Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 8

Kungani Kumelwe Sibonise Ukwazisa?

Kungani Kumelwe Sibonise Ukwazisa?

“Ziboniseni ningababongayo.”—KOL. 3:15.

INGOMA 46 Siyakubonga Jehova

AMAZWIBELA *

1. UmSamariya owelashwa uJesu wabonisa kanjani ukuthi unokwazisa?

AMADODA ayishumi ayedinga usizo. Ayenochoko futhi ephelelwe yithemba. Kodwa ngolunye usuku abona uJesu, uMfundisi Omkhulu, edlula ngakuwo. Ayezwile ukuthi uJesu uyakwazi ukwelapha zonke izifo futhi ayeqiniseka ngokuthi nawo angawelapha. Ngakho amemeza: “Jesu, Mfundisi, yiba nesihe kithi!” La madoda ayishumi elapheka. Akungabazeki ukuthi ajabula ngenxa yomusa uJesu awabonisa wona. Nokho, indoda eyodwa kuwo ayigcinanga nje ngokujabula, kodwa yabonisa ukwazisa * kuJesu. Leyo ndoda engumSamariya eyalapheka yashukumiseleka ukuba ikhazimulise uNkulunkulu “ngezwi elikhulu.”—Luka 17:12-19.

2-3. (a) Yini engasenza singabonisi ukwazisa? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

2 NjengomSamariya, sifuna ukubabonga labo abasibonisa umusa. Kodwa ngezinye izikhathi, singase sikhohlwe ukubonisa ukwazisa ngamazwi nangezenzo.

3 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi kungani kubalulekile ukubonisa ukwazisa ngamazwi nangezenzo. Sizofunda ezibonelweni zabantu abaseBhayibhelini ababonga nabangazange babonge. Sizobe sesixoxa ngezindlela ezingokoqobo esingabonisa ngazo ukwazisa.

KUNGANI KUFANELE SIBONISE UKWAZISA?

4-5. Kungani kufanele sibonise ukwazisa?

4 UJehova usibekele isibonelo sokubonisa ukwazisa. Enye yezindlela akwenza ngayo lokhu ukuvuza labo abamjabulisayo. (2 Sam. 22:21; IHu. 13:6; Math. 10:40, 41) ImiBhalo isikhuthaza ukuba sibe “abalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo.” (Efe. 5:1) Ngakho, isizathu esibalulekile esisenza sibonise ukwazisa ukuthi sifuna ukulingisa uJehova.

5 Nasi esinye isizathu esisenza sifune ukubonisa ukwazisa. Ukwazisa kufana nokudla okumnandi—sikujabulela kakhulu lapho sikudla nabanye. Lapho sibongwa siyajabula, nalapho sibonga abanye nabo bayajabula. Ukubonga umuntu kumbonisa ukuthi siyajabula ngokusisiza nangokusinika lokho esikudingayo. Lokho kwenza thina nalowo muntu osisizile sibe abangane abakhulu.

6. Yikuphi ukufana okukhona phakathi kwamazwi okubonga nama-apula egolide?

6 Amazwi ethu okubonga abalulekile. IBhayibheli lithi: “Izwi elikhulunywe ngesikhathi esifanele linjengama-apula egolide ezitsheni zesiliva.” (IzAga 25:11) Cabanga nje indlela elibukeka kahle ngayo i-apula legolide elibekwe esitsheni sesiliva! Lingaba yigugu ngempela! Ungazizwa kanjani ngokuthola isipho esinjalo? Amazwi abonisa ukubonga angaba yigugu ngaleyo ndlela kwabanye. Cabanga nangalokhu: I-apula legolide lingahlala isikhathi eside. Ngendlela efanayo, umuntu ombongayo angawakhumbula ukuphila kwakhe konke amazwi akho okubonga.

BABONISA UKWAZISA

7. UDavide nabanye ababhali bamahubo bakubonisa kanjani ukwazisa, njengoba kubonisiwe kumaHubo 27:4?

7 Izinceku zikaNkulunkulu eziningi endulo zabonisa ukwazisa. Enye yazo kwakunguDavide. (Funda iHubo 27:4.) Wayekuthanda ngempela ukukhulekela okuhlanzekile futhi lokho wayekubonisa ngezenzo. Wanikela ngezindodla zemali lapho kwakhiwa ithempeli. Inzalo ka-Asafa yabonisa ukwazisa ngokubhala amahubo noma amaculo okudumisa. Kwelinye iculo, yabonga uNkulunkulu futhi yamemezela ‘imisebenzi kaJehova emangalisayo.’ (IHu. 75:1) Kuyacaca ukuthi uDavide nenzalo ka-Asafa babefuna ukubonisa uJehova ukuthi babonga kangakanani ngezibusiso ababezithole kuye. Zikhona yini izindlela ozicabangayo ongalingisa ngazo laba babhali bamahubo?

