Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Basha, Ningakuthola Ukwaneliseka Ekuphileni

Basha, Ningakuthola Ukwaneliseka Ekuphileni

“Uyongenza ngiyazi indlela yokuphila.”—IHU. 16:11.

IZINGOMA: 133, 89

1, 2. Isibonelo sikaTony sibonisa kanjani ukuthi singazenza izinguquko ekuphileni?

KWASE kusele kancane uTony ayeke isikole samabanga aphakeme. Wayengenaye ubaba futhi engasithandi isikole, lokho kwakumenza achithe isikhathi esiningi ngezimpelasonto ebukela ama-movie noma enabangane bakhe. Wayengesona isilwi futhi engeyena umlutha wezidakamizwa. Inkinga yakhe nje ukuthi wayengenayo injongo ekuphileni. Wayengakholelwa ngokuphelele ukuthi uNkulunkulu ukhona. Wabe esehlangana nendoda nomkayo abangoFakazi, waxoxa nabo ngemibuzo ayenayo. Bamnika izincwajana ezimbili, ethi The Origin of Life—Five Questions Worth Asking nethi Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa?

2 Lapho le ndoda nomkayo bephindela kuTony, indlela yakhe yokucabanga yayisishintshile. Izincwajana wayezifunde kwaze kwashwabana amakhasi. Wathi, “Kumelwe ukuba uNkulunkulu ukhona.” Wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli futhi kancane kancane indlela abheka ngayo ukuphila yashintsha. Wasuka ekubeni umfundi ohlulekayo esikoleni waba umfundi ohamba phambili. Ngisho uthishanhloko, owayazi ukuthi uTony ufunda noFakazi, wayemangele. Wathi: “Indlela yakho yokucabanga nomsebenzi wakho wesikole kushintshe kakhulu. Ingabe lokho kubangelwa ukuthi usuzihlanganisa noFakazi BakaJehova?” UTony wavuma wabe esemshumayeza. Waphothula esikoleni samabanga aphakeme futhi manje uyiphayona elivamile nenceku ekhonzayo. Okunye okumjabulisayo ukuthi manje unoBaba omuhle, uJehova.—IHu. 68:5.

UYOPHUMELELA UMA ULALELA UJEHOVA

3. Yisiphi iseluleko uJehova asinika intsha?

3 Okwenzeka kuTony kusikhumbuza ukuthi uJehova unikhathalela ngempela nina basha eniphakathi kwethu. Ufuna niphumelele futhi naneliseke ekuphileni. Yingakho eninika lesi seluleko: “Khumbula uMdali wakho Omkhulu ezinsukwini [zobusha] bakho.” (UmSh. 12:1) Akulula ukwenza lokho kuleli zwe esiphila kulo. Kodwa lokho akusho ukuthi ngeke ukwazi ukukwenza. Ngosizo lukaNkulunkulu ungaphumelela, hhayi nje lapho usemusha kodwa ukuphila kwakho konke. Ukuze sikubone kahle lokhu, ake sixoxe ngesifundo esisithola kulokho okwenzeka ngesikhathi ama-Israyeli ethatha iZwe Lesithembiso nangesikhathi uDavide elwa noGoliyati.

4, 5. Yisiphi isifundo esibalulekile esingasifunda endleleni ama-Israyeli alithatha ngayo iKhanani nalapho uDavide elwa noGoliyati? (Bheka izithombe ezisekuqaleni.)

4 Lapho ama-Israyeli esondela eZweni Lesithembiso, uNkulunkulu akazange awayale ukuba aziqeqeshe ukuze alungele ukulwa. (Dut. 28:1, 2) Kunalokho wathi kumelwe alalele imiyalo yakhe futhi athembele kuye. (Josh. 1:7-9) Kungenzeka ukuthi kubantu lesi seluleko sasibonakala singahlakaniphile. Kodwa kwakuyiseluleko esingcono kakhulu, ngoba uJehova wenza abantu bakhe bawanqoba ngokuphindaphindiwe amaKhanani. (Josh. 24:11-13) Ukulalela uNkulunkulu kudinga ukholo, futhi lolo kholo luhlale luholela empumelelweni. Njengoba kwakunjalo endulo, kusenjalo nanamuhla.

5 UGoliyati, isosha elinamandla, wayemude ngamamitha angu-2,9 futhi ehlome waphelela. (1 Sam. 17:4-7) Nokho, uDavide wayenezinto ezimbili kuphela: indwayimane nokholo kuNkulunkulu wakhe, uJehova. Kulabo ababengenalo ukholo, uDavide wayebonakala eyisiwula. Kodwa babeshaye phansi kwashunq’ uthuli! UGoliyati owayeyisiwula.—1 Sam. 17:48-51.

6. Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

6 Esihlokweni esidlule sixoxe ngezinto ezine ezingasenza sijabule futhi siphumelele ekuphileni. Sixoxe ngokwanelisa isidingo sethu esingokomoya, ukuba nabangane abahle abathanda uNkulunkulu, ukuzibekela imigomo ezuzisayo kanye nokujabulela inkululeko yethu njengabantu bakaNkulunkulu. Manje ake sixoxe kakhudlwana ngalezi zinto, sihlole nezimiso esizithola encwadini yeHubo 16.

UKWANELISA ISIDINGO SAKHO ESINGOKOMOYA

7. (a) Ungamchaza kanjani umuntu ongokomoya? (b) Yayiyini “ingxenye yesabelo” sikaDavide, futhi lokho kwamthinta kanjani?

7 Umuntu ongokomoya unokholo kuNkulunkulu futhi uzama ukubheka izinto ngendlela uNkulunkulu azibheka ngayo. Ufuna isiqondiso kuNkulunkulu futhi uzimisele ukumlalela. (1 Kor. 2:12, 13) UDavide uyisibonelo esihle salokho. Wahlabelela: “UJehova uyingxenye yesabelo sami engisabelwe neyendebe yami.” (IHu. 16:5) Leyo “ngxenye yesabelo” yayihlanganisa ubungane noNkulunkulu futhi wayephephela kuYe. (IHu. 16:1) Yaba yini imiphumela? UDavide wabhala: “Inhliziyo yami iyathokoza.” Ngempela, ayikho into eyayijabulisa uDavide kakhulu kunokusondelana noNkulunkulu.—Funda iHubo 16:9, 11.

8. Yiziphi izinto ezingenza ukuphila kwakho kwanelise ngempela?

8 Abantu abagxila ekufuneni imali nokuzijabulisa ngeke bayithole injabulo eyatholwa uDavide. (1 Thim. 6:9, 10) Umzalwane waseCanada uthi, “Ukwaneliseka kwangempela ukuthola lapho upha uMuphi wazo zonke izipho ezinhle, uJehova, hhayi ezintweni esingaziqongelela ekuphileni.” (Jak. 1:17) Ukuba nokholo kuJehova nokumkhonza kuyokwenza ukuphila kwakho kube nenjongo futhi kukwenze waneliseke. Ukholo lwakho lungakhula kanjani? Kumelwe usondele kuNkulunkulu ngokufunda ngaye eZwini lakhe, ngokubuka indalo yakhe, ngokucabanga ngezimfanelo zakhe nangendlela akuthanda ngayo.—Roma 1:20; 5:8.

9. Ungalivumela kanjani iZwi likaNkulunkulu ukuba likubumbe njengoDavide?

9 Ngezinye izikhathi uNkulunkulu ubonisa ukuthi uyasithanda ngokuthi asilungise njengoBaba wethu. UDavide wasamukela iseluleko esinjalo esinomusa. Wathi: “Ngizomtusa uJehova, onginiké iseluleko. Ngempela, phakathi nobusuku izinso zami zingiqondisile.” (IHu. 16:7) UDavide wazindla ngemicabango kaNkulunkulu, wayenza yaba eyakhe, wayivumela ukuba imbumbe. Lapho wenza okufanayo, uyomthanda nakakhulu uNkulunkulu, ube nesifiso esinamandla sokumlalela. Uyokhula njengomKristu. Udade ogama lakhe nguChristin wathi, “Lapho ngicwaninga futhi ngizindla ngalokho engikufundayo, ngiba nomuzwa wokuthi uJehova ukubhalele mina lokhu!”

10. Njengoba kuveziwe ku-Isaya 26:3, ukuba umuntu ongokomoya kukusiza kanjani?

10 Usuke ungenzi ihaba lapho uthi ukuba umuntu ongokomoya kukunika ulwazi nokuqonda okukusiza ubheke izwe nekusasa lalo ngendlela uNkulunkulu alibheka ngayo. Kungani uNkulunkulu ekunika ulwazi nokuqonda okunjalo? Ufuna wazi ukuthi yiziphi izinto ezibalulekile ekuphileni, wenze izinqumo ezihlakaniphile futhi uqhubeke uphila ngaphandle kovalo! (Funda u-Isaya 26:3.) Umzalwane ogama lakhe nguJoshua ohlala e-United States, uthi: “Ukuhlala useduze noJehova kukwenza ubone kahle ukuthi yini ebalulekile nengabalulekile.” Kuyiqiniso ngempela lokho futhi kukwenza waneliseke.

