Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Thembela KuJehova Uphile!

Thembela KuJehova Uphile!

“Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda.”—IZAGA 3:5.

IZINGOMA: 3, 8

1. Kungani sonke sidinga ukududuzwa?

SONKE siyakudinga ukududuzwa. Kungenzeka ukuphila kwethu kugcwele izinkathazo, ukuphoxeka nokucindezeleka. Mhlawumbe sizwa ubuhlungu obubangelwa ukuguga, ukugula noma ukushonelwa umuntu esimthandayo. Abanye kithi bayahlukunyezwa. Udlame luyaqhubeka lubhebhetheka ezweni. Siyaqiniseka ukuthi lezi “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo” ziwubufakazi bokuthi siphila “ezinsukwini zokugcina” futhi usuku ngalunye oludlulayo lusisondeza ezweni elisha. (2 Thim. 3:1) Noma kunjalo, kungenzeka sekuphele isikhathi eside silinde ukugcwaliseka kwezithembiso zikaJehova futhi izinkinga zethu ziyaqhubeka zanda. Pho-ke, singayithola kuphi induduzo?

2, 3. (a) Yini esiyaziyo ngoHabakuki? (b) Kungani sizoxoxa ngencwadi kaHabakuki?

2 Ukuze sithole impendulo, ake sihlole incwadi kaHabakuki. Ngisho noma imiBhalo ingasitsheli imininingwane eqondile ngokuphila kukaHabakuki nezinto ayezenza, incwadi ebizwa ngegama lakhe iyasikhuthaza. Cishe igama lakhe lisho “Ukwanga Ngothando.” Lokhu kungabhekisela ekwangeni ngothando kukaJehova noma endleleni abakhulekeli bakhe abanamathela ngayo kuye ngokuqiniseka. UHabakuki wabuza uNkulunkulu imibuzo eminingi. Empeleni, wabuza imibuzo nathi esizibuza yona, yingakho uJehova aphefumulela uHabakuki ukuba ayibhale leyo ngxoxo.—Hab. 2:2.

3 Le ngxoxo ephakathi kwale ndoda ekhathazekile noJehova yiyo kuphela emiBhalweni esichazela ngalo mprofethi. Incwadi yakhe iyingxenye yazo “zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili” neziye zagcinwa eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, “ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.” (Roma 15:4) Singazuza kanjani encwadini kaHabakuki? Ingasisiza sibone ukuthi kusho ukuthini ukuthembela kuJehova. Ngaphezu kwalokho, isiprofetho sikaHabakuki sisiqinisekisa ngokuthi nathi singakwazi ukuhlala sinenhliziyo ezolile naphezu kwezingcindezi nezinkathazo. Sinalokhu engqondweni, ake sihlole incwadi kaHabakuki ngokwengeziwe.

CELA USIZO KUJEHOVA

4. Kungani uHabakuki ayephatheke kabi?

4 Funda uHabakuki 1:2, 3. UHabakuki wayephila esikhathini esinzima kakhulu. Wayephatheke kabi kakhulu ngenxa yokuthi wayephila phakathi kwabantu ababi nabanodlame. Babuyophela nini lobo bubi? Kungani uJehova ephuza ukuthatha isinyathelo? Ukuphela kwento uHabakuki ayeyibona kwakuwukungabi nabulungisa nokucindezelwa kwabantu okwakwenziwa abantu bakubo. Wayedikibele. Ngakho, phakathi naleso sikhathi esinzima wacela usizo kuJehova. Kungenzeka ukuthi uHabakuki wayeseqala ukucabanga ukuthi uJehova akanandaba. Kwakubonakala sengathi uNkulunkulu ngeke angenele ngokushesha. Ingabe wake wazizwa njengale nceku kaNkulunkulu?

5. Yisiphi isifundo esibalulekile esisithola encwadini kaHabakuki? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

5 Ingabe uHabakuki wayengasamethembi uJehova? Ingabe wayengasenalo ukholo ezithembisweni zikaNkulunkulu? Lutho neze! Kwakona nje ukuthi watshela uJehova izinkinga zakhe, hhayi abantu, kubonisa ukuthi wayengakaphelelwa yithemba. Kuyacaca ukuthi wayekhathazekile ngoba wayengaqondi ukuthi kungani uJehova ayengathathi isinyathelo noma ukuthi kungani ayevuma ukuba ezwe ubuhlungu obungaka. Ngokuphefumulela uHabakuki ukuba abhale ngezinkinga zakhe, uJehova wasifundisa isifundo esibalulekile: Akumelwe sesabe ukumtshela izinto ezisikhathazayo noma esizingabazayo. Usimema ngomusa ukuba sithululele inhliziyo yethu kuye ngomthandazo. (IHu. 50:15; 62:8) IzAga 3:5 zisikhuthaza ukuba ‘sithembele kuJehova ngayo yonke inhliziyo yethu, singenciki kokwethu ukuqonda.’ Cishe uHabakuki wayewazi kahle la mazwi futhi wawagxilisa enhliziyweni yakhe.

