebanika ithuba lokujabulela isipho sokuphila. “UNkulunkulu ojabulayo,” uJehova, uyakuthanda ukuphana ngezinto ezinhle. (1 Thim. 1:11; Jak. 1:17) Njengoba efuna ukuba nathi sijabule, usifundisa ukuba nathi siphane.—Roma 1:20.

2, 3. (a) Kungani ukupha kusenza sijabule? (b) Sizoxoxa ngani?

2 UNkulunkulu wadala umuntu ngomfanekiso wakhe. (Gen. 1:27) Lokhu kusho ukuthi sinezimfanelo zaKhe. Ngakho, ukuze sijabule futhi saneliseke kudingeka silingise isibonelo sikaJehova ngokuthanda abanye nangokuba abantu abaphanayo. (Fil. 2:3, 4; Jak. 1:5) Kungani? Kungenxa yokuthi uJehova wadala abantu ngaleyo ndlela. Nakuba sinesono, singaphumelela ekulingiseni ukupha kukaJehova.

3 IBhayibheli lisitshela indlela esingaba ngayo abantu abaphanayo. Ake sixoxe ngezifundo ezithile esizifunda emiBhalweni ngokupha. Sizobona ukuthi kungani uNkunkulu ejabula lapho sipha abanye nokuthi ukuhlakulela le mfanelo kusisiza kanjani sifeze isabelo uNkulunkulu asinike sona. Sizohlola nokuthi ukupha kuhlobana kanjani nokuthola injabulo nokuthi kungani kudingeka ukuba siqhubeke sihlakulela le mfanelo.

UJEHOVA UYAJABULA LAPHO SIPHA

4, 5. Yiziphi izibonelo zokupha uJehova noJesu abasibekele zona?

4 UJehova ufuna abantu bamlingise, yingakho ejabula lapho sipha abanye. (Efe. 5:1) Kusobala ukuthi uNkulunkulu ufuna abantu bajabule, lokho sikubona endleleni esakheke ngayo nasendalweni enhle esizungezile. (IHu. 104:24; 139:13-16) Yingakho ejabula lapho sizama ukwenza abanye bajabule.

5 AmaKristu eqiniso alingisa uKristu, owasibekela isibonelo esiphelele sendlela umuntu angaphana ngayo. UJesu wathi: “Njengoba nje nendodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela umphefumulo wayo ube yisihlengo sabaningi.” (Math. 20:28) Yingakho nomphostoli uPawulu akhuthaza amaKristu, wathi: “Yibani nalesi simo sengqondo esasikhona nakuKristu Jesu . . . Wazidela, wathatha isimo senceku.” (Fil. 2:5, 7) Ngamunye wethu wenza kahle ngokuzibuza, ‘Ngingasilingisa yini isibonelo sikaJesu ngaphezu kwalokho engikwenzayo kakade?’—Funda eyoku-1 Petru 2:21.

6. Yisiphi isifundo uJesu asifundisa sona emfanekisweni womSamariya olungile? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

6 UJehova uyajabula lapho silingisa isibonelo sakhe esiphelele nesikaKristu, ngokukhathazeka ngenhlalakahle yabanye nangokufuna izindlela zokunakekela izidingo zabo. Emfanekisweni womSamariya olungile, uJesu wakwenza kwacaca ukuthi ulindele ukuba abalandeli bakhe bazihluphe ukuze basize abanye, ngisho nalabo abanezizinda ezihlukile. (Funda uLuka 10:29-37.) Uyawukhumbula yini umbuzo owabuzwa umJuda owenza uJesu washo umfanekiso womSamariya olungile? Wawuthi: “Ubani ngempela umakhelwane wami?” Impendulo kaJesu ibonisa ukuthi ukuze uNkulunkulu ajabule kumelwe sikulungele ukusiza abanye njengomSamariya.

