Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Unamaqiniso Aphelele Ngendaba?

Ingabe Unamaqiniso Aphelele Ngendaba?

“Lapho umuntu ephendula indaba ngaphambi kokuba ayizwe, lokho kungubuwula kuye nokululazeka.”—IZAGA 18:13.

IZINGOMA: 126, 95

1, 2. (a) Yiliphi ikhono elibalulekile okudingeka silihlakulele futhi kungani? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

NJENGAMAKRISTU eqiniso, kudingeka sihlakulele ikhono lokuhlola ukuthi imininingwane iyiqiniso yini bese sifinyelela iziphetho ezinembile. (IzAga 3:21-23; 8:4, 5) Uma singalihlakuleli leli khono, kungaba lula ngoSathane nezwe lakhe ukuba bonakalise ukucabanga kwethu. (Efe. 5:6; Kol. 2:8) Singafinyelela eziphethweni ezinembile kuphela uma sinamaqiniso aphelele ngendaba. Kunjengoba izAga 18:13 zisho, “Lapho umuntu ephendula indaba ngaphambi kokuba ayizwe, lokho kungubuwula kuye nokululazeka.”

2 Kulesi sihloko, sizohlola izinselele eziningana ezihlobene nokuthola amaqiniso aphelele nokufinyelela iziphetho ezinembile. Ngaphezu kwalokho, sizoxoxa ngezimiso zeBhayibheli nezibonelo ezingasisiza sithuthukise ikhono lethu lokuhlola ukuthi imininingwane inembile yini.

UNGAKHOLELWA YIWO “WONKE AMAZWI”

3. Kungani kudingeka ukuba sisebenzise isimiso seBhayibheli esisencwadini yezAga 14:15? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

3 Namuhla abantu bagxishwa ngolwazi oluningi. Amawebhusayithi e-inthanethi, izinhlelo zethelevishini neminye imithombo yezindaba kusigidlabeza ngohide lwezindaba. Abantu abaningi bathola intilibathwa yama-imeyili, ama-sms kanye nemibiko evela kubangane nakubantu ababajwayele. Njengoba kujwayelekile ukusakazwa ngamabomu kwemininingwane enganembile, sinesizathu esihle sokuqapha futhi sikuhlole ngokucophelela esikuzwayo. Yisiphi isimiso seBhayibheli esingasisiza? IzAga 14:15 zithi: “Ongenalwazi uba nokholo kuwo wonke amazwi, kodwa okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.”

4. EyabaseFilipi 4:8, 9 isisiza kanjani ukuba sikhethe izinto esizifundayo futhi kungani kubalulekile ukuba nolwazi olunembile? (Bheka ibhokisi elithi “ Amalungiselelo Ambalwa Asisiza Sithole Amaqiniso Aphelele.”)

4 Ukuze senze izinqumo ezinhle kudingeka sibe namaqiniso aphelele. Ngakho, kudingeka sikhethe ngokucophelela ukuthi yini esizoyifunda. (Funda eyabaseFilipi 4:8, 9.) Akufanele sichithe isikhathi sethu sifunda izindaba kumawebhusayithi ezindaba asolisayo noma sifunde izindaba ezingaqinisekisiwe ezithunyelwa ngama-imeyili. Kubaluleke nakakhulu ukugwema amawebhusayithi ezihlubuki. Injongo yawo eyinhloko ukulimaza abantu bakaNkulunkulu nokusonta iqiniso. Imininingane enganembile iholela ezinqumweni ezinganembile. Akufanele sizikhohlise sicabange ukuthi imininingwane engamanga ngeke ithonye izingqondo nezinhliziyo zethu.—1 Thim. 6:20, 21.

5. Yimuphi umbiko ongamanga ama-Israyeli awuzwa futhi asabela kanjani?

5 Ukukholelwa umbiko ongamanga kungaholela enhlekeleleni. Ngokwesibonelo, cabanga ngokwenzeka ngesikhathi sikaMose lapho izinhloli eziyishumi kweziyishumi nambili ezazithunywe ukuyohlola iZwe Lesithembiso zibuya nombiko omubi. (Num. 13:25-33) Ukulandisa kwabo okuyihaba kwabadikibalisa ngokuphelele abantu bakaJehova. (Num. 14:1-4) Kungani abantu basabela ngale ndlela? Kungenzeka babecabanga ukuthi njengoba zaziziningi izinhloli ezaletha umbiko omubi, kumelwe ukuba lokho ezazikusho kwakuyiqiniso. Benqaba ukulalela umbiko omuhle owalethwa amadoda athembekile uJoshuwa noKalebi. (Num. 14:6-10) Kunokuba bathole amaqiniso bese bethembela kuJehova, abantu bakhetha ukukholelwa umbiko omubi. Ngempela, benza ngobuwula!