6. Kungani umthandazo ubalulekile?

6 UHabakuki wanquma ukusondela kuJehova, uMngane noBaba wakhe ayemethemba. Akazange agcine nje ngokukhathazeka ngesimo sakhe futhi akazange ancike kokwakhe ukuqonda. Kunalokho, wathandaza ngemizwa yakhe nangalokho okwakumkhathaza, esibekela isibonelo esihle. Ngaphezu kwalokho, uJehova uMuzwi womthandazo, usimema ukuba sibonise ukuthi sithembele kuye ngokuthandaza simtshele izinto ezisikhathazayo. (IHu. 65:2) Ukwenza kanjalo kuyosenza sibone indlela uJehova aphendula ngayo—uyosanga ngothando, asinike isiqondiso esinomusa. (IHu. 73:23, 24) Uyosisiza siqonde imicabango yakhe kungakhathaliseki ukuthi yini esikhathazayo. Imithandazo yethu esuka enhliziyweni iyindlela esibonisa ngayo ukuthi siyamethemba uNkulunkulu.

LALELA UJEHOVA

7. Yini uJehova ayenza ngokukhathazeka kukaHabakuki?

7 Funda uHabakuki 1:5-7. Ngemva kokuphonsa izinkathazo zakhe kuJehova, kungenzeka uHabakuki wayezibuza ukuthi uJehova wayezosabela kanjani. Njengoba uJehova enguBaba onozwela noqondayo, akazange amthethise lapho ekhononda kufanele. UNkulunkulu wayazi ukuthi wayekhala ngoba ezwa ubuhlungu nosizi. Emazwini ayewaqondise kumaJuda angalaleli, uJehova wamchazela lokho okwakuyokwenzeka esikhathini esizayo. Kungenzeka ukuthi uHabakuki waba umuntu wokuqala uJehova amtshela ukuthi kwase kusondele ukuphela kwaleyo nkathi enodlame.

8. Kungani impendulo kaJehova yammangaza uHabakuki?

8 UJehova wabonisa uHabakuki ukuthi wayekulungele ukuthatha isinyathelo. Sase sisondele isijeziso saleso sizukulwane esinodlame nesibi. Ngenkulumo ethi “ezinsukwini zenu,” uJehova wayebonisa ukuthi lesi sahlulelo sasiyokwenzeka nakanjani phakathi nesikhathi sokuphila kwalo mprofethi noma esalabo ayephila nabo. UJehova waphendula ngendlela uHabakuki ayengayilindele. Ingabe lokhu kwamsiza uHabakuki? Lokho uJehova amtshela khona ngokuqinisekile kwakusho ukuthi ukuhlupheka kwakuzokwanda kulo lonke elakwaJuda. * AmaKhaledi (abaseBhabhiloni) ayenonya nokhahlo, enodlame ngaphezu kwabantu bakubo ababeyazi indlela efanele yokukhonza uJehova. Yini eyayibangela ukuba uJehova asebenzise isizwe esinonya esikhulekela onkulunkulu bamanga ukuze alethe inhlekelele kubantu bakhe? Ubuyosabela kanjani ngemva kokuzwa le mpendulo evela kuJehova?

9. Yimiphi imibuzo okungenzeka uHabakuki wazibuza yona?

9 Funda uHabakuki 1:12-14, 17. UHabakuki wayeqonda ukuthi uJehova wayeyosebenzisa abaseBhabhiloni ukuze ahlulele futhi ajezise abenzi bokubi ababemzungezile, kodwa wayesakhungathekile. Nokho, ngokuthobeka watshela uJehova ukuthi uzoqhubeka ‘eyiDwala’ lakhe. (Dut. 32:4; Isaya 26:4) Ngesineke uHabakuki waqhubeka ethembela othandweni lukaNkulunkulu nasemseni wakhe. Lokho kwamenza waba nesibindi sokuphinde abuze uJehova imibuzo enjengalena: Kungani uNkulunkulu evumela izimo kwaJuda ukuba zibe zimbi nakakhulu? Kungani engathathi isinyathelo ngokushesha? Kungani uMninimandla onke ebekezelela ukuhlukunyezwa kwabantu? Kungani ‘ethula’ lapho kugcwala ububi? ‘UngoNgcwele’; ‘amehlo akhe ahlanzeké kakhulu ukuba abone okubi.’