Incwadi kaPawulu eya kwabaseRoma isifundisani ngokubonisa ukwazisa? (Bheka izigaba 8-9) *

8-9. Umphostoli uPawulu wabonisa kanjani ukuthi uyabazisa abafowabo nodadewabo, futhi waba yini umphumela?

8 Umphostoli uPawulu wayebazisa abafowabo nodadewabo futhi lokho wayekubonisa ngendlela ayekhuluma ngayo ngabo. Njalo lapho ethandaza yedwa wayembonga uNkulunkulu ngabo. Wabatshela ukuthi babebaluleke kangakanani kuye encwadini ababhalela yona. Emavesini okuqala angu-15 kweyabaseRoma 16, uPawulu ubiza amaKristu angu-27 ngamagama. UPawulu wakhumbula ukuthi uPriska no-Akhwila “bafaka ukuphila kwabo engozini” ngenxa yakhe, wachaza uFibhi ‘njengomvikeli wabaningi,’ kuhlanganise naye uPawulu. Wabancoma labo bazalwane nodade abathandekayo nabasebenza kanzima.—Roma 16:1-15.

9 UPawulu wayeqaphela ukuthi abafowabo nodadewabo babengaphelele, kodwa lapho ephetha incwadi yakhe eya kwabaseRoma, wakhetha ukugxila ezimfanelweni zabo ezinhle. Cabanga indlela labo bafowethu nodadewethu abakhuthazeka ngayo lapho bezwa amazwi kaPawulu efundelwa ibandla! Akungabazeki ukuthi baba nobungane obuqinile noPawulu. Ingabe uyawancoma njalo amalungu ebandla okulo ngezinto ezinhle azishoyo nazenzayo?

10. Singafundani endleleni uJesu abonisa ngayo ukwazisa ngabalandeli bakhe?

10 Kulokho akusho emabandleni ethile ase-Asia Minor, uJesu wabonisa ukwazisa ngokuncoma umsebenzi wabalandeli bakhe. Ngokwesibonelo, ebandleni laseThiyathira waqala ngokuthi: “Ngiyazazi izenzo zakho, nothando lwakho, nokholo, nenkonzo, nokukhuthazela, nokuthi izenzo zakho zamuva zingaphezu kwezangaphambili.” (IsAm. 2:19) UJesu akagcinanga nje ngokukhuluma ngokwanda komsebenzi wabo, kodwa wabancoma nangezimfanelo ezazibenza benze imisebenzi emihle. Nakuba kwakudingeka eluleke abathile eThiyathira, uJesu waqala futhi waphetha ngokubakhuthaza. (IsAm. 2:25-28) Cabanga ngegunya uJesu analo njengenhloko yawo wonke amabandla. Akudingeki asincome ngomsebenzi athi siwenze. Noma kunjalo, uhlale esincoma. Ubabekela isibonelo esihle ngempela abadala!

ABAZANGE BABONISE UKWAZISA

11. Njengoba kubonisiwe kumaHebheru 12:16, u-Esawu wayezibheka kanjani izinto ezingcwele?

11 Ngokudabukisayo, abanye eBhayibhelini babengenakho ukwazisa. Ngokwesibonelo, nakuba u-Esawu akhuliswa abazali ababethanda uJehova futhi bemhlonipha, wayengazihloniphi izinto ezingcwele. (Funda eyamaHebheru 12:16.) Kwabonakala kanjani lokhu? U-Esawu wavele wathengisela umfowabo omncane, uJakobe, ilungelo lakhe lobuzibulo ukuze nje athole isitshulu. (Gen. 25:30-34) Kamuva, u-Esawu wazisola ngesinqumo ayesenzile. Kodwa ngenxa yokuthi akazange abonise ukwazisa ngalokho ayenakho, kwakungafanele akhononde lapho elahlekelwa izibusiso ezazizotholwa yizibulo.

12-13. Ama-Israyeli abonisa kanjani ukuthi awanakwazisa, futhi waba yini umphumela walokho?

12 Ama-Israyeli ayenezizathu eziningi zokubonisa ukwazisa. Akhululwa ebugqilini ngemva kokuba uJehova eshaye iGibhithe ngeziNhlupho Eziyishumi. UNkulunkulu wabe esewasindisa ngokubhubhisa lonke ibutho laseGibhithe oLwandle Olubomvu. Ama-Israyeli ayejabule kakhulu aze ahlabelela ingoma yokudumisa uJehova ukuze ambonge. Kodwa ingabe aqhubeka enalokho kwazisa?

