Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yini UNkulunkulu Asazoyenza?

Yini UNkulunkulu Asazoyenza?

Lapho ubhekene nesimo esinzima akungabazeki ukuthi uthembela kumngane wakho ukuba akusize. Uma becabanga ngalokho, abantu abaningi baphetha ngokuthi uNkulunkulu akayena umngane wabo ngoba akabasizi lapho bebhekene nobunzima. Empeleni kuningi kakhulu uNkulunkulu asenzele kona futhi kuningi nasazokwenza ukuze aqede ukuhlupheka esibhekene nakho namuhla. Yini uNkulunkulu asazoyenza?

UZOQEDA BONKE UBUBI

UNkulunkulu uzoqeda bonke ububi ngokususa imbangela yabo. IBhayibheli liyasitshela ukuthi kungani kwenzeka izinto ezimbi emhlabeni, lithi: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) “Omubi,” yilowo uJesu ambiza ngokuthi “umbusi waleli zwe,” uSathane uDeveli. (Johane 12:31) Njengoba uSathane elawula izwe, uyimbangela yazo zonke izinto ezimbi abantu ababhekana nazo emhlabeni. Yini uNkulunkulu azoyenza?

Esebenzisa iNdodana yakhe uJesu Kristu, maduze uJehova uzothatha isinyathelo, “amenze ize lowo onendlela yokubangela ukufa, okungukuthi, uDeveli.” (Hebheru 2:14; 1 Johane 3:8) Empeleni iBhayibheli libonisa ukuthi naye uDeveli uyazi ukuthi “unesikhathi esifushane” ngaphambi kokuba abhujiswe. (IsAmbulo 12:12) UNkulunkulu uzoqeda nabo bonke abantu abenza izinto ezimbi.—IHubo 37:9; IzAga 2:22.

UZOKWENZA UMHLABA UBE IPHARADESI

Ngemva kokuqeda ububi emhlabeni, uMdali wethu uzobe esethatha izinyathelo ezidingekayo ukuze aqede isono futhi abantu baphile phakade emhlabeni. Yiziphi izibusiso esingazilindela?

Ukuthula nokulondeka okungapheli. “Abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHubo 37:11.

Ukudla okwanele nokunempilo. “Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni; kuyoba khona ukuchichima esiqongweni sezintaba.”—IHubo 72:16.

Amakhaya aphephile nomsebenzi owanelisayo. ‘Bayokwakha izindlu bahlale kuzo; nakanjani bayotshala izivini badle izithelo zazo. Umsebenzi wezandla zabo abakhethiweyo bami bayowusebenzisa ngokugcwele.’—Isaya 65:21, 22.

Ingabe uyakulangazelela ukubona konke lokhu kwenzeka emhlabeni? Kuzokwenzeka maduze.

UZOQEDA UKUGULA NOKUFA

Wonke umuntu uyagula, abanye bayafa kodwa konke lokho kuzophela maduze. UJehova uzosebenzisa isihlengo sikaJesu Kristu ukuze ‘wonke umuntu obonisa ukholo kuye angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.’ (Johane 3:16) Kuyobe sekwenzekani?

Ukugula kuzophela. “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’ Abantu abahlala ezweni kuyoba yilabo abaxolelwe isiphambeko sabo.”—Isaya 33:24.

Abantu ngeke besakhathazwa ukufa. “Uyokugwinya ukufa kuze kube phakade, iNkosi EnguMbusi uJehova ngokuqinisekile iyosula izinyembezi ebusweni bonke.”—Isaya 25:8.

Abantu bazophila phakade. “Isipho uNkulunkulu asinikezayo ngukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.”—Roma 6:23.

Abafile bazovuswa. “Kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.” (IzEnzo 24:15) Isihlengo esiyisipho sikaNkulunkulu siyobazuzisa nabo.

Uzokwenza kanjani uNkulunkulu konke lokhu?

UZOBEKA UHULUMENI ONGENAPHUTHA

UJehova uzofeza lokho ayekuhlosile ngabantu nangomhlaba esebenzisa uhulumeni osezulwini obuswa uJesu Kristu. (IHubo 110:1, 2) Yiwona lo hulumeni noma umbuso uJesu afundisa abafundi bakhe ukuba bawuthandazele lapho ethi: “Baba wethu osemazulwini, . . . umbuso wakho mawuze.”—Mathewu 6:9, 10.

UMbuso kaNkulunkulu uzobusa emhlabeni uqede bonke ububi nokuhlupheka okugcwele kuwo. Awukho omunye uhulumeni ongcono abantu abayoke babe nawo ukudlula lo! Yingakho ngesikhathi esemhlabeni, uJesu azikhandla “eshumayela izindaba ezinhle zombuso,” wafundisa nabalandeli bakhe ukuba benze okufanayo.—Mathewu 4:23; 24:14.

UJehova uNkulunkulu uthembisa ukuthi uzozigcwalisa zonke lezi zithembiso ngoba uyabathanda abantu. Lokho akukwenzi yini ufise ukumazi nokusondelana naye? Uma ukhetha ukwenza kanjalo yini ozoyizuza? Isihloko esilandelayo sizochaza.

YINI UNKULUNKULU ASAZOYENZA? UNkulunkulu uzoqeda ukugula nokufa, asebenzise uhulumeni owuMbuso wasezulwini ukuze enze umhlaba ube yipharadesi, abantu baphile ngokuthula