Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukufundisa Iqiniso

Ukufundisa Iqiniso

“O Jehova, . . . ingqikithi yezwi lakho iyiqiniso.”—IHU. 119:159, 160.

IZINGOMA: 29, 53

1, 2. (a) Yimuphi umsebenzi owawubalulekile kuJesu, futhi kungani? (b) Yini okumelwe siyenze ukuze siphumelele ‘njengezisebenzi ezikanye noNkulunkulu’?

UJESU KRISTU wayengumbazi nomfundisi. (Marku 6:3; Joh. 13:13) Wayeyenza kahle yomibili le misebenzi. Njengombazi, wafunda ukusebenzisa kahle amathuluzi akhe ukuze abaze izinto eziwusizo ngokhuni. Njengomfundisi wezindaba ezinhle, walusebenzisa ngekhono ulwazi lwemiBhalo ayenalo ukuze asize abantu abavamile baqonde amaqiniso aseZwini likaNkulunkulu. (Math. 7:28; Luka 24:32, 45) Lapho eneminyaka engu-30, uJesu wayeka ukuba umbazi ngoba wayazi ukuthi umsebenzi wokufundisa iwona owawubaluleke kakhulu. Wathi isizathu sokuba uNkulunkulu amthumele emhlabeni ukuba ashumayele izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Math. 20:28; Luka 3:23; 4:43) UJesu wenza inkonzo yaba yinto ebalulekile ekuphileni kwakhe futhi wayefuna nabanye bawenze lo msebenzi.—Math. 9:35-38.

2 Kungenzeka ukuthi asibona ababazi, kodwa ngokuqinisekile singabamemezeli bezindaba ezinhle. Lo msebenzi ubaluleke kangangokuthi noNkulunkulu uyahlanganyela kuwo; sibizwa ngokuthi “siyizisebenzi ezikanye noNkulunkulu.” (1 Kor. 3:9; 2 Kor. 6:4) Siyaqaphela ukuthi “ingqikithi yezwi [likaJehova] iyiqiniso.” (IHu. 119:159, 160) Yingakho sifuna ukuqikelela ukuthi “siphatha izwi leqiniso ngokufanele” enkonzweni yethu. (Funda eyesi-2 Thimothewu 2:15.) Ukuze senze lokho, siyaqhubeka sithuthukisa amakhono ethu ekusebenziseni iBhayibheli, okuyithuluzi eliyinhloko esilisebenzisela ukufundisa iqiniso ngoJehova, uJesu noMbuso. Ukuze isisize siphumelele enkonzweni yethu, inhlangano kaJehova iye yasenzela amathuluzi awusizo okudingeka sijwayele ukuwasebenzisa. La mathuluzi aseBhokisini Lamathuluzi Okufundisa.

3. Yini okufanele sigxile kuyo kulesi sikhathi esisele, futhi izEnzo 13:48 zingasikhuthaza kanjani ukuba senze lokho?

3 Kungenzeka uyazibuza ukuthi kungani sithi yiBhokisi Lamathuluzi Okufundisa singathi iBhokisi Lamathuluzi Okushumayela. “Ukushumayela” kusho ukumemezela umyalezo; kodwa “ukufundisa” kusho ukugxilisa lowo myalezo engqondweni nasenhliziyweni yalowo muntu omfundisayo ukuze enze ngokuvumelana nalokho akufundayo. Kulesi sikhathi esisele, kumelwe sigxile ekuqaliseni izifundo zeBhayibheli nabantu futhi sibafundise iqiniso. Lokhu kusho ukufuna ngobuqotho ‘bonke labo abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade’ nokubasiza bakholelwe kuNkulunkulu.—Funda izEnzo 13:44-48.

