Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 6

Hlala Uqotho!

Hlala Uqotho!

“Ngeke ngiziphuce ubuqotho bami ngize ngiphangalale!”—JOBE 27:5.

INGOMA 34 Ukuhamba Ngobuqotho

AMAZWIBELA *

1. OFakazi BakaJehova abathathu okuxoxwe ngabo esigabeni bahlala kanjani beqotho kuJehova?

CABANGA ngalezi zimo ezintathu ezihilela oFakazi BakaJehova. (1) Intombazanyana isesikoleni lapho uthisha ecela bonke abafundi ekilasini ukuba bagubhe umkhosi weholidi. Le ntombazanyana iyazi ukuthi leli holidi alimjabulisi uJehova, ngakho ngenhlonipho iyenqaba ukuligubha. (2) Insizwa enamahloni ishumayela endlini ngendlu. Ibe isikhumbula ukuthi emzini olandelayo kuhlala umfundi oke wahlekisa ngoFakazi BakaJehova. Noma kunjalo, le nsizwa iyaya kulowo muzi ifike ingqongqoze. (3) Indoda isebenza kanzima ukuze inakekele umndeni wayo, bese kuthi ngolunye usuku umqashi wayo ayicele ukuba yenze into engekho emthethweni. Nakuba ingase ilahlekelwe umsebenzi wayo, le ndoda iyamchazela umqashi wayo ukuthi kumelwe ithembeke futhi ihloniphe umthetho ngoba yilokho uNkulunkulu akufunayo ezincekwini zakhe.—Roma 13:1-4; Heb. 13:18.

2. Yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo, futhi kungani?

2 Iyiphi imfanelo oyibona kulab’ oFakazi abathathu? Kungenzeka ziningana ozibonayo, njengesibindi nokwethembeka. Kodwa iyodwa imfanelo bonke abayibonisayo—ubuqotho. Bobathathu babonisa ukuthi baqotho kuJehova. Ngamunye kubo uyenqaba ukwephula imithetho kaNkulunkulu. Ubuqotho bubasize benza lokho abakwenzile. Ngokuqinisekile uJehova uyaziqhenya ngokuthi ngamunye kubo ubonise ubuqotho. Nathi sifuna ukwenza uBaba wethu osezulwini ajabule. Ngakho, ake sixoxe ngale mibuzo: Buyini ubuqotho? Kungani kudingeka sibe qotho? Singazimisela kanjani ukuhlala siqotho kulezi zikhathi ezinzima?

BUYINI UBUQOTHO?

3. (a) Kusho ukuthini ukuba qotho? (b) Yiziphi izibonelo ezibonisa ukuthi ubuqotho kumelwe buphelele, buphile, bungabi nasici?

3 Kithi njengezinceku zikaNkulunkulu, ukuba qotho kusho ukuthanda uJehova ngenhliziyo yonke nokuzinikela kuye ngokuphelele ukuze senze izinqumo ezivumelana nentando yakhe. Ake sihlaziye leli gama. Igama elithi “ubuqotho” eliseBhayibhelini lisho into ephelele, ephilile, engenasici. Ngokwesibonelo, ama-Israyeli ayenikela ngezilwane kuJehova njengemihlatshelo futhi uMthetho wawuthi kumelwe anikele ngezilwane eziphilile. * (Lev. 22:21, 22) Abantu bakaNkulunkulu babengavumelekile ukunikela ngesilwane esingenamlenze, indlebe, iso noma esigulayo. Kwakubalulekile kuJehova ukuba isilwane sibe esiphelele, esiphilile noma esingenasici. (Mal. 1:6-9) Siyaqonda ukuthi kungani uJehova efuna simkhonze ngenhliziyo ephelele. Lapho sithenga okuthile, kungaba isithelo, incwadi noma ithuluzi, asifuni okonakele, okushodayo noma okuphukile. Sifuna ukuthenga into ephelele, ephilile, engenasici. UJehova uzizwa ngendlela efanayo ngothando lwethu nangendlela esiqotho ngayo kuye. Kumelwe kuphelele, kuphile futhi kungabi nasici.