7. Ukuba nobugovu noma ukukhathalela abanye kuhlobana kanjani nenkinga eyaphakanyiswa uSathane?

7 AmaKristu anezizathu eziningi ezinhle zokuphana. Ngokwesibonelo, ukupha kuhlobene nenkinga eyaphakanyiswa uSathane ensimini yase-Edene. Kanjani? USathane wagomela ngokuthi u-Adamu no-Eva—nawo wonke umuntu emhlabeni—bangajabula lapho bezinaka bona futhi bekhathalela lokho okuthandwa yibo kunokulalela uNkulunkulu. U-Eva wenza ngokuvumelana nesifiso sakhe sobugovu sokufuna ukufana noNkulunkulu. U-Adamu waba nobugovu futhi wafuna ukujabulisa u-Eva ngaphezu kukaNkulunkulu. (Gen. 3:4-6) Imiphumela yezinqumo zabo siyibona ngokucacile. Ukuba nobugovu akukwenzi ujabule; kwenza okuhlukile kunalokho. Ngokuphana, sibonisa ukuthi siyaqiniseka ukuthi indlela kaNkulunkulu yokwenza izinto ingcono kakhulu.

UKWENZA UMSEBENZI UNKULUNKULU AWUNIKE ABANTU BAKHE

8. Yini okwakufanele u-Adamu no-Eva bakhathalele ukuyinika izingane zabo?

8 UNkulunkulu wanika u-Adamu no-Eva iziqondiso okwakufanele zibenze bacabange ngenhlalakahle yezingane ababezoba nazo, nakuba babephila bodwa e-Edene. UJehova wabusisa u-Adamu no-Eva wabe esebakhuthaza ukuba bazale, bagcwalise umhlaba futhi bawunqobe. (Gen. 1:28) Njengoba uMdali ayekhathazeka ngokujulile ngenhlalakahle yabantu abadalile, abazali bethu bokuqala nabo kwakufanele bakhathazeke ngenjabulo yezingane zabo ezazingakazalwa. Umhlaba wonke wawuzoba yiPharadesi ukuze kuzuze yonke inzalo ka-Adamu. Lona kwakuzoba umsebenzi omkhulu futhi wonke amalungu omndeni okhulayo ka-Adamu kwakuyodingeka alekelele.

9. Kungani ukwenza umhlaba wonke ube iPharadesi kwakuyojabulisa?

9 Ukuze abantu abaphelele benze umhlaba ube iPharadesi, kwakuzodingeka babambisane noJehova ngokugcwele ukuze bafeze injongo yaKhe, ngaleyo ndlela bangene ekuphumuleni kwaKhe. (Heb. 4:11) Ungase ucabange nje ukuthi lowo bekuyoba umsebenzi ozuzisa nowanelisa kanjani. Ukukhathalela inhlalakahle yezingane zabo kwakuyobalethela izibusiso ezinkulu nokwaneliseka.

10, 11. Singawenza kanjani umsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi?

10 Namuhla, uJehova unikeze abantu bakhe umsebenzi wokushumayela nowokwenza abafundi. Ukuze sifeze lo msebenzi kudingeka siyikhathalele ngobuqotho inhlalakahle yabanye. Singakwazi ukwenza lo msebenzi ngokukhuthazela kuphela uma sinezisusa ezinhle—sithanda uNkulunkulu nomakhelwane wethu.

11 Ngekhulu lokuqala C.E., lapho uPawulu ekhuluma ngaye nangabangane bakhe wathi: “Siyizisebenzi ezikanye noNkulunkulu” ngenxa yokuthi babetshala futhi benisela imbewu yeqiniso. (1 Kor. 3:6, 9) Nathi namuhla, singaba “yizisebenzi ezikanye noNkulunkulu” ngokusebenzisa isikhathi sethu, izinto esinazo namandla ethu emsebenzini wokushumayela esiwunikwe uNkulunkulu. Uyilungelo ngempela lo msebenzi!

Zimbalwa izinto ezingakwanelisa ukwedlula ukusiza abantu bamukele amaqiniso eBhayibheli (Bheka isigaba 12)

12, 13. Ubungathi iyini imivuzo yokwenza abafundi?