4. Singababona kanjani ‘labo abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade,’ futhi singabathola kanjani?

4 Singababona kanjani ‘labo abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade’? Njengasekhulwini lokuqala, indlela yokuthola labo bantu iwukushumayela. Ngakho, sidinga ukwenza lokho uJesu asiyala ukuba sikwenze: “Kunoma yimuphi umuzi noma umzana eningena kuwo, funani ukuthi ubani ofanelekayo kuwo.” (Math. 10:11) Asilindele ukuba abantu abangathembekile, abaqhoshayo nalabo abangamthandi uNkulunkulu bazamukele izindaba ezinhle. Sifuna abantu abathembekile, abathobekile nabalangazelela ukufunda iqiniso. Lokhu singakufanisa nalokho uJesu, njengombazi, ayengase akwenze lapho efuna ukhuni olufanele ukuze enze ifenisha, iminyango, amajoka noma ezinye izinto. Lapho eselutholile ukhuni olufanele, wayethatha ibhokisi lakhe lamathuluzi bese esebenzisa ikhono lakhe ukuze abaze okuthile. Nathi kumelwe senze okufanayo njengoba silwela ukufundisa abanezinhliziyo eziqotho.—Math. 28:19, 20.

5. Yini okudingeka siyazi ngamathuluzi ethu aseBhokisini Lamathuluzi Okufundisa? Fanekisa. (Bheka izithombe ezisekuqaleni.)

5 Njengoba kunjalo nganoma yiliphi ibhokisi lamathuluzi, ithuluzi ngalinye linomsebenzi walo. Ngokwesibonelo, cabanga ngamathuluzi okubaza okungenzeka uJesu wayewasebenzisa. * Wayedinga amathuluzi okukala nokudweba ukhuni; okusika, okubhoboza nawokwenza ukhuni lube yilokho akufunayo; awokuqondisa nawokuhlanganisa zonke izingxenye zalokho akubazayo. Ngendlela efanayo, ithuluzi ngalinye eliseBhokisini Lamathuluzi Okufundisa linomsebenzi walo. Ngakho, ake sibuke ibhokisi lethu lamathuluzi, sibone ukuthi singawasebenzisa kanjani la mathuluzi abalulekile esinawo.

AMATHULUZI ACHAZA UKUTHI SINGOBANI

6, 7. (a) Uye wawasebenzisa kanjani amakhadi emininingwane ye-jw.org? (b) Izimemo zomhlangano webandla zifeza yiphi injongo ekabili?

6 Amakhadi Emininingwane Ye-JW.ORG. Lana amakhadi amancane kodwa awusizo esingawasebenzisela ukuchaza ukuthi singobani bese eyisa abantu kuyiwebhusayithi yethu abangafunda kuyo okuningi ngathi futhi bacele nokufundelwa iBhayibheli. Kuze kube manje, abantu abangaphezu kuka-400 000 baye bacela ukufundelwa iBhayibheli kuyi-jw.org futhi kunamakhulu abantu afaka izicelo nsuku zonke! Ungahlala unawo ukuze uwasebenzise lapho kuvela amathuba okushumayela phakathi nosuku.

7 Izimemo. Lokho esivame ukukubiza ngokuthi isimemo somhlangano webandla kufeza injongo ekabili. Lesi simemo sithi: “Uyamenywa ukuba ufunde iBhayibheli noFakazi BakaJehova.” Umuntu uyazikhethela ukuthi ufuna ukuya “emihlanganweni yebandla yasobala” noma ucela ukuba kube ‘nomuntu ozomvakashela ekhaya.’ Leli thuluzi aligcini nje ngokuchaza ukuthi singobani kodwa limema nalabo “abaqaphela isidingo sabo esingokomoya” ukuba bafunde iBhayibheli nathi. (Math. 5:3) Abantu bavumelekile ukuba beze emihlanganweni yethu kungakhathaliseki ukuthi bayafuna ukufunda nathi iBhayibheli noma cha. Lapho befika, bazobona futhi bezwe iqiniso leBhayibheli esilifundisayo.