6. Kungani kungafanele sishaqeke lapho sizwa imibiko engemihle ngabantu bakaJehova?

6 Kudingeka siqaphe nakakhulu lapho sizwa imibiko ephathelene nabantu bakaJehova. Akumelwe sikhohlwe nanini ukuthi uSathane umangalela izinceku zikaJehova ezithembekile. (IsAm. 12:10) Yingakho uJesu axwayisa ngokuthi abaphikisi babeyosho “yonke inhlobo yento embi” ngathi. (Math. 5:11) Uma sisilalela lesi sixwayiso ngeke sishaqeke lapho sizwa imibiko engemihle ngabantu bakaJehova.

7. Ngaphambi kokuthumela ama-imeyili noma imiyalezo, yini okudingeka siyicabange?

7 Ingabe uyakuthanda ukuthumelela abangane bakho nabantu obaziyo ama-imeyili nama-sms? Uma kunjalo, kungenzeka ukuthi lapho ufunda indaba entsha noma uzwa ngento esanda kwenzeka uvele ufane nentatheli efuna ukuba leyo ndaba isakazwe yiyo okokuqala. Nokho, ngaphambi kokuba uthumele lowo myalezo noma i-imeyili, zibuze: ‘Ngiyaqiniseka yini ukuthi le mininingwane engizoyithumela kwabanye iyiqiniso? Nginawo yini amaqiniso aphelele?’ Uma ungaqiniseki, ungase usakaze unganakile imininingwane engamanga kubafowenu. Uma ungabaza, wucishe umyalezo, ungawuthumeli.

8. Yini eye yenziwa abaphikisi kwamanye amazwe futhi singabasekela kanjani singaqondile?

8 Kukhona esinye isizathu esenza kube yingozi ukusheshe uthumele ama-imeyili nemiyalezo ungacabanganga. Kwamanye amazwe umsebenzi wethu ubekelwe imingcele noma uvinjelwe. Emazweni anjalo, abaphikisi ngamabomu bangasakaza imibiko ehloselwe ukusesabisa noma ukusenza singabethembi abazalwane bethu. Cabanga ngalokho okwenzeka eSoviet Union. Amaphoyisa omshoshaphansi abizwa ngokuthi yi-KGB asakaza imibiko engamanga ethi abazalwane abahlukahlukene abavelele babemphikile uJehova. * Abaningi bayikholelwa leyo mibiko engamanga, ngenxa yalokho bazihlukanisa nenhlangano kaJehova. Yeka indaba edabukisayo! Okujabulisayo ukuthi ngemva kwesikhathi abaningi baphinde babuya, kodwa abanye abazange besabuya. Ukholo lwabo lwaphahlazeka. (1 Thim. 1:19) Singawugwema kanjani umphumela obuhlungu ngale ndlela? Kugweme ukusakaza imibiko emibi noma ongaqiniseki ngayo. Ungakholelwa yiyo yonke into oyizwayo. Qiniseka ngokuthi unamaqiniso aphelele.

IMINININGWANE ENGAPHELELE

9. Yini enye engenza kube nzima ukuthola imininingwane enembile?

9 Kungaba nzima ukufinyelela iziphetho ezinembile uma sinemininingwane engaphelele. Ngeke siyethembe indaba enamaqiniso angaphelele. Singakugwema kanjani ukukhohliswa yizindaba ezinamaqiniso angaphelele?—Efe. 4:14.

10. Ama-Israyeli acishe alwa kanjani wodwa, kodwa lokho kwagwenywa kanjani?

10 Cabanga ngalokho okwenzeka kuma-Israyeli ayehlala entshonalanga yoMfula iJordani ngesikhathi sikaJoshuwa. (Josh. 22:9-34) Athola umbiko othi ama-Israyeli ayehlala empumalanga yeJordani (isizwe sakwaRubeni nesakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase) ayakhe i-altare elikhulu nelibabazekayo eduze kwaseJordani. Ingxenye yalo mbiko yayiyiqiniso. Ngenxa yalo mbiko ongaphelele, ama-Israyeli ayehlala entshonalanga aphetha ngokuthi abafowabo bavukele uJehova, ngakho ama-Israyeli ayehlala entshonalanga abuthana ukuze ahlasele ama-Israyeli ayehlala empumalanga. (Funda uJoshuwa 22:9-12.) Ngokujabulisayo, ngaphambi kokuba ahlasele, athumela amadoda athembekile ukuba athole amaqiniso aphelele. Atholani lawo madoda? Ama-Israyeli esizwe sakwaRubeni nesakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase ayelakhile i-altare, kodwa ayengalakhelanga ukwenza imihlatshelo, kunalokho laliyisikhumbuzo. Lalakhelwe ukuba esikhathini esizayo bonke bazi ukuthi nabo babeyizinceku zikaJehova ezithembekile. Yeka ukuthi lawo ma-Israyeli ajabula kanjani ngokwazi ukuthi awazange abulale abafowabo ngenxa yolwazi olungaphelele kodwa azinika isikhathi sokuthola amaqiniso aphelele!

