Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 11

Lalela Izwi LikaJehova

Lalela Izwi LikaJehova

“Lo yiNdodana yami . . . mlaleleni.”—MATH. 17:5.

INGOMA 89 Lalela, Ubusiswe

AMAZWIBELA *

1-2. (a) UJehova uye wakhuluma kanjani nabantu? (b) Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

UJEHOVA uyakuthanda ukukhuluma nathi. Esikhathini esidlule wayesebenzisa abaprofethi, izingelosi neNdodana yakhe, uJesu Kristu, ukuze akhulume nabantu. (Amose 3:7; Gal. 3:19; IsAm. 1:1) Namuhla ukhuluma nathi ngeZwi lakhe iBhayibheli. Usinike lona ukuze sifunde indlela acabanga ngayo futhi siqonde izindlela zakhe.

2 Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, uJehova wakhuluma esezulwini izikhathi ezintathu. Ake sihlole ukuthi uJehova wathini, sibone ukuthi singafundani kulawo mazwi nokuthi sizuza kanjani kulokho akusho.

“UYINDODANA YAMI, ETHANDEKAYO”

3. Njengoba sifundile kuMarku 1:9-11, yini uJehova ayisho lapho uJesu ebhapathizwa, futhi yimaphi amaqiniso abalulekile aqinisekiswa yila mazwi?

3 UMarku 1:9-11 ulandisa ngesenzakalo sokuqala lapho uJehova akhuluma khona esezulwini. (Funda.) Wathi: “Wena uyiNdodana yami, ethandekayo; ngikwamukele.” Kumelwe ukuba inhliziyo kaJesu yathinteka lapho ezwa uYise ethi uyamthanda futhi uyamethemba! Amazwi kaJehova aqinisekisa amaqiniso amathathu abalulekile ngoJesu. Okokuqala, uJesu uyiNdodana yakhe. Okwesibili, uJehova uyayithanda iNdodana yakhe. Okwesithathu, uJehova uyayamukela iNdodana yakhe. Ake siwahlolisise la maqiniso.

4. Yibuphi ubuhlobo obusha uJesu aba nabo noNkulunkulu ngesikhathi ebhapathizwa?

4 “UyiNdodana yami.” Ngala mazwi, uJehova wabonisa ukuthi iNdodana yakhe ayithandayo yayisinobuhlobo obusha naye. Ngesikhathi uJesu esezulwini, wayeyindodana kaNkulunkulu yomoya. Nokho, ngesikhathi ebhapathizwa, wagcotshwa ngomoya ongcwele. Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu wabonisa ukuthi uJesu njengeNdodana yakhe egcotshiwe, wayesenethemba lokubuyela ezulwini ukuze abe yiNkosi kaNkulunkulu ekhethiwe kanye noMpristi Ophakeme. (Luka 1:31-33; Heb. 1:8, 9; 2:17) Ngakho, ngesikhathi uJesu ebhapathizwa, uYise wayenesizathu esihle sokuthi, “UyiNdodana yami.”—Luka 3:22.

Siyakhuthala lapho sinconywa futhi sikhuthazwa (Bheka isigaba  5) *

5. Singasilingisa kanjani isibonelo sikaJehova sokubonisa uthando nokukhuthaza abanye?

5 “Ethandekayo.” Isibonelo sikaJehova sokubonisa ukuthi uyamthanda futhi uyamamukela uJesu sisikhumbuza ukuba sifune amathuba okukhuthaza abanye. (Joh. 5:20) Siyajabula lapho othile esibonisa uthando futhi esincoma ngokuhle esikwenzile. Ngendlela efanayo, abafowethu nodadewethu ebandleni namalungu emindeni yethu bayaludinga uthando nesikhuthazo. Lapho sincoma abanye, siqinisa ukholo lwabo futhi sibasiza bakhonze uJehova ngobuqotho. Abazali ngokukhethekile kudingeka bazikhuthaze izingane zabo. Lapho abazali bencoma izingane zabo ngobuqotho futhi bezibonisa uthando, bazisiza zichume.