YIBA NABANGANE BEQINISO

11. UDavide wathi singabakhetha kanjani abangane beqiniso?

11 Funda iHubo 16:3. UDavide wayeyazi indlela yokuthola abangane beqiniso. ‘Wayejabula’ kakhulu lapho ephakathi kwalabo abathanda uJehova. Ubachaza ngokuthi “bangcwele” ngoba babehlanzekile futhi beqotho. Omunye umhubi wazizwa ngendlela efanayo ngabangane ayebakhethile. Wabhala: “Ngingumngane wabo bonke abakwesabayo, nowalabo abagcina imiyalo yakho.” (IHu. 119:63) Njengoba sibonile esihlokweni esidlule, nawe ungathola abangane abaningi abahle phakathi kwalabo abesaba futhi balalele uJehova. Akudingeki ukuba abangane bakho balingane nawe ngobudala.

12. Yini eyabangela ukuba uDavide noJonathani babe abangane?

12 Umhubi uDavide akazange akhethe kuphela abangane abangontanga yakhe. Uyalikhumbula igama lomuntu ‘omkhulu ngokubabazekayo’ owaba umngane amthanda kakhulu? Igama lakhe kwakunguJonathani. Empeleni ubungane babo buwubungane obuhle kakhulu obuseBhayibhelini. Nokho, ingabe bewazi ukuthi uJonathani wayemdala kuDavide ngeminyaka engu-30? Yini eyayibenza babe abangane? Ukholo kuNkulunkulu, ukuhloniphana kanye nokubona isibindi ababenaso sokulwa nezitha zikaNkulunkulu.—1 Sam. 13:3; 14:13; 17:48-50; 18:1.

13. Ungabathola kanjani abangane? Nikeza isibonelo.

13 NjengoDavide noJonathani, nathi sijabula kakhulu ngokuthanda labo abathanda uJehova nababonisa ukholo kuye. UKiera, osekuphele iminyaka eminingi ekhonza uNkulunkulu, wathi, “Nginabangane emazweni ahlukahlukene, abantu abanezizinda namasiko ahlukahlukene.” Lapho wanuleka ngale ndlela, uzibonela ngawakho amandla eZwi likaNkulunkulu nomoya ongcwele okwenza abantu babe nobunye.

ZIBEKELE IMIGOMO EZUZISAYO

14. (a) Yini engakusiza ukuba uzibekele imigomo ezuzisayo? (b) Enye intsha iye yazizwa kanjani ngokuzibekela imigomo engokomoya?

14 Funda iHubo 16:8. UDavide wayegxile ekukhonzeni uNkulunkulu. Nawe uyokwaneliseka ngempela uma ukukhonza uJehova kuza kuqala ekuphileni kwakho futhi ucabanga ngaye lapho uzibekela imigomo. Umzalwane ogama lakhe nguSteven wathi, “Ukuzibekela umgomo nokulwela ukuwufinyelela nokubheka emuva ngibone intuthuko engiyenzile kungenza nganeliseke.” Umzalwane osemusha waseJalimane okhonza kwelinye izwe uthi, “Lapho sengikhulile, angifuni ukuthi lapho ngibheka ukuphila kwami ngibone ukuthi bengiziphilela mina.” Sithemba ukuthi nawe uzizwa kanjalo. Uma kunjalo, sebenzisa izipho zakho ukuze udumise uNkulunkulu futhi usize abanye. (Gal. 6:10) Zibekele imigomo engokomoya futhi ucele uJehova ngomthandazo ukuba akusize uyifinyelele. Uyakujabulela ukuphendula imithandazo enjalo.—1 Joh. 3:22; 5:14, 15.

15. Imiphi imigomo ongase uzibekele yona? (Bheka ibhokisi elithi “Imigomo Ongazibekela Yona.”)

15 Yimiphi imigomo ongazibekela yona? Ingahlanganisa ukuphendula emihlanganweni yobuKristu ngamazwi akho, ukuba yiphayona noma ukuya eBethel. Ungazama nokufunda olunye ulimi ukuze uyokhonza kwenye indawo. UBarak, osemusha osenkonzweni yesikhathi esigcwele uthi, “Ayikho into engenza ngijabule ukudlula ukuvuka nsuku zonke ngazi ukuthi nginika uJehova onke amandla ami.”

