Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 12

Cabangela Imizwa Yabanye

Cabangela Imizwa Yabanye

“Nonke yibani . . . [nokuzwelana].”—1 PET. 3:8.

INGOMA 90 Khuthazanani

AMAZWIBELA *

1. Ngokweyoku-1 Petru 3:8, kungani sikuthanda ukuba nabantu abayikhathalelayo imizwa nenhlalakahle yethu?

SIYAKUJABULELA ukuba nabantu abayikhathalelayo imizwa nenhlalakahle yethu. Bazama ukuzifaka ezicathulweni zethu, bathole ukuthi sicabangani futhi sizizwa kanjani. Bayakubona esikudingayo futhi bazama ukusisiza—ngezinye izikhathi ngisho nangaphambi kokuba sibacele. Siyabathanda abantu ababonisayo ukuthi ‘bayazwelana’ * nathi.—Funda eyoku-1 Petru 3:8.

2. Kungani kungase kudingeke senze umzamo wokukhathalela abanye?

2 NjengamaKristu, sonke sifuna ukukhathalelana noma ukuzwelana. Nokho akulula ngaso sonke isikhathi ukwenza lokhu. Kungani? Esinye sezizathu siwukuthi asiphelele. (Roma 3:23) Ngokwemvelo siye sizicabangele thina kuphela. Ngakho kumelwe silwe kanzima ukuze sicabangele abanye. Abanye bethu bangakuthola kunzima ukukhathalela abanye ngenxa yendlela abakhuliswe ngayo noma izinto abake babhekana nazo. Singase sithonywe nayindlela abantu esiphila nabo abacabanga ngayo. Kulezi zinsuku zokugcina, abaningi abanandaba nemizwa yabanye. Kunalokho, ‘bazithanda’ bona. (2 Thim. 3:1, 2) Yini engasisiza sinqobe ukungabi nandaba nemizwa yabanye?

3. (a) Singayithuthukisa kanjani indlela esibonisa ngayo uzwela? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Singathuthukisa indlela esibonisa ngayo abanye uzwela ngokulingisa uJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu Kristu. UJehova unguNkulunkulu onothando futhi usibekela isibonelo esihle sokukhathalela abanye. (1 Joh. 4:8) UJesu wabulingisa ngokuphelele ubuntu bukaYise. (Joh. 14:9) Ngesikhathi esemhlabeni, wabonisa indlela umuntu angalubonisa ngayo uzwela. Kulesi sihloko, sizoqala ngokuxoxa ngendlela uJehova noJesu abayikhathalela ngayo imizwa yabanye. Ngemva kwalokho sizoxoxa ngendlela esingazilingisa ngayo izibonelo zabo.

ISIBONELO SIKAJEHOVA SOKUKHATHALELA ABANYE

4. U-Isaya 63:7-9 ubonisa kanjani ukuthi uJehova uyayikhathalela imizwa yabantu bakhe?

4 IBhayibheli lifundisa ukuthi uJehova uyayikhathalela indlela esizizwa ngayo. Ngokwesibonelo, cabanga ngendlela uJehova ayezizwa ngayo lapho ama-Israyeli ebhekana nobunzima. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Phakathi nakho konke ukucindezeleka kwabo wayecindezelekile naye.” (Funda u-Isaya 63:7-9.) Kamuva, ngomprofethi uZakariya, uJehova wathi lapho abantu bakhe behlukunyezwa, kuba sengathi kuhlukunyezwa yena. Watshela izinceku zakhe: “Othinta nina uthinta inhlamvu yeso lami.” (Zak. 2:8) Lokhu kuyichaza kahle kakhulu indlela uJehova abakhathalela ngayo abantu bakhe.