6. Kungani singamethemba uJesu Kristu?

6 “Ngikwamukele.” La mazwi abonisa ukuthi uJehova wayeqiniseka ngokuthi uJesu uzoyenza ngokwethembeka intando kaYise. Ngenxa yokuthi uJehova uyayethemba iNdodana yakhe, nathi singaqiniseka ngokuthi uJesu uyozigcwalisa zonke izithembiso zikaJehova. (2 Kor. 1:20) Lapho sicabanga ngesibonelo sikaJesu, sizimisela nakakhulu ukufunda kuye nokulandela ezinyathelweni zakhe. UJehova uyaqiniseka naye ngokuthi njengezinceku zakhe, siyoqhubeka sifunda eNdodaneni yakhe.—1 Pet. 2:21.

“MLALELENI”

7. NgokukaMathewu 17:1-5, kunini lapho uJehova akhuluma khona esezulwini, futhi yini ayisho?

7 Funda uMathewu 17:1-5. Isenzakalo sesibili lapho uJehova akhuluma khona esezulwini kwakuyilapho uJesu ‘eguqulwa isimo.’ UJesu wacela uPetru, uJakobe noJohane ukuba bamphelezele aye entabeni ephakeme. Ngesikhathi belapho, babona umbono omangalisayo. Ubuso bukaJesu bakhanya nezingubo zakhe zakhazimula. Kwabonakala uMose no-Eliya, base beqala ukukhuluma noJesu ngokufa nokuvuswa kwakhe. Nakuba laba baphostoli abathathu “babozela,” baphaphama lapho bebona lo mbono omangalisayo. (Luka 9:29-32) Ngemva kwalokho, ifu elikhanyayo labemboza, base bezwa izwi livela efwini—izwi likaNkulunkulu! Ngendlela enza ngayo ngesikhathi uJesu ebhapathizwa, uJehova wabonisa ukuthi uyayamukela futhi uyayithanda iNdodana yakhe ngokuthi athi: “Lo yiNdodana yami, ethandekayo, engiyamukele.” Kodwa kulokhu uJehova wenezela la mazwi: “Mlaleleni.”

8. Umbono wamsiza kanjani uJesu nabafundi bakhe?

8 Umbono wabonisa inkazimulo namandla uJesu ayoba nawo esikhathini esizayo njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Akungabazeki ukuthi wathola amandla okubhekana nokuhlupheka nokufa okubuhlungu okwakuseza. Umbono waqinisa nokholo lwabafundi, wabaqinisa ukuze babhekane novivinyo lobuqotho kanye neminyaka yomsebenzi onzima eyayiseza. Ngemva kweminyaka engu-30, umphostoli uPetru wabhekisela embonweni wokuguqulwa kwesimo, ebonisa ukuthi wayesawukhumbula kahle.—2 Pet. 1:16-18.

9. Yisiphi iseluleko esiwusizo uJesu asinika abafundi bakhe?

9 “Mlaleleni.” UJehova wakwenza kwacaca ukuthi ufuna siwalalele amazwi eNdodana yakhe. Yini uJesu ayisho ngesikhathi esemhlabeni? Washo izinto eziningi okubalulekile ukuba sizilalele! Ngokwesibonelo, ngothando wafundisa abalandeli bakhe ukuba bashumayele izindaba ezinhle futhi ngokuphindaphindiwe wabakhumbuza ukuba bahlale belindile. (Math. 24:42; 28:19, 20) Wabanxusa ukuba bazikhandle, wabakhuthaza nokuba bangapheli amandla. (Luka 13:24) UJesu wagcizelela isidingo sokuba abafundi bakhe bathandane, bahlale benobunye futhi bagcine imiyalo yakhe. (Joh. 15:10, 12, 13) Wanika abafundi bakhe iseluleko esiwusizo ngempela! Leso seluleko sisasebenza nanamuhla ngendlela esasisebenza ngayo ngesikhathi sikaJesu.

10-11. Singabonisa kanjani ukuthi siyamlalela uJesu?

10 UJesu wathi: “Wonke umuntu ongasohlangothini lweqiniso uyalilalela izwi lami.” (Joh. 18:37) Sibonisa ukuthi silalela izwi lakhe lapho ‘sibekezelelana futhi sithethelelana ngokukhululekile.’ (Kol. 3:13; Luka 17:3, 4) Ngaphezu kwalokho, sibonisa ukuthi silalela izwi lakhe ngokushumayela ngentshiseko izindaba ezinhle ‘ngenkathi evumayo nangenkathi enzima.’—2 Thim. 4:2.

