Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 13

Yiba Nozwela Enkonzweni Yakho

Yiba Nozwela Enkonzweni Yakho

“Waba nesihawu ngaso . . . Wasifundisa izinto eziningi.”—MARKU 6:34.

INGOMA 70 Funani Abafanelekayo

AMAZWIBELA *

1. Yini oyithanda kakhulu ngobuntu bukaJesu? Chaza.

ENYE yezinto ezinhle kakhulu ngoJesu ukuthi uyakwazi ukuqonda izinkinga esibhekana nazo njengabantu abangaphelele. Ngesikhathi esemhlabeni, ‘wayejabula nabantu abajabulayo’ futhi ‘ekhala nabantu abakhalayo.’ (Roma 12:15) Ngokwesibonelo, lapho abafundi bakhe abangu-70 bebuya bejabule ngemva kokufeza ngokuphumelelayo isabelo sokushumayela, uJesu ‘wachichima injabulo ngomoya ongcwele.’ (Luka 10:17-21) Ngakolunye uhlangothi, lapho ebona indlela ababenosizi ngayo abantu ababethanda uLazaru ngemva kokufa kwakhe, uJesu “wabubula emoyeni futhi wakhathazeka.”—Joh. 11:33.

2. Yini eyasiza uJesu ukuba azwelane nabantu?

2 Yini eyayibangela ukuba le ndoda ephelele ibe nesihe nozwela lapho isebenzelana nabantu abanesono? Okokuqala, uJesu wayebathanda abantu. Njengoba kubonisiwe esihlokweni esidlule, wayezithanda izinto “ezaziphathelene namadodana abantu.” (IzAga 8:31) Ukuthanda abantu kwamenza wayazi kahle indlela abacabanga ngayo. Umphostoli uJohane uyachaza: “Wayekwazi okungaphakathi kumuntu.” (Joh. 2:25) UJesu wayezwelana nabanye. Abantu babebona ukuthi uJesu uyabathanda, ngakho babewulalela umyalezo woMbuso. Uma sibazwela ngendlela efanayo abantu, siyophumelela kakhudlwana enkonzweni yethu.—2 Thim. 4:5.

3-4. (a) Uma sizwelana nabanye, sizoyibheka kanjani inkonzo yethu? (b) Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

3 Umphostoli uPawulu wayazi ukuthi unesibopho sokushumayela, nathi sinesibopho esifanayo. (1 Kor. 9:16) Nokho, uma sizwelana nabanye, ukushumayela ngeke sikubheke njengesibopho nje kuphela. Sizofuna ukubonisa ukuthi siyabakhathalela abantu futhi silangazelela ukubasiza. Siyazi ukuthi “kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzE. 20:35) Uma sinalowo mbono ngenkonzo yethu, sizoyijabulela nakakhulu.

4 Kulesi sihloko sizoxoxa ngendlela esingabonisa ngayo ukuthi siyazwelana nabantu enkonzweni yethu. Okokuqala, sizobheka lokho esingakufunda endleleni uJesu ayezizwa ngayo ngabantu. Sizobe sesixoxa ngezindlela ezine esingalingisa ngazo isibonelo sakhe.—1 Pet. 2:21.

UJESU WAYEZWELANA NABANYE ENKONZWENI

Uzwela lwenza uJesu washumayela umyalezo wenduduzo (Bheka izigaba 5-6)

5-6. (a) Obani uJesu azwelana nabo? (b) Kungani uJesu ayebazwela abantu ayebashumayeza njengoba kwabikezelwa ku-Isaya 61:1, 2?

5 Cabanga ngesibonelo sendlela uJesu azwelana ngayo nabanye. Ngesinye isikhathi uJesu nabafundi bakhe babekhathele ngemva kokushumayela izindaba ezinhle. “Babengenaso isikhathi esikhululekile ngisho nesokudla ukudla.” Ngakho, uJesu wahamba nabafundi bakhe “baya endaweni engenabantu” ukuze ‘baphumule kancane.’ Nokho, isixuku sagijima, safika kuqala endaweni ababeya kuyo. Wasabela kanjani uJesu lapho efika kuleyo ndawo futhi ebona isixuku? “Waba nesihawu * ngaso, ngoba sasinjengezimvu ezingenamalusi. Wasifundisa izinto eziningi.”—Marku 6:30-34.