12 Ukupha ngesikhathi sethu nangamandla emsebenzini wokushumayela nasekwenzeni abafundi kusijabulisa kakhulu. Abantu abaningi abaye baqhuba izifundo zeBhayibheli ezithuthukayo bazokutshela ukuthi zimbalwa izinto ezanelisa ukwedlula lo msebenzi. Kujabulisa kakhulu ukubona abantu abathanda iqiniso belamukela ngenjabulo, beliqonda, ukholo lwabo lukhula, benza izinguquko futhi beqala ukuxoxela abanye ngala maqiniso. UJesu naye wajabula kakhulu lapho ebona abalandeli bakhe abangu-70 ayebathume ukuyoshumayela ‘bebuya bejabula’ ngenxa yemiphumela emihle abayithola.—Luka 10:17-21.

13 Abamemezeli emhlabeni wonke bayajabula lapho bebona umyalezo wezindaba ezinhle ushintsha ukuphila kwabantu. Cabanga ngo-Anna, udade osemusha ongashadile, owandisa inkonzo yakhe ngokuthuthela endaweni eseNtshonalanga yeYurophu lapho kunesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso. * Wabhala wathi: “Maningi amathuba okuqhuba izifundo zeBhayibheli lapha futhi ngiyakuthanda lokho. Inkonzo yami ingenza ngijabule kakhulu. Lapho ngifika ekhaya anginaso isikhathi sokugxila kimi. Ngicabanga ngalabo engifunda nabo iBhayibheli—ngezinkinga zabo nezinto ezibakhathazayo. Ngifuna izindlela engingabakhuthaza futhi ngibasize ngazo. Manje ngiyaqiniseka ukuthi ‘kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni’”—IzEnzo 20:35.

Lapho sishumayela kuyo yonke imizi ensimini yethu, sinika abantu ithuba lokuba basabele ezindabeni zoMbuso (Bheka isigaba 14)

14. Ngisho noma bembalwa abantu abasabela kahle lapho ushumayela, ungayithola kanjani injabulo enkonzweni yakho?

14 Singathola injabulo ngokunika abantu ithuba lokusabela emyalezweni wezindaba ezinhle ngisho noma bekhetha ukungasilaleli. Phela, umyalo esiwunikiwe namuhla uyafana nalowo owanikwa umprofethi uHezekiya, uJehova wathi kuye: “Kumelwe ukhulume amazwi ami kubo, kungakhathaliseki ukuthi bayezwa noma bayenqaba.” (Hez. 2:7; Isaya 43:10) Ngisho noma abanye bengawulaleli umyalezo wethu, uJehova uyayazisa imizamo yethu. (Funda eyamaHebheru 6:10.) Ummemezeli othile wabonisa isimo sengqondo esihle kule ndaba. Mayelana nenkonzo yakhe wabhala wathi, “Siye satshala, sanisela futhi sathandaza sinethemba lokuthi uJehova uzokwenza abantu balithande iqiniso.”—1 Kor. 3:6.

INDLELA YOKUTHOLA INJABULO

15. Abantu abaningi basabela kanjani lapho sibashumayeza, futhi lokho kumelwe kusithinte kanjani?

15 UJesu ufuna sithole injabulo ngokuba abaphanayo. Abantu abaningi bayajabula lapho sibapha okuthile. UJesu wathi, “Kwenzeni umkhuba ukupha, khona-ke abantu bayonipha. Bayothela emathangeni enu isilinganiso esihle, esigxishiwe, esigxishisisiwe nesichichimayo. Ngoba isilinganiso enilinganisa ngaso, nani bayonilinganisela ngaso.” (Luka 6:38) Yiqiniso ukuthi akubona bonke abantu abasabela kahle lapho sipha, kodwa lapho besabela kahle, ukwazisa kwabo kungabenza baphe abanye. Ngakho kwenze umkhuba ukupha kungakhathaliseki ukuthi abantu basabela kanjani. Kuningi kakhulu esingakufeza ngokupha abanye.

