Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Zikhona Izizathu Zokuphila

Zikhona Izizathu Zokuphila

UFaizal washonelwa umkakhe, kwathi ngemva nje konyaka kwadingeka ukuba ahlinzwe inhliziyo. Uthi: “Ngiyazi ukuthi uJehova wayenesizathu sokufaka indaba kaJobe eBhayibhelini. Lapho sifunda eBhayibhelini ngothile owabhekana nezinto esibhekene nazo, kusuke kuyindlela kaJehova yokusipholisa ubuhlungu.” Ube usethi: “Ngisanesizathu sokuphila.”

UTarsha washonelwa umama wakhe esemncane. Uthi: “Ukwazi uMdali wethu kusinika ithemba, injabulo nesizathu sokuphila naphezu kwezimo ezibuhlungu esibhekana nazo. UJehova uyakwazi ukusinakekela nokusisiza ukuba sibhekane nosuku ngalunye.”

IZIHLOKO esesixoxe ngazo zibonisa indlela izimo ezibuhlungu ezingenza ngayo ukuphila kube nzima. Njengoba nawe unezinkinga zakho kungenzeka uzibuze ukuthi sikhona yini isizathu sokuphila, nokuthi ukhona ngempela yini umuntu onendaba nawe. Qiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyabubona ubunzima obhekene nabo. Ubaluleke kakhulu kuye.

Umbhali weHubo 86 wabonisa ukumethemba uNkulunkulu ngamazwi athi, “Ngiyakubiza ngosuku lokucindezeleka kwami, ngoba wena uzongiphendula.” (IHubo 86:7) Kungenzeka uzibuze, ‘UNkulunkulu uzongiphendula kanjani “ngosuku lokucindezeleka kwami”?’

Nakuba uNkulunkulu engase angaziqedi ngokushesha izinkinga zakho, iZwi lakhe iBhayibheli liyakuqinisekisa ukuthi angakunika ukuthula kwengqondo ukuze ukwazi ukubhekana nesimo ngokuphumelelayo. Lithi: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa zonke izicelo zenu zitsheleni uNkulunkulu ngomthandazo, ngokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukuqonda kuyoqapha izinhliziyo zenu nemicabango yenu ngoKristu Jesu.” (Filipi 4:6, 7) Sicela ucabange ngendlela amavesi alandelayo asiqinisekisa ngayo ukuthi uNkulunkulu uyasithanda.

UNkulunkulu Unendaba Nawe

‘Akukho nondlunkulu [ispero] owodwa olibalekayo kuNkulunkulu. Nina nibaluleke ngaphezu kondlunkulu abaningi.’Luka 12:6, 7.

CABANGA NGALOKHU: Izinyoni ezingase zibonakale zingabalulekile kubantu, zibalulekile kuNkulunkulu. Ngisho nespero esincane, siyindalo ebalulekile kuye. Abantu babaluleke kakhulu kunalezi zinyoni. Bayindalo kaNkulunkulu ezedlula zonke ezinye izinto ezidaliwe ngoba benziwe bafana noNkulunkulu, futhi bayakwazi ukulingisa ubuntu bakhe.—Genesise 1:26, 27.

“O Jehova, ungihlolile, futhi uyangazi. . . . Ubona imicabango yami ukude . . . Ngihlole, wazi imicabango yami engikhathazayo.”—IHubo 139:1, 2, 23.

CABANGA NGALOKHU: UNkulunkulu uyakwazi. Wazi ngisho nezinto zakho eziyimfihlo, njengemizwa yakho nezinto ezikukhathazayo. Nakuba abanye bengase bangasiqondi isimo obhekene naso, uNkulunkulu uyakuthanda futhi ufuna ukukusiza. Lokho kuyisizathu sokuba uqhubeke ujabulela ukuphila.

Ulapha Emhlabeni Ngesizathu

“O Jehova, yizwa umthandazo wami; kwangathi ukukhalela kwami usizo kungafika kuwe. . . . Ngilalele; ngiphendule ngokushesha lapho ngikubiza. . . . Uyowunaka umthandazo wabangenalutho.”—IHubo 102:1, 2, 17.

CABANGA NGALOKHU: Kusukela ekuqaleni uJehova ubelokhu ekubona ukuhlupheka kwabantu nezinyembezi zabo. (IHubo 56:8) Nezakho izinyembezi ubelokhu ezibona. Ngenxa yokuthi ubalulekile kuNkulunkulu, ubukhumbula bonke ubuhlungu bakho nezinyembezi zakho.

“Ungakhathazeki ngoba nginguNkulunkulu wakho. Ngizokuqinisa, impela ngizokusiza . . . mina, Jehova uNkulunkulu wakho, . . . engithi kuwe, ‘Ungesabi. Ngizokusiza.’”​Isaya 41:10, 13.

CABANGA NGALOKHU: UNkulunkulu ukulungele ukukusiza. Uma uphelelwa amandla, uyokusekela.

Ukuphila Kuzoba Ngcono Maduze

“UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa athole ukuphila okuphakade.”—Johane 3:16.

CABANGA NGALOKHU: Ubaluleke kangangokuba uNkulunkulu waze wanikela ngeNdodana yakhe uJesu ngenxa yakho. Lo mnikelo ukuvulela ithuba lokuphila ngenjabulo phakade. a

Nakuba ungase ube nezinkinga futhi kubonakale sengathi ukuphila kungaphezu kwamandla, ukutadisha iZwi likaNkulunkulu kungaluqinisa ukholo lwakho kukusize uzethembe izithembiso zakhe. Ukwenza kanjalo kungakunikeza ithemba nesizathu sokujabulela ukuphila.

a Ukuze ufunde ngezinye izinzuzo zesihlengo, bukela ividiyo ethi Khumbula Ukufa KukaJesu etholakala ku-www.pr418.com/zu. Bheka ngaphansi kwesithi MAYELANA NATHI > ISIKHUMBUZO.