6 Phawula isizathu esabangela ukuba uJesu abe nesihawu. Waqaphela ukuthi abantu ‘babenjengezimvu ezingenamalusi.’ Mhlawumbe uJesu wabona ukuthi abanye esixukwini babehlupheka futhi besebenza kanzima ukuze banakekele imindeni yabo. Kungenzeka abanye babesanda kushonelwa abantu ababathandayo. Uma kunjalo, cishe uJesu wayeziqonda izimo zabo. Njengoba kubonisiwe esihlokweni esidlule, kungenzeka naye wayeke wabhekana nezinye zalezi zinkinga. UJesu wayebakhathalela abanye futhi wabaduduza.—Funda u-Isaya 61:1, 2.

7. Singasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu?

7 Yini esiyifunda esibonelweni sikaJesu? NjengoJesu, siphila nabantu ‘abanjengezimvu ezingenamalusi.’ Banezinkinga eziningi. Nokho, sinakho abakudingayo—umyalezo woMbuso. (IsAm. 14:6) Ngakho, silingisa iNkosi yethu ngokushumayela izindaba ezinhle ngoba ‘sihawukela ophansi nompofu.’ (IHu. 72:13) Siyabazwela abantu futhi sifuna ukwenza okuthile ukuze sibasize.

INDLELA ESINGAZWELANA NGAYO NABANYE

Cabanga ngezidingo zomuntu ngamunye (Bheka izigaba 8-9)

8. Iyiphi indlela esingabonisa ngayo ukuthi siyazwelana nabantu enkonzweni? Fanekisa.

8 Yini engasisiza sibonise ukuthi siyazwelana nabantu esibashumayezayo? Sifuna ukuzifaka ezicathulweni zalabo esihlangana nabo enkonzweni futhi sibaphathe ngendlela esingathanda ukuphathwa ngayo. * (Math. 7:12) Ake sixoxe ngezindlela ezine esingakwenza ngayo lokhu. Okokuqala, cabanga ngezidingo zomuntu ngamunye. Lapho sishumayela izindaba ezinhle, sisuke senza umsebenzi ofana nokadokotela. Udokotela owenza kahle umsebenzi wakhe ucabanga ngalokho okudingwa yisiguli ngasinye. Ubuza imibuzo futhi alalelisise njengoba isiguli simchazela inkinga yaso. Kunokuba avele asinike noma yimuphi umuthi awuthandayo, udokotela angase azinike isikhathi sokuhlola isiguli ukuze athole ukuthi siphethwe yini ngaphambi kokuba asinike umuthi ofanele. Ngokufanayo, akumelwe sishumayeze bonke abantu esihlangana nabo ngendlela efanayo. Kunalokho, kumelwe sicabangele izimo nemibono yomuntu ngamunye.

9. Yini okufanele sigweme ukuyenza? Chaza.

9 Lapho uhlangana nomuntu ensimini, ungabi nomuzwa wokuthi uyazazi izimo zakhe noma ukuthi yini ayikholelwayo nokuthi kungani eyikholelwa. (IzAga 18:13) Kunalokho mbuze imibuzo ngokuhlakanipha, kube nguye ochazayo. (IzAga 20:5) Uma kufaneleka endaweni yangakini, mbuze ukuthi usebenzaphi, umbuze ngomndeni wakhe, isizinda sakhe nemibono yakhe. Lapho sibuza abanye imibuzo, sisuke sibavumela ukuba basitshele ukuthi kungani bezidinga izindaba ezinhle. Lapho sesazi, singazwelana nabo kuye ngezidingo zabo futhi sibanike abakudingayo njengoba kwenza uJesu.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 9:19-23.

Zama ukucabanga ukuthi kunjani ukuphila kwalo muntu omshumayezayo (Bheka izigaba 10-11)

10-11. Ngokuvumelana neyesi-2 Korinte 4:7, 8, iyiphi indlela yesibili esingabonisa ngayo ukuthi siyazwelana nabanye? Nikeza isibonelo.

10 Okwesibili, zama ukucabanga ukuthi kunjani ukuphila kwabo. Kungenzeka siyakuqonda ababhekene nakho ngoba nathi sibhekana nezinkinga ezifana nezabo. (1 Kor. 10:13) Siyazi ukuthi ukuphila namuhla kungaba nzima kakhulu. Singakhuthazela kuphela ngosizo lukaJehova. (Funda eyesi-2 Korinte 4:7, 8.) Kodwa cabanga ngalabo abangamkhonzi uJehova abathwele kanzima kuleli zwe. NjengoJesu, siyabazwela futhi sifuna ukubatshela “izindaba ezinhle zokuthile okungcono.”—Isaya 52:7.