8. Kubaluleke kangakanani ukuba abantu beze emihlanganweni yethu okungenani kanye nje? Nikeza isibonelo.

8 Kubalulekile ukuba siqhubeke simema abantu ukuba beze emihlanganweni yethu okungenani kanye nje. Kungani? Yingoba lapho befika, bazobona ukuthi oFakazi BakaJehova bafundisa iqiniso eliseBhayibhelini futhi basiza abantu bazi uNkulunkulu, kuyilapho inkolo yamanga ingakwenzi lokhu. (Isaya 65:13) URay nomkakhe uLinda base-United States bakubona lokhu eminyakeni edlule. Banquma ukuthi kudingeka baqale ukuya esontweni. Babenokholo kuNkulunkulu futhi befuna ukumazi, ngakho baqala ukuya kuwo wonke amasonto edolobheni ababehlala kulo. Kwakunamasonto amaningi kuleyo ndawo. Zisuka nje, banquma ukuthi zimbili izinto okwakumelwe bazithole esontweni abazolikhetha. Okokuqala, kumelwe bafunde okuthile kulelo sonto, okwesibili, kumelwe kucace ukuthi amalungu alelo sonto amelela uNkulunkulu. Ngemva kweminyaka eminingana, base bewahambe wonke amasonto kodwa abazange balithole elibagculisayo. Lapho bephuma esontweni lokugcina elalisohlwini lwabo, uLinda waya emsebenzini futhi uRay waya ekhaya. Esendleleni eya ekhaya, wadlula ngaseHholo LoMbuso wabe esezibuza, ‘Kungani ngingangeni ngibone ukuthi kwenziwani?’ Wakuthanda kakhulu lokho akubona. Bonke eHholo LoMbuso babenothando nobungane futhi begqoke kahle. URay wahlala phambili futhi wakujabulela lokho akufunda. Kwaba njengoba nje uPawulu asho mayelana nomuntu oya emhlanganweni wobuKristu okokuqala bese ethi: “Ngempela uNkulunkulu uphakathi kwenu.” (1 Kor. 14:23-25) Ngemva kwalokho, uRay waba khona njalo ngeSonto; kamuva waba khona njalo phakathi nesonto. ULinda naye waqala ukuya futhi bafundelwa babhapathizwa yize base bevile eminyakeni engu-70.

AMATHULUZI OKUQALA IZINGXOXO

9, 10. (a) Kungani kulula ukusebenzisa amapheshana? (b) Chaza ukuthi ungalisebenzisa kanjani ipheshana elithi Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

9 Amapheshana. Sinamapheshana angu-8 angamathuluzi asebenziseka kalula futhi awusizo lapho siqala izingxoxo nabantu. Kusukela aqala ukusetshenziswa ngo-2013, sekunyatheliswe amakhophi angaba ngu-5 billion! Into enhle ngala mathuluzi ukuthi uma usukwazi ukusebenzisa elilodwa lawo, usuke usukwazi ukuwasebenzisa wonke ngoba ahlelwe ngendlela efanayo. Ungalisebenzisa kanjani ipheshana ukuze uqalise ingxoxo nomuntu?

10 Ungase ukhethe ukusebenzisa ipheshana elithi Uyini UMbuso KaNkulunkulu? Bonisa umuntu umbuzo osekhasini lokuqala bese uyambuza: “Uke wazibuza ukuthi uyini uMbuso kaNkulunkulu? Ungathi u-. . . ” Yibe usumbuza ukuthi kulezi zimpendulo ezintathu iyiphi ayikhethayo. Ngaphandle kokusho ukuthi uphendule kahle noma cha, iya esihlokweni esingaphakathi esithi “Okushiwo IBhayibheli” bese uxoxa ngemiBhalo ekhonjiwe, uDaniyeli 2:44 no-Isaya 9:6. Qhubeka nengxoxo uma kungenzeka. Ekugcineni, xoxa ngombuzo othi: “Kuyoba njani ukuphila lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu?” ongaphansi kwesihloko esithi “Cabanga Ngalokhu.” Lokho kuyokusiza ukwazi ukuphinde uxoxe naye ngokulandelayo. Lapho niphinde nihlangana, ungabhekisela esifundweni 7 sencwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!, okungelinye lamathuluzi esilisebenzisela ukuqalisa izifundo zeBhayibheli.

AMATHULUZI AVUSA ISITHAKAZELO

11. Omagazini bethu baklanyelwe yiphi injongo, kodwa yini okufanele siyazi ngabo?

11 Omagazini. INqabayokulinda ne-Phaphama! bangomagazini abanyatheliswa futhi bahunyushwe kabanzi kunabo bonke emhlabeni! Ngenxa yokuthi baziwa kuwo wonke umhlaba, izihloko ezisesembozweni ziklanyelwe ukuba zikhange abantu kuyo yonke indawo. Kufanele sibasebenzise njengamathuluzi avusa isithakazelo kumuntu ngezindaba ezibaluleke ngempela ekuphileni namuhla. Nokho, ukuze lab’ omagazini sibanikeze abantu abafanelekayo, kudingeka sazi ukuthi umagazini ngamunye ubhalelwe luphi uhlobo lwabantu.