13 Lapho ama-Israyeli ephinde ebhekana nobunzima, ngokushesha azikhohlwa zonke izinto ezinhle uJehova ayewenzele zona. Abe esebonisa ukuthi awanakho ukwazisa. (IHu. 106:7) Kanjani? “Yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yaqala ukububula ngoMose no-Aroni”—empeleni yayibubula ngoJehova. (Eks. 16:2, 8) Ukungabi nakwazisa kwabantu kwamzwisa ubuhlungu uJehova. Kamuva wabikezela ukuthi sonke lesi sizukulwane sama-Israyeli sasiyofela ehlane, ngaphandle kukaJoshuwa noKalebi. (Num. 14:22-24; 26:65) Ake sibone ukuthi singazigwema kanjani lezi zibonelo ezimbi bese silingisa ezinhle.

BONISA UKWAZISA NAMUHLA

14-15. (a) Abantu abashadile bangabonisana kanjani ukuthi bayazisana? (b) Abazali bangazifundisa kanjani izingane ukubonisa ukwazisa?

14 Ekhaya. Umndeni wonke uyazuza lapho ilungu ngalinye libonisa ukwazisa. Lapho abantu abashadile bebonisana ukwazisa futhi bencomana basondelana nakakhulu. Kuba lula nokuba bathethelelane. Umyeni onokwazisa ngomkakhe akagcini nje ngokubona izinto ezinhle azishoyo nazenzayo kodwa futhi “uyasukuma amdumise.” (IzAga 31:10, 28) Inkosikazi ehlakaniphile imtshela ngokuqondile umyeni wayo ukuthi yini eyithandayo kuye.

15 Bazali, ningazifundisa kanjani izingane zenu ukubonisa ukwazisa? Khumbula ukuthi izingane ziyolingisa lokho okushoyo nokwenzayo. Ngakho beka isibonelo esihle, ubonge lapho izingane zakho zikwenzela okuthile. Ngaphezu kwalokho, fundisa izingane zakho ukuba zibonge lapho abantu bezenzela okuthile. Siza izingane zakho ziqonde ukuthi ukubonga kusuka enhliziyweni nokuthi amazwi azo angamthinta lowo obongwayo. Ngokwesibonelo, owesifazane ogama lakhe linguClary uthi: “Ngesikhathi umama eneminyaka engu-32, kwadingeka akhulise izingane ezintathu eyedwa. Lapho ngiba neminyaka engu-32, ngabona ukuthi kwakunzima ngempela ngomama ukuba asikhulise. Ngakho ngamtshela ukuthi ngibonga kakhulu ngakho konke akudela ukuze asikhulise. Usanda kungitshela ukuthi lokho engakusho kwamthinta nokuthi uhlale ecabanga ngakho futhi kumenza ajabule.”

Fundisa ingane yakho ukubonisa ukwazisa (Bheka isigaba 15) *

16. Yisho isibonelo esibonisa indlela okungamkhuthaza ngayo othile lapho simbonga.

16 Ebandleni. Abafowethu nodadewethu bayakhuthazeka lapho sibonisa ukwazisa. Ngokwesibonelo, uJorge, umdala oneminyaka engu-28 wagula kakhulu. Kwaphela inyanga engakwazi ukuya emihlanganweni. Ngisho nalapho esekwazi ukuya esifundweni, wayengakwazi ukufeza izabelo zakhe. Uyavuma: “Ngazizwa ngingelusizo lwalutho ngenxa yokungakwazi ukufeza izabelo zami ebandleni. Ngolunye usuku ngemva komhlangano, omunye umzalwane wathi kimi: ‘Ngifisa ukukubonga ngesibonelo esihle osibekela umndeni wami. Awazi ukuthi besizijabulela kanjani izinkulumo zakho phakathi nale minyaka edlule. Ziye zaqinisa ukholo lwethu.’ Lawo mazwi angithinta ngempela ngaze ngahlengezela izinyembezi. Kwakungamazwi engangidinga ukuwezwa ngempela.”