11 Cabanga ngesibonelo sikamfoweth’ uSergey. Ngaphambi kokuba afunde iqiniso wayenamahloni. Wayengakwazi ukuveza indlela azizwa ngayo. Ngokuhamba kwesikhathi waqala ukufundelwa iBhayibheli. Uthi: “Njengoba ngifunda iBhayibheli, ngathola ukuthi amaKristu anesibopho sokuxoxela abanye lokho akukholelwayo. Ngangiqiniseka ngokuthi angisoze ngakwazi ukukwenza lokho.” Noma kunjalo, wacabanga ngalabo abangakalitholi iqiniso, waqaphela ukuthi ukuphila kwabo kunzima njengoba bengamazi uJehova. Uthi: “Izinto ezintsha engangizifunda zazingijabulisa futhi zingenza ngizole. Ngangazi ukuthi nabanye kwakudingeka bawafunde la maqiniso.” Njengoba uSergey ayebazwela nakakhulu abanye, isibindi sokushumayela sasikhula. Uthi: “Okwangimangaza kakhulu ukubona ukuthi ukuxoxela abanye ngeBhayibheli kwakungenza ngizethembe. Kwakungenza ngizikholelwe nakakhulu izinkolelo zami ezintsha.” *

Kungathatha isikhathi ngabanye ukuba baqonde amaqiniso eBhayibheli (Bheka izigaba 12-13)

12-13. Kungani kudingeka sibe nesineke lapho sifundisa abantu ensimini? Fanekisa.

12 Okwesithathu, yiba nesineke lapho ufundisa. Khumbula ukuthi kungenzeka abakaze bacabange ngamaqiniso aseBhayibhelini thina esiwazi kahle. Abaningi babambelele ngokuqinile ezintweni abazikholelwayo. Bangase babheke inkolo yabo njengento ebenza basondelane nemindeni yabo, amasiko nomphakathi. Singabasiza kanjani?

13 Cabanga ngalokhu: Kwenzekani lapho kudingeka kushintshwe ibhuloho eselilidala elingasekho esimweni esihle? Ngokuvamile, kwakhiwa ibhuloho elisha kuyilapho leli elidala lisaqhubeka lisetshenziswa. Lapho leli elisha selakhiwe, elidala libe selibhidlizwa. Ngendlela efanayo, ngaphambi kokuba sifundise abantu ukuba bayeke izinkolelo ababambelele kuzo, kungase kudingeke siqale ngokubasiza bazi futhi bathande amaqiniso amasha—izimfundiso zeBhayibheli abebengazazi. Kungaleso sikhathi kuphela lapho beyokwazi khona ukushiya izinkolelo zabo. Kungathatha isikhathi ukusiza abantu benze lezo zinguquko.—Roma 12:2.

14-15. Singabasiza kanjani labo abangalazi ithemba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi? Nikeza isibonelo.

14 Uma sibabonisa isineke abantu esibashumayezayo, ngeke silindele ukuba baqonde noma bamukele iqiniso lapho nje belizwa okokuqala. Kunalokho, ukubazwela kusenza sibasize bacabangisise ngalokho okushiwo iBhayibheli okwesikhathi esithile. Ngokwesibonelo, cabanga lokho esingakusho kumuntu ngethemba lokuphila phakade epharadesi emhlabeni. Abantu abaningi abayazi le mfundiso. Abanye bakholelwa ukuthi uma umuntu efile ngeke aphinde aphile. Kanti abanye bathi bonke abantu abalungile baya ezulwini. Singabasiza kanjani?

15 Omunye umzalwane usitshela indlela ephumelelayo ayisebenzisayo. Uqale afundele umuntu uGenesise 1:28. Ube esembuza ukuthi uNkulunkulu wayefuna abantu baphile kuphi futhi kuziphi izimo. Abaningi bathi, “Emhlabeni, ngaphansi kwezimo ezinhle.” Ngemva kwalokho, ufunda u-Isaya 55:11 bese ebuza ukuthi usekushintshile yini uNkulunkulu lokho ayekuhlosile. Ngokuvamile, umuntu uthi cha. Uphetha ngokufunda iHubo 37:10, 11 bese ebuza ukuthi lizoba njani ikusasa labantu. Ngale ndlela, usesize abantu abaningana ukuba baqonde ukuthi uNkulunkulu usafuna abantu abalungile baphile phakade emhlabeni oyiPharadesi.