12. (a) I-Phaphama! iklanyelwe uhlobo olunjani lwabantu, futhi iyini injongo yayo? (b) Leli thuluzi liye lakusiza kanjani muva nje?

12 I-Phaphama! yenzelwe abantu abanolwazi oluncane lweBhayibheli noma abangenalo nhlobo. Kungenzeka abazi lutho ngezimfundiso zobuKristu, kungenzeka abayithembi inkolo, noma abazi ukuthi iBhayibheli liwusizo. Injongo eyinhloko ye-Phaphama! iwukusiza abafundi bayo ukuba bakholelwe ukuthi uNkulunkulu ukhona. (Roma 1:20; Heb. 11:6) Ihloselwe nokusiza umfundi akholelwe ukuthi iBhayibheli ‘liyilo ngempela izwi likaNkulunkulu.’ (1 Thes. 2:13) Izihloko ezintathu zika-2018 zithi: “Indlela Yokuthola Injabulo,” “Izinto Ezingu-12 Ezenza Imindeni Iphumelele,” nesithi “Usizo Kwabasosizini Lokushonelwa.”

13. (a) INqabayokulinda yomphakathi iklanyelwe uhlobo olunjani lwabantu? (b) Leli thuluzi liye lakusiza kanjani muva nje?

13 INqabayokulinda yomphakathi isiza abantu abahlonipha uNkulunkulu neZwi lakhe ukuba baqonde iBhayibheli. Ngisho noma kungenzeka banolwazi oluthile lweBhayibheli, abaziqondi kahle izimfundiso zalo. (Roma 10:2; 1 Thim. 2:3, 4) Izihloko ezintathu zika-2018 ziphendula le mibuzo: “Ingabe IBhayibheli Lisewusizo Nanamuhla?,” “Lisiphatheleni Ikusasa?,” “Ingabe UNkulunkulu Uyakuthanda?

AMATHULUZI AKHUTHAZA ABANTU

14. (a) Amavidiyo amane aseBhokisini Lamathuluzi Okufundisa afeza yiphi injongo? (b) La mavidiyo aye akusiza kanjani muva nje?

14 Amavidiyo. Ngosuku lukaJesu, umbazi wayesebenzisa kuphela amathuluzi ezandla. Nokho, namuhla ababazi basebenzisa namathuluzi kagesi—umshini wokusaha, wokubhoboza izimbobo, wokuhwaya ukhuni, wokufaka izipikili neminye. Ngaphezu kwezincwadi ezinyatheliswayo, manje sinamavidiyo amahle esiwabonisa abantu—amane awo asebhokisini lethu lamathuluzi okufundisa: Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli?, Siqhutshwa Kanjani Isifundo SeBhayibheli?, Kwenziwani EHholo LoMbuso?, OFakazi BakaJehova—Singobani? Amavidiyo adlala imizuzu engaphansi kwemibili asebenza kahle lapho uxoxa nomuntu okokuqala. Amade singawabonisa izimpindelo zethu nabantu abanesikhathi sokuwabuka. La mathuluzi angakhuthaza abantu ukuba bafunde nathi iBhayibheli futhi beze emihlanganweni yethu.

15. Bonisa indlela okungabathinta ngayo abantu ukubukela amavidiyo ethu ngolimi lwabo.

15 Ngokwesibonelo, lapho udade ehlangana nowesifazane osuka eMicronesia owayekhuluma isiYapese, udadewethu wambonisa ividiyo ethi Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli? ngolimi lwakhe. Lapho ividiyo iqala ukudlala, lona wesifazane wathi: “Hhayi bo! Idlala ngolimi lwami! Ngizwa nje ngendlela akhuluma ngayo ukuthi ukhulele esiqhingini sakithi. Ukhuluma ulimi lwami!” Ngemva kwalokho, wathi uzofunda futhi abukele yonke into eku-jw.org ngolimi lwakhe. (Qhathanisa nezEnzo 2:8, 11.) Cabanga ngesinye isibonelo. Udade ohlala e-United States wathumelela umshana wakhe ohlala kwelinye izwe i-link yevidiyo ethi Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli? ngolimi lwakhe. Wayibukela wabe esemthumelela i-imeyili wathi: “Ngiyithandile ingxenye ekhuluma ngokuthi uSathane nguyena olawula izwe. Ngifake isicelo sokufundelwa iBhayibheli.” Uhlala ezweni lapho umsebenzi wethu uvinjelwe khona.