10. Ngezinye izikhathi singazizwa njengoHabakuki ngayiphi indlela?

10 Ngezinye izikhathi singazizwa njengoHabakuki. Silalela uJehova. Ngenxa yokuthi simethemba ngokugcwele sifunda iZwi lakhe, silitadishe futhi lokhu kusinika ithemba. Inhlangano yakhe isifundisa ngezithembiso zakhe. Noma kunjalo, singase sizibuze, ‘Ziyophela nini izinsizi zethu?’ Yini esingayifunda kulokho uHabakuki abe esekwenza?

LINDA UJEHOVA

11. UHabakuki wayezimisele ukwenzani ngemva kokuxoxa noJehova?

11 Funda uHabakuki 2:1. Ukuxoxa noJehova kwenza uHabakuki waba nenhliziyo ezolile. Ngakho, wayezimisele ukulinda uJehova enethemba lokuthi uzothatha isinyathelo. Lokhu kwakungeyona into ayenza ngaleso sikhathi nje kuphela, ngoba waphinde wabonisa ukuthi wayezimisele ukulinda lapho ethi ‘wayelulindele buthule usuku losizi.’ (Hab. 3:16) Ezinye izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zabonisa ukuthi nazo zazilinde ngesineke, okusikhuthaza ukuba nathi singayeki ukulinda uJehova.—Mika 7:7; Jak. 5:7, 8.

12. Yiziphi ezinye izifundo esizifunda kuHabakuki?

12 Ukuzimisela kukaHabakuki ukulinda uJehova kusifundisani? Okokuqala, akumelwe nanini siyeke ukuthandaza kuJehova, ngisho noma sibhekana naziphi izinkinga. Okwesibili, kudingeka silalele lokho uJehova asitshela khona ngeZwi lakhe nangenhlangano yakhe. Okwesithathu, kufanele silinde uJehova ngesineke, simethembe ngokuphelele ukuthi uyosikhulula ezinkingeni zethu ngesikhathi sakhe esifanele. Uma siqhubeka sikhuluma noJehova futhi simlalela sibe simlindile njengoHabakuki, nathi siyoba nenhliziyo ezolile eyosisiza sikwazi ukukhuthazela. Ithemba lethu liyosenza sibe nesineke, okuyosenza sijabule naphezu kwazo zonke izingcindezi esingase sibhekane nazo. Ithemba lisenza siqiniseke ngokuthi uBaba wethu osezulwini uzosithatha isinyathelo.—Roma 12:12.

13. Yisiphi isiqinisekiso esinomusa esisithola kuHabakuki 2:3?

13 Funda uHabakuki 2:3. Ngokuqinisekile isinqumo sikaHabakuki sokulinda samjabulisa uJehova. UMninimandla onke wayezazi kahle izimo ezinzima zikaHabakuki. Ngakho, uNkulunkulu wamduduza lo mprofethi ngokumqinisekisa ngothando nangobubele ukuthi wayeyozithola izimpendulo zemibuzo yakhe eqotho. Impumuzo kuzo zonke izinkinga zakhe yayizofika ngokushesha. Empeleni kwakunjengokungathi uNkulunkulu uthi kuHabakuki: “Yiba nesineke, ngethembe. Ngizokuphendula ngisho noma kungabonakala sengathi ngiyephuza!” UJehova wamkhumbuza ukuthi unesikhathi esimisiwe sokugcwalisa izithembiso zaKhe. Weluleka uHabakuki ukuba alinde ukugcwaliseka kwezithembiso zaKhe. Ekugcineni lo mprofethi wayengeke adumale.

Kungani sizimisele ukukhonza uJehova ngawo wonke amandla ethu? (Bheka isigaba 14)

14. Kufanele sizimisele ukwenzani ngezikhathi zobunzima?

14 Ukulinda uJehova ngesineke nokulalela lokho asitshela khona kuyosenza sibe nesibindi futhi kusisize sibe nenhliziyo ezolile naphezu kwezinkinga nobunzima. UJesu wasiqinisekisa ngokuthi singamethemba uJehova njengoMgcini-sikhathi Omkhulu, akumelwe sigxile ‘ezikhathini noma ezinkathini’ uNkulunkulu angakazembuli. (IzE. 1:7) Ngakho, masingapheli amandla kodwa masiqhubeke silinde ngokuthobeka, ngokholo nangesineke, sisisebenzise kahle isikhathi sethu ekukhonzeni uJehova ngawo wonke amandla ethu.—Marku 13:35-37; Gal. 6:9.