11. (a) Kwenzeka kanjani ukuba uMefibhosheti aphathwe ngendlela engenabulungisa? (b) Yini uDavide ayengayenza ukuze agweme lokhu kungabi nabulungisa?

11 Njengabantu, singaphathwa ngokungenabulungisa lapho abanye bekhuluma amaqiniso angaphelele ngathi. Cabanga ngesibonelo seNkosi uDavide noMefibhosheti. UDavide wabonisa uMefibhosheti umusa, wabuyisela kuye wonke umhlaba owawungokamkhulu wakhe, uSawule. (2 Sam. 9:6, 7) Nokho, kamuva uDavide wathola umbiko omubi ngoMefibhosheti. Ngaphandle kokuhlolisisa ukuthi imininingwane iyiqiniso yini, uDavide wanquma ukuphuca uMefibhosheti konke okungokwakhe. (2 Sam. 16:1-4) Lapho ekugcineni uDavide ekhuluma naye, waliqaphela iphutha lakhe wabe esebuyisela uMefibhosheti ingxenye yezinto zakhe. (2 Sam. 19:24-29) Kodwa lokhu kungabi nabulungisa kwakungagwenywa ukube uDavide wayezinike isikhathi sokuthola amaqiniso aphelele kunokuba enze isinqumo enamaqiniso angaphelele.

12, 13. (a) Yini uJesu ayenza lapho enyundelwa? (b) Yini esingayenza lapho othile ekhuluma amanga ngathi?

12 Kuthiwani uma unyundelwa? UJesu noJohane umBhapathizi babhekana nale nselele. (Funda uMathewu 11:18, 19.) Yini uJesu ayenza? Akazange achithe isikhathi namandla akhe onke ezivikela. Kunalokho wakhuthaza abantu ukuba babheke amaqiniso—izenzo zakhe nalokho ayekufundisa. Kunjengoba uJesu asho: “Ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yimisebenzi yako.”—Math. 11:19.

13 Kunesifundo esibalulekile esisifundayo kulokhu. Ngezinye izikhathi abantu bangase basho izinto ezimbi ngathi noma basigxeke. Singase sifune kwenziwe ubulungisa noma sifise ukwenza okuthile ukuze silungise umonakalo owenziwe edumeleni lethu. Noma kunjalo, kukhona esingakwenza. Uma othile ekhuluma amanga ngathi, singaphila ngendlela ezokwenza abanye bangamkholwa. Ngempela, njengoba isibonelo sikaJesu sibonisa, indlela enhle esiphila ngayo njengamaKristu ingaqeda izinsolo ezingamanga ngokumelene nathi.

INGABE UZETHEMBA NGOKWEQILE?

14, 15. Ukuncika kokwethu ukuqonda kungaba ugibe ngayiphi indlela?

14 Sibonile ukuthi kuyinselele ukuthola amaqiniso esingawethemba ukuze ufinyelele iziphetho ezinembile. Enye inselele ukuthi sizalwa sinesono. Kuthiwani uma sekuphele amashumi eminyaka sikhonza uJehova ngokwethembeka? Kungenzeka ukuthi lokho kusisizile saba nekhono elihle lokucabanga nelokuqonda. Kungenzeka sihlonishwa kakhulu ngokwahlulela kwethu okuhle. Noma kunjalo, ingabe nalokhu kungaba ugibe?

15 Yebo, kungaba ugibe ukuthembela kakhulu ekuqondeni kwethu. Imizwa nemibono yethu ingaqala ukulawula ukucabanga kwethu. Singacabanga ukuthi singakwazi ukubheka isimo bese siyasiqonda ngisho noma singenawo amaqiniso aphelele. Lokho kuyingozi kakhulu! IBhayibheli lisixwayisa ngokucacile ukuba singanciki kokwethu ukuqonda.—IzAga 3:5, 6; 28:26.