4. (a) Kungani umuntu ongaphelele engaba qotho? (b) NgokweHubo 103:12-14, yini uJehova ayilindele kithi?

4 Ingabe kufanele siphethe ngokuthi kumelwe siphelele ukuze sibe qotho? Singase sibe nomuzwa wokuthi ngeke sikwazi ukuba qotho ngoba senza amaphutha amaningi. Nazi izizathu ezimbili ezenza lokho kungasikhathazi. Esokuqala, uJehova akagxili emaphutheni ethu. IBhayibheli lithi: “O Jah, ukube ububheka iziphambeko, Jehova ubani obengama?” (IHu. 130:3) Uyazi ukuthi asiphelele, sinesono futhi usithethelela ngokukhululekile. (IHu. 86:5) Esesibili, uJehova uyakwazi ukulinganiselwa kwethu futhi akalindele ukuba senze okungaphezu kwamandla ethu. (Funda iHubo 103:12-14.) Singaba kanjani abangenasici emehlweni akhe?

5. Uthando luzisiza kanjani izinceku zikaJehova zibe qotho?

5 Uthando lubalulekile ukuze izinceku zikaJehova zibe qotho. Ukuthanda uNkulunkulu nokuzinikela kuye ngobuqotho njengoBaba wethu osezulwini, kumelwe kuhlale kungenasici. Uma siqhubeka simthanda uJehova ngisho nalapho sibhekene novivinyo, siyobe sibonisa ukuthi siqotho. (1 IziKr. 28:9; Math. 22:37) Ake uphinde ucabange ngoFakazi abathathu esixoxe ngabo ekuqaleni. Kungani benza ngendlela abenza ngayo? Ingabe intombazanyana ayithandi ukujabula esikoleni, noma ingabe insizwa iyafuna ukuhlekwa ensimini, noma ingabe indoda iyafuna ukuxoshwa emsebenzini? Lutho neze. Kunalokho bayazi ukuthi imithetho kaJehova ilungile futhi bagxile ekujabuliseni uBaba wabo osezulwini. Ukuthanda uJehova kubenza bacabange ngaye lapho benza izinqumo. Lokho kubonisa ukuthi baqotho.

OKWENZA SIDINGE UKUBA QOTHO

6. (a) Kungani kudingeka ube qotho? (b) U-Adamu no-Eva behluleka kanjani ukuba qotho?

6 Kungani kubalulekile ukuba sonke sibe qotho? Kudingeka ube qotho ngoba uSathane ubekele wena noJehova inselele. Le ngelosi eyisihlubuki yazenza uSathane, noma “Umphikisi,” ensimini yase-Edene. USathane wanyundela uJehova, wathi uNkulunkulu mubi, unobugovu futhi unguMbusi ongathembekile. Ngokudabukisayo, u-Adamu no-Eva basekela uSathane, bahlubuka kuJehova. (Gen. 3:1-6) Ukuphila e-Edene kwabanika amathuba amaningi okumthanda nakakhulu uJehova. Kodwa ngesikhathi uSathane evukela, indlela ababemthanda ngayo uJehova yayingaphelele. Kwaphakama omunye umbuzo: Ingabe ukhona umuntu owayezohlala eqotho kuJehova uNkulunkulu ngoba emthanda? Ngamanye amazwi, ingabe abantu bangakwazi ukuba qotho? Lowo mbuzo waphakama endabeni kaJobe.