17. Njengoba kubonisiwe kweyabaseKolose 3:15, singabonisa kanjani ukuthi siyakwazisa lokho uJehova asipha khona?

17 UNkulunkulu wethu ophanayo. UJehova usinike intilibathwa yokudla okungokomoya. Ngokwesibonelo, sithola iziqondiso ezisisizayo emihlanganweni yethu, komagazini nakuwebusayithi yethu. Wake wezwa inkulumo, wafunda isihloko noma wabukela uhlelo lwe-Broadcasting wabe usucabanga, ‘Yilokhu kanye ebengikudinga’? Singambonisa kanjani uJehova ukuthi sinokwazisa? (Funda eyabaseKolose 3:15.) Enye yezindlela ukuthandaza njalo simbonge ngalezi zipho ezinhle.—Jak. 1:17.

Ukusiza lapho kuhlanzwa iHholo LoMbuso kuyindlela enhle yokubonisa ukwazisa (Bheka isigaba 18)

18. Singakubonisa kanjani ukwazisa ngeHholo lethu loMbuso?

18 Sibonisa ukuthi siyamazisa uJehova nalapho sigcina indawo yethu yokukhulekela ihlanzekile futhi icocekile. Siba khona njalo lapho kuhlanzwa futhi kunakekelwa iHholo LoMbuso futhi labo ababelwe ukusebenzisa imishini yebandla kumelwe bayisebenzise kahle. Lapho silinakekela iHholo LoMbuso liyohlala lisesimweni esihle isikhathi eside futhi ngeke kudingeke lilungiswe njalo. Ngaleyo ndlela inhlangano iyoba nemali eningi yokwakha nokulungisa amaHholo OMbuso emhlabeni jikelele.

19. Yini oyifundile kulokho okwenzeka komunye umjikelezi nomkakhe?

19 Labo abazikhandlayo ngenxa yethu. Lapho sibabonga futhi sibancoma abanye, amazwi ethu angashintsha indlela umuntu azizwa ngayo ngobunzima abhekene nabo. Cabanga ngokwenzeka kumbonisi wesigodi othile nomkakhe. Ngemva kosuku olude ebusika besenkonzweni, babuyela endaweni ababehlala kuyo bekhathele. Ngendlela okwakubanda ngayo umkakhe walala egqoke ijazi. Ekuseni watshela umyeni wakhe ukuthi ngeke esakwazi ukuqhubeka esenkonzweni yokujikeleza. Ngokuhamba kosuku, kwafika incwadi evela egatsheni eyayibhalelwe yena. Leyo ncwadi yayimncoma ngomsebenzi wakhe nokukhuthazela kwakhe. Yabonisa ukuthi kuyaqondakala ukuthi kungase kube nzima ukuhlala ezindaweni ezingafani isonto ngalinye. Umyeni wakhe uthi: “Leyo ncwadi eyayimncoma yamthinta kangangokuba akaphindanga wayithi vu eyokuyeka ukujikeleza. Empeleni, wangikhuthaza izikhathi eziningi lapho ngangicabanga ukuyeka.” Le ndoda nomkayo bajikeleza iminyaka ecishe ibe ngu-40.

20. Yini okufanele sizame ukuyenza nsuku zonke futhi kungani?

20 Kwangathi singazama nsuku zonke ukubonisa ukwazisa ngalokho esikushoyo nesikwenzayo. Amazwi nezenzo zethu ezisuka enhliziyweni zingase zibe yilokho kanye obekudingwa umuntu ukuze abhekane nobunzima obubangelwa yileli zwe elingenakho ukwazisa. Lapho sibabonga abanye siyokwakha ubungane nabo obuyohlala phakade. Okubaluleke nakakhulu ukuthi siyobe silingisa uJehova uBaba wethu ophanayo nonokwazisa.

INGOMA 20 Wanikela NgeNdodana Yakho Ezelwe Yodwa

^ par. 5 Yini esingayifunda ngokubonisa ukwazisa kuJehova, kuJesu nakumSamariya owayenochoko? Lesi sihloko sizoxoxa ngezibonelo zabo nezabanye. Sizoxoxa ngokuthi kungani kubalulekile ukubonisa ukubonga futhi sizohlola nezindlela zokwenza lokhu.

^ par. 1 INCAZELO YAMAGAMA: Ukwazisa umuntu noma into kusho ukuqaphela ukubaluleka kwalowo muntu noma leyo nto. Leli gama lingabhekisela enjabulweni esuka enhliziyweni ekwenza ubonge.

^ par. 55 INCAZELO YESITHOMBE: Incwadi kaPawulu ifundwa ebandleni laseRoma; u-Akhwila, uPrisila, uFibhi nabanye bayajabula lapho bezwa amagama abo efundwa.

^ par. 57 INCAZELO YESITHOMBE: Umama usiza indodakazi yakhe ukuba ibonise ukwazisa ngesibonelo esihle esibekwa udade okhulile.