16. Kulo mfanekiso, yini eyenzeka esitolo sokudlela futhi yiziphi iziphetho uTom asheshe wafinyelela kuzo?

16 Cabanga ngalo mfanekiso. Lapho esesitolo sokudlela, uTom, umdala ongumakad’ ebona, uyethuka lapho ebona omunye umdala, uJohn, ehlezi kwelinye itafula nowesifazane ongeyena umkakhe. UTom uyambuka uJohn kanye nalona wesifazane njengoba behleka, bejabulelana futhi behagana. Lokhu kumphazamisa kakhulu uTom. Ingabe kuzobangela ukuba uJohn nomkakhe badivose? Kuthiwani ngezingane zabo? UTom wake wazibona izimo ezidabukisa njengalesi ngaphambili. Wena ubuzozizwa kanjani ukube ubukubona lokhu?

17. Kulo mfanekiso, yini uTom ayithola kamuva futhi lokhu kusifundisani?

17 Nakuba uTom asheshe waphetha ngokuthi uJohn akathembekile kumkakhe, ingabe ngempela wayenawo wonke amaqiniso? Kusihlwa ngalobo busuku, uTom washayela uJohn ucingo. Ungase ucabange indlela uTom akhululeka ngayo lapho ethola ukuthi lowaya wesifazane udadewabo kaJohn owayevakashile esuka kwelinye idolobha. Kwase kuyiminyaka eminingi uJohn nodadewabo bengabonani. Ngenxa yokuthi udadewabo wayengeke ahlale isikhathi eside, uJohn wayezokwazi ukumbona isikhashana esitolo sokudlela. Umkakhe akakwazanga ukuba nabo. Ngokujabulisayo, uTom akazange akutshele abanye lokho ayekucabanga. Sifundani kulokhu? Ngisho noma sesinesikhathi eside kangakanani singamaKristu, kubalulekile ukuba sithole amaqiniso aphelele ngendaba.

18. Ukungaboni ngaso linye nabafowethu kungayithonya kanjani indlela esahlulela ngayo?

18 Enye inselele yokuthola amaqiniso aphelele ingase ivele lapho kunomzalwane esingaboni ngaso linye naye ebandleni. Uma sigxila ezintweni ezisixabanisayo, singase singamethembi umfowethu. Ngenxa yalokho, lapho sizwa umbiko ongemuhle ngalo mzalwane, singase sisheshe ukuwukholelwa. Sifundani kulokhu? Ukuvumela ukuba imizwa engemihle ngabafowethu ikhule ezinhliziyweni zethu kungabangela ukuba sifinyelele iziphetho eziyiphutha ezingasekelwe emaqinisweni aphelele. (1 Thim. 6:4, 5) Singagwema ukwahlulela abanye ngendlela eyiphutha ngokwenqaba ukuba umona ukhule ezinhliziyweni zethu. Kunokuba sizizwe ngale ndlela ngabafowethu, kwangathi singasiqaphela isibopho sethu sokuthanda abafowethu futhi sibathethelele ngokusuka enhliziyweni.—Funda eyabaseKolose 3:12-14.

IZIMISO ZEBHAYIBHELI ZIYASILONDA

19, 20. (a) Yiziphi izimiso ezizosisiza sihlole ukuthi imininingwane inembile yini? (b) Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

19 Ukuthola amaqiniso nokuhlola ukuthi anembile yini kuyinselele namuhla ngenxa yezindaba eziningi ezinganembile, imibiko enamaqiniso angaphelele nokungapheleli kwethu. Yini engasisiza? Kumelwe sizazi futhi sizisebenzise izimiso zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, isimiso seBhayibheli sithi kuwubuwula nokululazeka ukuphendula indaba ngaphambi kokwazi amaqiniso. (IzAga 18:13) Esinye isimiso seBhayibheli sisikhumbuza ukuthi akumelwe sikholelwe konke esikuzwayo ngaphambi kokuba sikuhlole. (IzAga 14:15) Okokugcina, kungakhathaliseki ukuthi sinesikhathi esingakanani singamaKristu, kumelwe siqaphe singanciki kokwethu ukuqonda. (IzAga 3:5, 6) Izimiso zeBhayibheli ziyosilonda uma siqikelela ukuthi sisebenzisa amaqiniso esiwathola emithonjeni ethembekile ukuze sifinyelele iziphetho ezinembile, senze nezinqumo ezihlakaniphile.

20 Kodwa kunenye inselele. Ukwahlulela ngokwalokho esikubona ngamehlo. Esihlokweni esilandelayo sizohlola ukuthi kukuphi lapho sivame ukwahlulela khona ngale ndlela, sibone nokuthi yini engasisiza ukuze sikugweme lokhu.

^ isig. 8 Bheka INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2004, kk. 111-112, ne-Ncwadi Yonyaka Ka-2008, kk. 133-135.