7. Njengoba kuboniswe kuJobe 1:8-11, uJehova wazizwa kanjani ngobuqotho bukaJobe, futhi uSathane yena wayezizwa kanjani?

7 UJobe wayephila ngesikhathi ama-Israyeli eseGibhithe. Akekho umuntu owayeqotho njengaye. Wayenesono njengathi. Wayewenza amaphutha. Noma kunjalo, uJehova wayemthanda uJobe ngoba wayeqotho. Kungenzeka uSathane wayelokhu engabaza ubuqotho babantu kuJehova. Ngakho uJehova wathi uSathane akabheke uJobe. Ukuphila kukaJobe kwabonisa ukuthi uSathane ungumqambimanga! USathane wathi mabuvivinywe ubuqotho bukaJobe. UJehova wayemethemba umngane wakhe uJobe futhi wavumela uSathane ukuba amvivinye.—Funda uJobe 1:8-11.

8. USathane wamhlasela kanjani uJobe?

8 USathane unonya futhi ungumbulali. Wahlasela uJobe, wamphuca impahla nomcebo wakhe, wabulala izinceku zakhe wona nedumela lakhe emphakathini. Wahlasela nomndeni wakhe, wabulala izingane zakhe eziyishumi. Wabe esemshaya ngamathumba agcwala umzimba wonke, kusukela ekhanda kuye ezinyaweni. UmkaJobe wayehlukumezekile futhi ecindezelekile ngenxa yosizi; wathi uJobe makathuke uNkulunkulu afe. UJobe naye wayefisa ukufa, kodwa wahlala eqotho. USathane wabe esemhlasela ngenye indlela. Wasebenzisa abangane bakaJobe abathathu. La madoda avakashela uJobe izinsuku eziningi, kodwa awazange amduduze. Kunalokho, ayemgxeka ngokhahlo futhi emthethisa. Athi nguNkulunkulu owayebangele izinkinga zikaJobe futhi wayengenandaba nobuqotho bakhe. Aze athi uJobe ukhohlakele futhi zonke lezi zinto ezazimehlela zazimfanele!—Jobe 1:13-22; 2:7-11; 15:4, 5; 22:3-6; 25:4-6.

9. Yini uJobe enqaba ukuyenza ngesikhathi ebhekene nobunzima?

9 Yini uJobe ayenza? Ngenxa yokuthi wayengaphelele, wababhokela ngolaka abaduduzi bakhe bamanga, futhi washo izinto kamuva avuma ukuthi wayezisho engacabanganga. Wathi yena ulungile, uNkulunkulu owenze iphutha. (Jobe 6:3; 13:4, 5; 32:2; 34:5) Nokho, ngisho nalapho esebunzimeni obukhulu, uJobe wenqaba ukulahla uJehova uNkulunkulu. Wenqaba ukukholelwa amanga alabo bangane bamanga. Wathi: “Kuyinto engacabangeki ukuba ngithi nilungile nina madoda! Ngeke ngiziphuce ubuqotho bami ngize ngiphangalale!” (Jobe 27:5) Lawa amazwi abaluleke kakhulu. UJobe wahlala eqotho; nathi singenza okufanayo.

10. Wena uhileleke kanjani endabeni eyaphakanyiswa uSathane mayelana noJobe?

10 Nathi uSathane usibekele inselele efanayo. Wena uthinteka kanjani? Uthi wena awumthandi ngempela uJehova uNkulunkulu, uyoyeka ukumkhonza ukuze uzisindise wena futhi ngeke uhlale uqotho kuye. (Jobe 2:4, 5; IsAm. 12:10) Lokho kukwenza uzizwe kanjani? Uzwa ubuhlungu. Nokho, cabanga ngalokhu: Ngenxa yokuthi uJehova uyakwethemba, ukunika ithuba elihle kakhulu. UJehova uvumela uSathane avivinye ubuqotho bakho. Uyaqiniseka ukuthi ungahlala uqotho futhi ubonise ukuthi uSathane unamanga futhi uthembisa ukukusiza. (Heb. 13:6) Kuyilungelo ngempela ukwethenjwa uMbusi wamazulu nomhlaba! Uyasibona yini isizathu esenza ubuqotho bubaluleke kangaka? Busenza sibonise ukuthi uSathane unamanga, sivikele igama likaBaba wethu elihle futhi sisekele ukubusa kwakhe. Yini esingayenza ukuze sihlale siqotho?