11 UJesu wathi: “Izimvu zami ziyalilalela izwi lami.” (Joh. 10:27) Abalandeli bakaKristu babonisa ukuthi balalela uJesu ngokungagcini nje ngokuwezwa amazwi akhe, kodwa ngokwenza ngokuvumelana nawo. Abaphazanyiswa ‘yizinkathazo zokuphila.’ (Luka 21:34) Kunalokho, ukulalela imiyalo kaJesu kuba yinto eza kuqala ekuphileni kwabo, ngisho nalapho bebhekene nobunzima. Abazalwane abaningi bakhuthazelela uvivinyo, kuhlanganise nokuhlaselwa abaphikisi, ubumpofu kanye nezinhlekelele zemvelo. Kukho konke lokhu, bahlala bethembekile kuJehova kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. UJesu uyabaqinisekisa: “Lowo onemiyalo yami futhi oyigcinayo, lowo nguye ongithandayo. Futhi lowo ongithandayo uyothandwa nguBaba.”—Joh. 14:21.

Inkonzo yethu isisiza sinamathele kuNkulunkulu (Bheka isigaba 12) *

12. Iyiphi enye indlela esingabonisa ngayo ukuthi siyamlalela uJesu?

12 Nayi enye indlela esingabonisa ngayo ukuthi siyamlalela uJesu: ukubambisana nalabo abamise ukuba bahole phakathi kwethu. (Heb. 13:7, 17) Inhlangano kaNkulunkulu iye yenza ushintsho oluningi eminyakeni edlule, kuhlanganise nokusetshenziswa kwamathuluzi nezindlela ezintsha zokushumayela, ukuhlelwa kabusha kwemihlangano yaphakathi nesonto kanye nendlela esakha, silungise futhi sinakekele ngayo amaHholo ethu oMbuso. Sijabula ngempela ngeziqondiso ezinothando ezicatshangelwe kahle esizinikezwayo! Singaqiniseka ngokuthi uJehova uzoyibusisa imizamo yethu yokulandela iziqondiso zenhlangano ezifika ngesikhathi.

13. Yini esiyizuzayo lapho silalela uJesu?

13 Siyazuza ngokulalela zonke izinto uJesu azifundisa. UJesu waqinisekisa abalandeli bakhe ngokuthi izimfundiso zakhe zaziyobaqabula. Wathi: “Nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka. Ngoba ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.” (Math. 11:28-30) IZwi likaNkulunkulu, elihlanganisa amaVangeli amane alandisa ngokuphila nenkonzo kaJesu, liyasiqabula, lisiqinise ngokomoya futhi lisenze sihlakaniphe. (IHu. 19:7; 23:3) UJesu wathi: “Bayajabula abezwa izwi likaNkulunkulu baligcine!”—Luka 11:28.

‘NGIZOLIKHAZIMULISA IGAMA LAMI’

14-15. (a) Yisiphi isenzakalo sesithathu okukhulunywa ngaso kuJohane 12:27, 28 uJehova akhuluma ngaso esezulwini? (b) Kungani amazwi kaJehova amduduza futhi amqinisa uJesu?

14 Funda uJohane 12:27, 28. IVangeli likaJohane lilandisa ngesenzakalo sesithathu lapho uJehova akhuluma khona esezulwini. Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuba uJesu afe, wayeseJerusalema egubha iPhasika lakhe lokugcina. Wathi: “Umphefumulo wami ukhathazekile.” Wabe esethandaza: “Baba, khazimulisa igama lakho.” UYise waphendula esezulwini wathi: “Ngilikhazimulisile futhi ngizophinde ngilikhazimulise.”

15 UJesu wayekhathazekile ngoba wayenomthwalo omkhulu wokuhlala ethembekile kuJehova. Wayazi ukuthi uzohlukunyezwa ngonya futhi abulawe kabuhlungu. (Math. 26:38) Ngaphezu kwakho konke, wayefuna ukudumisa igama likaYise. UJesu wabekwa icala lokuhlambalaza futhi wayekhathazeke ngokuthi ukufa kwakhe kungaletha isihlamba kuNkulunkulu. Amazwi kaJehova amqinisa ngempela uJesu! Wayengaqiniseka ngokuthi igama likaJehova liyongcweliswa. Amazwi kaYise kumelwe ukuba amduduza futhi amqinisa kakhulu kulokho ayesazobhekana nakho. Nakuba kungenzeka ukuthi uJesu kuphela owawaqonda amazwi uYise awasho ngaleso sikhathi, uJehova waqikelela ukuthi amazwi akhe ayalotshwa ukuze sonke siwafunde.—Joh. 12:29, 30.