UKUTHEMBA UJEHOVA KUSINIKA UKUPHILA NEKUSASA ELIQHAKAZILE

15, 16. (a) Yiziphi izithembiso ezinamandla esizithola encwadini kaHabakuki? (b) Lezi zithembiso zisifundisani?

15 Nakhu uJehova akuthembise abalungile abathembela kuye: “Olungileyo, uyoqhubeka ephila ngokwethembeka kwakhe,” futhi “umhlaba uyogcwala ukuyazi inkazimulo kaJehova.” (Hab. 2:4, 14) Labo abathemba uNkulunkulu bayovuzwa ngokuphila.

16 Ekuqaleni, isithembiso esitholakala kuHabakuki 2:4 singabonakala siyinkulumo nje evamile. Nokho, umphostoli uPawulu wasibona sibalulekile isiqinisekiso sikaJehova kangangokuba wacaphuna leli vesi izikhathi ezintathu! (Roma 1:17; Gal. 3:11; Heb. 10:38) Kungakhathaliseki ukuthi olungile ubhekana nabuphi ubunzima, ngokholo nangethemba uyokubona ukugcwaliseka kwezithembiso zikaNkulunkulu. UJehova usitshela ukuba sigxile ethembeni lethu lesikhathi esizayo.

17. Yisiphi isiqinisekiso incwadi kaHabakuki esinikeza sona?

17 Incwadi kaHabakuki isinikeza isifundo esinamandla sonke thina esiphila kulezi zinsuku zokugcina. UJehova uthembisa ukunikeza noma yimuphi umuntu olungile, onokholo kuye nomethembayo ukuphila. Masiqhubeke siqinisa ukholo lwethu nokwethemba uNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi sibhekana nakuphi ukucindezeleka noma ukukhathazeka. NgoHabakuki, uJehova usiqinisekisa ngokuthi uzosisekela futhi asikhulule. Ngomusa usicela ukuba simethembe futhi silinde ngesineke isikhathi sakhe esimisiwe lapho, ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, umhlaba wonke uyogcwala abantu abajabulayo nabanobuntu obuhle.—Math. 5:5; Heb. 10:36-39.

THEMBA UJEHOVA NGENJABULO

18. Amazwi kaJehova amthinta kanjani uHabakuki?

18 Funda uHabakuki 3:16-19. Amazwi kaJehova amthinta kakhulu uHabakuki. Wazindla ngezenzo zikaJehova ezimangalisayo zangesikhathi esidlule ayezenzele abantu bakhe. Lokho kwamsiza waphinda wamethemba uJehova. Wayazi ukuthi uJehova uzothatha isinyathelo maduzane! Lokho kwamduduza lo mprofethi ngisho noma ayazi ukuthi ukuhlupheka kwakhe kwakungase kuqhubeke isikhathi esithile. Ukungabaza kukaHabakuki kwashintsha kwaba ukuwethemba ngokuqinile amandla kaJehova okusindisa. Washo amazwi abonisa ithemba angenakulibaleka. Ezinye izazi zicabanga ukuthi ngokwezwi nezwi ivesi 18 lisho ukuthi “Ngizogxuma ngenjabulo eNkosini, ngizojikeleza ngokwesasa kuNkulunkulu.” Yeka amazwi asiqinisekisayo! UJehova akagcini nje ngokusinika izithembiso ezinhle kodwa uye wasiqinisekisa ngokuthi wenza okuthile ukuze agcwalise injongo yakhe.

19. Singayithola kanjani induduzo efana naleyo eyatholwa uHabakuki?

19 Akungabazeki ukuthi umyalezo obalulekile esiwuthola kuHabakuki uwukuba sithembele kuJehova. (Hab. 2:4) Singahlala simethemba uJehova uma siqinisa ubuhlobo bethu naye (1) ngokuphikelela emthandazweni, simtshele ngazo zonke izinto ezisikhathazayo; (2) ngokulalela iZwi laKhe nanoma yisiphi isiqondiso esisithola ngenhlangano yakhe; (3) nangokulinda uJehova ngokwethembeka nangesineke. Yilokho uHabakuki akwenza. Nakuba ayedabukile lapho eqala incwadi yakhe, uyiphetha esejabule futhi esenethemba. Kwangathi singasilingisa lesi sibonelo ukuze nathi sizizwele ukwangiwa uJehova uBaba wethu! Ayikho enye induduzo engcono esingayithola kuleli zwe elibi.

^ isig. 8 UHabakuki 1:5 usebenzisa isabizwana esithi “ni-” ukuze uchaze ukuthi le nhlekelele yayiyokwehlela wonke uJuda.