INDLELA ESINGAHLALA NGAYO SIQOTHO NAMUHLA

11. Yini esingayifunda kuJobe?

11 USathane ubahlasela kakhulu abantu bakaNkulunkulu kulezi ‘zinsuku zokugcina.’ (2 Thim. 3:1) Kulezi zikhathi ezinzima, yini esingayenza ukuze sihlale siqotho? Singafunda lukhulu kuJobe. Ngaphambi kokuba avivinywe, uJobe wayesezibonakalisile ukuthi uqotho kuJehova. Cabanga ngezifundo ezintathu esingazifunda kuye ezingasisiza sihlale siqotho.

Yiziphi ezinye zezindlela ezingasisiza sihlale siqotho? (Bheka isigaba 12) *

12. (a) Njengoba kubonisiwe kuJobe 26:7, 8, 14, yini eyasiza uJobe ukuba ahloniphe uJehova? (b) Yini engasisiza sihloniphe uJehova?

12 UJobe wamthanda nakakhulu uJehova ngokubuka indalo yakhe. Wachitha isikhathi esiningi ezindla ngendalo kaJehova. (Funda uJobe 26:7, 8, 14.) Ukucabanga ngomhlaba, isibhakabhaka, amafu nokuduma kwezulu kwamenza wabamba ongezansi, kodwa waqaphela ukuthi kuncane kakhulu ayekwazi ngendalo. Amazwi kaJehova nawo ayemshiya ekhexile. UJobe wathi ngamazwi kaNkulunkulu, ‘Amazwi omlomo wakhe ngiwalondile.’ (Jobe 23:12) Ukubuka indalo kwenza uJobe wamhlonipha kakhulu uJehova. Wayemthanda uYise futhi efuna ukumjabulisa. Ngenxa yalokho, wazimisela nakakhulu ukuhlala eqotho. Kufanele silingise uJobe. Kuningi kakhulu esikwaziyo namuhla ngendalo kunabantu ababephila ngesikhathi sikaJobe. SinaneBhayibheli eliphefumulelwe elisisiza sazi ukuthi ungubani ngempela uJehova. Konke esikufundayo kungasisiza simhloniphe. Lapho simhlonipha uJehova, siyomthanda, simlalele futhi sibe nesifiso esijulile sokuba qotho kuye.—Jobe 28:28.

Sisuke, silwela ukuhlala siqotho lapho senqaba ukubukela izithombe namavidiyo abantu abanqunu nabenza ucansi (Bheka isigaba 13) *

13-14. (a) Njengoba kubonisiwe kuJobe 31:1, uJobe wabonisa kanjani ukuthi uyalalela? (b) Singasilingisa kanjani isibonelo sikaJobe?

13 Ukulalela kwasiza uJobe wahlala eqotho. UJobe wayazi ukuthi ukuba qotho kuhilela ukulalela uJehova. Empeleni isikhathi ngasinye lapho silalela, sizimisela nakakhulu ukuhlala siqotho. UJobe wayezikhandla ukuze alalele uNkulunkulu nsuku zonke. Ngokwesibonelo, wayeyiqapha indlela aziphatha ngayo lapho enabantu besifazane. (Funda uJobe 31:1.) Njengendoda eshadile, wayazi ukuthi akufanele akhanukele owesifazane ongeyena umkakhe. Izwe esiphila kulo namuhla lisigidlabeza ngezinto ezisilingela ekuziphatheni okubi ngokocansi. NjengoJobe, sizokugwema yini ukunaka ngokungafanele umuntu esingashadile naye? Sizokugwema yini ukubukela izinto ezingcolile noma izithombe namavidiyo abantu abanqunu nabenza ucansi? (Math. 5:28) Uma sizithiba nsuku zonke siyokwazi ukuhlala siqotho.