UJehova wazwelana nama-Israyeli wawakhulula ebugqilini eGibhithe (Bheka isigaba 5)

5. Nikeza isibonelo sendlela uJehova abasiza ngayo abantu bakhe ababehlupheka.

5 UJehova akagcini nje ngokuzwelana nezinceku zakhe ezihluphekayo. Wenza okuthile ukuze azisize. Ngokwesibonelo, ngesikhathi ama-Israyeli eyizigqila eGibhithe, uJehova wayeyazi kahle indlela ayehlupheka ngayo futhi washukumiseleka ukuba awasize. Wathi kuMose: “Ngokuqinisekile ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami . . . , futhi ngikuzwile ukukhala kwabo . . . ngibazi kahle ubuhlungu ababuzwayo. Ngiyehla ukuze ngiyobakhulula esandleni sabaseGibhithe.” (Eks. 3:7, 8) UJehova wayezwelana nabantu bakhe futhi wabakhulula ebugqilini. Emakhulwini eminyaka kamuva, eZweni Lesithembiso, ama-Israyeli ahlaselwa yizitha. UJehova wasabela kanjani? “[Wadabuka] ngokububula kwakhe ngenxa yabacindezeli bakhe nalabo ababemkhakhabisa bemyisa ngapha nangapha.” Nakulokhu, uzwela lwenza uJehova wasiza abantu bakhe. Wathumela abahluleli ukuba basindise ama-Israyeli ezitheni zawo.—AbaHl. 2:16, 18.

6. Nikeza isibonelo sendlela uJehova akhathalela ngayo imizwa yomuntu owayecabanga ngendlela eyiphutha.

6 UJehova uyayikhathalela imizwa yabantu bakhe ngisho nalapho becabanga ngendlela eyiphutha. Cabanga ngoJona. UNkulunkulu wathumela lo mprofethi ukuba amemezele isahlulelo ngokumelene neNineve. Lapho abantu bakhona bephenduka, uNkulunkulu wanquma ukungabe esababhubhisa. Nokho, lokho akumjabulisanga uJona. “Wavutha ngentukuthelo” ngoba isiprofetho sakhe sembubhiso asizange sigcwaliseke. Kodwa uJehova wambekezelela uJona futhi wamsiza ukuba alungise ukucabanga kwakhe. (Jona 3:10–4:11) Ngokuhamba kwesikhathi, uJona walithola iphuzu futhi uJehova wamsebenzisa ukuba abhale le ndaba ukuze kuzuze thina.—Roma 15:4. *

7. Indlela uJehova asebenzelana ngayo nabantu bakhe isiqinisekisa ngani?

7 Indlela uJehova asebenzelana ngayo nabantu bakhe isiqinisekisa ngokuthi uyabakhathalela. Uyabazi ubuhlungu nokuhlupheka ngamunye wethu abhekana nako. UJehova “[uyazi] kahle inhliziyo yabantwana babantu.” (2 IziKr. 6:30) Uyayiqonda imicabango yethu, imizwa yethu ejulile nalokho esingeke sikwazi ukukwenza. ‘Ngeke akuvumele ukuba silingwe ngokungaphezu kwalokho esingakuthwala.’ (1 Kor. 10:13) Akuve kusiduduza ukwazi lokhu!

ISIBONELO SIKAJESU SOKUKHATHALELA ABANYE

8-10. Yiziphi izinto okungenzeka zasiza uJesu wakhathalela abanye?

8 Lapho esemhlabeni, uJesu wayebakhathalela ngempela abanye. Zintathu izinto okungenzeka zazimsiza kulokhu. Okokuqala, njengoba kushiwo ngaphambili, uJesu wayenobuntu obufana nse nobukaYise wasezulwini. NjengoYise, uJesu wayebathanda abantu. Nakuba ayekuthanda konke uJehova ayemsebenzisele ukuba akudale, uJesu wayethanda ngokukhethekile abantu. (IzAga 8:31) Uthando lwamenza wayikhathalela imizwa yabanye.

9 Okwesibili, njengoJehova, uJesu wayekwazi ukufunda izinhliziyo. Wayekwazi ukubona izisusa nemizwa yabantu. (Math. 9:4; Joh. 13:10, 11) Ngakho lapho uJesu ebona ukuthi abantu bezwa ubuhlungu, uzwela lwalumenza abaduduze.—Isaya 61:1, 2; Luka 4:17-21.

10 Okwesithathu, uJesu naye wabhekana nezinye zezinselele abantu ababebhekana nazo. Ngokwesibonelo, kubonakala sengathi uJesu wakhulela emndenini ompofu. Wafunda ukwenza umsebenzi wezandla kusingayise, uJosefa. (Math. 13:55; Marku 6:3) Kubonakala sengathi uJosefa wafa esikhathini esithile ngaphambi kokuphela kwenkonzo kaJesu. Ngakho cishe uJesu wayebazi ubuhlungu bokushonelwa umuntu amthandayo. UJesu wayazi nokuthi kunjani ukuba semndenini ohlukene ngokwenkolo. (Joh. 7:5) Lezo zimo nezinye zazingamsiza uJesu aqonde izinselele nemizwa yabantu.