AMATHULUZI OKUFUNDISA IQINISO

16. Chaza ukuthi incwajana ngayinye ihloselweni: (a) Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade. (b) Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu! (c) Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?

16 Izincwajana. Ungamfundisa kanjani iqiniso umuntu ongakwazi kahle ukufunda noma okhuluma ulimi okungekho zincwadi zeBhayibheli ezitholakala ngolimi lwakhe? Sinalo ithuluzi elingasisiza—incwajana ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade. * Ithuluzi elihle lokuqala izifundo zeBhayibheli yincwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu! Ungabonisa umuntu izihloko ezingu-14 ezisekhasini elingemuva bese umcela akhethe asithandayo. Yibe usuqala ukufunda naye leso sihloko. Uke wakuzama yini lokho lapho uphindela kubantu oke waxoxa nabo? Incwajana ethi Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla? ingeyesithathu ebhokisini lamathuluzi okufundisa. Ihloselwe ukusiza abafundi bangene enhlanganweni. Ukuze ubone ukuthi ungayisebenzisa kanjani kubantu obafundelayo, bheka INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu kaMashi 2017.

17. (a) Incwadi ngayinye yokufundela abantu iBhayibheli ihloselweni? (b) Yini edingekayo kubo bonke abathuthukela ekubhapathizweni, futhi ngani?

17 Izincwadi. Ngemva kokuba seniqale ukufunda incwajana, ungashintshela noma yinini encwadini ethi Lingasifundisani IBhayibheli? Leli thuluzi lizosiza umuntu andise ulwazi analo ngeBhayibheli. Ngemva kokuba seniyiqedile le ncwadi futhi uma umfundi ethuthuka, dlulelani encwadini ethi Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu. Leli thuluzi lizosiza umfundi akwazi ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwansuku zonke. Khumbula ukuthi ngisho noma umuntu esebhapathiziwe kumelwe aqhubeke ezifunda zombili lezi zincwadi aze aziqede. Lokhu kuzomsiza abe nokholo oluqinile kuJehova futhi ahlale eqotho kuye.—Funda eyabaseKolose 2:6, 7.

18. (a) Eyoku-1 Thimothewu 4:16 isikhuthaza ukuba senzeni njengabafundisi beqiniso, futhi uba yini umphumela? (b) Kufanele ube yini umgomo wethu lapho sisebenzisa iBhokisi Lamathuluzi Okufundisa?

18 NjengoFakazi BakaJehova sinikezwe umyalezo weqiniso lezindaba ezinhle oholela ekuphileni okuphakade. (Kol. 1:5; funda eyoku-1 Thimothewu 4:16.) Ukuze sidlulisele lowo myalezo, sinikezwe iBhokisi Lamathuluzi Okufundisa elinakho konke esikudingayo. (Bheka isihloko esithi “ IBhokisi Lamathuluzi Okufundisa.”) Kwangathi singawasebenzisa ngokuhlakanipha la mathuluzi. Ummemezeli ngamunye angazinqumela ukuthi yiliphi ithuluzi elisebhokisini azolisebenzisa lapho exoxa nomuntu othanda ukulalela nokuthi lokho uzokwenza nini. Kodwa umgomo wethu awukona nje ukusakaza izincwadi noma ukuzishiyela abantu abangafuni ukulalela. Umgomo wethu ukufundisa abantu abathembekile, abathobekile nabalambele iqiniso—abantu ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade.’—IzE. 13:48; Math. 28:19, 20.

^ isig. 5 Bheka isihloko esithi “Umbazi” nebhokisi elithi “Ibhokisi Lombazi Lamathuluzi” kuyi-Nqabayokulinda ka-Agasti 1, 2010.

^ isig. 16 Uma umuntu engakwazi ukufunda, ungamcela ukuba ahambisane nawe encwajaneni ethi Lalela UNkulunkulu, egcwele izithombe.