Sisuke, silwela ukuhlala siqotho lapho siba nombono ofanele ngemali nezinto esinazo (Bheka isigaba 14) *

14 UJobe wamlalela uJehova nasendleleni ayebheka ngayo izinto ayenazo. Waqonda ukuthi uma ethembela ezintweni anazo, wayeyobe enza isono esikhulu ayezojeziselwa sona. (Jobe 31:24, 25, 28) Izwe esiphila kulo linabantu abathanda izinto. Uma siba nombono ofanele ngemali nezinto esinazo, njengoba iBhayibheli lisho, siyokwazi ukuhlala siqotho.—IzAga 30:8, 9; Math. 6:19-21.

Sisuke, silwela ukuhlala siqotho lapho sigcina ithemba lethu liphila (Bheka isigaba 15) *

15. (a) Ukucabanga ngani okwasiza uJobe wahlala eqotho? (b) Kungani kungasisiza ukuhlale sikhumbula izithembiso zikaJehova?

15 UJobe wahlala eqotho ngokugxila ethembeni lokuthi uNkulunkulu uzomvuza. Wayekholelwa ukuthi uNkulunkulu unendaba nobuqotho bakhe. (Jobe 31:6) Naphezu kobunzima abhekana nabo, uJobe wayeqiniseka ngokuthi ekugcineni uJehova uyomvuza. Lokhu kuqiniseka kwamsiza wahlala eqotho. Ubuqotho bukaJobe bamjabulisa uJehova kangangokuba wamvuza esaphila! (Jobe 42:12-17; Jak. 5:11) UJobe ulindelwe umvuzo omkhulu esikhathini esizayo. Ingabe uyakukholelwa ngempela ukuthi uJehova uzokuvuza ngokuba qotho kuye? UNkulunkulu wethu akashintshi. (Mal. 3:6) Uma sikhumbula ukuthi uyajabula lapho siqotho kuye, singahlala sinethemba lokuthola umvuzo esikhathini esizayo.—1 Thes. 5:8, 9.

16. Yini okufanele sizimisele ukuyenza?

16 Ngakho-ke, zimisele ukuhlala uqotho. Ngezinye izikhathi ungase ube nomuzwa wokuthi nguwe wedwa ozama ukuhlala uqotho, kodwa awuwedwa. Kunezigidi zabagcini bobuqotho abathembekile emhlabeni wonke. Uyoba phakathi kwabesilisa nabesifazane abathembekile abahlala beqotho esikhathini esidlule, ngisho nalapho besongelwa ngokubulawa. (Heb. 11:36-38; 12:1) Sonke masizimisele ukuphila ngokuvumelana namazwi kaJobe: “Ngeke ngiziphuce ubuqotho bami!” Kwangathi ubuqotho bethu bungakhazimulisa uJehova phakade!

INGOMA 124 Yiba Qotho Njalo

^ par. 5 Buyini ubuqotho? Kungani uJehova ejabula lapho izinceku zakhe ziqotho? Kungani ukuba qotho kubalulekile kithi? Lesi sihloko sizosisiza sithole izimpendulo eziseBhayibhelini zale mibuzo. Sizosisiza sibone nokuthi yini esingayenza ukuze sihlale siqotho usuku nosuku. Ukwenza kanjalo kuzosilethela izibusiso eziningi.

^ par. 3 Igama lesiHebheru elisho “okuphilile” lapho kukhulunywa ngesilwane lihlobene negama elithi “ubuqotho” elisetshenziswa kubantu.

^ par. 50 INCAZELO YEZITHOMBE: UJobe ufundisa izingane zakhe ngendalo kaJehova.

^ par. 52 INCAZELO YEZITHOMBE: Umzalwane emsebenzini wenqaba ukubukela izithombe namavidiyo abantu abanqunu nabenza ucansi.

^ par. 54 INCAZELO YEZITHOMBE: Umzalwane unqoba isifiso sokuthenga i-TV enkulu nebizayo angayidingi nangenamali yokuyithenga.

^ par. 56 INCAZELO YEZITHOMBE: Umzalwane uyathandaza azindle ngethemba lePharadesi.