UJehova uyongcwelisa igama lakhe futhi akhulule abantu bakhe (Bheka isigaba 16) *

16. Kungani ngezinye izikhathi singase sikhathazeke ngesihlamba esilethwa egameni likaNkulunkulu?

16 NjengoJesu, nathi singase sikhathazeke ngesihlamba esilethwa egameni likaJehova. Mhlawumbe njengoJesu nathi siyizisulu zokuphathwa ngendlela engenabulungisa. Kungenzeka ukuthi zisizwisa ubuhlungu izindaba ezingamanga ezisakazwa abantu abasiphikisayo. Singase sicabange ngesihlamba le mibiko eyiletha egameni likaJehova nasenhlanganweni yakhe. Ezikhathini ezinjalo, amazwi kaJehova asiduduza kakhulu. Akudingeki sikhathazeke. Singaqiniseka ngokuthi “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo [zethu] namandla [ethu] engqondo ngoKristu Jesu.” (Fil. 4:6, 7) UJehova ngeke ahluleke ukungcwelisa igama lakhe. NgoMbuso wakhe, uzolungisa wonke umonakalo odalwe uSathane nezwe lakhe kubantu bakhe abathembekile.—IHu. 94:22, 23; Isaya 65:17.

ZUZA EZWINI LIKANKULUNKULU NAMUHLA

17. Ngokuka-Isaya 30:21, uJehova ukhuluma kanjani nathi namuhla?

17 UJehova usakhuluma nathi nanamuhla. (Funda u-Isaya 30:21.) Kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu akakhulumi nathi esezulwini. Kodwa uye wasinika iZwi lakhe elilotshiwe, iBhayibheli, asinika ngalo iziqondiso. Ngaphezu kwalokho, umoya kaJehova usiza “umphathi othembekile” ukuba ondle izinceku zaKhe ngokomoya. (Luka 12:42) Sithola ukudla okuningi okungokomoya okunyathelisiwe nesikuthola ku-inthanethi, amavidiyo kanye nezinto eziqoshiwe.

18. Amazwi kaJehova aluqinisa kanjani ukholo lwakho futhi akunika kanjani isibindi?

18 Masiwakhumbule amazwi uJehova awasho lapho iNdodana yakhe isemhlabeni! Kwangathi amazwi kaNkulunkulu, alotshwe eBhayibhelini, angasenza siqiniseke ngokuthi uJehova uyakubona konke okwenzekayo futhi uzowulungisa noma yimuphi umonakalo odalwe uSathane nezwe lakhe elonakele. Kwangathi singazimisela ukulalelisisa izwi likaJehova. Uma senza kanjalo, siyokhuthazelela noma yibuphi ubunzima esibhekana nabo manje nanoma yiziphi izinselele eziseza. IBhayibheli liyasikhumbuza: “Ninesidingo sokukhuthazela, ukuze kuthi, ngemva kokuba seniyenzile intando kaNkulunkulu, nizitholele ukugcwaliseka kwesithembiso.”—Heb. 10:36.

INGOMA 4 “UJehova Ungumalusi Wami”

^ isig. 5 Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, uJehova wakhuluma esezulwini izikhathi ezintathu. Kwesinye salezo zikhathi, uJehova wakhuthaza abafundi bakaKristu ukuba balalele iNdodana yakhe. Namuhla, uJehova ukhuluma nathi ngeZwi lakhe elilotshiwe, elihlanganisa izimfundiso zikaJesu, nangenhlangano yakhe. Lesi sihloko sizoxoxa ngendlela esizuza ngayo lapho silalela uJehova noJesu.

^ isig. 52 INCAZELO YEZITHOMBE: Umdala ubona inceku ekhonzayo isiza ekunakekeleni iHholo LoMbuso nalapho isebenza ezincwadini. Umdala uyincoma ngemfudumalo.

^ isig. 54 INCAZELO YEZITHOMBE: Indoda nomkayo eSierra Leone banikeza umdobi isimemo sokuya emhlanganweni webandla.

^ isig. 56 INCAZELO YEZITHOMBE: OFakazi ezweni lapho umsebenzi wethu uvinjelwe khona bahlangana emzini womzalwane. Bagqoke ngendlela engeke ibadonsele amehlo.