YITHANDE INKULULEKO UNKULUNKULU AKUNIKE YONA

16. UDavide wazizwa kanjani ngemithetho nezimiso zikaJehova, futhi kungani?

16 Njengoba sibonile esihlokweni esidlule, imithetho nezimiso zikaNkulunkulu ezilungile ziyasikhulula ngokusisiza sithande okuhle futhi sizonde okubi. (Amose 5:15) Umhubi uDavide waqaphela ukuthi yonke into enhle ivela kuJehova ngoba muhle. (IHu. 145:7) Ubuhle busho ukuziphatha ngokungasoleki, noma ukungakwenzi okubi. UDavide wazikhandla ukuze alingise ubuhle bukaNkulunkulu. UDavide wazifundisa ukuzonda izinto uNkulunkulu athi zimbi. Lokho kuhlanganisa ukukhonza izithombe okuwumkhuba omngcolisayo umuntu futhi kuthatha udumo okumelwe luye kuJehova.—Isaya 2:8, 9; IsAm. 4:11.

17, 18. (a) Yini eyashiwo uDavide ngemiphumela ebuhlungu yenkolo yamanga? (b) Yini ebangela ukuba ‘ubuhlungu bube buningi’ kubantu namuhla?

17 Ngezikhathi zeBhayibheli, inkolo yamanga yayivame ukuhilela ukuziphatha okubi ngokocansi. (Hos. 4:13, 14) Abantu abaningi babeyithanda inkolo yamanga ngoba yayibavumela baziphathe kabi. Kodwa yayingabaniki ukujabula okuhlala njalo. Babethola okuphambene nalokho. UDavide wathi “ubuhlungu buba buningi” kulabo abakhonza onkulunkulu bamanga. (IHu. 16:4) Labo bantu babenikela nangezingane zabo konkulunkulu bamanga. (Isaya 57:5) UJehova wayeluzonda unya ababenalo. (Jer. 7:31) Ukube wawuphila ngalezo zikhathi, akungabazeki ukuthi kwakuyokujabulisa ukuba nabazali abanokholo kuJehova nabamlalelayo.

18 Nanamuhla, ngokuvamile inkolo yamanga ivumela ukuziphatha okubi ngisho nokulalana kwabantu bobulili obufanayo. Lokhu kungase kwenze abantu bazizwe bekhululekile, kodwa iqiniso liwukuthi “ubuhlungu buba buningi.” (1 Kor. 6:18, 19) Kungenzeka uke wakubona lokhu. Ngakho basha, lalelani uBaba wenu osezulwini. Qinisekani ngokuthi ukumlalela kuyonizuzisa. Likholelwe iqiniso lokuthi injabulo yesikhashana iletha ubuhlungu obuhlala njalo. (Gal. 6:8) UJoshua okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi, “Singasebenzisa inkululeko yethu ngendlela esithanda ngayo, kodwa ukuyisebenzisa kabi akwanelisi.”

19, 20. Yiziphi izibusiso ezizotholwa yintsha enokholo kuJehova futhi emlalelayo?

19 UJesu wathi kubalandeli bakhe: “Uma nihlala ezwini lami, ningabafundi bami ngempela, niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” (Joh. 8:31, 32) Leyo nkululeko ihlanganisa ukukhululeka enkolweni yamanga, ekungabini nolwazi nasekusebenziseni imimoya. Njengoba sibonile, ekugcineni iyohlanganisa “nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.” (Roma 8:21) Yinambithe leyo nkululeko kwamanje ‘ngokuhlala ezwini likaKristu’ noma ezimfundisweni zakhe. Ngale ndlela ‘uyolazi iqiniso’ hhayi nje ngokufunda ngalo kodwa nangokuphila ngalo.

20 Basha yithandeni inkululeko uNkulunkulu aninika yona. Yisebenziseni ngokuhlakanipha, ngaleyo ndlela nizakhele ikusasa elihle. Omunye umzalwane osemusha wathi: “Ukusebenzisa inkululeko ngokuhlakanipha usemusha kuyakusiza kakhulu lapho kamuva kudingeka wenze izinqumo ezinkulu, njengokufuna umsebenzi ofanelekayo noma ukukhetha ukuthi uzoshada noma uzohlala ungashadile isikhathi esithile.”

21. Ungahlala kanjani endleleni eholela ‘ekuphileni kwangempela’?

21 Kuleli zwe esiphila kulo, lokho abantu abathi ukuphila okungcono, akuqinisekisiwe futhi kufushane. Asazi ukuthi ikusasa lisiphatheleni. (Jak. 4:13, 14) Ngakho, into ehlakaniphile esingayenza ukuhlala endleleni eholela ‘ekuphileni kwangempela’—ukuphila okuphakade. (1 Thim. 6:19) UNkulunkulu akasiphoqi ukuba sihambe kuleyo ndlela. Kumelwe sizikhethele. Yenza uJehova “ingxenye yesabelo” sakho. Kujabulele “okuhle” okuningi akunike khona. (IHu. 103:5) Qiniseka ngokuthi uJehova angakwenza ujabule kuze kube phakade.—IHu. 16:11.