UJesu uqhela esixukwini nendoda eyisithulu ngaphambi kokuba ayiphulukise (Bheka isigaba 11)

11. Ukukhathalela kukaJesu kwabonakala nini ngokukhethekile? Chaza. (Bheka isithombe esisesembozweni.)

11 Ukukhathalela kukaJesu kwabonakala ngokukhethekile lapho enza izimangaliso. UJesu akazange enze izimangaliso ngoba nje ezizwa ebophekile ukuba azenze. ‘Wayenesihawu’ ngalabo ababehlupheka. (Math. 20:29-34; Marku 1:40-42) Ngokwesibonelo, cabanga ngendlela ayezizwa ngayo lapho esusa indoda eyisithulu esixukwini futhi eyiphulukisa noma lapho evusa indodana yomfelokazi okwakuwukuphela kwayo. (Marku 7:32-35; Luka 7:12-15) UJesu wazwelana nalabo bantu futhi wayefuna ukubasiza.

12. UJohane 11:32-35 ubonisa kanjani ukuthi uJesu wazwelana noMartha noMariya?

12 UJesu wazwelana noMartha noMariya. Lapho ebona usizi lwabo ngenxa yokushonelwa umfowabo uLazaru, “uJesu wakhala izinyembezi.” (Funda uJohane 11:32-35.) Akazange akhale ngoba nje eshonelwe umngane amthandayo. Phela, wayazi ukuthi uzomvusa uLazaru. UJesu wakhala ngoba ebuqonda futhi bumthinta ubuhlungu obabuzwiwa abangane bakhe.

13. Kusikhuthaza kanjani ukwazi ukuthi uJesu uzwelana nathi?

13 Sizuza lukhulu ngokufunda ngendlela uJesu anozwela ngayo. Kuyiqiniso ukuthi thina asiphelele njengaye. Yize kunjalo, siyamthanda ngenxa yendlela ayebaphatha ngayo abanye. (1 Pet. 1:8) Kuyasikhuthaza nokwazi ukuthi manje useyabusa njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Maduze uzoqeda konke ukuhlupheka. UJesu ukufanelekela kangcono ukuqeda ubuhlungu obubangelwa ukubusa kukaSathane ngoba naye wake waphila emhlabeni. Sibusiswe ngempela ngokuba noMbusi ‘ozwelana nobuthakathaka bethu.’—Heb. 2:17, 18; 4:15, 16.

LINGISA ISIBONELO SIKAJEHOVA NOJESU

14. Ngokweyabase-Efesu 5:1, 2, yini esishukumiseleka ukuba siyenze?

14 Lapho sicabanga ngesibonelo sikaJehova noJesu, sishukumiseleka ukuba sizame ukuzwelana kakhudlwana nabanye. (Funda eyabase-Efesu 5:1, 2.) Asikwazi ukufunda izinhliziyo njengabo. Noma kunjalo, singazama ukuqonda imizwa nezidingo zabanye. (2 Kor. 11:29) Ngokungafani nabantu baleli zwe abanobugovu, ‘asikhathaleli nje kuphela izindaba zethu siqu, kodwa futhi sikhathalela nezabanye.’—Fil. 2:4.

(Bheka izigaba 15-19) *

15. Obani ikakhulukazi okudingeka babonise uzwela?

15 Abadala ebandleni yibona ikakhulukazi okudingeka bazwelane nabanye. Bayazi ukuthi bazolandisa ngezimvu abaphathiswe ukuba bazeluse. (Heb. 13:17) Ukuze basize abafowabo nodadewabo, kudingeka bazwelane nabo. Abadala bangalubonisa kanjani uzwela?

16. Umdala obakhathalelayo abanye wenzani, futhi kungani lokhu kubalulekile?

16 Umdala obakhathalelayo abanye uchitha isikhathi nabafowabo nodadewabo. Ubabuza imibuzo bese ebalalelisisa ngesineke. Kubalulekile lokhu ikakhulukazi lapho othile efuna ukuthulula isifuba kodwa engazi ukuthi uzochaza athini. (IzAga 20:5) Ngokudela isikhathi sakhe ngokuzithandela, umdala wenza abafowabo bamethembe, basondelane naye futhi bamthande.—IzE. 20:37.