Isenzo esincane somusa, njengokubhala incwadi ekhuthazayo, singamthinta umuntu (Bheka izigaba 16-17)

16-17. Sicabanga ngezAga 3:27, yiziphi izindlela ezingokoqobo esingabonisa ngazo ukuthi siyabazwela abanye? Nikeza isibonelo.

16 Okwesine, funa izindlela ezingokoqobo zokubonisa ukuthi uyabacabangela abanye. Ngokwesibonelo, kuke kwenzeke yini sifike emzini womuntu ematasa? Singaxolisa bese sicela ukubuya ngesinye isikhathi. Singenzenjani uma umninikhaya edinga usizo ngomsebenzi othile omncane? Kuthiwani uma engakwazi ukuphuma endlini futhi efuna umuntu ozomyela ezitolo? Ezimweni ezinjalo, singase sizame ukumsiza lowo muntu.—Funda izAga 3:27.

17 Omunye udade wathola imiphumela emihle ngokwenza into engase ibonakale ingabalulekile. Ngenxa yozwela ayenalo, wabhalela umndeni owawushonelwe ingane incwadi. Kule ncwadi wabhala namavesi eBhayibheli aduduzayo. Wenzenjani lo mndeni? Umama wengane wabhala, “Inhliziyo yami ibibuhlungu kakhulu izolo. Awuyazi indlela esithinte ngayo incwadi yakho. Angazi ngingakubonga ngithini, isiduduze kakhulu. Ngicabanga ukuthi ngiyifunde izikhathi ezingaphezu kwezingu-20 izolo. Inamazwi anomusa, ibonisa ukuthi uyasikhathalela futhi iyaduduza. Ngikubonga ngokusuka enhliziyweni.” Akungabazeki ukuthi singathola imiphumela emihle lapho sizifaka ezicathulweni zalabo abanezinkinga futhi senze okuthile ukuze sibasize.

UNGALINDELI UKWENZA OKUNGAPHEZU KWAMANDLA AKHO

18. Ngokuvumelana neyoku-1 Korinte 3:6, 7, yimuphi umbono olinganiselayo esifuna ukuba nawo enkonzweni?

18 Sifuna ukuba nombono olinganiselayo ngalokho esikwenza enkonzweni. Singakwazi ukusiza abanye bafunde ngoNkulunkulu, kodwa umsebenzi obaluleke kakhulu awenziwa yithi. (Funda eyoku-1 Korinte 3:6, 7.) UJehova nguye odonsa abantu. (Joh. 6:44) Ukuthi umuntu uyazamukela yini izindaba ezinhle noma cha kuxhomeke esimweni senhliziyo yakhe. (Math. 13:4-8) Khumbula ukuthi baningi abantu abangazange bamlalele uJesu nakuba ayenguMfundisi omkhulu kunabo bonke abake baphila! Ngakho-ke, akufanele sidikibale lapho iningi labantu esizama ukubasiza lingalaleli.

19. Yiziphi izinzuzo esiyozithola ngokubonisa uzwela enkonzweni yethu?

19 Siyothola izinzuzo lapho sibonisa uzwela enkonzweni yethu. Siyowujabulela nakakhulu umsebenzi wethu wokushumayela. Siyoba nenjabulo enkulu ebangelwa ukupha. Kuyoba lula ngalabo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade’ ukuba bamukele izindaba ezinhle. (IzE. 13:48) Ngakho “uma nje sinesikhathi esihle sakho, masenze okuhle kubo bonke.” (Gal. 6:10) Uma senza kanjalo, siyojabula ngoba siyobe sidumisa uBaba wethu osezulwini.—Math. 5:16.

INGOMA 64 Ukuhlanganyela Ngentokozo Ekuvuneni

^ isig. 5 Lapho sizwelana nabanye, injabulo yethu iyanda futhi sithela izithelo enkonzweni yethu. Kungani? Kulesi sihloko, sizoxoxa ngalokho esingakufunda esibonelweni sikaJesu bese sixoxa ngezindlela ezine esingabonisa ngazo ukuthi siyazwelana nesibashumayezayo.

^ isig. 5 INCAZELO YAMAGAMA: Kule ndaba, igama elithi isihawu lisho ukuba nozwela ngomuntu osebunzimeni noma ohlukunyezwayo. Imizwa enjalo ingase ibangele ukuba umuntu enze noma yini ukuze asize abanye.

^ isig. 8 Bheka isihloko esithi “Sebenzisa UMthetho Wegolide Enkonzweni Yakho” kuyi-Nqabayokulinda kaMeyi 15, 2014.