16. Kufanele sibe yini isisusa sokupha?

16 Abantu abapha ngokusuka enhliziyweni abakwenzi lokho ngoba befuna ukuthola okuthile. UJesu wathi: “Lapho wenza idili, mema abampofu, abakhubazekile, izinyonga, izimpumputhe; khona-ke uyojabula, ngoba abanalutho abangakubuyisela ngalo.” (Luka 14:13, 14) Umbhali othile ophefumulelwe wathi: “Oneso elinomusa [noma ophanayo] uyobusiswa.” Omunye umbhali wathi: “Uyajabula umuntu owenza ngokumcabangela ophansi.” (IzAga 22:9; IHu. 41:1) Ngempela, kufanele siphe ngoba siyojabula lapho sisiza abanye.

17. Yikuphi ukupha okungakwenza ujabule?

17 Lapho uPawulu ecaphuna amazwi kaJesu athi, “kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni,” wayengabhekiseli kuphela ekupheni abanye izinto ezibonakalayo kodwa wayebhekisela nasekunikezeni isikhuthazo, isiqondiso nasekusizeni abadinga usizo. (IzE. 20:31-35) Ngezwi nangesibonelo, umphostoli uPawulu wasifundisa ukuba siphe abanye konke esinakho—isikhathi sethu, amandla ethu nothando lwethu.

18. Yini ochwepheshe abaningi abaye baphetha ngayo mayelana nokupha?

18 Abacwaningi besayensi yezenhlalakahle baye bathola ukuthi ukupha kwenza abantu bajabule. Esinye isihloko sathi, “abantu bajabula kakhulu ngemva kokwenzela abanye okuthile okuhle.” Abacwaningi bathi, ukusiza abanye kubalulekile ukuze “umuntu abe nenjongo” ekuphileni “ngoba kugcwalisa isidingo esiyisisekelo sabantu.” Yingakho ochwepheshe bevame ukukhuthaza abantu ukuba bavolontiyele ukusiza umphakathi ukuze bajabule futhi bathuthukise impilo yabo. Lokhu akubamangazi labo abamukela iBhayibheli njengeZwi loMdali onothando, uJehova.—2 Thim. 3:16, 17.

QHUBEKA UBA OPHANAYO

19, 20. Yiziphi izizathu onazo ezikwenza ufune ukupha?

19 Kungaba inselele ukuhlala sinomoya wokupha lapho sizungezwe abantu abazicabangela bona kuphela. Nokho, uJesu wathi imithetho emibili emikhulu kunayo yonke ukuba sithande uJehova ngenhliziyo yethu yonke, umphefumulo, ingqondo nangamandla ethu nokuba sithande omakhelwane njengoba sizithanda thina. (Marku 12:28-31) Njengoba sesiye sabona kulesi sihloko, labo abathanda uJehova bayamlingisa. UJehova noJesu bayaphana. Basikhuthaza ukuba senze okufanayo ngoba kuzosenza sijabule ngempela. Uma silwela ukuba nalo moya wokupha lapho sisebenzelana noNkulunkulu nabantu, siyodumisa uJehova futhi sizizuzise thina nomakhelwane bethu.

20 Akungabazeki ukuthi kwamanje uzama ngawo wonke amandla akho ukusiza abanye, ikakhulukazi labo esikholwa nabo. (Gal. 6:10) Uma uqhubeka wenza kanjalo, ngokuqinisekile uzothandwa futhi uzojabula. IzAga 11:25 zithi, “Umphefumulo ophanayo uyokhuluphaliswa; nophuzisa abanye ngokungagodli naye uyophuziswa ngokungagodli.” NjengamaKristu singasebenzisa izindlela eziningi ukuze siphe abanye ngokungazigodli futhi sibabonise umusa enkonzweni nasekuphileni kwansuku zonke futhi lokho kuba nemiphumela ezuzisayo. Esihlokweni esilandelayo sizohlola ezinye izindlela esingapha ngazo.

^ isig. 13 Igama lishintshiwe.