17. Yini abazalwane abaningi abayithanda kakhulu kubadala? Nikeza isibonelo.

17 Abafowethu nodadewethu abaningi bathi into abayithanda kakhulu kubadala indlela ababakhathalela ngayo abanye. Kungani? U-Adelaide uthi: “Kulula ukukhuluma nabo ngoba uyazi ukuthi bazokuqonda okushoyo. Uyabona ukuthi bayazwelana nawe endleleni abaphendula ngayo lapho ukhuluma nabo.” Omunye umzalwane uyakhumbula: “Ngabona izinyembezi zihlengezela komunye umdala njengoba ngimxoxela ngesimo sami. Ngiyohlale ngikukhumbula njalo lokhu.”—Roma 12:15.

18. Singabonisa kanjani ukuthi siyazwelana nabanye?

18 Kuyiqiniso ukuthi akubona abadala kuphela okudingeka bazwelane nabanye. Sonke kufanele siyibonise le mfanelo. Kanjani? Zama ukuqonda lokho abanye emndenini nasebandleni ababhekene nakho. Bonisa ukuthi uyayikhathalela intsha ebandleni nalabo abagulayo, asebekhulile nalabo abashonelwe. Babuze ukuthi banjani. Balalelisise lapho bechaza. Basize babone ukuthi ukuqonda kahle lokho ababhekene nakho. Batshele ukuthi ukulungele ukubasiza. Uma senza lokhu, sibonisa uthando olungenabuzenzisi.—1 Joh. 3:18.

19. Kungani kudingeka sizivumelanise nezimo lapho sizama ukusiza abanye?

19 Kudingeka sivumelane nezimo lapho sizama ukusiza abanye. Kungani? Yingoba abantu basabela ngezindlela ezingafani lapho besebunzimeni. Abanye bayafuna ukukhuluma kanti abanye bayazithulela nje. Ngakho sifuna ukubasiza kodwa akufanele sibabuze imibuzo ebangela amahloni. (1 Thes. 4:11) Ngisho nalapho abanye besixoxela, singase singavumelani nombono wabo. Kodwa kudingeka sikhumbule ukuthi lena yindlela bona abazizwa ngayo. Kumelwe sisheshe ukuzwa futhi sephuze ukukhuluma.—Math. 7:1; Jak. 1:19.

20. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

20 Le mfanelo enhle asifuni ukugcina ngokuyibonisa ebandleni kodwa sifuna nokuyibonisa ensimini. Singazwelana kanjani nabanye lapho sishumayela? Sizoxoxa ngalokho esihlokweni esilandelayo.

INGOMA 130 Yiba Othethelelayo

^ isig. 5 UJehova noJesu bayayikhathalela imizwa yabanye. Lesi sihloko sizokhuluma ngalokho esingakufunda ezibonelweni zabo. Sizoxoxa nangesizathu esenza kudingeke sizwelane nabanye nokuthi singakwenza kanjani lokho.

^ isig. 1 INCAZELO YAMAGAMA: “Ukuzwelana” nabanye kusho ukuzama ukuqonda indlela abazizwa ngayo nokuzizwa ngendlela abazizwa ngayo. (Roma 12:15) Kulesi sihloko, “ukuzwelana” kanye “nokukhathalela” abanye kusho into eyodwa.

^ isig. 6 UJehova wazwelana nabanye abantu abathembekile ababedikibele nababenokwesaba. Cabanga ngokulandisa kukaHana (1 Sam. 1:10-20), u-Eliya (1 AmaKh. 19:1-18) no-Ebhedi-meleki (Jer. 38:7-13; 39:15-18).

^ isig. 65 INCAZELO YEZITHOMBE: Imihlangano eHholo LoMbuso isinika amathuba amaningi okuba nobudlelwane obufudumele. Sibona (1) umdala ekhuluma nommemezeli osemusha nomama wakhe, (2) ubaba nendodakazi basiza udade osekhulile ukuba aye emotweni, (3) nabadala ababili abalalele udade odinga usizo.